Umbono WeBhayibheli
Ububi—Ubani Onecala?
NJENGOBA engena ekhaya lakhe, ngokushesha waba nomuzwa wokuthi kukhona okwakungalungile. Ukubhekabheka kulo lonke ikhaya kwaqinisekisa izinsolo zakhe—ithelevishini, umsakazo oyistereo, izingubo ezithile, nezinye izinto kwakungekho. Wabe esefikelwa umcabango owethusayo, ‘Kuthiwani uma abagqekezi besengaphakathi endlini?’ Wabalekela ekhaya lakwamakhelwane ukuze abize amaphoyisa. Yebo, wayengesinye isisulu sobugebengu.
Uma wena ngokwakho ungakaze ugetshengwe, ngokunokwenzeka wazi othile oke wagetshengwa. Kuyisigcawu esidlalwa njalo emhlabeni wonke abadlali abangathandi. Ngokokunye ukuhlola okwenziwa iCommittee on Crime Prevention and Control ye-UN, izinga lobugebengu obubikwayo lenyuka ngokushesha okukhulu kunezomnotho zezizwe namanani abantu.
Abantu abaqotho nabanezinhliziyo ezithembekile kuyo yonke indawo bakhathazekile ngobugebengu, ukubulala okunyantisayo, ukungabikho kobulungisa, nokonakala okungcolisa izwe futhi baphela amandla ngokwesaba ubudlova obukuyo yonke indawo. Abaningi bayabuza, ‘Kungani uNkulunkulu engabuqedi?’
Umbuzo omuhle lowo, futhi iBhayibheli liyayinikeza impendulo. Nokho, ukuze siyiqonde impendulo, kubalulekile ukuthola umthombo, imbangela ewumsuka, yobubi.
UNkulunkulu Akanacala
“Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na?” kubuza umlobi weBhayibheli uPawulu. “Qha nakanye!” ephendula. (Roma 9:14) Kodwa abanye bangase babe nomuzwa wokuthi njengoba uNkulunkulu engumninimandla onke, unecala lakho konke okwenzekayo. Lokhu akunjalo. Cabangela lokhu: Umklami wezakhiwo uklama indlu enhle kodwa esebenzisekayo. Ikhono liphezulu kakhulu, nezinto zokwakha ezisetshenziswayo zingezingcono kakhulu. Nokho, abaqashi bayayona futhi bayisebenzise kabi lendlu. Ngokushesha idinga ukulungiswa okukhulu. Ngokuqinisekile uyavuma ukuthi abaqashi, hhayi umklami noma umakhi, abanecala lesimo esidabukisayo salesosakhiwo! Ngakho kungokufanayo ngesintu nangomhlaba namuhla. Njengoba uDuteronomi 32:4, 5 echaza, umsebenzi kaJehova uphelele. “Zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala.” Pho-ke, ubani onecala lezinkinga ezisemhlabeni namuhla?
Lombhalo uyaqhubeka: “Bonile . . . kuyisici sabo.” Ngempela, izinkathazo eziningi ezisemhlabeni namuhla ziwumphumela oqondile wobuthakathaka noma mhlawumbe, inkani yesintu ngokwaso. Nokho, kunomunye umthombo omkhulu ngokwengeziwe nembangela yobubi.
Imbangela Yangempela Iyembulwa
KusAmbulo 12:9, sifunda ukuthi uSathane uDeveli, “odukisa izwe lonke,” ulahlelwa phansi endaweni yasemhlabeni. Umphumela? Ivesi 12 lesahluko esifanayo liyaqhubeka: “Maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.” Ngakho nguye, iSitha esikhulu, obangela ukungabikho kobulungisa okugcwele emhlabeni. Yiqiniso, bakhona abantu ababambisene nemizamo yakhe; kodwa nguye ochazwe ‘njengombulali wabantu kwasekuqaleni.’ (Johane 8:44) ImiBhalo isibonisa ukuthi uSathane uDeveli uyimbangela engumsuka yezinkinga zesintu. Akayena unobangela nje kuphela kodwa uye waba umshoshozeli oqhubekayo wobubi, eqinisa imizamo yakhe ‘kulezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5, 13) Ngakho uJehova uNkulunkulu akayena unobangela wobubi. Kodwa ingabe unendaba kangangokuba angakuqeda ukuhlupheka kwesintu?
