Duteronomi
4 “O Israyeli, manje lalela iziqondiso nezinqumo zokwahlulela enginifundisa ukuba nizigcine ukuze niphile, + ningene nithathe izwe uJehova, uNkulunkulu wokhokho benu, aninika lona. 2 Akumele ninezele emazwini enginiyala ngawo futhi akumele nisuse utho kuwo, + ukuze nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.
3 “Amehlo enu akubonile lokho uJehova akwenza endabeni kaBhali wasePheyori; uJehova uNkulunkulu wenu waqothula bonke abantu ababelandela uBhali wasePheyori phakathi kwenu. + 4 Kodwa nonke nina enibambelela kuJehova uNkulunkulu wenu niyaphila namuhla. 5 Bhekani, nginifundisile iziqondiso nezinqumo zokwahlulela, + njengoba nje uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuze nizigcine ezweni enizolithatha. 6 Kumele nizilandele ngokucophelela, + ngoba lokho kuyobonisa ukuthi nihlakaniphile + futhi ninokuqonda + phambi kwezizwe eziyozwa ngazo zonke lezi ziqondiso, futhi ziyothi, ‘Ngokungangabazeki, lesi sizwe esikhulu siyisizwe esihlakaniphile nesiqondayo.’ + 7 Ngoba yisiphi isizwe esikhulu esinawonkulunkulu abaseduze naso ngendlela uJehova uNkulunkulu wethu aseduze ngayo kithi noma nini lapho simbiza? + 8 Yisiphi isizwe esikhulu esineziqondiso ezilungile nezinqumo zokwahlulela njengawo wonke lo Mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla? +
9 “Kuphela nje qaphelani nizinakekele kahle, ukuze ningazikhohlwa izinto amehlo enu azibonile futhi zingasuki enhliziyweni yenu zonke izinsuku zokuphila kwenu. Kumele nizazise nabantwana benu nabazukulu benu. + 10 Ngosuku enama ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu eHorebe, uJehova wathi kimi, ‘Qoqela abantu ndawonye kimi ngizobazwisa amazwi ami, + ukuze bafunde ukungesaba + zonke izinsuku zokuphila kwabo emhlabeni futhi bafundise abantwana babo.’ +
11 “Ngakho nasondela nama phansi kwentaba, intaba yayivutha umlilo ofinyelela emazulwini; kwakukhona ubumnyama namafu amnyama. + 12 UJehova wakhuluma nani esemlilweni. + Nezwa umsindo wamazwi, kodwa anibonanga lutho +—nezwa izwi kuphela. + 13 Washo isivumelwano sakhe kini, + aniyala ukuba nisigcine—iMiyalo Eyishumi. *+ Ngemva kwalokho, wayibhala ematsheni amabili ayizicaba. + 14 Ngaleso sikhathi uJehova wangiyala ukuba nginifundise iziqondiso nezinqumo zokwahlulela, enizozigcina ezweni enizongena kulo nilithathe.
15 “Ngakho, zinakekeleni kahle—njengoba ningabonanga lutho ngosuku uJehova akhuluma nani ngalo eHorebe ephakathi komlilo— 16 ukuze ningenzi ngokukhohlakala ngokuzenzela umfanekiso obaziwe wanoma yiluphi uhlobo lomfanekiso. Lokhu kuhlanganisa umfanekiso wowesilisa noma wowesifazane, + 17 umfanekiso wanoma yisiphi isilwane esisemhlabeni noma umfanekiso wanoma iyiphi inyoni endiza esibhakabhakeni, + 18 umfanekiso wanoma yini ehuquzela emhlabathini noma umfanekiso wanoma iyiphi inhlanzi esemanzini ngaphansi komhlaba. + 19 Lapho niphakamisela amehlo enu emazulwini nibona ilanga nenyanga nezinkanyezi—lonke ibutho lamazulu—ningayengeki bese nikukhothamela nikukhonza. + UJehova uNkulunkulu wenu ukunike zonke izizwe ezingaphansi kwawo wonke amazulu. 20 Kodwa yinina uJehova anithatha wanikhipha eziko lokuncibilikisa insimbi, wanikhipha eGibhithe, ukuze nibe isizwe sakhe, *+ njengoba ninjalo namuhla.
