Imfundo YeBhayibheli Ikhuthaza Ukufunda Nokubhala
“Ukuzifundela nokubhala kuyilungelo labantu, ithuluzi elibanika amandla nendlela yokuthuthukisa ukuphila nezimo zabo zenhlalo.”—UNESCO.a
IMIBIKO ibonisa ukuthi emhlabeni wonke kunabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-700 abaneminyaka esuka ku-15 kuye phezulu, abangakwazi ukufunda noma ukubhala. Ngenxa yalokho, abakwazi ukuzitholela ulwazi, oluhlanganisa imfundo emayelana nokuziphatha nokuba nobuhlobo noNkulunkulu ‘eyalotshelwa ukuba kufundiswe thina,’ etholakala eBhayibhelini. (Roma 15:4) Ngakho, emazweni amaningi, oFakazi BakaJehova bafundisa abantu iBhayibheli baphinde babafundise ukufunda nokubhala —konke lokhu bakwenza mahhala. Ingabe lolu hlelo luye lwaphumelela?
Cabanga ngomsebenzi woFakazi BakaJehova eMexico, okuyizwe elikhuluma iSpanishi ngokuyinhloko. Kusukela ngo-1946, oFakazi baye bafundisa abantu abangaphezu kuka-152 000 ukufunda nokubhala, kamuva iningi labo lafundisa abanye. OFakazi bathole izincwadi eziningi ezivela kuhulumeni ezibancoma ngomsebenzi abawenzayo. Enye yalezi zincwadi ithi: “UMnyango Wezemfundo uyawubona futhi uyawuncoma umsebenzi eniwenzayo, oweseka uhlelo lokuthuthukisa iMfundo Yabantu Abadala.”
Abasha nasebekhulile, bonke bazuzile kulolu hlelo. Ngokwesibonelo, uJosefina wayeneminyaka engu-101 lapho ebhalisa kuleli kilasi futhi waliphothula ngempumelelo ngemva kweminyaka emibili!
Nakuba ulimi oluyinhloko olukhulunywa eMexico kuyiSpanishi, amakilasi okufunda nokubhala akhona nangezinye izilimi. Ngo-2013, lolu hlelo lwafundisa amaqembu angu-8 ehlukahlukene abomdabu ukufunda nokubhala ngolimi abaluncela.
Ngempela, ukufunda nokubhala kuyigugu elenza abantu bakwazi ukufunda izinto eziningi. Kodwa ngaphezu kwakho konke, ukufunda nokubhala kwenza abantu bazo zonke izinhlobo bakwazi ukuzifundela iBhayibheli—incwadi ephefumulelwe uNkulunkulu engabakhulula ekugqilazweni izinkolelo-ze, inkolo yamanga nokuziphatha okulimazayo.—Johane 8:32.
a I-United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization.