U-Isaya
63 Ubani lona ovela kwa-Edomi, +
Ovela eBhozira + ogqoke izingubo ezinemibala egqamile,*
Lona ogqoke izembatho ezikhazimulayo,
Omasha ngamandla akhe amakhulu?
“Yimi, engikhuluma ngokulunga,
Enginamandla amakhulu okusindisa.”
2 Kungani izingubo zakho zibomvu,
Kungani izingubo zakho zinjengezalowo onyathela isikhamo sewayini? +
3 “Ngiwunyathele ngingedwa umkhombe wewayini.
Akukho muntu owayekanye nami ovela ezizweni.
Ngaqhubeka ngizinyathela ngentukuthelo yami,
Ngaqhubeka ngizinyathela ngolaka lwami. +
Igazi lazo lachaphazela izingubo zami,
Ngizingcolise zonke izembatho zami.
5 Ngabheka kodwa kwakungekho msizi;
Ngamangala ukuthi kwakungekho owayefisa ukulekelela.
6 Nganyathela izizwe ngithukuthele,
Ngazenza zadakwa ngolaka lwami +
Ngathululela igazi lazo emhlabathini.”
7 Ngizokhuluma ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho,
Ngezenzo zikaJehova ezifanele ukudunyiswa,
Ngenxa yakho konke lokho uJehova asenzele kona, +
Izinto eziningi ezinhle azenzele indlu ka-Israyeli,
Ngokwesihe sakhe nangothando lwakhe oluqotho olukhulu.
8 Ngoba wathi: “Ngokuqinisekile bangabantu bami, amadodana angeke angathembeki.” *+
Ngakho waba uMsindisi wabo. +
9 Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye. +
Isithunywa sakhe siqu* sabasindisa. +
10 Kodwa bona badlubulunda + futhi bawudabukisa umoya wakhe ongcwele. +
11 Bakhumbula izinsuku zakudala,
Izinsuku zikaMose inceku yakhe:
“Uphi Lowo owabakhuphula wabakhipha olwandle + kanye nabelusi bomhlambi wakhe? +
Uphi Lowo owafaka kuye umoya waKhe ongcwele, +
12 Lowo owenza ukuba ingalo yaKhe ekhazimulayo ihambe nesandla sokudla sikaMose, +
Lowo owahlukanisa amanzi phambi kwabo +
Ukuze azenzele igama elimi phakade, +
13 Lowo owenza ukuba bahambe emanzini agubhayo,*
Kangangokuthi bahamba kodwa abazange bakhubeke,
Njengehhashi ehlane?
Ukugodlile ukuze ngingakutholi.
16 Ngoba wena unguBaba wethu; +
Nakuba u-Abrahama engase angasazi
No-Israyeli engase angasiqapheli,
Wena Jehova, unguBaba wethu.
Ubizwa ngokuthi uMhlengi wethu wakudala. +
17 Kungani Jehova, usiyeka* sinhlanhlathe ezindleleni zakho?
Kungani uvumela* izinhliziyo zethu zibe lukhuni, ukuze singakwesabi? +
Ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho,
Buya uzosisiza. +
18 Isizwe sakho esingcwele sadla ifa isikhashana nje.
Izitha zethu ziyinyathelile indlu yakho engcwele. +
19 Isikhathi eside sibe njengalabo ongabusanga phezu kwabo,
Njengalabo abangakaze babizwe ngegama lakho.