“Ngakhaliswa Injabulo”
Abafundi Balomagazini Bazwakalisa Ukwazisa Okujulile Ngesihloko Esithi “Ukwelapha Amanxeba Okuxhashazwa Kwabantwana”
UCHUNGECHUNGE lwamuva lwezihloko ebezikumagazini iPhaphama! lwashukumisa abafundi bawo abaningi emhlabeni wonke jikelele ukuba bazwakalise ukwazisa kwabo okujulile ngochungechunge lwesihloko sesembozo oluthi “Ukwelapha Amanxeba Okuxhashazwa Kwabantwana” kuyiPhaphama! kaOctober 8, 1991. Ukusabela kwabo kuye kwabonisa ukuthi lezihloko ezilungiselelwe kahle zayifeza injongo yazo, eyayikathathu: (1) ukunika izisulu ukuqondwa nethemba; (2) ukuxwayisa abazali ukuze baphaphamele ukulondeka kwabantwana babo; (3) ukusiza abadala abasiza izisulu zokuxhashazwa ukuba babe nokwaziswa okungcono ukuze bakwazi ukunikeza usizo oluphumelela kakhulu.—IzAga 21:13; qhathanisa no–27:23.
Isihloko esasiphindaphindwa abafundi abaningi ngokuvamile sasinalamazwi: “Bengilokhu ngikujabulela ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Nokho, ukwazisa kwami nothando ngoJehova ‘nenceku yakhe ethembekile neqondayo’ (Mathewu 24:45-47) kuye kwakhula ngokuphindwe kayikhulu ngemva kokufunda umagazini wePhaphama! kaOctober 8, 1991.”
“UJehova Uyaqonda Ngempela Futhi Ukhathalela Ngokujulile”
Inani elikhulu lazwakalisa ukubonga ngesici esibaluleke kakhulu salezihloko: ukuthi uNkulunkulu uyalalela, uyakhathalela, uyazi ukuthi isisulu sasingenacala, nokuthi anganika ukululama. Umfundi wesifazane uthi: “Ngibonga ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo ngePhaphama! kaOctober 8. Izihloko zenu zangisiza ngokungibonisa ukuthi uJehova uyaqonda ngempela futhi ukhathalela ngokujulile.”—Britain.
Owesifazane othile uyabhala: “Ezinyangeni ezithile ezedlule ngangifuna ukunicela ukuba nibhale ngendaba yokwelapha amanxeba okuxhashazwa kwabantwana. Angizange ngibhale kodwa kunalokho ngathandaza kuJehova ngakho. Khona-ke, ningacabanga ukuthi kungani ngajabula kangaka lapho ngibona isembozo sikamagazini kaOctober 8. Ngakhala izinyembezi, futhi ngabonga uNkulunkulu wethu onothando, uJehova, ngokusuka enhliziyweni.”—Greece.
Omunye wesifazane uthi: “Lapho ngicabanga ngalokho okwadingeka ngibhekane nakho, ngivele ngikhihle isililo. Yingakho nje ngiye ngafunda ngokunaka okukhethekile uchungechunge lwezihloko ezithi ‘Ukwelapha Amanxeba Okuxhashazwa Kwabantwana,’ engiye ngaluthola luwusizo kakhulu. Lubonisa ngokucacile ukuthi ninesithakazelo sothando kulabo okuye kwadingeka ukuba babhekane nezinto ezinjalo ekuphileni kwabo.”—Italy.
Abaningi bazwakalisa lombono: “Ngibonga uJehova ngokulungiselela lokhu kwaziswa, izihloko ezingcono kunazo zonke kwengake ngazifunda eziphathelene nalendaba. Ngithandazela ukuba lokhu kungasizi izisulu (abasinda) kuphela kodwa futhi kusize nalabo abaye baba nalokhu kwesaba okubi kokukhuluma ngalendaba futhi bakuthola kunzima ukukhuluma ngakho.”—United States.
“Nginomuzwa Wokuthi Manje Ukuphila Kunenjongo”
Owesifazane ondodakazi yakhe yaxhashazwa wayengakakwazi ngokomzwelo ukubhekana nenkinga yalokho kuxhashazwa. “Kodwa izihloko zenu zangibonisa indlela,” echaza. “Bengelashwa masonto onke izinyanga ezingu-11 ngelashelwa ukukhathazeka, ukuhlaselwa ukwethuka, nokucindezeleka. Lezo zihloko zangenzela okukhulu kunakho konke ukwelashwa okukhona emhlabeni! Manje nginomuzwa wokuthi ukuphila kunenjongo, kuyilapho ngaphambi kokufunda lomagazini, ngangisazizwa nginecala ngokuthile engangingenakukuvimbela.”—Britain.
