UHoseya
Ngoba uphambukile kuNkulunkulu wakho ngenxa yobufebe. *+
Uye wathanda inkokhelo yobufebe kuzo zonke izibuya zokudla okusanhlamvu. +
3 Ngeke baqhubeke behlala ezweni likaJehova; +
Kunalokho, u-Efrayimi uyobuyela eGibhithe,
E-Asiriya bayodla okungcolile. +
Injengesinkwa esidliwa lapho kushone umuntu;
Bonke abasidlayo bayozingcolisa.
Ngoba isinkwa sabo singesabo bodwa;
Ngeke singene endlini kaJehova.
5 Niyokwenzenjani ngosuku lomhlangano,
Ngosuku lomkhosi kaJehova?
6 Ngoba bheka! kuyodingeka babaleke ngenxa yembubhiso. +
IGibhithe liyobaqoqela ndawonye, + iMemfisi libangcwabe. +
Izinto zabo zesiliva eziyigugu ziyothathwa izimbabazane,*
Ematendeni abo kuyoba nezihlahla ezinameva.
Umprofethi wabo uyoba isiwula, umuntu othi ukhuluma okuvela kuNkulunkulu uyohlanya;
Ngenxa yobuningi beziphambeko zakho, uzondwa kakhulu.”
8 Umlindi + ka-Efrayimi wayenoNkulunkulu wami. +
Kodwa manje zonke izindlela zabaprofethi bakhe + zinjengezicupho zomcuphi wezinyoni;
Kukhona inzondo endlini kaNkulunkulu wakhe.
9 Bangene shi encithakalweni, njengasezinsukwini zaseGibheya. +
Uyosikhumbula isiphambeko sabo, ajezise izono zabo. +
10 “U-Israyeli ngamthola njengamagilebhisi ehlane. +
Okhokho benu ngababona njengamakhiwane avele kuqala esihlahleni somkhiwane.
Kodwa baya kuBhali wasePheyori; +
Bazinikela entweni* eyihlazo, +
Baba abanengekayo njengale nto abayithandayo.
12 Ngisho noma bekhulisa izingane,
Ngiyobaphuca zona kungasali muntu; +
Yebo, maye kubo lapho ngibafulathela! +
13 U-Efrayimi, otshalwe edlelweni, wayenjengeThire + kimi;
Manje u-Efrayimi kumele akhiphe amadodana akhe ukuze azobulawa.”
14 O Jehova, banike lokho okufanele ubanike kona;
Mabaphuphunyelwe isisu futhi babe namabele angenalo ubisi.*
15 “Bonke ububi babo babuseGiligali, + ngoba ngabazonda lapho.
Ngenxa yezenzo zabo ezimbi ngizobaxosha endlini yami. +
Ngeke ngisabathanda; +
Zonke izikhulu zabo zinenkani.
Impande yakhe iyokoma, ngeke athele.
Ngisho noma ezala, ngiyoyibulala inzalo yakhe eyigugu.”