IBhayibheli ImiBhalo Engcwele Jobe Okuphakathi UJOBE UHLU LOKUPHAKATHI 1 Ubuqotho nengcebo kaJobe (1-5) USathane ungabaza izisusa zikaJobe (6-12) UJobe ulahlekelwa impahla yakhe kanye nezingane (13-19) UJobe akamsoli uNkulunkulu (20-22) 2 USathane uphinde angabaze izisusa zikaJobe (1-5) USathane uyavunyelwa ukuba ashaye umzimba kaJobe ngamathumba (6-8) UmkaJobe uthi: “Thuka uNkulunkulu ufe!” (9, 10) Kufika abangani bakaJobe abathathu (11-13) 3 UJobe uqalekisa usuku azalwa ngalo (1-26) Ubuza ukuthi kungani ehlupheka (20, 21) 4 Inkulumo yokuqala ka-Elifazi (1-21) Uhlekisa ngobuqotho bukaJobe (7, 8) Ukhuluma ngomyalezo womoya (12-17) ‘UNkulunkulu akazethembi izinceku zakhe’ (18) 5 Inkulumo yokuqala ka-Elifazi iyaqhubeka (1-27) ‘UNkulunkulu ubamba abahlakaniphile ebuqilini babo’ (13) ‘UJobe akufanele enqabe isiyalo sikaNkulunkulu’ (17) 6 Impendulo kaJobe (1-30) Uthi unesizathu sokukhala (2-6) Abaduduzi bakhe bayakhohlisa (15-18) “Amazwi ashiwo ngobuqotho awabuhlungu!” (25) 7 Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-21) Ukuphila kunjengomsebenzi oyimpoqo (1, 2) “Kungani amagalelo akho uwabhekise kimi?” (20) 8 Inkulumo yokuqala kaBhilidadi (1-22) Uthi amadodana kaJobe onile (4) ‘Ukube ubumsulwa, uNkulunkulu ubeyokuvikela’ (6) Uthi uJobe akamesabi uNkulunkulu (13) 9 Impendulo kaJobe (1-35) Umuntu ofayo akanakuphikisana noNkulunkulu (2-4) ‘UNkulunkulu wenza izinto ezingaphenyeki’ (10) Umuntu akanakumelana noNkulunkulu (32) 10 Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-22) ‘Kungani uNkulunkulu elwa nami?’ (2) UNkulunkulu uqhathaniswa noJobe ofayo (4-12) ‘Sengathi ngingakhululeka’ (20) 11 Inkulumo yokuqala kaSofari (1-20) Usola uJobe ngenkulumo eyize (2, 3) Utshela uJobe ukuba adede kokubi (14) 12 Impendulo kaJobe (1-25) “Angikho ezingeni eliphansi kwelenu” (3) “Sengiyinhlekisa” (4) ‘UNkulunkulu uhlakaniphile’ (13) UNkulunkulu ungaphezu kwabahluleli namakhosi (17, 18) 13 Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-28) ‘Ngingancamela ukukhuluma noNkulunkulu’ (3) “Ningodokotela abangasizi ngalutho” (4) “Ngiyazi ukuthi ngimsulwa” (18) Ubuza ukuthi kungani uNkulunkulu embheka njengesitha (24) 14 Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-22) Umuntu uphila isikhashana futhi ugcwele izinkathazo (1) “Kukhona ithemba ngisho nangesihlahla” (7) “O ukube ubungangithukusa eThuneni!” (13) “Uma umuntu efa, angabuye aphile futhi?” (14) UNkulunkulu uyolangazelela umsebenzi wezandla zakhe (15) 15 Inkulumo yesibili ka-Elifazi (1-35) Uthi uJobe akamesabi uNkulunkulu (4) Uthi uJobe uyagabadela (7-9) ‘UNkulunkulu akanalo ukholo kwabangcwele bakhe’ (15) ‘Umuntu ohluphekayo mubi’ (20-24) 16 Impendulo kaJobe (1-22) “Ningabaduduzi abayinkathazo!” (2) Uthi uNkulunkulu umenza isisulu sakhe (12) 17 Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-16) “Ngizungezwe abahleki bosulu” (2) “Ungenze inhlekisa” (6) “IThuna liyoba ikhaya lami” (13) 18 Inkulumo yesibili kaBhilidadi (1-21) Uveza okwehlela izoni (5-20) Uthi uJobe akamazi uNkulunkulu (21) 19 Impendulo kaJobe (1-29) Wenqaba ukusolwa “abangani” bakhe (1-6) Uthi ulahliwe (13-19) “Umkhululi wami uyaphila” (25) 20 Inkulumo yesibili kaSofari (1-29) Uzizwa ehlazwe uJobe (2, 3) Uthi uJobe mubi (5) Uthi uJobe uyakujabulela ukona (12, 13) 21 Impendulo kaJobe (1-34) ‘Kungani ababi bechuma?’ (7-13) Udalula “abaduduzi” bakhe (27-34) 22 Inkulumo yesithathu ka-Elifazi (1-30) ‘Umuntu angamzuzisa yini uNkulunkulu?’ (2, 3) Usola uJobe ngobugovu nangokungabi nabulungisa (6-9) ‘Buyela kuNkulunkulu uvuselelwe’ (23) 23 Impendulo kaJobe (1-17) Ufuna ukwethula udaba lwakhe phambi kukaNkulunkulu (1-7) Uthi akamtholi uNkulunkulu (8, 9) ‘Ngihambe endleleni yakhe ngangaphambuka’ (11) 24 Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-25) ‘Kungani uNkulunkulu engalubeki usuku lwakhe lokwahlulela?’ (1) Uthi uNkulunkulu uvumela ububi (12) Izoni ziyabuthanda ubumnyama (13-17) 25 Inkulumo yesithathu kaBhilidadi (1-6) ‘Umuntu angaba kanjani msulwa phambi kukaNkulunkulu?’ (4) Uthi ubuqotho bomuntu buyize (5, 6) 26 Impendulo kaJobe (1-14) “Indlela enimsize ngayo ongenamandla!” (1-4) ‘UNkulunkulu ulengisa umhlaba phezu kweze’ (7) “Kumane kuyingxenye encane nje yemisebenzi yakhe” (14) 27 UJobe uzimisele ukugcina ubuqotho (1-23) ‘Ngeke ngibulahle ubuqotho bami’ (5) Abangemesabi uNkulunkulu abanathemba (8) “Kungani enikukhulumayo kuyize leze?” (12) Omubi ugcina engenalutho (13-23) 28 UJobe uqhathanisa ingcebo yomhlaba nokuhlakanipha (1-28) Imisebenzi yomuntu yasemayini (1-11) Ukuhlakanipha kuwedlula kude amapharele (18) Ukwesaba uJehova kuwukuhlakanipha kwangempela (28) 29 UJobe ukhumbula izinsuku ezimnandi ngaphambi kokuvivinywa kwakhe (1-25) Wayehlonishwa esangweni ledolobha (7-10) Inkambo yakhe edlule yobulungisa (11-17) Wonke umuntu wayesilalela iseluleko sakhe (21-23) 30 UJobe uchaza isimo sakhe esishintshile (1-31) Abangelusizo lwalutho bamenza inhlekisa (1-15) Kubonakala engalutholi usizo kuNkulunkulu (20, 21) “Isikhumba sami sesimnyama” (30) 31 UJobe uvikela ubuqotho bakhe (1-40) “Isivumelwano namehlo ami” (1) Ucela ukukalwa uNkulunkulu (6) Akasona isiphingi (9-12) Akayena umthandi wemali (24, 25) Akazikhonzi izithombe (26-28) 32 U-Elihu osemncane uqala ukuphawula (1-22) Uthukuthelele uJobe nabangani bakaJobe (2, 3) Ulinde ngenhlonipho ngaphambi kokuba akhulume (6, 7) Iminyaka nje iyodwa ayimenzi umuntu ahlakaniphe (9) U-Elihu ulangazelela ukukhuluma (18-20) 33 U-Elihu usola uJobe ngokuzibona elungile (1-33) Kutholakala isihlengo (24) Buyela ezinsukwini zobungqabavu bobusha bakho (25) 34 U-Elihu ulwela ubulungisa bukaNkulunkulu nezindlela zakhe (1-37) UJobe wathi uNkulunkulu umgodlele ubulungisa (5) UNkulunkulu weqiniso akalokothi enze okubi (10) UJobe untula ulwazi (35) 35 U-Elihu uveza ukucabanga kukaJobe okuyiphutha (1-16) UJobe uthe ulunge ngaphezu kukaNkulunkulu (2) UNkulunkulu uphakeme kakhulu, isono asimlimazi (5, 6) UJobe kufanele alinde uNkulunkulu (14) 36 U-Elihu ubabaza ubukhulu bukaNkulunkulu obungaphenyeki (1-33) Abalalelayo bayachuma; abangamesabi uNkulunkulu bayalahlwa (11-13) ‘Ukhona yini umfundisi onjengoNkulunkulu?’ (22) UJobe kufanele adumise uNkulunkulu (24) “UNkulunkulu mkhulu kunalokho esingase sikwazi” (26) UNkulunkulu ulawula imvula nombani (27-33) 37 Amandla emvelo embula ubukhulu bukaNkulunkulu (1-24) UNkulunkulu angayiqeda imisebenzi yomuntu (7) ‘Cabangisisa ngemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu’ (14) Abantu abanakumqonda uNkulunkulu (23) Akekho umuntu okufanele acabange ukuthi uhlakaniphile (24) 38 UJehova ufundisa umuntu ngokuba phansi kwakhe (1-41) ‘Wawukuphi lapho kudalwa umhlaba?’ (4-6) Amadodana kaNkulunkulu amemeza ehalalisa (7) Imibuzo ngezinqubo ezingokwemvelo (8-32) “Imithetho ebusa amazulu” (33) 39 Indalo eyizilwane ibonisa ukungazi komuntu (1-30) Izimbuzi zezintaba nenyamazane (1-4) Imbongolo yasendle (5-8) Inkunzi yasendle (9-12) Intshe (13-18) Ihhashi (19-25) Uheshe nokhozi (26-30) 40 Eminye imibuzo evela kuJehova (1-24) UJobe uyavuma ukuthi akanalutho azolusho (3-5) “Uyobungabaza yini ubulungisa bami?” (8) UNkulunkulu uchaza amandla kaBhehemoti (15-24) 41 UNkulunkulu uchaza uLeviyathani omangalisayo (1-34) 42 UJobe uphendula uJehova (1-6) Abangani abathathu bayalahlwa (7-9) UJehova ubuyisela uJobe ayenakho (10-17) Amadodana namadodakazi kaJobe (13-15)