Abaningi bathi lokhu kwaziswa kwaletha ushintsho ekuphileni kwabo: “Anginawo amazwi enele okunibonga ngalezihloko. Zafika ngesikhathi ngiphansi kakhulu ngokomzwelo kunazo zonke izikhathi engizikhumbulayo. Ngezinye izinsuku ngangigoqana futhi ngikhale. Ngosizo lwalezi zihloko engiye ngazifunda futhi ngaziphindaphinda, ngiyabona ukuthi ubuhlungu bami, nobabo bonke abanye, bubalulekile kuJehova nenhlangano yakhe. Lokhu kwaziswa kuye kwanginika isifiso sokuqala ukululama. Kakade sengizizwa ngiseduze kakhudlwana noJehova futhi.”—United States.
Kodwa ukuxhashazwa kwabantwana akuyona inkinga yaseNtshonalanga kuphela, njengoba lesibonelo sowesifazane sibonisa: “Ngesikhathi ngithola umagazini kaOctober 8 okhuluma ngokuxhashazwa kwabantwana, ngawufunda ngokushesha. Kwangithatha isikhathi eside kakhulu ukufunda lezihloko ngenxa yobunzima bokubona amagama ngamehlo ami anezinyembezi! Imizwa yami nemicabango yayilapha kanye kulezihloko. Manje ngizizwa ngijabula ngokuthi othile uyaqonda. Ngakhuthazwa ukubona indlela uJehova asiza ngayo abantu abanokuhlupheka okungabonakali kwabanye abantu. Ngibonga ngempela ngokuthi nanyathelisa lezihloko. Ukuze ngipholise amanxeba ami, ngizoqhubeka ngisebenzisa okubhalwe kulezihloko. Ngibonga ngothando nemizwa yokubonga amazwi angeke akwazi ukuyichaza.”—Japan.
Omunye wesifazane uyabhala: “Bengilokhu ngilwisana nemizwa yokuxhashazwa ngisengumntwana ukuphila kwami konke. Lapho ngithola umagazini kaOctober 8, ngabona ukuthi uJehova uyakwazi esikudingayo ngisho nangaphambi kokuba thina sazi nanokuthi usithanda ngempela. Ngangibona kalufifi ngenxa yezinyembezi ezazigeleza, futhi inhliziyo yami yazwakala sengathi izoqhuma ngenxa yothando nokwazisa ngoBaba wethu osezulwini. Lomagazini kaOctober 8 ungumagazini engiyowazisa ‘kuze kube yilapho izinto zokuqala zingasakhunjulwa, zingene enhliziyweni.’” (Isaya 65:17)—United States.
“Ngikhululiwe EJele!”
Owesifazane obekhathazeke kakhulu ukuphila kwakhe konke uyabhala: “Ngibonga kakhulu ngezihloko ezikhuluma ngokuxhashazwa kwabantwana. Ekugcineni, eminyakeni engu-53 ubudala, ngiye ngakhululwa ejele! Isihluthulelo sokungikhulula sasiwumusho obonisa ukuthi lezisulu ezisencane ‘azinamandla okuzivikela lapho zisongelwa, ngakho uNkulunkulu akazibeki icala.’” Ukufunda iPhaphama! kaOctober 8 nokuqonda njengoba umagazini washo ukuthi, “KWAKUNGELONA IPHUTHA LAKHO!” kwamsiza ukuba asebenzise umhlatshelo kaJesu wesihlengo ekuqaliseni inqubo yakhe yokululama.—Britain.
Omunye wesifazane uthi: “Kusukela ngisemncane kuze kube seminyakeni yokuqala esikoleni sabaqalayo, ngaxhashazwa ngobulili ngokuphindaphindiwe. Njengoba kushiwo kulezihloko, ngabaleka ngengqondo. Nokho, izinkumbulo zazilokhu zibuya. Ngaso sonke isikhathi ngiye ngacabanga: ‘Ngingumuntu ongcolile. UJehova ngeke angemukele.’ Ngakho umthandazo wami kuNkulunkulu ngaso sonke isikhathi uye waba ukuthi: ‘Ungase unganginiki indawo ePharadesi, kodwa okungenani ngicela ungivumele ngihlale enhlanganweni yakho ngize ngife.’ Lokhu kungenxa yokucabanga, njengalezo zisulu okukhulunywe ngazo ezihlokweni, ukuthi ‘angihlanzekile ngempela ngokwanele ukuba ngibe seMbusweni kaNkulunkulu’ nokuthi ukufa kwami kuyoba seArmagedoni. Kwakunjengokungathi imizwa yehlazo neyokuzizwa ungento yalutho yayingibulala. Ngakho-ke, okusezihlokweni, okwakufudumeza inhliziyo futhi kunomusa, kwangisiza kakhulu. Njengoba ngangizifunda, amehlo ami ayegeleza izinyembezi.”—Japan.
