Ake Sidle I-cassava!
Ngumlobeli we-Phaphama! eNigeria
EPHETHE ucelemba esandleni sakhe, uJanyere unqamula ensimini eyenile ye-cassava. Uthwele isigqoko sotshani esimvikela elangeni lasenkabazwe elikhipha umkhovu etsheni. Ekhetha isitshalo esingaba amamitha amathathu ubude, ubamba isiqu ngezandla zombili futhi asidonse ngesineke. Enhlabathini kuphuma izimpande nezigaxa. Uzinqamula ngocelemba wakhe bese ezibeka oqwembeni oluyisicaba kanye nezinye izigaxa asanda kuzisiphula. UNgozi, umkakhe, uqubula ipani, alithwale ekhanda, futhi bahambisane ukuya ekhaya.
Lenqubo elula yokuvuna ijwayelekile ezigidini eziningi kuzo zonke izindawo ezishisayo ezijabulela i-cassava njalo.a E-Afrika kuphela abantu abangaba yizigidi ezingu-200 bathembele kuyi-cassava ukuze bathole ngaphezu kwengxenye yama-kilojoule abawadla nsuku zonke. Futhi ukuthandwa kwayo kuyanda. Abanye ochwepheshe bathi ngonyaka ka-2000, inani labantu abathembele kuyi-cassava lingase liphinde kabili inani lalabo ababethembela kuyo maphakathi nawo-1980.
Ingabe wake wayidla i-cassava? Uma uhlala endaweni ethokomele yomhlaba, ungase uthi cha. Kodwa ungagomeli! Isitashi se-cassava siyisithako esibalulekile samasobho, imihluzi, ukudla kwabantwana, izinongo zenyama, imikhiqizo ye-tapioca, izithako zokushubisa ukudla, amaswidi, nesinkwa. Ngisho nenyama oyidlayo noma ubisi oluphuzayo kungenzeka luvela ezilwaneni ezidliswé impuphu ye-cassava njengengxenye yokudla kwazo.
Ngaphezu kokuba nengxenye embonini yezokudla, i-cassava iyasetshenziswa ekwenzeni izinto zokunamathisela, inhlaka, nopende.
Kulula Ukuyitshala
Kodwa kubantu abaningi base-Afrika, njengoJanyere noNgozi, i-cassava itshalelwa ukudliwa. Nakuba ingenawo amaprotheni amaningi, izigaxa zayo ezinkulu zinama-carbohydrate amaningi. Uma kuthathwa ikhilogremu ngalinye, i-cassava inama-kilojoule aphinda asemmbileni noma i-yam, ukudla kwase-Afrika okubili okulandelayo okuyinhloko, izikhathi ezingaphezu kwezimbili nengxenye. Amagatsha namacembe ayo amancane anempilo—anamavithamini, amaminerali, namaprotheni amaningi.
Esinye isici esenza ukuba i-cassava ibaluleke ukuthi kulula kakhulu ukuyitshala. Akudingekile ukulungiswa kakhulu kwendawo, ngaphandle kokususa izihlahlana nezithombo ezithandelayo nokuqikelela ukuthi kunokukhanya kwelanga. Lapho inhlabathi inomswakama, umlimi utshala iziqu ezincanyana ezisikiwe i-cassava ezomila kuzo. Ayidingi ukuhlakulelwa njalo, futhi idinga umquba, izibulala-sikhunta, noma izibulala-zinambuzane ezincane noma ayizidingi kwanhlobo. Ingase ivunwe futhi nganoma yisiphi isikhathi sonyaka.
I-cassava iqine ngokumangalisayo. Ikhula kahle enhlabathini enhle nembi. Ichuma endaweni esukela esilinganisweni sokuphakama kolwandle kuya ekuphakameni kwamamitha angu-2 000. Iyachuma ezindaweni ezinemvula eningi, kodwa iyathela futhi ezindaweni ezingenamvula izinyanga eziyisishiyagalolunye zonyaka. Ngisho noma ingase iqothulwe umlilo, i-cassava ihluma kabusha ezimpandeni zayo!
