UHoseya
7 “Ngesikhathi engiyophulukisa ngaso u-Israyeli,
Isiphambeko sika-Efrayimi naso siyokwambulwa +
Kanye nobubi beSamariya. +
2 Kodwa abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyobukhumbula bonke ububi babo. +
Manje izenzo zabo zibahaqile;
Sebephambi kobuso bami.
3 Bajabulisa inkosi ngobubi babo,
Nezikhulu ngenkohliso yabo.
4 Bonke bayiziphingi,
Bavutha njengohhavini obaswe umbhaki
Oyeka ukuhlokoza umlilo ngemva kokuxova inhlama kuze kube yilapho isibilile.
Yelulele isandla sayo kubahleki bosulu.
6 Ngoba basondela ngezinhliziyo ezishisa njengohhavini.*
Umbhaki ulala ubusuku bonke;
Ekuseni uhhavini uvutha njengomlilo ovutha amalangabi.
8 U-Efrayimi uzihlanganisa nezizwe. +
U-Efrayimi unjengekhekhe eliyindilinga elingazange liphendulwe.
9 Izihambi ziwadlile amandla akhe, + kodwa yena akazi.
Izinwele zakhe ezimpunga sezimhlophe, kodwa yena akaboni.
10 Ukuqhosha kuka-Israyeli kufakaze ngokumelene naye, +
Kodwa akazange abuyele kuJehova uNkulunkulu wakhe, +
Futhi akazange amfune naphezu kwakho konke lokhu.
11 U-Efrayimi unjengejuba elingenangqondo elintula ukuhlakanipha. +
Ubize iGibhithe; + uye e-Asiriya. +
12 Nomaphi lapho eya khona ngiyokwelulela inethi lami phezu kwakhe.
Ngiyomehlisela phansi njengezinyoni zamazulu.
Ngiyomyala ngokuvumelana nesixwayiso esinikwe inhlangano yakhe. +
13 Maye kuye ngoba ungibalekele!
Makehlelwe inhlekelele, ngoba weqe umthetho wami!
Ngase ngikulungele ukumkhulula, kodwa yena ukhulume amanga ngami. +
Ngenxa yokudla kwakhe okusanhlamvu newayini elisha ubelokhu ezisika;
Uyangifulathela.
15 Nakuba ngamyala ngaqinisa nezingalo zakhe,
Umelene nami, uceba okubi.
16 Washintsha indlela yakhe, kodwa akayishintshelanga kokungcono;*
Wayengathembekile njengomnsalo oxegayo. +
Izikhulu zakhe ziyobulawa ngenkemba ngenxa yolimi lwazo oludelelayo.
Ngenxa yalokhu ziyoba inhlekisa ezweni laseGibhithe.” +