Omunye wesifazane uthi: “Ngifuna ukunibonga ngezihloko zenu ezinozwela nezicwaningwe kahle. Iminyaka eminingi, usizi lokuxhashazwa lwalwenze umonakalo omkhulu kimi ngokomzwelo. Kulula kwabaningi ukuba baqonde ukuhlukunyezwa nosizi lwempi nolubangwa ezombangazwe. Siyaziqonda izisulu zokuQothulwa Kwesizwe. Ububi obubangelwe abantu esingabazi bulula ukubamukela. Kepha kungani abanye bengaqondi lapho ababangeli bosizi kungobaba bethu siqu, omama, omalume, odadewethu, abafowethu—labo obekumelwe basiduduze, basinakekele, futhi basivikele? Ngiye ngabona izibazi zami siqu futhi ngazi ukuba ngokoqobo okubhubhisayo kokuphelelwa ithemba. Ekululameni kwami kuye kwaba uBaba wami ongokomoya, uJehova, lowo ngokuphindaphindiwe oye wangisimamisa, enza ukuba ngingabhubhi.”—United States.
“Ngokushesha Sengiyaphila!”
Owesifazane othi iminyaka emide engu-28 wayezizwa sengathi wayelahliwe wabhala: “Ngazifunda zonke izihloko ngobusuku engathola ngabo umagazini futhi ngakhala ngenxa yokuthi ngangithinteke kakhulu futhi ngijabulile. Ngijabula kakhulu ngokucabanga ukuthi uJehova uyiqonda ngokucace kangaka imizwa yami. Ngizizwa sengathi ngokushesha sengiyaphila! Ngenxa yokuthi lezihloko zigcizelela ukuthi abantwana abakuleso simo abanacala ngalokho okwenzekayo, ngiyaqaphela ukuthi anginaso neze isizathu sokuzisola. Ingqondo yami ngempela iye yathola impumuzo.” Inhliziyo yakhe yashukunyiselwa ukuba isabele ekuphulukiseni okuvela eZwini likaNkulunkulu.—Japan.
Ukudlwengulwa kwabantwana kuyinkinga nasemazweni asathuthuka, njengoba kufakazelwa ilokhu kusabela okufanayo kwaseAfrika: “Lezihloko zafika ngesikhathi engangizidinga ngaso kakhulu. Yeka ukuthi kwakukhulula kanjani ukufunda amazwi anjengathi, ‘qiniseka ngokuthi likhona ithemba, ukuthi ungalulama’ nokuthi, ‘KWAKUNGELONA IPHUTHA LAKHO!’ Njengoba ngangifunda lezihloko, ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami, ngazizwa ngilondeke ngempela futhi ngiduduzekile. Zaletha induduzo yangempela engqondweni yami, emphefumulweni, nasemzimbeni. Manje ngizoba namandla okuhamba endleleni eya ekululameni okuphelele.”—Nigeria.
Omunye uyabhala: “Amazwi ngeke akuchaze ngokwanele ukwazisa kwami nendlela engazizwa ngayo ngemva kokufunda iPhaphama! kaOctober 8 ekhuluma ngokuxhashazwa kwabantwana. Amehlo ami agcwala izinyembezi njengoba ngangifunda isigaba ngasinye, ikhasi ngalinye, nombhalo ngamunye. Kwakubhalwe ngendlela enokucabangela okukhulu, ubumnene, nothando. Njengesisulu, bengilokhu ngilwisana nemizwa yami nemizwelo. Manje nginomuzwa wokuthi umthwalo omkhulu wosizi ususiwe emahlombe ami. Ngosizo lwezihloko zenu nomngane othembekile, onesineke ongilalelayo futhi angisekele, sengingakuvumela ukululama kuqale.” UNkulunkulu womusa ongasifanele, ngenkonzo yobupristi beNdodana yakhe, wenza izisulu eziningi ezinjalo “ziqine” futhi “zibe namandla.” (1 Petru 5:6-11)—United States.