21 “UJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, + wafunga ukuthi akufanele ngiwele iJordani noma ngingene ezweni elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona njengefa. + 22 Ngoba mina ngizofela kuleli zwe; ngeke ngiliwele iJordani, + kodwa nina niyoliwela, nilithathe leli zwe elihle. 23 Qaphelani ukuba ningasikhohlwa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu asenza nani, + ningazenzeli umfanekiso obaziwe, umfanekiso wanoma yini uJehova uNkulunkulu wenu ayenqabele. + 24 Ngoba uJehova uNkulunkulu wenu ungumlilo oqothulayo, + uNkulunkulu ofuna nizinikele kuye kuphela. +
25 “Uma nizala abantwana nabazukulu futhi senihlale isikhathi eside ezweni bese nenza ngendlela yokonakala, nenze umfanekiso obaziwe + wanoma yini, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wenu bese nimcasula, + 26 ngimisa amazulu nomhlaba njengofakazi ngokumelene nani namuhla bokuthi nakanjani niyoshabalala niphele ngokushesha ezweni eniwela iJordani ukuba nilithathe. Ngeke nihlale isikhathi eside kulo, kodwa niyoqothulwa niphele nya. + 27 UJehova uyonihlakazela phakathi kwezizwe, + bambalwa kini abayosinda + phakathi kwezizwe uJehova ayonixoshela kuzo. 28 Lapho kuyomelwe nikhonze onkulunkulu bokhuni namatshe abenziwe izandla zomuntu, + onkulunkulu abangaboni, abangezwa, abangadli nabangakwazi ukuhogela.
29 “Uma nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu nilapho, nakanjani niyomthola, + uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo* wenu. + 30 Lapho nikhungethwe usizi futhi zonke lezi zinto sezenzekile kini kamuva, niyobuyela kuJehova uNkulunkulu wenu nilalele izwi lakhe. + 31 Ngoba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu onesihe. + Ngeke anilahle noma anichithe noma akhohlwe isivumelwano asifunga kokhokho benu. +
32 “Manje, buzani ngezinsuku zangaphambili ningakabi khona, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo umuntu emhlabeni; cingani kusukela komunye umkhawulo wamazulu kuze kufike komunye umkhawulo wamazulu. Yake yenzeka yini into enkulu kangaka noma yake yezwakala yini into efana nayo? + 33 Sikhona yini esinye isizwe esezwa izwi likaNkulunkulu likhuluma emlilweni ngendlela nina enalizwa ngayo, kodwa naqhubeka niphila? + 34 Noma ingabe uNkulunkulu wake wazama ukuzithathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezahlulelo,* ngezibonakaliso, ngezimangaliso, + ngempi, + ngokubonisa amandla amakhulu + nangezenzo ezesabekayo, + njengoba uJehova uNkulunkulu wenu enza kini eGibhithe phambi kwamehlo enu? 35 Nina uqobo lwenu nizibonisiwe lezi zinto ukuze nazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso; + akekho omunye ngaphandle kwakhe. + 36 Wanenza nezwa izwi lakhe liphuma emazulwini ukuze aniqondise, emhlabeni wanenza nabona umlilo wakhe omkhulu futhi nezwa amazwi akhe evela emlilweni. +
37 “Ngenxa yokuthi wayebathanda okhokho benu futhi wakhetha inzalo* yabo, + wanikhipha eGibhithe ngamandla akhe amakhulu. 38 Waxosha phambi kwenu izizwe ezinkulu nezinamandla kunani, ukuze aningenise, aninike izwe lazo njengefa njengoba kunjalo namuhla. + 39 Ngakho kufanele nazi kahle namuhla, futhi nikufake enhliziyweni ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso phezulu emazulwini nasemhlabeni. + Akekho omunye. + 40 Kumele nigcine iziqondiso zakhe nemiyalo yakhe enginiyala ngayo namuhla, ukuze kunihambele kahle nina nabantwana benu, nihlale isikhathi eside ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona.” +
41 Ngaleso sikhathi uMose wabekela eceleni amadolobha amathathu asohlangothini lweJordani olungasempumalanga. + 42 Uma umbulali ebulala umuntu wakubo engahlosile, kuyilapho ayengamzondi ngaphambili, + kumele abalekele kwelinye lalawa madolobha ukuze aphile. + 43 La madolobha iBhezeri + ehlane ezweni elendlalekile* eliyoba elabakwaRubeni, iRamoti + eGileyadi eliyoba elabakwaGadi, neGolani + eBhashani eliyoba elabakwaManase. +
44 Manje nawu uMthetho + uMose awubeka phambi kwabantu bakwa-Israyeli. 45 Lezi izikhumbuzo, iziqondiso nezinqumo zokwahlulela uMose azinika ama-Israyeli ngemva kokuphuma kwawo eGibhithe, + 46 esifundeni saseJordani, esigodini esibhekene neBheti-peyori, + ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, + lowo owanqotshwa uMose nama-Israyeli ngemva kokuphuma kwabo eGibhithe. + 47 Balithatha izwe lakhe nezwe lika-Ogi + inkosi yaseBhashani, amakhosi amabili ama-Amori ayesesifundeni esisempumalanga yeJordani, 48 kusukela e-Aroweri, + elisonqenqemeni lweSigodi Sase-Arinoni,* kuze kufike phezulu eNtabeni iSiyoni, ebizwa ngokuthi iHermoni, + 49 nalo lonke i-Araba esifundeni esisempumalanga yeJordani, kuze kufike oLwandle Lwase-Araba* phansi ezindaweni ezehlelayo zasePhisiga. +