UHezekeli
2 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu,* sukuma ume ngezinyawo ukuze ngikhulume nawe.” + 2 Ngesikhathi ekhuluma nami, umoya wangena kimi wangenza ngama ngezinyawo + ukuze ngizwe Lowo owayekhuluma nami.
3 Wabe esethi kimi: “Ndodana yomuntu, ngikuthuma kubantu bakwa-Israyeli, + ezizweni ezidlubulundayo eziye zadlubulunda kimi. + Bona nokhokho babo bonile kimi kuze kube namuhla. + 4 Ngikuthuma emadodaneni adelelayo nanezinhliziyo ezilukhuni, + kumele uthi kuwo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo.’ 5 Kodwa bona, kungakhathaliseki ukuthi bayalalela noma cha—ngoba bangabantu abadlubulundayo +—nakanjani bayokwazi ukuthi umprofethi ubephakathi kwabo. +
6 “Kodwa wena ndodana yomuntu ungabesabi, + ungawesabi amazwi abo ngisho noma uzungezwe ameva *+ futhi uhlala phakathi kofezela. Ungawesabi amazwi abo + futhi ungethuswa ubuso babo, + ngoba bangabantu abadlubulundayo. 7 Kumele ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bayalalela noma cha, ngoba bayadlubulunda. +
8 “Kodwa wena ndodana yomuntu, lalela lokho engikutshela kona. Ungadlubulundi njengalaba bantu abadlubulundayo. Vula umlomo wakho udle engikunika kona.” +
9 Lapho ngibuka, ngabona isandla selulelwe kimi, + ngabona umqulu obhaliwe* kuso. + 10 Lapho ewuvula phambi kwami, wawubhalwe ngemuva nangaphambili. + Kuwo kwakubhalwe izingoma zokulila, nezinto ezazenza abantu bakhale futhi baklabalase. +