uJobe
37 “Manje inhliziyo yami ishaya ngamandla,
Futhi iyagxuma endaweni yayo.
2 Kulaleleni ngokucophelela ukugwavuma kwezwi lakhe
Nokuduma okuphuma emlonyeni wakhe.
5 UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe + ngendlela emangalisayo;
Wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda. +
6 Ngoba uthi eqhweni, ‘Khithika emhlabeni,’ +
Nasemvuleni enkulu, ‘Yina ngamandla.’ +
7 UNkulunkulu uqeda yonke imisebenzi yabantu
Ukuze wonke umuntu ofayo awazi umsebenzi waKhe.
8 Izilwane zasendle zingena emigedeni yazo,
Zihlale kuyo.
11 Wenza amafu asindwe umswakama;
Umbani wakhe + uwusakaza emafwini;
12 Ayaphenduphenduka aye lapho ewaqondisa khona;
Enza noma yini awayala ukuba ayenze + emhlabeni.
13 Kungakhathaliseki ukuthi kungenjongo yokujezisa *+ noma yokunisela umhlaba
Noma ngenxa yothando oluqotho, ubangela ukuba kwenzeke. +
15 Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwalawula* kanjani amafu
Nokuthi uwenza kanjani umbani ukuba ubanike efwini lakhe?
16 Uyazi yini ukuthi amafu ama kanjani emoyeni? +
Lena imisebenzi emangalisayo yaLowo onolwazi oluphelele. +
19 Sitshele okufanele sikusho kuye;
Asikwazi ukuphendula ngoba sisebumnyameni.
20 Ngingamtshela yini uNkulunkulu ukuthi ngifuna ukukhuluma naye?
Noma ukhona yini umuntu osho okuthile okufanele kuxoxwe naye? +
21 Abakwazi nokubona ukukhanya,*
Nakuba kukhanya esibhakabhakeni,
Kuze kube yilapho kudlula umoya uphephule amafu.
23 Ngeke sikwazi ukuqonda uMninimandla Onke; +
Unamandla amakhulu, +
Futhi akalokothi ahlanekezele ubulungisa bakhe + nokulunga kwakhe okukhulu. +
24 Ngakho abantu kufanele bamesabe. +
Ngoba umelene nanoma ubani ocabanga ukuthi uhlakaniphile.” +