Numeri
3 Lolu kwakuwuzalo* luka-Aroni noMose mhla uJehova ekhuluma noMose eNtabeni iSinayi. + 2 Yilawa amagama amadodana ka-Aroni: uNadabi izibulo, u-Abhihu, + u-Eleyazare + no-Itamari. + 3 Lawa kwakungamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiwe, ayebekwe ukuba akhonze njengabapristi. + 4 Nokho, uNadabi no-Abhihu bafa phambi kukaJehova lapho benikela ngomlilo ongagunyaziwe phambi kukaJehova + ehlane laseSinayi, futhi abazange babe namadodana. Kodwa u-Eleyazare + no-Itamari + baqhubeka bengabapristi kanye no-Aroni uyise.
5 UJehova wabe esethi kuMose: 6 “Sondeza isizwe sakwaLevi, + usimise phambi kuka-Aroni umpristi, simkhonze. + 7 Kufanele sigcine isibopho saso kuye nakuyo yonke inhlangano phambi kwetende lokuhlangana ngokwenza inkonzo yaso yasetabernakele. 8 Kufanele sinakekele zonke izinto + zetende lokuhlangana, sigcine nesibopho saso kuma-Israyeli ngokwenza inkonzo yasetabernakele. + 9 AmaLevi kufanele uwanike u-Aroni namadodana akhe. Anikwe yena njengezipho ezivela kuma-Israyeli. + 10 Kufanele umise u-Aroni namadodana akhe, kufanele benze imisebenzi yabo yobupristi + futhi noma imuphi umuntu ongagunyaziwe* osondelayo kufanele abulawe.” +
11 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose, wathi: 12 “Kodwa mina, ngithatha amaLevi phakathi kwama-Israyeli esikhundleni sawo wonke amazibulo* ama-Israyeli, + amaLevi azoba ngawami. 13 Ngoba wonke amazibulo angawami. + Ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, + ngazingcwelisela wonke amazibulo akwa-Israyeli kusukela kumuntu kuya esilwaneni. + Kufanele abe ngawami. NginguJehova.”
14 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose ehlane laseSinayi, + wathi: 15 “Bhalisa amadodana akwaLevi ngokwezindlu zoyise nangokwemindeni yawo. Kufanele ubhalise bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu.” + 16 Ngakho uMose wawabhalisa ngokomyalo kaJehova, njengoba nje ayeyaliwe. 17 Lawa kwakungamagama amadodana kaLevi: uGereshoni, uKohati noMerari. +
18 Lawa kwakungamagama amadodana kaGereshoni ngokwemindeni yawo: uLibhini noShimeyi. +
19 Amadodana kaKohati ngokwemindeni yawo kwakungu-Amramu, u-Izihari, uHebroni no-Uziyeli. +
20 Amadodana kaMerari ngokwemindeni yawo kwakunguMaheli + noMushi. +
Lena kwakuyimindeni yamaLevi ngokwezindlu zoyise.
21 KuGereshoni kwavela umndeni wamaLibhini + nomndeni wamaShimeyi. Lena kwakuyimindeni yamaGereshoni. 22 Sebebonke abesilisa ababhalisiwe kubo ababenenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babengu-7 500. + 23 Imindeni yamaGereshoni yayimise amatende ngemva kwetabernakele + ngasentshonalanga. 24 Isikhulu sezindlu zoyise samaGereshoni kwakungu-Eliyasafa indodana kaLayeli. 25 Umsebenzi wamadodana kaGereshoni + etendeni lokuhlangana kwakuwukunakekela itabernakele netende, + isembozo salo, + ikhethini *+ lomnyango wetende lokuhlangana, 26 amakhethini alengayo + egceke, ikhethini *+ lesango legceke elizungeze itabernakele ne-altare, izintambo zalo zetende, nayo yonke inkonzo ehlobene nalezi zinto.