Ingabe UNkulunkulu Uyobuqeda Ububi?
Yebo, unendaba, futhi uzobuqeda ububi nokuhlupheka. UnguNkulunkulu wothando, futhi njengoBaba onothando, uyazazi futhi uyafuna ukuzanelisa izidingo nezifiso zabantwana bakhe. (IHubo 145:16; 1 Johane 4:8-10) Ukuthi uNkulunkulu akakakwenzi lokho akubonisi ukuthi akanandaba. Kunalokho, ukuzibamba nokubekezela kwakhe kuwubufakazi bokuba kwakhe umninimandla onke. Wazi isikhathi esingcono kakhulu sokuqeda lesimiso esibi sezinto, futhi ngesikhathi esifanele, uyokwenza lokho.
Lesimo singafaniswa nesikamama okhulelwe. Ngenkathi esakhathalele ukufika komntwana wakhe, uyazi ukuthi asikho isidingo sokukhungatheka ngokungadingekile. Uyaqonda ukuthi kuthatha isikhathi esithile ngomntwana osesibelethweni sakhe ukuba akhule ngokugcwele. Ngokungangabazeki, kuyoba nokukhathazeka nokungaphatheki kahle njengoba isikhathi siqhubeka, kodwa ukufika komntwana ophilile, okhule ngokugcwele, nofike ngesikhathi kwenza konke ukukhathazeka nokulinda kube okunomvuzo.
Kungokufanayo nangezwe elisha elikhazimulayo lokuthula elichazwe eBhayibhelini. Liyofika ngokushesha ngemva kokungenela koMbuso kaNkulunkulu ezindabeni zesintu, ususe izwe lamanje elingalungile. Khona-ke, bonke ububi buyoba into yesikhathi esidlule. Ukuhlupheka, ubuhlungu, ukugula, nokufa—zonke lezinto ziyobe zingasekho. (IsAmbulo 21:3, 4) Labo ababangela konke lokuhlupheka nabo bayoqedwa. USathane namademoni akhe, kanye nabantu abaye baba ingxenye yesimiso sakhe sezinto, bayobhujiswa.—Malaki 4:1; IsAmbulo 20:1-4.
Ngeke kusadingeka ngalabo abanjengowesifazane okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesihloko ukuba besabe ukufika ekhaya bebodwa. Njengoba yena nomyeni wakhe bekubeka: “Ngemva kokuba ikhaya lethu ligqekeziwe, safaka inhlaba-mkhosi. Sekudlule iminyakana manje kusukela sebelwa, ngakho asisakhathazekile kakhulu ngakho. Kodwa siyazi ukuthi kusesikhathini esizayo kuphela, ngaphansi kwelungiselelo loMbuso kaNkulunkulu, lapho siyojabulela khona ukuthula koqobo nokulondeka.”
Kuze kube yilapho lolosuku oseluseduze lufika, sidinga ukusebenzisa isikhathi esinaso manje ngokuhlakanipha. UPetru uthi sibheke ‘ukubekezela kweNkosi yethu njengokusindiswa.’ (2 Petru 3:15) Futhi nabanye bayothola insindiso, ngoba njengoba sitshela abantu ngalelithemba elimangalisayo, ‘siyozisindisa thina nalabo abasizwayo.’ (1 Thimothewu 4:16) Manje isikhathi sokuba sisebenzele ezimfanelweni eziyosenza uhlobo lwabantu abayophila kulelozwe elisha, lapho ububi buyoba into yesikhathi esidlule. (IHubo 37:9-11) Asidingi ukuhlola iBhayibheli ukuze sithole izimpendulo zemibuzo yethu kuphela kodwa futhi ukuze sithole isiqondiso esisidingayo sokuvumelanisa ukuphila kwethu nentando kaNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 28]
Doré’s illustration of Lucifer for Dante’s Divine Comedy