NgokukaMarku
11 Lapho sebesondela eJerusalema, eBhetfage naseBhethaniya + eNtabeni Yeminqumo, wathuma abafundi bakhe ababili, + 2 wathi kubo: “Hambani niye emizini ephambi kwenu, lapho nje ningena kuyo, nizothola ithole lembongolo liboshiwe,* okungakaze kuhlale* muntu kulo. Liqaqeni nililethe lapha. 3 Uma kukhona othi kini, ‘Nenzani?’ nithi, ‘INkosi iyalidinga, izolibuyisa ngokushesha.’ ” 4 Ngakho bahamba futhi balithola ithole lembongolo liboshiwe emnyango, ngaphandle emgwaqweni oseceleni, baliqaqa. + 5 Kodwa abanye kulabo ababemi lapho bathi kubo: “Niliqaqelani ithole?” 6 Babatshela lokho uJesu ayekushilo, babayeka bahamba.
7 Baliletha kuJesu lelo thole lembongolo, + babeka izingubo zabo zangaphandle kulo, wahlala phezu kwalo. + 8 Abaningi bendlala nezingubo zabo zangaphandle endleleni, abanye bagawula amagatsha anamahlamvu esigangeni. + 9 Ababehamba phambili nalabo ababeza ngemuva babelokhu bememeza bethi: “Sicela umsindise! *+ Ubusisiwe lowo oza ngegama likaJehova! *+ 10 Ubusisiwe uMbuso ozayo kababa uDavide! + Sicela umsindise, ezindaweni eziphakeme eziphezulu!” 11 Wangena eJerusalema waya ethempelini, waqalaza zonke izinto, kodwa njengoba isikhathi sase sihambile kakade, waphuma waya eBhethaniya nabayiShumi Nambili. *+
12 Ngosuku olulandelayo lapho bephuma eBhethaniya, walamba. + 13 Ekude wabona isihlahla somkhiwane esasinamaqabunga, wahamba eyobheka ukuthi kukhona yini angakuthola kuso. Kodwa lapho efika kuso, akatholanga lutho ngaphandle kwamaqabunga, ngoba kwakungeyona inkathi yamakhiwane. 14 Ngakho wathi kuso: “Makungaphinde kube khona muntu ozothola izithelo kuwe.” + Abafundi bakhe babelalele.
15 Bafika eJerusalema. Lapho, wangena ethempelini waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela namatafula abashintshi bemali namabhentshi alabo abathengisa amajuba, + 16 engavumeli muntu ukuba athwale isitsha anqamule naso ethempelini. 17 Wayefundisa ethi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘Indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo yazo zonke izizwe’? + Kodwa nina niyenze umhume wabaphangi.” + 18 Abapristi abakhulu nababhali bezwa ngokwenzeka, base befuna indlela yokumbulala; + phela babemesaba ngoba sonke isixuku sasikhexa ngendlela ayefundisa ngayo. +
19 Kwathi lapho ilanga selishonile, baphuma edolobheni. 20 Kodwa lapho bedlula ekuseni kakhulu, babona isihlahla somkhiwane sesibunile kusukela ezimpandeni zaso. + 21 Ekhumbula okwakwenzekile, uPetru wathi kuye: “Rabi, bheka! Isihlahla somkhiwane osiqalekisile sesibunile.” + 22 Ephendula uJesu wathi kubo: “Yibani nokholo kuNkulunkulu. 23 Ngiqinisile ngithi kini noma ubani othi kule ntaba, ‘Qukuleka uphonseke olwandle,’ futhi engangabazi enhliziyweni yakhe kodwa enokholo lokuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, kuzokwenzeka lokho. + 24 Kungakho ngithi kini, zonke izinto enizithandazelayo nenizicelayo, yibani nokholo lokuthi senizamukele, niyozithola. + 25 Futhi lapho nisukuma nithandaza, thethelelani noma yini eninayo nganoma ubani, ukuze noYihlo osemazulwini anithethelele nani iziphambeko zenu.” + 26 *——
27 Baphinde bafika eJerusalema. Njengoba ayehamba ethempelini, abapristi abakhulu nababhali namadoda amadala beza kuye 28 bathi: “Uzenza ngagunya lini lezi zinto? Noma, ubani okunike igunya lokwenza lezi zinto?” + 29 UJesu wathi kubo: “Ngizonibuza umbuzo owodwa. Uma ningiphendula, nami ngizonitshela ukuthi ngizenza ngagunya lini lezi zinto. 30 Ubhapathizo lukaJohane + lwaluvela ezulwini noma kubantu? Ngiphenduleni.” + 31 Ngakho babonisana bodwa, bethi: “Uma sithi, ‘Ezulwini,’ uzothi, ‘Pho, kungani ningamkholwanga?’ 32 Kodwa singalokotha yini sithi, ‘Kubantu’?” Babesaba isixuku, ngoba sonke sasikholelwa ukuthi uJohane ngempela wayengumprofethi. + 33 Ngakho baphendula uJesu bathi: “Asazi.” UJesu wathi kubo: “Nami ngeke nginitshele ukuthi ngizenza ngagunya lini lezi zinto.”