27 KuKohati kwavela umndeni wama-Amramu, umndeni wama-Izihari, umndeni wamaHebroni nomndeni wama-Uziyeli. Lena kwakuyimindeni yamaKohati. + 28 Sebebonke abesilisa abanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babengu-8 600; umsebenzi wabo kwakuwukunakekela indawo engcwele. + 29 Imindeni yamadodana kaKohati yayimise amatende ohlangothini oluseningizimu lwetabernakele. + 30 Isikhulu sezindlu zoyise semindeni yamaKohati kwakungu-Elizafani indodana ka-Uziyeli. + 31 Imisebenzi yayo kwakuwukunakekela uMphongolo, + itafula, + uthi lwesibani, + ama-altare, + izinto + ezazisetshenziselwa ukukhonza endaweni engcwele, ikhethini *+ nayo yonke inkonzo ehlobene nalezi zinto. +
32 Isikhulu esiyinhloko samaLevi kwakungu-Eleyazare + indodana ka-Aroni umpristi, owayengamele labo ababenza imisebenzi yendawo engcwele.
33 KuMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi. Lena kwakuyimindeni kaMerari. + 34 Sebebonke abesilisa ababhalisiwe ababenenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babengu-6 200. + 35 Isikhulu sezindlu zoyise semindeni kaMerari kwakunguZuriyeli indodana ka-Abhihayili. Babemise amatende ohlangothini olungasenyakatho lwetabernakele. + 36 Umsebenzi wamadodana kaMerari kwakuwukwengamela izinhlaka zamapulangwe + zetabernakele, izingodo zalo, + izinsika zalo, + izisekelo zalo ezinezimbobo, zonke izinto zalo + nayo yonke inkonzo ehlobene nalezi zinto, + 37 kanye nezinsika ezazizungeze igceke, izisekelo zazo ezinezimbobo, + izikhonkwane zazo zetende nezintambo zazo zetende.
38 Labo ababemise amatende abo phambi kwetabernakele ngasempumalanga, phambi kwetende lokuhlangana ngalapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose no-Aroni namadodana akhe. Babenomthwalo wokunakekela indlu engcwele, njengesibopho ngenxa yama-Israyeli. Noma yimuphi umuntu ongagunyaziwe* osondelayo wayeyobulawa. +
39 Bonke abesilisa abangamaLevi abanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu, ababebhaliswe uMose no-Aroni ngokwemindeni yabo ngomyalo kaJehova babengu-22 000.
40 UJehova wabe esethi kuMose: “Bhalisa bonke abesilisa abangamazibulo kuma-Israyeli kusukela kwabanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu, + ubabale bese ubhala amagama abo. 41 Kumele ungithathele amaLevi—nginguJehova—esikhundleni sawo wonke amazibulo ama-Israyeli, + uthathe nezilwane ezifuywayo zamaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo ezilwane ezifuywayo zama-Israyeli.” + 42 UMose wawabhalisa wonke amazibulo aphakathi kwama-Israyeli, njengoba nje uJehova ayemyalile. 43 Sebebonke abesilisa abangamazibulo ababebhaliswe ngamagama kusukela kwabanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babengu-22 273.
44 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose, wathi: 45 “Thatha amaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo phakathi kwama-Israyeli, uthathe nezilwane ezifuywayo zamaLevi esikhundleni sezilwane zawo ezifuywayo, amaLevi kumele abe ngawami. NginguJehova. 46 Njengenani lesihlengo + labangu-273 emazibulweni ama-Israyeli, abedlula inani lamaLevi, + 47 kufanele uthathe amashekeli* amahlanu ngomuntu ngamunye, + ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele.* Ishekeli lingamagera* angu-20. + 48 Le mali kufanele uyinike u-Aroni namadodana akhe njengenani lesihlengo lalabo abedlula inani lawo.” 49 Ngakho uMose wayithatha le mali yenani lesihlengo kulabo ababedlula inani lesihlengo lamaLevi. 50 Wayithatha le mali emazibulweni ama-Israyeli, amashekeli angu-1 365, ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele. 51 Ngemva kwalokho uMose wayinika u-Aroni namadodana akhe le mali yenani lesihlengo ngokwezwi* likaJehova, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.