Umbono WeBhayibheli
Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe—Kungenzeka Kanjani?
“NGIYAKUTHETHELELA UBUBI BABO, NESONO SABO ANGISAYIKUSIKHUMBULA.”—JEREMIYA 31:34.
LAWOMAZWI alotshwa umprofethi uJeremiya embula okuthile okuphawulekayo ngesihe sikaJehova: Lapho ethethelela, uyakhohlwa. (Isaya 43:25) IBhayibheli liqhubeka lithi: “Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kolose 3:13) Ngakho njengamaKristu kufanele silingise ukuthethelela kukaJehova.
Nokho, kuphakama imibuzo ethile ebalulekile. Lapho uJehova ethethelela, ingabe akabe esazikhumbula ngokoqobo izono zethu? Futhi lapho sithethelela, ingabe kumelwe sikhohlwe ngomqondo wokungakwazi ukukhumbula? Kungashiwo yini ukuthi ngaphandle kokuba sikhohlwe ngaleyondlela, asizange sithethelele ngempela?
Indlela UJehova Athethelela Ngayo
Ukuthethelela kuhilela ukuyeka ukucasuka. Lapho uJehova ethethelela, wenza kanjalo ngokuphelele.a Umhubi uDavide wabhala: “[UJehova] akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube-phakade. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.”—IHubo 103:9, 12, 13.
Ukuthi uNkulunkulu uthethelela ngokuphelele kuchazwa ngokuqhubekayo kuzEnzo 3:19: “Ngakho-ke, phendukani futhi niguquke ukuze kusulwe izono zenu.” Amazwi athi “kusulwe” avela esenzweni sesiGreki (e·xa·leiʹpho) esisho ukuthi “sula, susa.” (Bheka isAmbulo 7:17; 21:4.) I-New International Dictionary of New Testament Theology iyachaza: “Umqondo ovezwa yilesisenzo lapha futhi mhlawumbe nakwenye indawo cishe uwukwenza uqwembe lokulobela olwenziwe ngengcina lube bushelelezi ukuze luphinde lusetshenziswe ([qhathanisa] nokusula isikweleti).” Lapho siphenduka ezonweni zethu, uJehova uyalisula irekhodi. Ingabe lokho kusho ukuthi akabe esazikhumbula izono zethu? Ake sicabangele isibonelo esilotshwe eBhayibhelini.
Lapho iNkosi uDavide iphinga noBati-Sheba futhi kamuva izama ukukufihla ngokuhlela ukufa komyeni wakhe, uJehova wathumela umprofethi uNathani ukuba ayomsola uDavide. (2 Samuweli 11:1-17; 12:1-12) Kwaba namuphi umphumela? UDavide waphenduka ngobuqotho, futhi uJehova wamthethelela. (2 Samuweli 12:13; IHubo 32:1-5) Ingabe uJehova wazikhohlwa izono zikaDavide? Lutho neze! Kamuva abalobi beBhayibheli uGadi noNathani basibhala phansi sonke lesisenzakalo encwadini yesi-2 Samuweli (eyaqedwa cishe ngo-1040 B.C.E.) ngaphambi nje kokufa kukaDavide.
Ngakho umlando, noma inkumbulo, yezono zikaDavide—kanye nomlando wokuphenduka kwakhe nokuthethelelwa uJehova okwalandela—usakhumbuleka, ukuze kuzuze abafundi beBhayibheli kuze kube namuhla. (Roma 15:4; 1 Korinte 10:11) Eqinisweni, njengoba “izwi likaJehova [njengoba liseBhayibhelini] lihlala kuze kube phakade,” umlando wezono zikaDavide awusoze walibaleka!—1 Petru 1:25.
Khona-ke, kungashiwo kanjani ukuthi uJehova uyasisula isikweleti lapho siphenduka ngobuqotho ezonweni zethu? Singawaqonda kanjani amazwi kaJehova athi: “Ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula”? (Omalukeke sizenzele.)—Jeremiya 31:34.