Omunye wesifazane oyisisulu sokudlwengulwa isihlobo wayekhathazeke kangangokuthi wazama ukuzibulala ngokushisa igalaji engaphakathi kulo. Wahlengwa futhi walaliswa esibhedlela. Ngokushesha lapho umagazini kaOctober 8 uphuma, wanikezwa ikhophi. Wakhala kamunyu lapho ewufunda, izihloko wazifunda ngokuphindaphindiwe ukuze athole ukusekela, okwamsiza ukuba anqobe ukuthambekela kwakhe ekuzibulaleni. Umngane wakhe owamsiza kakhulu wabhala: “Ngezinye izikhathi ngiyaye ngicabange ukuthi iPhaphama! kumelwe inikwe igama elisha elithi iCope [iBhekana Nezimo] ngoba yilokho ngempela esisiza ukuba sikwenze.”—United States.
“Abanye Bayakwazi Ukukhohlwa, Abanye Abakwazi”
Omunye umfundi onokwazisa uthi: “Izihloko ezimayelana nokuxhashazwa kwabantwana zinokulinganisela okukhulu. Ngiyayithanda imibhalo esetshenzisiwe. Lezihloko zibhalwe kahle kangangokuthi nginganitusa ngazo isigaba ngesigaba. Ngiyabonga ngokuthi nabonisa ukuthi nakuba abanye bengase bakhohlwe, abanye abanakukhohlwa. Iminyaka emithathu bengilokhu nginemifanekiso yezehlakalo zesikhathi esedlule engqondweni kanye nobuhlungu obungokwenyama obuhambisana nenkumbulo ngayinye. Kodwa kuye kwaba ngconywana ngokufunda ukubhekana nalemifanekiso. Ngiyaphinda ngiyanibonga ngochungechunge olulinganisela kahle kangaka.” (United States) Lezihloko ezingokomBhalo ziye zasisiza lesisulu, nezinye eziningi, ukuba ziphinde zithole injabulo emalungiselelweni kaJehova angokomoya.—Filipi 4:4-9.
“Sekuyiminyaka eminingi ngingumfundi kamagazini iPhaphama!” kubhala omunye wesifazane. “Nokho, angikaze ngithintwe isihloko kangaka kunangendlela engithintwe ngayo uchungechunge lukamagazini olunesihloko esithi ‘Ukwelapha Amanxeba Okuxhashazwa Kwabantwana.’ Lendaba iyindaba enzima, kodwa nayisingatha ngobuciko nomusa. Njengoba mina ngokwami ngaba umntwana oxhashaziwe, lwangisiza futhi lwangiduduza kakhulu. Ngizowulonda lomagazini ukuze ngiwufunde njalo ngokuphindaphindiwe. Ngempela anginakunibonga ngokwanele ngenxa yesikhathi, umzamo, ukuqonda, futhi ngaphezu kwakho konke uthando eniye nalubonisa kulabo abahlupheka buthule.”—United States.
Ukubhekana Nesimo Esingokoqobo
Lomagazini uye waba usizo kakhulu ezisulwini ezingakwazi ukukhohlwa ubugebengu obenziwa kuzo ukuba zinikwe ithuba lokukhuluma nomdala onozwela, zibhekane nenkinga ngendlela engokoqobo, ukubona indlela uJehova abheka ngayo indaba, nokuba zibhekane nakho ngokomBhalo ukuze ukuphulukiswa ngamandla omhlatshelo kaJesu kwenzeke. Ngokuphathelene nalokhu, owesifazane uthi:
“Anginakuyichaza indlela lezihloko ezifike ngesikhathi esiyiso ngayo. Angikholelwanga neze indlela ukwaziswa okwakushaya emhloleni ngayo. Ngiye ngahlushwa ukucindezeleka kanye nebulimia iminyaka engu-20, ngifuna usizo nezimpendulo kuzo zonke izindawo: odokotela bezifo zengqondo, izazi zokusebenza kwengqondo, odokotela bezokwelapha, ukwelashwa ngokweqembu, imithola-mpilo yokwehlisa isisindo—konke akuzange kungisize.
