Abantwana Abasebenzisa I-Internet—Lokho Abazali Abangakwenza
NJENGOMZALI, isiphi isimo esingakwethusa kakhulu—phakathi kokwazi ukuthi indodana noma indodakazi yakho inezikhiye zemoto yomkhaya noma ukwazi ukuthi isebenzisa i-Internet ngaphandle kokubekelwa imingcele? Zombili lezi zimo ziyingozi. Futhi zombili zidinga ukuhluzeka ngezinga elithile. Abazali abanakubanqabela unomphela abantwana babo ekushayeleni imoto, kodwa bangaqiniseka ukuthi babafundisa ukushayela ngokuphepha. Abazali abaningi bakubheka ngendlela efanayo ukusebenzisa i-Internet. Izimiso ezilandelayo zeBhayibheli zingasiza.
“Wonke umuntu onokuqonda uyokwenza ngolwazi.” (IzAga 13:16) Abazali abanabantwana abasebenzisa i-Internet kudingeka babe nolwazi oluyisisekelo lokuthi isebenza kanjani kanye nalokho abantwana babo abakwenzayo lapho bethumela imiyalezo bukhoma, behlola izingosi, noma benza ezinye izinto kuyi-Internet. UMarshay, umama wabantwana ababili, uthi: “Ungaphethi ngokuthi usukhule kakhulu noma awunakuyifunda ngoba awufundile. Yiba nolwazi ngobuchwepheshe bamuva.”
“Kufanele ufake umgoqo ophahleni lwakho [oluyisicaba], ukuze kungawi muntu kulo.” (Duteronomi 22:8, The Amplified Bible) Izinkampani ze-Internet kanye nezinhlelo zama-computer zingase zinikeze abazali izinhlelo zokulawula isimo ezisebenza “njengemigoqo” evimba imiyalezo engafanele nezingosi eziyingozi. Ezinye izinhlelo zingasiza nangokuvimbela izingane ekuvezeni imininingwane ephathelene nazo, njengamagama noma amakheli azo. Kodwa kufanele siqaphele ukuthi izinhlelo ezinjalo azisebenzi ngokuphelele. Futhi izingane eziningi esezikhulakhulile ezinolwazi lwama-computer ziyazi ukuthi zingayeqa kanjani leyo migoqo.
“Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Ucwaningo lwase-United Kingdom lwembula ukuthi osemusha oyedwa kwabahlanu oneminyaka ephakathi kwengu-9 nengu-19 une-Internet ekamelweni lakhe. Ukubeka i-computer endaweni ematasa kusiza abazali ukuba babe neso kokwenziwa abantwana babo kuyi-Internet futhi kungase kukhuthaze abantwana ukuba bagweme izingosi ezingafanele.
“Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.” (Efesu 5:15, 16) Nquma ukuthi abantwana bangayisebenzisa nini i-Internet, isikhathi eside kangakanani, nezingosi abangazivula nokungafanele bazivule. Xoxa nabantwana bakho ngeziqondiso zakho, futhi uqiniseke ukuthi bayaziqonda.
Yiqiniso, ngeke ukwazi ukubheka abantwana bakho uma bengekho ekhaya. Ngakho-ke, kubalulekile ukugxilisa izindinganiso ezifanele kubo ukuze bakwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile uma bengekho phambi kwakho.a (Filipi 2:12) Bachazele ngokucacile ukuthi iyoba yini imiphumela uma kwephulwa imithetho yakho ngokuphathelene ne-Internet. Yibe usuyisebenzisa leyo mithetho.
“[Umama okahle] uqapha okwenzekayo endlini yakhe.” (IzAga 31:27) Bheka indlela abantwana bakho abayisebenzisa ngayo i-Internet, futhi ubatshele ukuthi uzokubheka lokho abakwenzayo. Lokho akukhona ukuphazamisa ilungelo langasese. Khumbula, i-Internet iyinto yomphakathi. I-Federal Bureau of Investigation e-United States itusa ukuba abazali bahlole ama-akhawunti e-Internet abantwana babo nemiyalezo yabo noma nini kanye nezingosi ze-Internet abaye bazivakashela.
“Ikhono lokucabanga liyokuqapha, ukuqonda kuyokulonda, ukuze kukukhulule endleleni embi, kumuntu okhuluma izinto ezonakele.” (IzAga 2:11, 12) Ukuqapha nokulandelela lokho abantwana abakwenzayo kunokulinganiselwa. Izindinganiso ozifundisayo—kanye nesibonelo sakho—kuyofeza lukhulu ekuvikeleni abantwana bakho. Ngakho zinike isikhathi sokuxoxa nabo ngalokho okungase kwenzeke kuyi-Internet. Ukukhulumisana ngokukhululekile nabantwana bakho kuyisivikelo esingcono kakhulu ezingozini ze-Internet. UTom, ubaba ongumKristu, uthi: “Saxoxa nabo bobabili abafana bethu ngabantu ‘ababi’ abakuyi-Internet. Sabachazela nokuthi ziyini izithombe ezingcolile, kungani kufanele zigwenywe nokuthi kungani kungafanele balokothe baxhumane nabantu abangabazi.”
Ungabavikela Abantwana Bakho
Ukuvikela abantwana bakho ezingozini ze-Internet kudinga umzamo, futhi ukutholakala kolwazi ngemithombo ye-computer kushintsha njalo. Ubuchwepheshe obusha bungase bulethe izinzuzo eziyingqayizivele kanye nezingozi ezinkulu kubantwana. Abazali bangabalungiselela kanjani abantwana babo ukubhekana nezingozi zesikhathi esizayo? IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kuyisivikelo njengoba nje nemali iyisivikelo.”—UmShumayeli 7:12.
Siza abantwana bakho ukuba bahlakaniphe. Basize nokuba baqonde indlela yokugwema izingozi ze-Internet futhi bayisebenzise ngendlela efanele. Kanjalo, i-Internet ingaba ithuluzi elingeke lisongele ukuphepha kwabantwana bakho.
[Umbhalo waphansi]
a Abazali kufanele bakhumbule ukuthi intsha eningi ingayivula i-Internet komakhalekhukhwini, kweminye imishini ephathwayo, ngisho nakweminye yemidlalo yama-video.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
E-United Kingdom, intsha engamaphesenti angu-57 eneminyaka ephakathi kwengu-9 nengu-19 esebenzisa i-Internet masonto onke iye yazithela ezitho-mbeni ezingcolile; kodwa, abazali abangamaphesenti angu-16 kuphela aba-kholelwa ukuthi abantwana babo baye bazibona lezi zithombe kuyi-Internet
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Ochwepheshe bakholelwa ukuthi kungenzeka kunabanukubezi abangaba ngu-750 000 abasebenzisa i-Internet nsuku zonke, bengena ezingosini zayo zengevu nezokuqomisana
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
E-United States, intsha engamaphesenti angu-93 eneminyaka ephakathi kwengu-12 nengu-17 isebenzisa i-Internet
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Ungamfundisa yini umntanakho indlela efanele yokusebenzisa i-Internet?