Eyesibili KwabaseKorinte
13 Sekungokwesithathu ngiza kini. “Zonke izindaba kumele ziqinisekiswe* ngobufakazi* babantu ababili noma abathathu.” + 2 Nakuba ngingekho manje, kunjengokungathi ngikhona okwesibili, ngibaxwayisa kusengaphambili labo abona ngaphambili nabo bonke abanye, ngithi uma kwenzeka ngiphinda ngiza akekho oyosinda esiyalweni, 3 njengoba nifuna ubufakazi bokuthi uKristu, ongebuthakathaka kini kodwa onamandla phakathi kwenu, ukhuluma ngami ngempela. 4 Ngoba ngempela, wabulawelwa esigxotsheni ngenxa yobuthakathaka, kodwa uyaphila ngenxa yamandla kaNkulunkulu. + Yiqiniso, nathi sibuthakathaka kanye naye, kodwa siyophila kanye naye + ngenxa yamandla kaNkulunkulu kini. +
5 Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini; qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho. + Noma aniboni yini ukuthi uJesu Kristu umunye nani? Ngaphandle-ke uma ningamukeleki. 6 Ngempela nginethemba lokuthi nizobona ukuthi asibona abangamukeleki.
7 Sithandaza kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, hhayi ukuba thina sibonakale samukelekile, kodwa ukuba nenze okuhle, ngisho noma thina singase sibonakale singamukeleki. 8 Ngoba asinakwenza lutho olumelene neqiniso, kodwa sizothuthukisa iqiniso kuphela. 9 Ngokuqinisekile, siyajabula noma nini lapho thina sibuthakathaka kodwa nina ninamandla. Nakhu esikuthandazelayo, ukulungiswa kwenu. 10 Yingakho ngibhala lezi zinto lapho ngingekho, ukuze kuthi uma sengikhona, ngingalisebenzisi ngokhahlo igunya iNkosi eyanginika lona, + ukuba ngakhe hhayi ukuba ngidilize.
11 Okokugcina bazalwane, qhubekani nijabula, nilungiswa, niduduzwa, + nicabanga ngokuvumelana, + niphila ngokuthula; + khona-ke uNkulunkulu wothando nokuthula + uyoba nani. 12 Bingelelanani ngokuqabulana okungcwele. 13 Bonke abangcwele bayakhonza kini.
14 Umusa omkhulu weNkosi uJesu Kristu nothando lukaNkulunkulu nomoya ongcwele enizuza kuwo makube nani nonke.