Ukuqondisisa Izindaba
Izibhedlela Zifuna OFakazi
Iphephandaba libika ukuthi izibhedlela ezimbalwa zaseCalifornia manje zifuna ngamandla iziguli ezingoFakazi BakaJehova. Ezinye izibhedlela bezingakuthandi ukuhlinza oFakazi BakaJehova ngoba bayenqaba ukumpontshelwa igazi ngenxa yezizathu ezingokwenkolo. Kungani umbono ushintshile? Ngenxa yokuthi ezomnotho zomsebenzi wezokwelapha zisenkathazweni, abaphathi babheka imithombo eyengeziwe yokuthola imali. Kodwa esinye isizathu sinikeziwe. “Intuthuko yamuva yezokwelapha ehlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi—amazwi asetshenziswayo ukuchaza ukuhlinza okungasebenzisi ukumpontshelwa igazi noma izingxenye zegazi—iyindlela engenangozi futhi eye yenza izibhedlela nodokotela abahilelekile bazimisele kakhulu ukuhlinza oFakazi,” kubika iDaily News of Van Nuys, California. “Izindlela eziningi zokuhlinza zingase zisetshenziswe ngaphandle kokusebenzisa igazi uma unakekela kakhulu futhi unesineke ngesiguli,” kuvuma udokotela omkhulu wokuhlinza uDr. Sheldon N. Lipshutz.
Nakuba oFakazi BakaJehova bevuma ezinye izindlela zokwelashwa ngaphandle kwegazi, njengosawoti oncibilikisiwe, bayenqaba ‘ukubekela eceleni ukholo lwabo nonembeza wabo omuhle’ ngenxa yokwelashwa okuphambene nomBhalo. (1 Thimothewu 1:19; IzEnzo 15:20) Baye bathola ukuthi ukulalela imithetho kaNkulunkulu futhi kunengqondo ngasohlangothini lwezokwelapha. Omunye umphathi wesibhedlela watshela iDaily News. “Eminyakeni eyishumi nesihlanu noma engama-20 edlule, ngangingabafuni (oFakazi) esibhedlela sami. Namuhla kunezimo eziningi lapho iAIDS nesifo sokusha kwesibindi zanda khona ngokumpontshelwa kwegazi kungasakhulunywa ngokufiseleka komkhuba wokumpontshelwa igazi. Umbono woFakazi BakaJehova uyaqhubeka unengqondo.”
Ukufunda Ukwenza Okuhle
Kungani abanye eJalimane yobuNazi bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze basindise noma basize abantu ababesengozini yokushushiswa noma yokufa lapho abanye okungenzeka babengase basize bengazange? UDr. Samuel Oliner, isazi sezokuhlalisana seYunivesithi Yombuso YaseHumboldt eArcata, eCalifornia, namalungu akanye naye, bazama ukukuthola. Kakade, kubika iThe New York Times, asebekutholile “kuyahlangana nolwazi lokuhlangenwe nakho abantu abanalo kusukela ebuntwaneni, bubonakala lubenza, eminyakeni eminingi kamuva, babe nokuthambekela okukhulu kunabanye kokusiza abasekuhluphekeni.”
Ovumelana nalokhu uErvin Staub, isazi sengqondo saseYunivesithi yaseMassachusetts. “Abazali abadlulisa ufuzo lokuzidela ngendlela ephumelelayo,” kusho uDr. Staub, “banikeza ukuqondisa okuqinile kubantwana babo. Nakuba bebanakekela ngothando, ababayekeleli. Basebenzisa izici zokuqina, zemfudumalo nezinengqondo. Babonisa abantwana imiphumela yokuziphatha okubi kwabanye—nokuziphatha okuhle. Futhi ngentshiseko baqondisa abantwana ukuba benze okuhle, bahlanganyele, ekubeni nosizo.”
Khona-ke, akumangalisi, ukuthi abazali bayayalwa ukuba bakhulise abantwana babo “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi [uJehova]” ngoba “owenza okuhle ungokaNkulunkulu.”—Efesu 6:4; 3 Johane 11.
Alikho “Iqiniso”?
UJesu kuJohane 8:32 wathi, “niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Nokho umkhuba okhulayo uwukucabanga ukuthi umgomo wokwazi iqiniso awunakufinyelelwa. Phawula amazwi ashiwo umbhishobhi uJohn S. Spong, njengoba acashunwe kuThe Sunday Star-Ledger of Newark, New Jersey: “Kumelwe . . . sehlukane nokucabanga ukuthi sineqiniso nokuthi abanye kumelwe bavumelane nathi ukuthi iqiniso eliyisisekelo lingaphezu kokuqonda kwethu sonke.” Wanezela: “Zonke izimfundiso ezingokwenkolo . . . zizungeza esiyingini okungekho muntu kithina ekugcineni ongathi ezakhe noma ongazizuza.” Ekhuluma emhlanganweni wabefundisi abathile abangaBabhishobhi namagosa angama-600, umbhishobhi wangabaza “amalungelo okuphatha, ayisiko lobuKristu.”
Kodwa uma “iqiniso eliyisisekelo” lingatholakali, kungani uJesu agcizelela ukuthi uNkulunkulu kumelwe akhulekelwe “ngomoya nangeqiniso”? Noma kungani aphawula ukuthi abafundi bakhe babeyoqondiswa “kulo lonke iqiniso”? (Johane 4:23, 24; 16:13) Futhi kungani umphostoli uPawulu aphawula ukuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuba abantu ngabanye kumelwe “bafinyelele ekulazini iqiniso”? (1 Thimothewu 2:3, 4) Noma kungani akhuluma ngezinye izimfundiso ‘eziphambene neqiniso’? (2 Thimothewu 2:18; 4:3, 4) Ngokuqinisekile, njengebandla lobuKristu lokuqala, iqembu labakhulekeli elineqiniso lingalindeleka ukuba libe khona namuhla.