Ukubonisa Ukwazisa Ngezenzo Ezimbili Ezinkulu Kakhulu Zothando
“Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.”—1 JOHANE 4:19.
1. Isiphi isibonelo uJesu asibekela sona?
SINGAKUBONISA kanjani kangcono kakhulu ukwazisa kwethu ngothando olukhulu uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abasibonisa lona? Indlela eyinhloko ingokulingisa uJesu, owalifakazela ngokungakhathali igama likaYise noMbuso. (1 Petru 2:21) Lokho wakwenza emakhaya, emasinagogeni, ethempelini, ezintabeni, nasogwini lolwandle. Ake sicabangele izindlela eziyisishiyagalolunye ezivelele ezingase zisivulekele.
Umsebenzi Wendlu Ngendlu
2. Ungabekezela kanjani emsebenzini wendlu ngendlu?
2 Indlela yokuqala, futhi mhlawumbe nevelele kakhulu esingabonisa ngayo uthando lwethu nokwazisa ingokuhamba indlu ngendlu nezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ukwenza kanjalo kudinga inkululeko yangempela yokukhuluma ngoba kuhlala kuhilela ukubhekana ngokuqondile nabanye, abaningi babo abasibheka njengesicefe. Kudinga uthando lwangempela ngoNkulunkulu nangomakhelwane ukuqhubeka sihamba indlu ngendlu, nakuba singahlangana nokunganaki, ukucasuka, ukweyisa, noma ukuphikiswa ngokuqondile.—Qhathanisa noHezekeli 3:7-9.
3. Isiphi isisekelo esingokomBhalo onaso ngomsebenzi wendlu ngendlu?
3 Umbhalo wamaVangeli weziyalezo zikaJesu kubaphostoli bakhe abayi-12, futhi kamuva kubavangeli abangama-70, ubonisa ngokucacile ukuthi babezohamba indlu ngendlu beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 10:5-14; Luka 10:1-7) KuzEnzo 20:20 uPawulu ukhuluma ngokuhamba kwakhe indlu ngendlu. Lawomazwi aye asetshenziselwa ekwenzeni kwakhe ukuhambela kokwalusa, kodwa ivesi 21 lisishiya singenakungabaza ngalokho okwakushiwo yilowomsebenzi, ngoba uPawulu uyanezela: “Ngifakaza kubaJuda nakumaGreki”—hhayi kubazalwane nodade abangamaKristu—“ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.” Lapho enza ukuhambela kokwalusa, ngokuvamile umdala akakhuthazi ‘ukuphendukela kuNkulunkulu nokholo kuJesu.’ Kunalokho, ukhuthaza amaKristu akanye nawo ukuba abe nokwazisa okwengeziwe ngemihlangano noma inkonzo, noma uwasiza ngezinkinga zomuntu siqu.
4. Yini esikhuthaza ukuba sihlanganyele ekushumayeleni endlini ngendlu?
4 Akukhona nje kuphela ukuthi kunesisekelo esizwakalayo esingokomBhalo sokuhamba kwethu indlu ngendlu kodwa izithelo zalowomsebenzi zibonisa ukuthi isibusiso sikaJehova siphezu kwawo. Yebo, “ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho.” (Mathewu 11:19) Ngokuvamile, labo abahamba indlu ngendlu baye babona ubufakazi besiqondiso sezingelosi esibaholela kulabo abalambele nabomele ukulunga. Umninikhaya uye wathi kade ethandazela usizo futhi ukuvakasha kukaFakazi kuphendule lowomthandazo.
5. Iyiphi incwadi enhle esinayo yenkonzo yethu yendlu ngendlu, futhi ingasisiza ngaziphi izindlela ezihlukahlukene?
5 Yeka usizo olukhulu lwenkonzo yasensimini esinalo ngencwadi Ukubonisana NgemiBhalo! Iphethe izingeniso eziningi ezikhangayo zezingxoxo zeBhayibheli kanye nokwaziswa okuwusizo ngezindaba eziningi ezingokomBhalo noma ezingokwenkolo. Ngakho ungayiphathi nje kuphela kodwa bhekisela kuyo njalo. Amaphayona ngokukhethekile aye abonisa ukwazisa okukhulu ngale ncwadi ewusizo yenkonzo yasensimini. Ungakubonisa yini ukwazisa kwakho ngothando lukaNkulunkulu ngokusebenzisa lencwadi ngokugcwele ngokwengeziwe nangokuphumelela ngokwengeziwe?