Indlela UJehova Akhohlwa Ngayo
Isenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi “angisayikusikhumbula” (isimo selithi za·kharʹ) asisho ukukhumbula nje izinto ezenzeka esikhathini esidlule. Ngokwe-Theological Wordbook of the Old Testament, singasho ukuthi “khuluma, memezela, yisho ngekhanda, memezela obala, cela usizo, gubha isikhumbuzo, beka icala, vuma [isono].” I-Theological Dictionary of the Old Testament iyanezela: “Eqinisweni, ezikhathini eziningi, elithi [za·kharʹ] lisikisela isenzo noma livela lihlangene nezenzo zokuthatha isinyathelo.” Kanjalo, lapho uJehova ethi ngabantu bakhe abangalawuleki “uyakubukhumbula ububi babo,” usho ukuthi uyobathathela isinyathelo ngenxa yokungaphenduki kwabo. (Jeremiya 14:10) Ngokuphambene, lapho uJehova ethi, “Nesono sabo angisayikusikhumbula,” uyasiqinisekisa ukuthi lapho nje esesithethelele izono zethu, ngeke aphinde azivuse ukuze asibeke icala, asilahle, noma asijezise.
Ngomprofethi uHezekeli, uJehova wachaza umqondo athethelela futhi akhohlwe ngawo: “Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa. Iziphambeko zakhe, nesisodwa asenzileyo [ngeke zisakhunjulwa ngokumelene naye, NW], aphile ngokulunga akwenzileyo.” (Hezekeli 18:21, 22; 33:14-16) Yebo, lapho uJehova ethethelela isoni esiphendukile uyasisula isikweleti futhi akhohlwe ngomqondo wokuthi ngeke esamthathela isinyathelo lowomuntu esikhathini esizayo ngenxa yalezozono.—Roma 4:7, 8.
Njengoba singaphelele, ngeke nanini sikwazi ukuthethelela ngomqondo ophelele njengoba kwenza uJehova; imicabango nezindlela zakhe kuphakeme kunokwethu ngokungenamkhawulo. (Isaya 55:8, 9) Khona-ke, ngokunengqondo kungase kulindeleke ukuba sithethelele futhi sikhohlwe ngezinga elingakanani lapho abanye besona?
Indlela Esingathethelela Futhi Sikhohlwe Ngayo
“Nithethelelane ngokukhululekile,” kunxusa eyabase-Efesu 4:32. Ngokomlobi wezichazamazwi u-W. E. Vine, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘nithethelele ngokukhululekile’ (kha·riʹzo·mai) lisho “ukwenzela umusa ngokungenamibandela.” Lapho soniwé ngento encane, singase singabi nobunzima obukhulu ekuthetheleleni. Ukukhumbula ukuthi nathi asiphelele kusenza sikwazi ukucabangela ukushiyeka kwabanye. (Kolose 3:13) Lapho sithethelela, siyayeka ukucasuka, futhi ubuhlobo bethu nomuntu osonile bungase bungalimali phakade. Ngokuhamba kwesikhathi, cishe ukukhumbula noma ikuphi ukoniwa okuncane okunjalo kungase kushabalale.
Nokho, kuthiwani uma abanye besona ngendlela engathi sína kakhudlwana, besilimaza kakhulu? Ezimweni ezidlulele, njengobuhlobo bobulili phakathi kwezihlobo, ukudlwengulwa, nokuzama ukubulala, ukuthethelela kungase kuhilele ukucabangela izinto eziningana. Lokhu kungaba iqiniso ikakhulukazi lapho umuntu owonile engasivumi isono, engaphenduki, futhi engaxolisi.b (IzAga 28:13) UJehova ngokwakhe akabathetheleli abenzi bobubi abangaphenduki, nabalukhuni. (Heberu 6:4-6; 10:26) Lapho inxeba lijulile, singase singaphumeleli nanini ekukukhohlweni ngokuphelele okwenzeka. Nokho, isiqinisekiso sokuthi ezweni elisha elizayo, “izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni,” singasiduduza. (Isaya 65:17; IsAmbulo 21:4) Noma yini esiyoyikhumbula ngalesosikhathi ngeke isibangele ukulimala noma ubuhlungu obujulile esingase sibuzwe manje.
