Intsha Iyabuza . . .
Yini Engingayenza Ngomsebenzi Wesikole Omningi Kangaka?
“Umsebenzi wesikole owenzelwa ekhaya” uye waphawulwa njengenye yezimbangela zokucindezeleka ezivame kakhulu entsheni
“Uma ungahlelekile kahle, ulahlekelwa isikhathi esiningi unquma ukuthi yini ozoyenza ngokulandelayo”
‘ASINASO isikhathi esanele!’ Lakhononda kanjalo iqembu labafundi basesikoleni esiphakeme. Iyini imbangela yalenkinga? Izinto ezifunwa esikoleni kanye nomsebenzi wesikole owenzelwa ekhaya. “Isikole singena ngo-8:00 ekuseni futhi siphume ngo-5:30,” kusho uVéronique osemusha. “Lapho ngifika ekhaya, kusuke sekuwu-6:30. Kunzima. Abazali bacabanga ukuthi ukufunda isikole kuwukuphila okumnandi. Abaqondi ukuthi isikole senza ukhathale futhi ucindezeleke, bese kuthi lapho sifika ekhaya, nanku nomsebenzi wesikole.” USandrine oneminyaka engu-17 ubudala uyanezela: “Ngichitha amahora amabili kuya kwamathathu ubusuku ngabunye ngenza umsebenzi wami wesikole, kanye nangezimpelasonto.”
UVéronique noSandrine bahlala eFrance, lapho abafundi befunda khona amahora amaningi kunawo wonke eYurophu. Abafundi kwamanye amazwe amaningi nabo bazizwa becindezelekile, bekhungathekile, futhi bexakwe yizo zonke izinto okufanele bazenze ngesikhathi sabo. “Umsebenzi wesikole omningi kakhulu” uye waphawulwa njengenye yezimbangela zokucindezeleka ezivame kakhulu entsheni.
Njengoba kunzima ngokwengeziwe ukuthola umsebenzi ezingxenyeni eziningi zomhlaba, intsha eningi ibheka ukuthola imfundo ekahle njengokubalulekile ekusaseni layo emkhakheni wezemisebenzi. Njengoba uViolaine, umfundi wasesikoleni esiphakeme, ekubeka: “Amathuba okuthola umsebenzi ohloniphekile kuye kwaba nzima ukuwathola kangangokuba izingane namuhla ziyaqaphela ukuthi kunento eyodwa kuphela engenziwa—UKUFUNDA!”
Ingabe Isikhathi Asanele?
Nokho, labo abenza kahle esikoleni bayazi ukuthi kudinga isikhathi esiningi kanye namandla. Futhi uma ungumKristu osemusha, kunezinye izinto ezidinga isikhathi sakho: ukuba khona emihlanganweni yobuKristu, ukutadisha iBhayibheli, kanye nokuhlanganyela ukholo lwakho nabanye. (Johane 17:3; Roma 10:10; Heberu 10:24, 25) IBhayibheli liqhubeka lithi ‘kunesikhathi sokuhleka’ nesokujabula. (UmShumayeli 3:1, 4; 11:9) Njengentsha eningi, cishe ufuna ukuba nesikhathi esithile sokuzilibazisa nokuphumula. Kodwa kungabonakala sengathi umsebenzi wesikole ukushiya unesikhathi esincane sokwenza izinto okufanele uzifeze—esincane ngisho nokwenza izinto ongathanda ukuzenza.
Nokho, ngokuvamile inkinga ayikhona nje ukungabikho kwesikhathi. Ukuhlola kwamuva kwembula ukuthi ezimbili zezizathu ezinkulu ezenza abafundi besikole esiphakeme babe nezinkinga ngezifundo ‘kwakuwukusebenzisa kabi kwabo isikhathi’ kanye ‘nokungahleleki.’ Njengoba osemusha okuthiwa u-Olivier akuthola, ukungahleleki komuntu siqu kungathinta okungaphezu kwamamaki akho. Uthi: “Uma ungahlelekile kahle, ulahlekelwa isikhathi esiningi unquma ukuthi yini ozoyenza ngokulandelayo.” Khona-ke, ungazenza kanjani ukuba uhleleke?