6. Iyiphi inzuzo yomuntu siqu esiba sethubeni lokuyithola ngokuhamba indlu ngendlu nesigijimi soMbuso?
6 Akumelwe silibhekele phansi iqiniso lokuthi thina ngabanye sizuza kakhulu ngokuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu. Njengoba thina maKristu senza ngokuvumelana nokholo lwethu, luqina ngokwengeziwe; njengoba sikhuluma ngokuqiniseka, kuyaqina. Asinakubatshela abanye ngethemba lethu ngaphandle kokuba ithemba lethu siqu liqhame ngokwengeziwe. Akukho lutho olufana nokuhlanganyela njalo enkonzweni yendlu ngendlu ukuze sihlakulele izithelo zomoya ezikwabaseGalathiya 5:22, 23. Kumelwe kube njalo nje, ngoba iBhayibheli liyasiqinisekisa: “Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.”—IzAga 11:25.
Ukwenza Izimpindelo
7, 8. Kungenxa yaziphi izizathu ezinengqondo neziwusizo kumelwe senze izimpindelo?
7 Indlela yesibili yokuba sisabele othandweni uNkulunkulu noKristu abaye basibonisa lona ingokwenza izimpindelo kubantu ababonisa isithakazelo esigijimini soMbuso esikhathini esingaphambili. UPawulu noBarnaba babebakhathalela labo ababeshumayele kubo. (IzEnzo 15:36) Eqinisweni, ukuvumelana nesikushoyo kudinga ukuba senze izimpindelo. Lapho sifakaza endlini ngendlu, ngokwethukela, noma emigwaqweni, sifuna labo “abakhathalela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3, NW) Ngokusobala, ukubapha, ngomqondo ongokomfanekiso, ingilazi eyodwa yamanzi angokomoya noma ucezu olulodwa lwesinkwa esingokomoya akwanele neze. Ukuze bahambe endleleni eya ekuphileni, badinga usizo olwengeziwe.
8 Imizamo yethu yokuqala ingase ifaniswe nokutshala izimbewu zeqiniso. Kodwa njengoba umphostoli uPawulu abonisa kweyoku-1 Korinte 3:6, 7, kudingeka okwengeziwe. Kwakunganele ukuthi watshala, izimbewu zazidinga futhi amanzi, njengoba uApholo awafaka. Khona-ke kwakuyolindeleka ukuba uNkulunkulu akhulise. Abanye abasinaki lesici somsebenzi, nokho abanye basibheka njengesici esilula kakhulu ngempela senkonzo yobuKristu. Ngani? Ngoba abantu esibahambelayo sebeke basibonisa kakade isithakazelo.
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya
9. Kungani ukuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya kumelwe kube umgomo wakho?
9 Lapho izimpindelo zenziwa njalo kubantu ababonise isithakazelo esigijimini soMbuso, ngokuvamile umphumela uba isifundo seBhayibheli sasekhaya—okuyindlela yesithathu esingabonisa ngayo ukwazisa kwethu. Ngempela kungaba isici esijabulisa kakhulu nesivuza kakhulu senkonzo yethu. Ngani? Nokho, yeka injabulo okuyiyo ukubona abantu bekhula olwazini nasekwaziseni amaqiniso eBhayibheli, ukubabona benza izinguquko ekuphileni kwabo, nokubasiza baze bazinikezele ekwenzeni intando kaNkulunkulu futhi babhapathizwe! Ngempela labo bangabhekwa njengabantwana bethu abangokomoya futhi thina njengabazali babo abangokomoya.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 4:14, 15; 1 Petru 5:13.
