Numeri
27 Ngemva kwalokho amadodakazi kaZelofehadi, + indodana kaHeferi, indodana kaGileyadi, indodana kaMakiri, indodana kaManase, wemindeni yakwaManase indodana kaJosefa, asondela. Amagama amadodakazi akhe kwakunguMahila, uNowa, uHogila, uMilka noTiriza. 2 Ama phambi kukaMose, u-Eleyazare umpristi, izikhulu + nayo yonke inhlangano emnyango wetende lokuhlangana, athi: 3 “Ubaba ufele ehlane, kodwa wayengekho phakathi kweqembu elahlangana ukuze limelane noJehova, abasekeli bakaKhora, + kodwa ufele isono sakhe futhi wayengenawo amadodana. 4 Kungani igama likababa kufanele lisuswe emndenini wakubo ngenxa yokuthi wayengenandodana? Sicela nisinike ifa phakathi kwabafowabo bakababa.” 5 Ngakho uMose wethula udaba lwawo phambi kukaJehova. +
6 UJehova wabe esethi kuMose: 7 “Amadodakazi kaZelofehadi aqinisile. Kufanele nakanjani uwanike ifa phakathi kwabafowabo bakayise libe ngelawo, udlulisele ifa likayise kuwo. + 8 Ukhulume nama-Israyeli, uthi: ‘Uma kwenzeka umuntu efa engenandodana, kumele nidlulisele ifa lakhe endodakazini yakhe. 9 Uma engenayo indodakazi, ifa lakhe niyolinika abafowabo. 10 Uma engenabo abafowabo, ifa lakhe niyolinika abafowabo bakayise. 11 Uma uyise engenabo abafowabo, ifa lakhe niyolinika isihlobo sakhe segazi esiseduze kakhulu emndenini wakubo, libe elaso. Lesi sinqumo sokwahlulela siyoba umthetho kuma-Israyeli, njengoba nje uJehova emyalile uMose.’”
12 Ngemva kwalokho uJehova wathi kuMose: “Khuphukela kule ntaba yase-Abharimi, + ubuke izwe engizolinika ama-Israyeli. + 13 Lapho usulibonile, uyofa, + njengoba nje no-Aroni umfowenu afa, + 14 ngenxa yokuthi lapho inhlangano ixabana nami ehlane laseZini, nadlubulunda emyalweni wami wokungingcwelisa ngamanzi phambi kwayo. + Lawa amanzi aseMeriba + eKadeshi + ehlane laseZini.” +
15 UMose wabe esethi kuJehova: 16 “UJehova, uNkulunkulu onika bonke abantu ukuphila, makamise indoda phezu kwenhlangano 17 ezophuma iphinde ingene phambi kwayo nezoyihola iyikhiphe iphinde iyingenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.” 18 Ngakho uJehova wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa indodana kaNuni, indoda enomoya, ubeke isandla sakho kuye. + 19 Ngemva kwalokho ummise phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umbeke njengomholi phambi kwamehlo ayo. + 20 Kumele umnike elinye igunya* lakho, + ukuze yonke inhlangano yama-Israyeli imlalele. + 21 UJoshuwa uyoma phambi kuka-Eleyazare umpristi, oyombuzela ngesahlulelo se-Urimi + phambi kukaJehova. Bayophuma ngomyalo wakhe bangene ngomyalo wakhe, yena nawo wonke ama-Israyeli akanye naye nayo yonke inhlangano.”
22 Ngakho uMose wenza njengoba nje uJehova ayemyalile. Wathatha uJoshuwa wammisa phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, 23 wabeka izandla zakhe kuye wambeka njengomholi, + njengoba nje uJehova ayekhulumile ngoMose. +