Kwezinye izimo kungase kudingeke ukuba sithathe isinyathelo esithile kuqala ukuze silungise izindaba, mhlawumbe ngokukhuluma nomuntu osonile, ngaphambi kokuba sikwazi ukuthethelela. (Efesu 4:26) Ngalendlela noma ikuphi ukungaqondani kungaxazululwa, kuxoliswe ngendlela efanele, futhi kuthethelelwane. Kuthiwani ngokukhohlwa? Singase singakwazi ukukukhohlwa ngokuphelele okwenziwa, kodwa singakhohlwa ngomqondo wokuthi singambambeli igqubu umuntu osonile noma siphinde sivuse lendaba esikhathini esithile esizayo. Asihlebi ngayo, futhi asimgwemi ngokuphelele umuntu osonile. Nokho, kungase kuthathe isikhathi esithile ukuvuselela ubuhlobo bethu nomuntu osonile, futhi singase singabe sisakujabulela ukusondelana njengakuqala.
Cabangela lomfanekiso: Ake sithi uthululela umngane omethembayo indaba yomuntu siqu, bese kamuva uthola ukuthi uyisakaze kwabanye, kukubangele ukudumala okukhulu noma kukuphathe kabuhlungu. Uya kuye ukuze nixoxe ngalendaba, futhi uzisola kakhulu; uyaxolisa futhi ucela ukuba umthethelele. Njengoba uzwa ukuxolisa kwakhe okuqotho, inhliziyo yakho ikushukumisela ukuba umthethelele. Ingabe ukukhohlwa kalula nje lokho okwenzekile? Cishe akunjalo; ngokungangabazeki uyoqaphela kakhulu ukumthululela isifuba esikhathini esizayo. Nakuba kunjalo uyamthethelela; awulokhu uyiphindaphinda naye lendaba ngokuqhubekayo. Awufukameli ukucasuka, futhi awuhlebi ngayo kwabanye. Ungase ungazizwa usondelene naye njengoba wawunjalo ngaphambili, kodwa usamthanda njengomfowenu ongumKristu.—Qhathanisa nezAga 20:19.
Nokho, kuthiwani uma naphezu kwemizamo yakho yokulungisa izindaba, umuntu okonile engalivumi iphutha lakhe bese exolisa? Ungamthethelela yini ngomqondo wokuyeka ukumcasukela? Ukuthethelela abanye akusho ukuthi siyakuyekelela noma sikwenza ize lokho abakwenzile. Ukucasuka kuwumthwalo osindayo ukuwuthwala; kungathumba imicabango yethu, kusiphuce ukuthula. Njengoba silindele ukuxolisa okungafiki, singase nje sikhungatheke ngokwengeziwe. Cishe sivumela lomuntu osonile ukuba alawule imizwelo yethu. Ngakho, kudingeka ukuba sithethelele abanye, noma siyeke ukubacasukela, hhayi ngokwenzuzo yabo kuphela kodwa nangokweyethu ukuze sikwazi ukuqhubeka siphila singaphazamiseki.
Ukuthethelela abanye akulula ngaso sonke isikhathi. Kodwa lapho kunokuphenduka okuqotho, singazama ukulingisa ukuthethelela kukaJehova. Lapho ethethelela abenzi bobubi abaphendukayo, uyayeka ukubacasukela—uyasisula isikweleti futhi akhohlwe ngokuthi ngeke amelane nabo ngenxa yalezozono esikhathini esizayo. Nathi singasebenzela ukuba siyeke ukucasuka lapho umuntu osonile ephenduka. Nokho, zingase zibe khona izimo lapho singenaso ngisho nesibopho sokuthethelela. Akukho sisulu sokuphathwa okungafanele noma okunonya ngokwedlulele okumelwe siphoqelelwe ukuba sithethelele umenzi wobubi ongaphenduki. (Qhathanisa neHubo 139:21, 22.) Kodwa ezimweni eziningi lapho abanye besona, singabathethelela ngomqondo wokuyeka ukubacasukela, futhi singakhohlwa ngomqondo wokuthi singamsoli umfowethu ngalendaba esikhathini esizayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: UNkulunkulu Uthethelela Ngokuphelele Kangakanani?” ku-Phaphama! ka-December 8, 1993, amakhasi 18-19.
b I-Insight on the Scriptures, Umqulu 1, ikhasi 862, ithi: “Akuyona imfuneko ukuba amaKristu athethelele labo abasenza umkhuba ngamabomu isono esibi, bengaphenduki. Abanjalo baba izitha zikaNkulunkulu.”—Inyatheliswe i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 9]
UJosefa nabafowabo