Duteronomi
11 “Kumele uthande uJehova uNkulunkulu wakho + ugcine isibopho sakho kuye, imithetho yakhe, izinqumo zakhe zokwahlulela nemiyalo yakhe ngaso sonke isikhathi. 2 Niyazi ukuthi namuhla ngikhuluma nani, hhayi nabantwana benu abangazange basazi noma basibone isiyalo sikaJehova uNkulunkulu wenu, + ubukhulu bakhe + namandla akhe amakhulu. + 3 Abazibonanga izibonakaliso nezenzo zakhe azenza eGibhithe kuFaro inkosi yaseGibhithe nakulo lonke izwe lakhe; + 4 noma lokho akwenza emabuthweni aseGibhithe, emahhashini kaFaro nasezinqoleni zakhe zempi, okwembozwa amanzi oLwandle Olubomvu ngesikhathi enijaha, uJehova wawabhubhisa unomphela. *+ 5 Abakubonanga lokho anenzela khona* ngesikhathi nisehlane kuze kube yilapho nifika kule ndawo, 6 noma lokho akwenza kuDathani no-Abhiramu, amadodana ka-Eliyabe indodana kaRubeni, lapho umhlaba uvuleka ubagwinya, bona nemindeni yabo namatende abo nayo yonke into ephilayo eyabalandela, kubuka wonke u-Israyeli. + 7 Amehlo enu azibone zonke izenzo ezinkulu uJehova azenza.
8 “Kumele niwugcine wonke umyalo enginiyala ngawo namuhla ukuze nibe namandla futhi niwelele ezweni niyolidla, 9 niphile isikhathi eside + ezweni uJehova afunga ukulinika okhokho benu nenzalo* yabo, + izwe eligeleza ubisi noju. +
10 “Izwe eniyolidla alifani nezwe laseGibhithe enaphuma kulo, lapho kwakudingeka nisebenze kanzima ninisela amasimu, ngendlela efanayo neninganisela ngayo* ingadi yemifino. 11 Kodwa izwe esenizowelela kulo nilidle liyizwe elinezintaba namathafa. + Izulu lina kakhulu kulo; + 12 yizwe uJehova uNkulunkulu wenu alinakekelayo. Amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho ahlale ephezu kwalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni konyaka.
13 “Uma niyilalela ngokucophelela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla, nithanda uJehova uNkulunkulu wenu futhi nimkhonza ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo* wenu, + 14 nami ngiyonisa imvula ezweni lenu ngesikhathi sayo esifanele, imvula yasekwindla nemvula yasentwasahlobo futhi niyobutha ukudla kwenu okusanhlamvu, iwayini lenu elisha namafutha enu. + 15 Ngiyokwenza ukuba kube khona uhlaza emadlelweni enu lube ukudla kwemfuyo yenu, niyodla nisuthe. + 16 Qaphelani ukuba ningazivumeli izinhliziyo zenu zihungeke, niphambuke nikhulekele abanye onkulunkulu nibakhothamele. + 17 Ngaphandle kwalokho, uJehova uyonithukuthelela kakhulu, avale amazulu ukuze imvula ingani + futhi umhlabathi ungawuvezi umkhiqizo wawo, bese nishabalala ngokushesha kuleli zwe elihle uJehova aninika lona. +
18 “Kumele ugxilise la mazwi ami enhliziyweni yakho nasemphefumulweni* wakho, uwabophe njengesikhumbuzo esandleni sakho, kufanele abe njengebhande lasesiphongweni kuwe. *+ 19 Wafundise abantwana bakho, ukhulume ngawo lapho uhlezi endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka. + 20 Walobe ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho, 21 ukuze wena namadodana akho niphile isikhathi eside + ezweni uJehova afunga ukulinika okhokho bakho, + uma nje amazulu esalokhu ephezu komhlaba.
22 “Uma niwugcina ngokucophelela lo myalo engininika wona futhi niwenza, ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, + nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye, + 23 uJehova uyozixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, + niyoziphuca ifa izizwe ezinkulu nezinabantu abaningi kakhulu kunani. + 24 Yonke indawo eninyathela kuyo iyoba ngeyenu. + Kusukela ehlane kuze kufike phezulu eLebhanoni, umngcele wenu uyosukela eMfuleni, umfula i-Ewufrathe, uze ufike olwandle olusentshonalanga. *+ 25 Akekho oyomelana nani. + UJehova uNkulunkulu wenu uyokwenza lonke izwe eninyathela kulo linesabe, + njengoba nje enithembisile.
26 “Namuhla ngibeka phambi kwenu isibusiso nesiqalekiso: + 27 Niyothola isibusiso uma nilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla, + 28 nithole isiqalekiso uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, + niphambuka endleleni enginiyala ukuba niyilandele namuhla bese nilandela onkulunkulu eningabazi.
29 “Lapho uJehova uNkulunkulu wenu eniletha ezweni enizolidla, kuzomelwe nisho* isibusiso eNtabeni iGerizimu nesiqalekiso eNtabeni i-Ebhali. + 30 Azikho yini ohlangothini lweJordani ngasentshonalanga, ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, phambi kweGiligali, eceleni kwezihlahla ezinkulu zikaMore? + 31 Ngoba niwela iJordani ukuze ningene nidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona. + Lapho nilidla futhi nihlala kulo, 32 kumele niqikelele ukuthi nizigcina zonke lezi ziqondiso nezinqumo zokwahlulela engizibeka phambi kwenu namuhla. +