Ukuyilungiselela Kuwumsebenzi Onzima
Ngakho kusukela esikhathini etshalwa ngaso kuze kube sesivunweni, i-cassava ayinawo umsebenzi omkhulu. Nokho, lapho isivuniwe, umsebenzi wangempela uyaqala. Eqinisweni, umsebenzi ohilelekile kusukela ekuvuneni kuze kube yilapho isilungele ukudliwa ungase ulingane noma udlule yonke imisebenzi yangaphambi kokuvuna.
Lomsebenzi kumelwe uqaliswe ngokushesha. Ukube ubefuna, uJanyere ubengase agcine lezigaxa ze-cassava iminyaka engafinyelela kwemibili ngokumane nje azishiye zingathintiwe enhlabathini. Kodwa uma sezikhishiwe, lezigaxa kumelwe zilungiswe phakathi namahora angu-48 noma ziyoqala ukubola.
UNgozi ufuna ukwenza i-gari, intandokazi yabantu baseNigeria. Okokuqala ucwecwa le-cassava ngommese; bese eyigeza. Manje uNgozi noJanyere bayisa le-cassava ecwecwiwe kumngane wabo u-Alex onomshini wokugaya. Lomshini ugaya lezigaxa zibe yindaphundaphu. Lendaphundaphu ibe seyifakwa esakeni elimfomayo, bese uketshezi lukhishelwa esikhamweni sika-Alex.
Kodwa lomsebenzi awukapheli! Okulandelayo lendaphundaphu ye-cassava kumelwe yomiswe izinsuku ezimbalwa. Khona-ke uJanyere uyicwenga ngesisefo esenziwe nge-raffia. Ngemva kwalokho, uNgozi uyayithosa, eyiphenduphendula ngepuleti lokhuni ukuze ingashi. Le-cassava, lapho isikulelizinga lokulungiselelwa, isibizwa ngokuthi i-gari.
Nakuba uNgozi eye wakhetha indlela eyodwa kuphela kweziningi zokulungiselela i-cassava, i-cassava eningi e-Afrika ilungiselelwa abesifazane abahlala emaphandleni noma emakhaya. Akutuswa ukusebenzisa izindlela ezinqamulelayo, njengoba i-cassava inemithonseyana ye-cyanide, enoshevu oyingozi kakhulu kubantu nezilwane. Ukuyilungiselela ngokwanele kunciphisa izinga le-cyanide libe elilondekile.
Isikhathi Sokudla!
Manje, ekugcineni, sekuyisikhathi sokudla! I-gari, exutshwe nobisi lukakhukhunathi, yenza uphuthini owehla esiphundu. Ingenziwa futhi ibe amabhisikidi. Kodwa kunalokho uNgozi noJanyere bakhetha ukudla i-eba, eyenziwa ngokumane ubondele i-gari emanzini ashisayo.
Kulo lonke elase-Afrika izidlo ze-cassava ziningi njengamagama ezinikezwa wona. ECôte d’Ivoire iphakwa nenyama nemifino njenge-attieke. EGhana, i-cassava ehlanganiswe nenhlanzi noma isobho lamaqanda yenza isidlo esisodwa esibizwa ngokuthi i-garifoto. ETanzania, lapho ucela i-ugali, uyophiwa i-cassava (isanhlama eshubile) nesobho. ECameroon, abantu bathanda ukudla i-kumkum. Kanti eSierra Leone, ikakhulukazi ngeMigqibelo, abathandi be-cassava bafuna ukudla i-foofoo!
Kungakhathaliseki ukuthi uyibiza kanjani, i-cassava iyingxenye enkulu yokuphila kwase-Afrika. Eqinisweni, iyingxenye enkulu kangangokuthi abantu abaningi banomuzwa wokuthi uma bengazange badle i-cassava, ngisho nakuba bedle okuthile okuhlukile, abakadli lutho ngempela!
[Umbhalo waphansi]
a Ibizwa nangokuthi i-manioc, i-tapioca, nangokuthi i-yuca.
[Izithombe ekhasini 26]
Ukucwecwa nokugeza i-“cassava”
Ukuyigaya
Ukuyisefa
Ukuyithosa