Imfundo Eletha Ukuphila
“IBhayibheli liyisiqondiso esiphakeme ekuphileni.”—UThomas Tiplady, ngo-1924.
AKULONA ihaba ukuthi imfundo esekelwe eBhayibhelini ingaguqula ukuphila. Iye yabalethela injongo nethemba labo abebephila benomuzwa wokuba yize nokuphelelwa yithemba. Umama ongayedwa wasezweni laseNamibia wabhalela igatsha loFakazi BakaJehova laseNingizimu Afrika:
“Ngineminyaka engu-29 ubudala, futhi ngafunda incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ngezinsuku nje ezimbili. Yangithinta ekujuleni kwenhliziyo ngenxa yokuthi ngibulawa yisizungu. Isoka lami lafa engozini yemoto langishiya nabantwana ababili. Sidl’ imbuya ngothi. Ngezinye izikhathi ngangivame ukucabanga ukuthi kungaba ngcono ukuba ngibabulale bese nami ngizibulala. Kodwa lapho ngithola le ncwadi, ngashintsha umqondo. Ngicela ningisize ngesifundo seBhayibheli samahhala.”
IBhayibheli liyincwadi yesiqondiso engasiza abantu ukuba baphumelele kuzo zonke izici zokuphila—ebuhlotsheni babo nomkhaya, nabantu abasebenza nabo kanye nabantu bomphakathi. (IHubo 19:7; 2 Thimothewu 3:16) Linikeza isiqondiso esinengqondo sendlela yokuphishekela okulungile nokugwema okubi. Liyincwadi ebhekana nezimo ezingokoqobo ekuphileni. Njengoba ulifunda, uyothola ukuthi liqukethe ukulandisa okuphathelene nabantu bangempela. Uyobona ukuthi yini éyenza ukuphila kwabanye kwajabulisa futhi kwavuza kanti okwabanye kwaba buhlungu futhi kwaba lusizi. Uyocacelwa ukuthi yiziphi izinto ezakhayo nezingakhi.
Imfundo Eletha Ukuphila Manje
IBhayibheli ligcizelela ukubaluleka kokuhlakanipha okusebenzayo. Lithi: “Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha.” (IzAga 4:7) Liyavuma futhi ukuthi abantu bavame ukuntula ukuhlakanipha, ngakho liyayala: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ecela kuNkulunkulu, ngoba unika bonke ngokuphana ngaphandle kokusola.”—Jakobe 1:5.
UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, uphana kanjani ngokuhlakanipha? Ukwenza ngeZwi lakhe, iBhayibheli, asikhuthaza ukuba silifunde. UNkulunkulu uyanxusa: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni . . . , khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha.” (IzAga 2:1, 2, 5, 6) Uma sisebenzisa iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu futhi sibona indlela esisebenza ngayo, siyaqaphela ukuthi ngempela linokuhlakanipha kwaphezulu.
Ngokwesibonelo, cabangela indaba yokubhekana nobumpofu. IBhayibheli litusa inkuthalo futhi lixwayisa ngeminako esaphaza ingcebo elinganiselwe. Ngakho, izinto ezinjengokubhema ugwayi nokuphuza ngokweqile ziphambene ngokucacile nezimiso zeBhayibheli.—IzAga 6:6-11; 10:26; 23:19-21; 2 Korinte 7:1.
Kuthiwani ngethonya labangane ekuphileni kwethu? IBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” (IzAga 13:20) Ingabe uqaphele ukuthi ithonya lontanga liye laholela abantu—abasha nabadala—ekudakweni, ekudleni izidakamizwa nasekuziphatheni okubi? Yebo, uma sijwayelene nabantu abenza izinto ezinjalo, siyoba njengabo, njengoba iBhayibheli lisho: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.”—1 Korinte 15:33.
Ngokuqinisekile, sonke siyafuna ukujabula. Kodwa kungenzeka kanjani lokho? Ingabe uqaphele ukuthi iBhayibheli lithi akuzona ngempela izinto ezingasenza sijabule, kodwa kunalokho, isimo sengqondo esihle nobuhlobo obakhayo, ikakhulukazi ubuhlobo noNkulunkulu? (1 Thimothewu 6:6-10) ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni edumile, uJesu Kristu wathi labo abajabula ngempela yilabo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya,” “abanomoya omnene,” ‘abomele ukulunga,’ “abanesihe,” “abahlanzekile enhliziyweni” kanye ‘nabanokuthula.”—Mathewu 5:1-9.
Uma uzindla ngezimfundiso zeBhayibheli, uyobona indlela ezingaqondisa ngayo ukuphila kwethu. Njengomthombo weseluleko, iBhayibheli liyingqayizivele. Iseluleko salo siyazuzisa njalo—alivezi nje imibono ecatshangelwe, futhi alisifaki neze engozini. Labo abasebenzisa lokho iBhayibheli elikuyalayo bayazuza ngaso sonke isikhathi.
Imfundo Eletha Ukuphila
Nokho, ngalé nje kokuba yinzuzo kithina kwamanje, iBhayibheli linikeza ithemba lokuphila esikhathini esizayo. Lilandisa ngokuhlanzwa okukhulu komhlaba nokuguqulwa kwawo ube yikhaya elihle lalabo abakhonza uNkulunkulu. Phawula lokhu kulandisa okujabulisayo okuphathelene nekusasa: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4; IzAga 2:21, 22.
Ake ucabange ngakho: Ziyobe zingasekho izingane ezigulayo, ingasekho indlala, zingasekho izifo ezisabekayo neziwohloza umzimba, bungasekho ubuhlungu obunjunjuthayo! Izinyembezi zokukhungatheka, zokudumala nosizi ziyophela, ngoba izimo ezibangela izinto ezinjalo ziyoguqulwa noma zisuswe. Njengoba abantu abakhetha ngamabomu ukuba babi beyobe sebebhujiswe amabutho kaNkulunkulu ayizingelosi, amasela, ababulali, abaqambi manga nabanye abenza ukuphila kungalondeki bayobe bengasekho. Abantu bayokwazi ukuba nemizi yabo bayijabulele ngokulondeka.—Isaya 25:8, 9; 33:24; 65:17-25.
Ingabe kuzwakala kukuhle lokhu? Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngendlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ukuze uzizuzise manje nasesikhathini esizayo? Uma kunjalo, siza uthintane noFakazi BakaJehova, futhi bayokujabulela ukukufaka wena nomkhaya wakho ohlelweni lwembulunga yonke “lwemfundo eletha ukuphila.”