Eyesibili KaSamuweli
7 Lapho inkosi isizinzile emzini wayo, *+ uJehova eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo nxazonke, 2 inkosi yathi kuNathani + umprofethi: “Mina ngihlala endlini yemisedari + kuyilapho uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso uhleli etendeni.” + 3 UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze noma yini esenhliziyweni yakho, ngoba uJehova unawe.” +
4 Ngabo kanye lobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi: 5 “Hamba uthi encekwini yami uDavide, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Ingabe kufanele ungakhele indlu yokuhlala? + 6 Ngoba angizange ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhipha ngalo ama-Israyeli eGibhithe kuze kube namuhla, + kodwa bengilokhu ngisuka lapha ngiye laphaya* ngisetendeni nasetabernakele. + 7 Phakathi naso sonke isikhathi engangihamba ngaso nama-Israyeli,* kukhona yini engake ngakusho kunoma ubani ezinhlokweni zezizwe zakwa-Israyeli engammisa ukuba eluse abantu bami u-Israyeli, ngathi, ‘Kungani ungangakhelanga indlu yemisedari?’ ” ’ 8 Manje khuluma nenceku yami uDavide uthi, ‘Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo: “Ngakuthatha emadlelweni ulandela umhlambi wezimvu + ukuze ube umholi wabantu bami u-Israyeli. + 9 Ngizoba nawe nomaphi lapho uya khona, + ngizoziqeda* zonke izitha zakho phambi kwakho; + ngizokwenza igama lakho libe likhulu + njengegama labantu abayizikhulu emhlabeni. 10 Ngizokhethela abantu bami u-Israyeli indawo ngibahlalise kuyo, bazohlala khona bangaphinde baphazanyiswe. Abantu ababi ngeke baphinde babahluphe njengasesikhathini esidlule, + 11 kusukela ngosuku engabeka ngalo abahluleli + phezu kwabantu bami u-Israyeli. Ngizokuphumuza kuzo zonke izitha zakho. +
“ ‘ “UJehova ukutshelile nokuthi uJehova uzokwakhela indlu. *+ 12 Lapho izinsuku zakho seziphelile, + wena usungcwatshwe kanye nokhokho bakho, ngiyobe sengivusa inzalo* yakho ngemva kwakho, indodana yakho uqobo,* ngiyowumisa uqine umbuso wayo. + 13 Yiyo eyokwakhela igama lami indlu, + ngiyosimisa siqine isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade. + 14 Ngiyoba uyise, yona ibe yindodana yami. + Lapho yenza okungalungile, ngiyoyiyala ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu. *+ 15 Uthando lwami oluqotho ngeke lususwe kuyo ngendlela engalususa ngayo kuSawule, + engamsusa phambi kwakho. 16 Indlu yakho nombuso wakho kuyohlale kukhona phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi siyoma siqine kuze kube phakade.” ’ ” +
17 UNathani watshela uDavide wonke la mazwi nawo wonke lo mbono. +
18 INkosi uDavide yangena yahlala phansi phambi kukaJehova, yathi: “Nkosi EnguMbusi Jehova, ngibe ngingubani mina? Ube uyini nje umndeni wami ukuba ungaze ungenzele zonke lezi zinto? + 19 Njengokungathi lokhu akwanele, Nkosi EnguMbusi Jehova, uphinde ukhulume ngendlu yenceku yakho kuze kufike esikhathini esizayo esikude; futhi akekho kuso sonke isintu ozokushintsha lokhu, Nkosi EnguMbusi Jehova. 20 Yini enye inceku yakho uDavide engayisho kuwe, Nkosi EnguMbusi Jehova, njengoba wena ungazi kahle kangaka? + 21 Ngenxa yezwi lakho nangokuvumelana nenhliziyo yakho* wenze zonke lezi zinto ezinkulu, watshela nenceku yakho ngazo. + 22 Yingakho umkhulu ngempela + Nkosi EnguMbusi Jehova. Akekho onjengawe, + akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho; + konke esikuzwe ngezindlebe zethu kuyakufakazela lokhu. 23 Yisiphi esinye isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli? + UNkulunkulu wahamba wasikhulula ukuze sibe abantu bakhe, + wazenzela igama + ngokusenzela izinto ezinkulu nezimangalisayo. + Waxosha izizwe nonkulunkulu bazo ngenxa yabantu bakho owazikhululela bona eGibhithe. 24 Wenza abantu bakho u-Israyeli baba yisizwe sakho phakade; + wena Jehova, waba uNkulunkulu wabo. +
25 “Manje, Jehova Nkulunkulu, sigcine kuze kube phakade isithembiso osenzile ngokuphathelene nenceku yakho nendlu yayo, kwangathi ungenza njengoba nje uthembisile. + 26 Kwangathi igama lakho lingaphakanyiswa kuze kube phakade, + ukuze abantu bathi, ‘UJehova wamabutho unguNkulunkulu phezu kuka-Israyeli,’ futhi kwangathi indlu yenceku yakho uDavide ingama iqine phambi kwakho. + 27 Ngoba wena Jehova wamabutho, Nkulunkulu ka-Israyeli, uyazisile inceku yakho, wathi kuyo, ‘Ngizokwakhela indlu.’ *+ Yingakho inceku yakho inesibindi* sokuthandaza lo mthandazo kuwe. 28 Manje Nkosi EnguMbusi Jehova, wena unguNkulunkulu weqiniso, amazwi akho ayiqiniso, + uthembise inceku yakho lezi zinto ezinhle. 29 Ngakho kwangathi kungakujabulisa ukubusisa indlu yenceku yakho, kwangathi ingahlale iphambi kwakho kuze kube phakade; + ngoba wena, Nkosi EnguMbusi Jehova, uthembisile, ngenxa yesibusiso sakho kwangathi indlu yenceku yakho ingabusiswa kuze kube phakade.” +