Eyesibili YamaKhosi
25 Ngonyaka ka-9 wokubusa kukaZedekiya, ngosuku lweshumi enyangeni yeshumi, uNebukhadinezari + inkosi yaseBhabhiloni weza nalo lonke ibutho lakhe lempi ezohlasela iJerusalema. + Wagxumeka amatende ukuze alwe nalo, wakha udonga lokulivimbezela nxazonke, + 2 idolobha lavinjezelwa kwaze kwaba unyaka ka-11 weNkosi uZedekiya. 3 Ngosuku luka-9 ngenyanga yesine indlala yayibhokile + edolobheni, abantu babengenakho ukudla. + 4 Izindonga zedolobha zabhodlozwa, + lonke ibutho lempi labaleka ebusuku laphuma ngesango elisodongeni olubhangqiwe ngasengadini yenkosi, kuyilapho amaKhaledi ezungeze idolobha; inkosi yahamba ngendlela eya ngase-Araba. + 5 Kodwa ibutho lamaKhaledi layijaha inkosi, layifica emathafeni awugwadule aseJeriko, lonke ibutho layo lempi lahlakazeka. 6 Layibamba inkosi + lenyuka nayo laya enkosini yaseBhabhiloni eRibila, ukuze igwetshwe. 7 Amadodana kaZedekiya bawabulala phambi kwakhe; ngemva kwalokho uNebukhadinezari wamkhipha amehlo uZedekiya, wambopha ngamaketanga ethusi waya naye eBhabhiloni. +
8 Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lwesikhombisa, ngonyaka ka-19 kaNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni, uNebuzaradani + induna yonogada, inceku yenkosi yaseBhabhiloni, weza eJerusalema. + 9 Washisa indlu kaJehova, + indlu yenkosi *+ nazo zonke izindlu zaseJerusalema; + washisa nezindlu zabo bonke abantu abavelele. + 10 Lonke ibutho lamaKhaledi elalikanye nenduna yonogada ladiliza izindonga ezazibiyele iJerusalema. + 11 UNebuzaradani induna yonogada wabayisa ekudingisweni bonke abantu ababesele edolobheni, nalabo ababehlubukele enkosini yaseBhabhiloni naso sonke esinye isixuku. + 12 Kodwa induna yonogada yabashiya abanye kubantu abampofu bezwe ukuze babe abanakekeli bamasimu amagilebhisi nezisebenzi eziphoqelelwe. + 13 AmaKhaledi aphihliza izinsika zethusi + zendlu kaJehova nezinqola + noLwandle lwethusi + okwakusendlini kaJehova, athwala ithusi lako aliyisa eBhabhiloni. + 14 Athatha namakani namahalavu nezinto zokucisha umlilo nezinkomishi nazo zonke izinto zethusi ezazisetshenziswa ethempelini. 15 Induna yonogada yathatha imicengezi yokuphatha umlilo nezitsha zegolide loqobo + nezesiliva loqobo. + 16 Ngokuqondene nezinsika ezimbili, uLwandle nezinqola uSolomoni ayezenzele indlu kaJehova, yayingekho indlela yokwazi isisindo sethusi sazo zonke lezi zinto. + 17 Insika ngayinye yayingamamitha angu-8 ukuphakama, + isihloko sayo sasenziwe ngethusi; isihloko sasingamamitha amabili ukuphakama; umhlobiso osasisefo nowamahalananda* nxazonke zesihloko wawenziwe ngethusi. + Insika yesibili nomhlobiso wayo osasisefo kwakwenziwe ngendlela efanayo.
18 Induna yonogada yathatha noSeraya + umpristi omkhulu, uZefaniya + umpristi wesibili nabalindimnyango abathathu. + 19 Edolobheni yathatha isikhulu segceke esisodwa esasinegunya phezu kwebutho lempi, abangani abahlanu benkosi ababesedolobheni, kanye nonobhala wenduna yempi, owayebuthela abantu bezwe empini, namadoda angu-60 kubantu abaphansi bezwe ababetholakala edolobheni. 20 UNebuzaradani + induna yonogada wabathatha wabayisa enkosini yaseBhabhiloni eRibila. + 21 Inkosi yaseBhabhiloni yababulala eRibila ezweni laseHamati. + Kanjalo uJuda wasuka ezweni lakhe waya ekudingisweni. +
22 UNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni wamisa uGedaliya + indodana ka-Ahikamu + indodana kaShafani + phezu kwabantu ababesele ezweni lakwaJuda. + 23 Lapho zonke izinduna zebutho lempi namadoda angaphansi kwazo zizwa ukuthi inkosi yaseBhabhiloni yayimise uGedaliya, masinyane zeza kuGedaliya eMispa. Kwakungu-Ishmayeli indodana kaNethaniya, uJohanani indodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumeti waseNethofa noJahazaniya indodana yomMahakha, zikanye namadoda angaphansi kwazo. + 24 UGedaliya wafunga kuzo nasemadodeni angaphansi kwazo wathi: “Ningesabi ukuba yizinceku zamaKhaledi. Hlalani ezweni nikhonze inkosi yaseBhabhiloni, kuzonihambela kahle.” +
25 Ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli + indodana kaNethaniya indodana ka-Elishama owayezalwa ebukhosini* weza namanye amadoda ayishumi, babulala uGedaliya namaJuda namaKhaledi ayekanye naye eMispa. + 26 Ngemva kwalokho bonke abantu, kusukela komncane kuya komdala, nezinduna zebutho lempi basuka baya eGibhithe, + ngoba babesaba amaKhaledi. +
27 Ngonyaka ka-37 wokudingiswa kukaJehoyakini inkosi + yakwaJuda, ngenyanga ka-12, ngosuku luka-27 lwenyanga, u-Evili-merodaki inkosi yaseBhabhiloni, ngonyaka aba ngawo yinkosi, wakhipha* uJehoyakini inkosi yakwaJuda ejele. + 28 Wamphatha kahle, wamphakamisa kunamanye amakhosi ayekanye naye eBhabhiloni. 29 Ngakho uJehoyakini wakhumula izingubo zakhe zasejele, wadla kanye nenkosi zonke izinsuku zokuphila kwakhe. 30 Inkosi yayimnika ukudla usuku nosuku, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.