Umbono Olinganiselayo Ngomsebenzi Wesikole
Okokuqala ngqá, kufanele ube nombono obanzi ngomsebenzi wakho wesikole. IBhayibheli lisitshela ukuba ‘siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10, NW) Futhi uma ucabanga ngakho, yini ngempela okufanele ibe ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho? Ingabe akufanele kube izibopho zakho ezingokomoya? Empeleni, uJesu watshela abalandeli bakhe: “Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.” (Mathewu 6:33) Lokho kusho ukunikeza imihlangano yobuKristu, umthandazo, ukutadisha, kanye nomsebenzi wokushumayela kwabanye indawo yokuqala.
Ingabe lokhu kusho ukuthi umsebenzi wesikole awubalulekile? Akunjalo neze. Kodwa njengomKristu, umgomo wakho ekuphishekeleni imfundo akufanele ube ukukuhlomisela umsebenzi othile wokuziphilisa. Kunalokho, kufanele kube ukufunda amakhono ayoba usizo kuwe emsebenzini wakho njengesikhonzi sikaNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, uzilungiselela ukuba ukwazi ukuhlala emsebenzini futhi uzondle wena, futhi mhlawumbe ngolunye usuku nomkhaya. (1 Thesalonika 4:11, 12; 1 Thimothewu 5:8) Ukukwazi lokhu kufanele kukusize ukuba wenze konke okusemandleni akho esikoleni. Ngesikhathi esifanayo, kufanele wenze imizamo efanele yokuzigcina uqinile ngokomoya.
‘Ukuthengisisa isikhathi’ sezibopho ezingokomoya, imisebenzi, ukuzilibazisa, kanye nomsebenzi wesikole, kungaba inselele yangempela, kodwa kungenziwa.—Efesu 5:15, 16.
Inzuzo Yokwenza Isimiso
Enye indlela yokuthengisisa isikhathi iwukungachithi isikhathi endleleni otadisha ngayo. Isahluko 18 sencwadi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo sinikeza ukusikisela okuningi okuwusizo.a Ngokwesibonelo, ingabe uke wazama ukwakha isimiso noma ukumisa isimiso sansuku zonke somsebenzi wesikole?—Qhathanisa neyabaseFilipi 3:16.
“Ngokungangabazeki inkinga evame kakhulu ekutadisheni,” kubhala uHarry Maddox encwadini yakhe ethi How to Study, “kuwukwehluleka ukwenza umsebenzi ohlala uyinqwaba.” Kuthiwani ngawe? Ingabe uyakuhlehlisa ukwenza umsebenzi wakho wesikole owenzelwa ekhaya kuze kube yilapho uzizwa usuthanda ukuwenza—noma lapho sekubonakala sengathi sekufaneleka kangcono? UmShumayeli 11:4 uyaxwayisa: “Oqaphela umoya akayikuhlwanyela; obheka amafu kayikuvuna.”
UHarry Maddox uyaqhubeka ephawula: “Kulula kabi ukuchitha isikhathi. Uma ungazibekeli isimiso samahora athile cishe isikhathi okumelwe utadishe ngaso uyosichithela ekubukeleni iT.V., ekufundeni umagazini, . . . noma ekwenzeni enye yalezozinto eziningi abafundi abangenakhono abahlala bekulungele ukuzenza kunokuba basebenze. Uma unesimiso futhi uzimisele ukunamathela kuso, sinalo lonke igunya okufanele lilalelwe, futhi ngokuhamba kwesikhathi ukunamathela kuso akudingi mzamo, futhi uqala ukusibheka njengesiyingxenye engokwemvelo yokuphila kwakho.”
Uma umsebenzi wakho wesikole uwusingatha ngendlela ehlelekile, ngokunokwenzeka uyoba nesikhathi esengeziwe. Ukuhlela kwakho okuhle kungakusiza futhi ukuba uvimbele ukungqubuzana phakathi kokuqeda izabelo zesikole kanye nokuhlangabezana nezibopho zakho zobuKristu, njengokuya emihlanganweni yebandla.
Hlela Isikhathi Sakho!
