IsiLilo
א [Aleph]
3 Ngiyindoda ebone abantu behlupheka ngenxa yokuthi uNkulunkulu wathukuthela kakhulu wabe esesijezisa.
2 Ungixoshile wangenza ngahamba ebumnyameni, hhayi ekukhanyeni. +
3 Impela, isandla sakhe silwa nami usuku lonke. +
ב [Beth]
4 Ugugise inyama yami nesikhumba sami;
Uphule amathambo ami.
5 Ungivimbezele; ubangele ukuba kukhule utshani obunoshevu + nxazonke zami wangibiyela nangobunzima.
6 Ungiphoqe ukuba ngihlale ezindaweni ezimnyama, njengabantu abafa kudala.
ג [Gimel]
8 Lapho ngikhala ngicela usizo, akawulaleli* umthandazo wami. +
ד [Daleth]
10 Ungicuthele ukuze angihlasele njengebhere, njengebhubesi elicashile. +
12 Ugobe umnsalo wakhe, uwubhekise kimi umcibisholo.
ה [He]
13 Ungigwaze izinso ngemicibisholo* esesikhwameni semicibisholo yakhe.
14 Ngibe yinhlekisa kubo bonke abantu, bahlabelela ngami usuku lonke.
15 Ungidlise* izinto ezibabayo, wangiphuzisa nomhlonyane. +
ו [Waw]
17 Ungincisha ukuthula; angisakwazi okuhle.
18 Ngakho ngithi: “Ubuhle bami bushabalele, kanye nalokho engikulindele kuJehova.”
ז [Zayin]
19 Khumbula ukuhlupheka kwami nokungabi kwami nakhaya, + umhlonyane noshevu obabayo. +
20 Nakanjani uyokhumbula wehlele kimi + ungibonise umusa.
21 Ngiyakukhumbula lokhu enhliziyweni yami; yingakho ngizokulinda ngesineke. +
ח [Heth]
23 Siba sisha njalo ekuseni; + uhlale ethembekile. +
24 Ngithe, “uJehova uyisabelo sami, + yingakho ngizomlinda ngesineke.” +
ט [Teth]
25 UJehova muhle kothembela kuye, + kumuntu oqhubeka emfuna. +
26 Kuhle ukulindela insindiso kaJehova + ngesineke. *+
27 Kuhle lapho umuntu ebhekana nobunzima ebusheni bakhe. +
י [Yod]
28 Makahlale yedwa athule ngoba uNkulunkulu ubuvumele. +
29 Makazithobe ngokuphelele, abeke ubuso bakhe othulini; + mhlawumbe lisekhona ithemba. +
30 Makanike omshayayo isihlathi sakhe; makasuthe inhlamba.
כ [Kaph]
31 Ngoba uJehova ngeke asilahle unomphela. +
32 Nakuba ekuvumela ukuba sihlupheke, uyophinde abonise isihe ngokuchichima kothando lwakhe oluqotho. +
33 Ngoba akukho enhliziyweni yakhe ukuba ahluphe noma abangele amadodana abantu usizi. +
ל [Lamed]
34 Ukunyathela komuntu zonke iziboshwa zasemhlabeni + ngaphansi kwezinyawo zakhe,
35 Ukungambonisi umuntu ubulungisa phambi koPhezukonke, +
36 Ukuphamba umuntu ecaleni lakhe lomthetho
—UJehova akazibekezeleli izinto ezinjalo.
מ [Mem]
37 Ngubani-ke ongakhuluma kwenzeke ngaphandle kokuba uJehova ekuyala?
38 Emlonyeni woPhezukonke,
Akuphumi izinto ezimbi nezinhle ndawonye.
39 Kungani umuntu* kufanele akhononde ngemiphumela yesono sakhe? +
נ [Nun]
40 Masihloleni izindlela zethu sizicubungule, + sibuyele kuJehova. +
41 Masincengeni uNkulunkulu emazulwini + ngenhliziyo engenabuzenzisi, siphakamise nezandla zethu, sithi:
42 “Sonile sadlubulunda, + wena awuzange usithethelele. +
ס [Samekh]
44 Uvimbile ngamafu ukuba kungasondelwa kuwe, ukuze umthandazo wethu ungadluli. +
45 Usenza sibe yimfucumfucu nezibi phakathi kwezizwe.”
פ [Pe]
46 Zonke izitha zethu zisenza inhlekisa. +
47 Sihlale sesaba sivalelekile, + sisele dengwane siyincithakalo. +
48 Amehlo ami ageleza imifudlana yamanzi ngenxa yokuphuka kwendodakazi yabantu bami. +
ע [Ayin]
49 Angiyeki ukukhala, angithuli, +
50 Kuze kube yilapho uJehova ebheka phansi futhi ebona esezulwini. +
51 Amehlo ami angilethele usizi, ngenxa yawo wonke amadodakazi edolobha lakithi. +
צ [Tsade]
52 Izitha zami zingizingele njengokungathi zizingela inyoni ngaphandle kwesizathu.
53 Zizame ukungibulala; zaqhubeka zingijikijela ngamatshe.
54 Amanzi ageleze phezu kwekhanda lami, ngathi: “Kuphelile ngami!”
ק [Qoph]
55 O Jehova, ngimemeze igama lakho ngiphansi emgodini. +
56 Yizwa izwi lami; ungayivali indlebe yakho lapho ngikhalela usizo, ukuze ngithole impumuzo.
57 Usondelile ngosuku engakubiza ngalo. Wathi: “Ungesabi.”
ר [Resh]
58 O Jehova, uye wangimela ecaleni lami, ukuhlengile ukuphila kwami. +
59 O Jehova, ukubonile okubi okwenziwe kimi; ngicela ungenzele ubulungisa. +
60 Uyibonile yonke impindiselo yabo, lonke uzungu abangakhele lona.
ש [Sin] noma [Shin]
61 O Jehova, ukuzwile ukukloloda kwabo, lonke uzungu abangakhele lona, +
62 Amazwi alabo abaphikisana nami nokungihleba kwabo usuku lonke.
63 Babheke; lapho behleli nalapho bemile, bangenza inhlekisa ngezingoma zabo!
ת [Taw]
64 O Jehova, uyobabuyisela ngokwezenzo zabo.
65 Uyobaqalekisa ngokubenza babe nenhliziyo elukhuni.
66 Uyobajaha uthukuthele, Jehova, ubaqothule emhlabeni.