ISIFUNDO 11
Indlela Ongazuza Ngayo Ngokugcwele Ekufundeni IBhayibheli
Wake wafuna ukuqala umsebenzi omkhulu kodwa wezwa sengathi ungaphezu kwamandla? Ukuze ungabi nzima kakhulu kungenzeka wawenza kancane kancane. Kunjalo nangokufunda iBhayibheli. Ungase uzibuze, ‘Ngingaqalaphi nje?’ Kulesi sifundo sizoxoxa ngezinto ezilula ongazenza, ezingakusiza ujabulele ukufunda nokutadisha iBhayibheli.
1. Kungani kufanele sifunde iBhayibheli njalo?
Umuntu olifunda njalo iBhayibheli, noma ‘umthetho kaJehova,’ uyojabula futhi aphumelele. (Funda iHubo 1:1-3.) Ungaqala ngokulifunda imizuzu embalwa njalo ngosuku. Njengoba uya ukujwayela ukufunda iZwi likaNkulunkulu uyokujabulela nakakhulu ukulifunda.
2. Yini ezokusiza uzuze ekufundeni iBhayibheli?
Ukuze sizuze ngokugcwele ekufundeni iBhayibheli kudingeka sime kancane sicabange ngalokho esisuke sikufunda. Kufanele silifunde futhi ‘sizindle ngalo.’ (Joshuwa 1:8, umbhalo waphansi) Njengoba ulifunda zibuze imibuzo enjengokuthi: ‘Lokhu kungifundisani ngoJehova uNkulunkulu? Ngingakusebenzisa kanjani lokhu ekuphileni kwami? Ngingabasiza kanjani abanye ngala mavesi?’
3. Ungasithola kanjani isikhathi sokufunda iBhayibheli?
Ingabe kunzima ukuthola isikhathi sokufunda iBhayibheli? Abanye bakuthola kunzima. Zama ‘ukusisebenzisa kahle isikhathi sakho.’ (Efesu 5:16) Lokho ungakwenza ngokubeka isikhathi esithile sokufunda iBhayibheli njalo ngosuku. Abanye abantu benza isikhathi sokufunda iBhayibheli ekuseni kakhulu. Abanye bakhetha ukulifunda phakathi nosuku, mhlawumbe ngesikhathi sekhefu. Kanti abanye balifunda ebusuku ngaphambi kokuba balale. Yisiphi isikhathi esingakulungela wena?
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi ungakujabulela kanjani ukufunda iBhayibheli. Bona ukuthi ungalungiselela kanjani ukuze uzuze esifundweni sakho seBhayibheli.
4. Funda ukuthi ungakujabulela kanjani ukufunda iBhayibheli
Kungase kungabi lula ukuqala ukufunda iBhayibheli. Kodwa ‘singakulangazelela’ ukulifunda, njengoba nomuntu engafunda ukuthanda ukudla angakaze akudle. Fundani eyoku-1 Petru 2:2, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Uma ufunda iBhayibheli nsuku zonke, ucabanga ukuthi ungakujabulela yini ukulifunda uze ufune ukufunda okwengeziwe?
Dlalani IVIDIYO ukuze ubone ukuthi yini eyenza abanye bagcine sebekujabulela ukufunda iBhayibheli. Ngemva kwalokho xoxani ngemibuzo elandelayo.
Kule vidiyo iziphi izinkinga laba abasha abazinqobile?
Yini eyabasiza banamathela emgomweni wabo wokufunda iBhayibheli?
Yini abayenza ukuze bakujabulele ukufunda iBhayibheli?
Amacebiso alandelayo angakusiza uqale ukufunda iBhayibheli:
Khetha iBhayibheli elinembile nelisebenzisa ulimi olulula. Zama iBhayibheli elithi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.
Qala ngokufunda izingxenye zeBhayibheli ocabanga ukuthi zingaba mnandi. Ukuze uthole amacebiso, bheka ishadi elithi “Qala Manje Ukufunda IBhayibheli.”
Maka lapho usufunde khona. Sebenzisa ishadi elikule ncwadi elithi “Maka Lokho Osukufundile EBhayibhelini.”
Sebenzisa i-app ye-JW Library®. Ungayisebenzisa ukuze ufunde futhi ulalele iBhayibheli noma ngabe ukuphi, usebenzisa ucingo noma omunye umshini.
Sebenzisa izithasiselo eziseBhayibhelini elithi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele. Zinamamephu, amashadi noHlu Lwezincazelo Zamagama AseBhayibhelini okungakusiza ukujabulele okufundayo.
5. Silungiselele isifundo sakho seBhayibheli
Fundani iHubo 119:34, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani kukuhle ukuba uthandaze ngaphambi kokufunda iBhayibheli, nangaphambi kokuba ulungiselele isifundo sakho seBhayibheli?
Yini engakusiza uzuze ngokugcwele esifundweni ngasinye? Lapho ulungiselela isifundo, zama ukwenza lokhu:
Funda izigaba ezingaphambi kwengxenye ethi “Funda Okwengeziwe.”
Vula imiBhalo uyifunde, bese uzama ukuthola ukuthi okufundile kuhlangana kanjani nezigaba.
Dwebela amagama aphendula umbuzo ngamunye; lokho kuzokusiza lapho senixoxa ngaleso sifundo nothisha wakho.
Ingabe bewazi?
OFakazi BakaJehova baye basebenzisa amaBhayibheli amaningi ahlukahlukene. Kodwa bathanda kakhulu elithi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele ngoba linembile, liqondakala kalula futhi lisebenzisa igama likaNkulunkulu.—Bheka isihloko esikuyi-Inthanethi esithi “Ingabe OFakazi BakaJehova BaneBhayibheli Labo?”
ABANYE ABANTU BATHI: “Ukufunda iBhayibheli kuwumsebenzi. Anginaso isikhathi noma umdlandla walo.”
Wena uzizwa kanjani?
UKUBUYEKEZA
Ukuze uzuze ekufundeni iBhayibheli yenza isikhathi sokulifunda, thandaza ukuze ukuqonde okufundayo bese ulungiselela nesifundo sakho seBhayibheli.
Ufundeni?
Yini engakusiza uzuze ngokugcwele lapho ufunda iBhayibheli?
Ungasithola nini isikhathi sokufunda nokutadisha iBhayibheli?
Kungani kukuhle ukuba ulungiselele isifundo sakho seBhayibheli?
HLOLA OKWENGEZIWE
Bheka amanye amacebiso angakusiza uzuze nakakhulu lapho ufunda iBhayibheli.
“Indlela Yokuzuza Ngokugcwele Lapho Ufunda IBhayibheli” (INqabayokulinda No. 1 2017)
Thola izindlela ezintathu zokufunda iBhayibheli.
Thola ukuthi ungakujabulela kanjani ukufunda iBhayibheli.
Thola amacebiso okutadisha kubantu asebeneminyaka eminingi belifunda iBhayibheli.