Kuthiwani ngezinye izinto ozifunayo nokudingeka ukuba uzifeze, njengemisebenzi yasekhaya? Nalapha futhi, ukuhleleka kuyisihluthulelo. Zama ukusebenzisa lokhu kusikisela okulandelayo:
Yiba nohlu lwezinto okufanele uzenze. Uchwepheshe wokusetshenziswa kwesikhathi uStephanie Winston utusa ukuba uhlale uphethe incwadi yokubhala engangena ephaketheni. Yisebenzisele ukubhala “yonke imiqondo, izabelo, izingcingo okufanele uzishaye, umsebenzi ohlongoza ukuwenza, umsebenzi owabelwe ukuwuqeda ngesikhathi esithile, noma indawo ethile okufanele uye kuyo—okuncane noma okukhulu, okungabalulekile nokubalulekile—kuye ngokuthi ikuphi okukhona.” Uma nje uqala ukulubheka, uhlu lwakho lungabonakala lukhungathekisa, kodwa ngokusebenzisa ukusikisela okulandelayo, ungalunciphisa lube isilinganiso esisingathekayo.
Bhala izinto ngokulandelana kokubaluleka kwazo. Lokhu kungakusiza ukuba ugxile ezintweni ezikudinga ngempela ukwenziwa. Ngesikhathi esifanayo, ungazikhipha izinto ezingase zikwazi ukulinda noma ongenaso nhlobo isikhathi sokuzenza.
Lungisa isimiso. Yebo, shintsha uhlu lwakho lube ukuhlelwa komsebenzi—isimiso esibhaliwe. Ikhalenda encane engangena ephaketheni, noma incwadi obhala kuyo izenzakalo zosuku (diary), kungakusiza kakhulu kulokhu. Kunokuba sinciphise inkululeko yakho, isimiso esinokulinganisela okuhle siyokwenza ukuba ukwazi ukusilawula kahle isikhathi sakho.
Yiba nombono ongokoqobo. Ngokuzama izindlela ezihlukahlukene, thola ukuthi isiphi isikhathi esingcono kakhulu sokwenza izinto ezithile. Ngokwesibonelo, ungase ukuthole kuyinzuzo ukuhlela ukuba izikhathi zokwenza umsebenzi wesikole owenzelwa ekhaya zisheshe ngangokunokwenzeka, lapho usuke usaphapheme ngokwengqondo.
Nokho, qaphela ukuthi akudingeki ukuba uhlele zonke izinto ozozenza ekuphileni kwakho. Gcina isimiso sakho sivumelana nezimo, sishiye isikhala sezinto ezingalindelekile nezingathuke zenzeka. Sishintshe kuye ngokwezidingo, kodwa namathela esimisweni sakho ngangokunokwenzeka. Phawula: Ngokuvamile kungcono kakhulu ukweqisa ekulinganiseleni kwakho isikhathi ozosidinga ekufezeni isabelo esithile. Ungashintsha noma nini uma usheshile ukusiqeda.
Zibekele imigomo yokuqeda ngesikhathi esithile. Lokhu kukusiza ukuba ugweme ukuthambekela kokulinda kuze kube umzuzu wokugcina ngaphambi kokuba wenze into ethile. Uma unomsebenzi wesikole okufanele uwenze, zama ukubeka usuku lokuwuqeda olungaphambili kakhulu kosuku ofuneka ngalo.
Ziqeqeshe ukuba unamathele esimisweni sakho. Kungaba okulingayo ukuya kubo kamngane kuyilapho kudingeka uhlale ekhaya ukuze utadishele ukuhlolwa kokuphela konyaka. Kodwa uma utshala kancane ekutadisheni, ungase uvune amamaki amancane kamuva. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 9:6.) Ngaphandle kwalokho, ngokuvamile uyosijabulela ngokwengeziwe isikhathi sakho sokuphumula uma usuwuqedile umsebenzi wakho. Isimiso esiwusizo siwukuthi, Izinto ezibalulekile azize kuqala, bese izinto zokuzijabulisa zize kamuva.
Ukwenza isimiso nokuzenza uhleleke kuyodinga isikhathi, isineke, kanye nokuziqeqesha okukhulu, kodwa amaKristu ayatshelwa ukuba azithibe kukho konke. (1 Korinte 9:25) Ukufunda ukunamathela esimisweni kuwumkhuba omuhle ekusebenziseni lesimiso. Imiphumela ingaba ukwaneliseka ngokufezile, ukulawula ukuphila kwakho ngokwengeziwe, kanye nokuba nesikhathi esengeziwe sokwenza izinto ofuna nokudingeka uzenze.
[Umbhalo waphansi]
a Ikhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 15]
Misa isimiso sokutadisha futhi unamathele kuso