“Kodwa manje ngithola usizo ngokwaziswa okunjengalokho okutholakala kumagazini kaOctober 8. Kuyadingeka kakhulu. Anginawo amazwi enele okunitshela ngemizwa yokungabi nathemba engiba nayo ngezinye izikhathi, egubuzela kangangokuthi ukufa kungabonakala kuyimpumuzo. Kodwa manje sengiyabona ukuthi lokho okwenzeka kimi ngiseyingane kwakungelona iphutha lami, ukuthi uNkulunkulu akacabangi ukuthi ngingcolile. Ngangiyisisulu. Ngenxa yokwaziswa okunjengalokhu, ngiyabona ukuthi uJehova uyakhathalela, ukuthi ngingathembela kuye. Ngemva kweminyaka engu-33 yokuphila, ngizwa umoya kaJehova uqala ukuthukulula amaketanga obugqila. Ngiyabonga ngokusithanda kangangokuba nize nenze umzamo wento eyigugu njengalePhaphama! Sizani niqhubeke nikhipha izihloko zaloluhlobo nezinye, njengoba zibalulekile engokomoyeni lethu.”
Incwadi elandelayo evela kwenye indoda ifingqa umuzwa wabaningi. Iminyaka engaphezu kwengu-50 yayihlushwa usizi lokuxhashazwa isengumntwana. Ithi: “Ukunakekela kukaJehova kothando ngenhlangano yakhe yasemhlabeni akuyeki neze ukusimangaza futhi kusifake ugqozi lokuba sizinikele njalo ngokujulile kuye futhi simethembe. Ngemva kokufunda ngokucophelela ukwaziswa okukuyiPhaphama! kaOctober 8, 1991, okumayelana nokuxhashazwa kwabantwana, ngakhala izinyembezi zenjabulo futhi ngahubela uJehova ingoma emva kwenye, idwala nenqaba, isiphephelo sethu. Zikhipheni njalo lezo zihloko, bafowethu. UJehova unisebenzisa ngezindlela eningenakuzicabanga nokuzicabanga.”
Okuvela Kubabonisi
Okuthakazelisayo yilencwadi evela kumbonisi ojikelezayo oqondisa umsebenzi wamabandla amaningana oFakazi BakaJehova:
“Siyanibonga ngePhaphama! kaOctober 8 enesihloko esithi ‘Ukwelapha Amanxeba Okuxhashazwa Kwabantwana.’ Kwanikezwa ukwaziswa okuhle kakhulu esikudinga ngempela. Lezihloko zazishaya emhloleni ngempela. Ngiye ngaphawula ngokuphindaphindiwe ukuthi izisulu ziba nobunzima bokucabanga ngoJehova njengoBaba onothando. Lapho ngibona lobunzima, ngiyazibuza ngokuhlakanipha, ‘Ingabe wake waphathwa kabi ngesikhathi usengumntwana?’ Isikhathi esiningi, impendulo iba nguyebo! Kuzo zonke izehlakalo lapho umuntu ayekwazi ukubona ukuhlobana phakathi kokuxhashazwa nendlela ukucindezeleka nosizi anakho okubathinta ngayo, babeqala ukuthuthuka.”
Lokhu kukhulumela okwenziwa omunye kusonga indlela abadala abaningi abazizwa ngayo: “Umagazini kaOctober 8 omayelana nokuxhashazwa kwabantwana wawumuhle kakhulu futhi udingeka. Njengabadala emabandleni, sidinga ukwazi okuningi ngangokunokwenzeka ngalezinkinga ukuze sikwazi ukubonisa ukukhathalela nesineke izisulu ezikudingayo. Njengoba lesimiso siya siba sibi, izinkinga zaloluhlobo ziya ziba yinto evame kakhulu. Siyaphinda siyanibonga ngosizo enisinike lona.”
Kuye kwafudumeza izinhliziyo zethu ukuthola izincwadi ezinjengalezi. Zikuqonda ngokugcwele ukuthi ‘kwakungelona iphutha lazo,’ futhi nangenxa yamandla aguqulayo eZwi likaNkulunkulu, izisulu ezinjalo zokuxhashazwa kwabantwana ziyakwazi ukubhekana nezinkumbulo ezingajabulisi. Ziyajabula ngethemba elingaphambili, ziqiniseka ngokuthi ezweni elisha likaNkulunkulu, “izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.” (Isaya 65:17; Roma 12:12) Ngisho kwamanje, ngamandla elaphayo egazi likaJesu, zinokuma okumsulwa kuNkulunkulu. (Heberu 9:14) Futhi zidinga ukuphendukela kubadala ukuze zithole usizo. Labadala bangaba “yindawo yokucashela umoya” kulabo abaswele, bakhulume ngokududuzayo nabo futhi bathandaze nabo. (Isaya 32:2; 1 Thesalonika 5:14; Jakobe 5:14, 15) Khona-ke, izisulu zokuxhashazwa zingasizwa ukuba ziqhubekele phambili futhi zithole injabulo kuyo yonke imisebenzi yebandla lobuKristu.