Levitikusi
21 UJehova waqhubeka wathi kuMose: “Khuluma nabapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo, ‘Akukho muntu okufanele azingcolise ngenxa yomuntu oshonile* phakathi kwabantu bakubo. + 2 Kodwa angazingcolisa ngenxa yesihlobo sakhe segazi esiseduze, unina, uyise, indodana yakhe, indodakazi yakhe, umfowabo, 3 nangenxa kadadewabo asondelene naye uma eyintombi nto futhi engakashadi. 4 Angazingcolisi futhi azenze angahlanzeki ngenxa yowesifazane ongumkamuntu phakathi kwabantu bakubo. 5 Akufanele baphuce amakhanda abo, + noma baphuce umkhawulo wentshebe yabo, noma bazisike imizimba yabo. + 6 Kufanele babe ngcwele kuNkulunkulu wabo, + akufanele bangcolise igama likaNkulunkulu wabo, + ngoba baletha iminikelo kaJehova eshiswa emlilweni, isinkwa* sikaNkulunkulu wabo, kumele babe ngcwele. + 7 Akufanele bashade nesifebe, + owesifazane ongaseyona intombi nto noma owesifazane odivose nomyeni wakhe, + ngoba umpristi ungcwele kuNkulunkulu wakhe. 8 Kumele umngcwelise + ngoba uyena oletha isinkwa sikaNkulunkulu wakho. Kufanele abe ngcwele kuwe ngoba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele. +
9 “‘Uma indodakazi yompristi izingcolisa ngokufeba, ingcolisa uyise. Kufanele ishiswe emlilweni. +
10 “‘Umpristi ophakeme kubafowabo, okuthelwa ekhanda lakhe amafutha okugcoba + futhi omiselwe ukuba agqoke izingubo zabapristi, + akufanele ayeke ikhanda lakhe lihlale lingalungisiwe, noma aklebhule izingubo zakhe. + 11 Akufanele asondele kunoma yimuphi umuntu ofile;* + akufanele azingcolise ngisho nangenxa kayise noma unina. 12 Akufanele aphume endlini engcwele, akufanele angcolise indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe, + ngoba uphawu lokuzinikezela, amafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe, + luphezu kwakhe. NginguJehova.
13 “‘Kumele athathe owesifazane oseyintombi nto abe umkakhe. + 14 Akufanele ashade nomfelokazi, owesifazane odivosile, ongaseyona intombi nto, noma isifebe; kodwa kufanele athathe intombi nto kubantu bakubo ibe umkakhe. 15 Akufanele angcolise inzalo* yakhe phakathi kwabantu bakubo + ngoba mina nginguJehova omngcwelisayo.’”
16 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose, wathi: 17 “Yithi ku-Aroni, ‘Akukho muntu onesici enzalweni* yakho, kuzo zonke izizukulwane zayo, ongasondela ukuze alethe isinkwa sikaNkulunkulu wakhe. 18 Uma kukhona noma yimuphi umuntu onesici, makangasondeli: umuntu oyimpumputhe noma olunyonga noma onobuso obulimele* noma onomlenze noma ingalo ende kakhulu kunenye, 19 umuntu olimele onyaweni noma esandleni, 20 onesifumbu noma omfushane ngoba ekhubazekile* noma umuntu onesifo emehlweni noma onotwayi noma onombandamu noma olimele emasendeni. + 21 Akukho muntu onesici enzalweni* ka-Aroni umpristi ongasondela alethe iminikelo kaJehova eshiswa emlilweni. Ngenxa yokuthi unesici, makangasondeli alethe isinkwa sikaNkulunkulu wakhe. 22 Angasidla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe esivela ezintweni ezingcwelengcwele + nasezintweni ezingcwele. + 23 Nokho, makangasondeli ekhethinini + futhi makangasondeli e-altare + ngoba kunesici kuye; akufanele angcolise indlu yami engcwele + ngoba nginguJehova obangcwelisayo.’” +
24 Ngakho uMose wakhuluma no-Aroni namadodana akhe nawo wonke ama-Israyeli.