U-Isaya
61 Umoya weNkosi EnguMbusi uJehova uphezu kwami, +
Ngoba uJehova ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabamnene. +
Ungithume ukuba ngibophe abaphukile enhliziyweni,
Ukuba ngimemezele inkululeko kulabo abathunjiwe
Nokuthi iziboshwa ziyophinde zibone, +
2 Ukuba ngimemezele unyaka womusa kaJehova
Nosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu, +
Ukuba ngiduduze bonke abalilayo, +
3 Ukuba nginakekele abalilela iZiyoni,
Ukuba ngibanike umnqwazo esikhundleni somlotha,
Amafutha okwethaba esikhundleni sokulila,
Ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangele.
4 Bayowakha kabusha amanxiwa asendulo;
Bayovusa izindawo zakudala esezaba yincithakalo, +
Bayovuselela amadolobha abhuqiwe, +
Izindawo eziyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane. +
5 “Izihambi ziyosukuma zeluse imihlambi yenu,
Abezinye izizwe + bayoba abalimi benu nabalimi benu bamagilebhisi. +
6 Kodwa nina, niyobizwa ngokuthi ningabapristi bakaJehova; +
Kuyothiwa niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu.
7 Esikhundleni sehlazo niyothola isabelo esiphindwe kabili,
Esikhundleni sokululazeka bayomemeza bejabulela isabelo sabo.
Yebo, bayothatha isabelo esiphindwe kabili + ezweni labo.
Bayojabula phakade. +
Ngiyobanika inkokhelo yabo ngokwethembeka,
Ngiyokwenza nabo isivumelwano esiyohlala kuze kube phakade. +
10 Ngiyojabula kakhulu ngoJehova.
Umphefumulo wami uyothokoza ngoNkulunkulu wami. +