UZakariya
2 Ngaphakamisa amehlo ami ngabona indoda iphethe intambo yokukala + ngesandla. 2 Ngakho ngathi: “Uyaphi?”
Yona yathi kimi: “Ngiyokala iJerusalema ukuze ngibone ukuthi ububanzi balo bungakanani nokuthi ubude balo bungakanani.” +
3 Bheka! Ingelosi eyayikhuluma nami yaphuma futhi kwafika enye ingelosi izoyihlangabeza. 4 Yathi kuyo: “Gijima uye kuleya nsizwa elaphaya, uthi, ‘ “IJerusalema liyohlalwa + njengezwe lasemaphandleni elingabiyelwe, ngenxa yabo bonke abantu nezilwane ezifuywayo okuphakathi kwalo. + 5 Ngizoba udonga lomlilo nxazonke zalo, + ngibe inkazimulo phakathi kwalo,” ’ ” + kusho uJehova.
6 “Wozani! Wozani! Balekani ezweni lasenyakatho,” + kusho uJehova.
“Ngoba nginihlakazele emagumbini amane amazulu,” *+ kusho uJehova.
7 “Woza Ziyoni! Phunyuka, wena ohlala nendodakazi yaseBhabhiloni. + 8 Ngoba yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, lowo ngemva kokukhazinyuliswa* ongithume ezizweni ezaziniphanga: + ‘Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lami. + 9 Ngizobaphakamisela isandla futhi bazophangwa yizigqila zabo.’ + Niyokwazi ngokuqinisekile ukuthi uJehova wamabutho ungithumile.
10 “O ndodakazi yaseZiyoni, memeza ngenjabulo; + ngoba ngiyeza, + ngizohlala phakathi kwakho,” + kusho uJehova. 11 “Izizwe eziningi ziyozihlanganisa noJehova ngalolo suku, + zibe yisizwe sami; futhi ngiyohlala phakathi kwenu.” Niyokwazi ukuthi uJehova wamabutho ungithume kini. 12 UJehova uzomthatha uJuda abe yimpahla yakhe emhlabathini ongcwele, futhi usazophinde alikhethe iJerusalema. + 13 Thulani phambi kukaJehova nonke nina bantu, ngoba uthatha isinyathelo esendaweni yakhe engcwele.