IzAga
8 Ukuhlakanipha akumemezi yini?
Ukuqonda akuliphakamisi yini izwi lako? +
3 Kuqhubeka kumemeza kakhulu + eceleni kwamasango angena edolobheni,
Lapho kungenwa khona eminyango,
Kuthi:
6 Lalelani, ngoba engikushoyo kubalulekile,
Izindebe zami zikhuluma okulungile;
7 Ngoba umlomo wami uhlebeza iqiniso,
Izindebe zami ziyakwenyanya okubi.
8 Wonke amazwi omlomo wami alungile.
Awekho asontekile noma ayisigwegwe kuwo.
9 Wonke aqondile kwabanokuqonda,
Alungile kulabo abathole ulwazi.
10 Thathani isiyalo sami esikhundleni sesiliva,
Nolwazi esikhundleni segolide lekhethelo, +
11 Ngoba ukuhlakanipha kungcono kunamakhorali;*
Zonke ezinye izinto ezifiselekayo azinakuqhathaniswa nako.
13 Ukwesaba uJehova kusho ukuzonda okubi. +
Ngiyakuzonda ukuziphakamisa, ukuziqhenya, + indlela embi nenkulumo eyonakele. +
16 Izikhulu zibusa ngami,
Nezicukuthwane zahlulela ngokulunga.
19 Isithelo sami singcono kunegolide, singcono kunegolide elicwengekile,
Umkhiqizo wami ungcono kunesiliva lekhethelo. +
20 Ngihamba endleleni yokulunga,
Phakathi nezindlela zobulungisa;
21 Labo abangithandayo ngibanika ifa elinothile,
Ngigcwalisa izinqolobane zabo.
22 UJehova wangenza ngaba ngukuqala kwendlela yakhe, +
Owokuqala kuyo yonke imisebenzi yakhe yakudala. +
25 Zingakabekwa izintaba endaweni yazo,
Engakabibikho amagquma, ngazalwa,
26 Engakawenzi umhlaba nezindawo zawo ezingenalutho
Noma amagabade okuqala enhlabathi.
27 Lapho ehlela amazulu, + ngangikhona;
Lapho ebeka umngcele* phakathi kwesibhakabhaka nolwandle, +
28 Lapho emisa* amafu phezulu,
Lapho enza imithombo yamanzi ajulile,
29 Lapho emisela ulwandle umyalo
Owukuthi amanzi angadluleli ngale kwalokho akuyalile, +
Lapho emisa* izisekelo zomhlaba,
Yimi ayengithanda ngokukhethekile + usuku nosuku;
Ngangijabula phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi; +
31 Ngangijabula ngomhlaba wakhe owawuzohlala abantu,
Ngiwathanda ngokukhethekile amadodana abantu.*
32 Manje madodana ami, ngilaleleni;
Yebo, bayajabula abagcina izindlela zami.