10. Isiphi isibonelo esibonisa ukubaluleka kokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya?
10 Cabangela lesibonelo. Isithunywa sevangeli esasihamba indlu ngendlu esiqhingini saseCaribbean sahlangana nombhangqwana ongamahippie omuzi wawo wawungacocekile futhi ungahlelekile. Nokho wabonisa isithakazelo. Kwahanjiswa incwadi yokutadisha iBhayibheli, futhi kwaqaliswa isifundo seBhayibheli sasekhaya nalombhangqwana, owawungashadile nakuba wawunabantwana abaningi. Njengoba isifundo sasiqhubeka, ikhaya laqala ukubukeka kahle ngokwengeziwe ngokufanayo nombhangqwana nabantwana bawo. Ngokushesha lombhangqwana wacela isithunywa sevangeli ukuba siwushadise, okwakuzovula indlela yokuba ubhapathizwe. Khona-ke ngolunye usuku lomzalwane omusha waveza ngenjabulo ilayisense yakhe yokushayela imoto, eyokuqala ngqa ayithola. Yebo, ngaphambi kokuba omunye woFakazi BakaJehova, wayengazange asibone isidingo sokuthola ilayisense yomshado noma ilayisense yokushayela, kodwa manje wayeselalela kokubili imithetho kaNkulunkulu nekakesari.
Ukufakaza Emigwaqweni
11, 12. (a) Isiphi isikhuthazo esingokomBhalo esinaso sokuhlanganyela ekufakazeni emgwaqweni? (b) Iziphi izizathu esinazo zokwenza kanjalo?
11 Indlela yesine esingabonisa ngayo ukwazisa kwethu ngalokho uNkulunkulu noKristu abaye basenzela khona ingokufakaza emigwaqweni. Lapho siba nengxenye, sisiza ekugcwaliseni izAga 1:20, 21 ngendlela engokoqobo: “Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni, kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini; emashashalazini emigwaqo kuyaduma; ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma.”
12 Kunezizathu ezinhle eziningi kakhulu zokuba sihlanganyele njalo kulesici sokushumayela ngoMbuso. Ezindaweni eziningi, kunzima kakhulu ukuthola abantu ekhaya. Mhlawumbe basuke besohlotsheni oluthile lokuzilibazisa, ukuthenga, noma ukusebenza. Futhi, abantu abaningi bahlala ezakhiweni noma ezindaweni okungangenwa kuzo, kungasaphathwa labo abahlala emahositela. Kodwa ngokuvamile kunabantu ababonakala emigwaqweni.
13. Ukufakaza emigwaqweni kungaba namiphi imiphumela? Bonisa.
13 Njengamanje omunye umdala waseUnited States uqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezine nabantu abathola okokuqala emsebenzini wokufakaza emigwaqweni. Yebo, akami nje athule (nakuba umthetho kwamanye amazwe uvumela lokho kuphela). Kunalokho, emamatheka ngobungane nangezwi lomusa, uya kubantu abamile, abalinde ibhasi, noma abazihambelayo nje. ‘Ukukhuluma kwakhe kunomusa, kuyolisiwe ngosawoti,’ futhi usebenzisa ukuqonda ngendlela yokukhuluma nomuntu ngamunye. (Kolose 4:5, 6; 1 Petru 3:15) Akukhona nje kuphela ukuthi uye wathola izifundo zeBhayibheli zasekhaya ngokufakaza okunjalo emigwaqweni kodwa futhi uphumelela kakhulu ekuhambiseni izincwadi kwabaningi. Yebo, ngokugqoka kahle nangokumamatheka kobungane kanye nenkululeko yokukhuluma, ungaphumelela kakhulu ekufakazeni emigwaqweni. Eqinisweni, muva nje oFakazi abayisihlanu bahambisa izincwadi ezingaphezu kwama-30 ezithi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? ezindaweni zezitolo zomphakathi. Izincwadi eziningi zathathwa abantu ababehleli ezimotweni zabo.
Ukufakaza Ngokwethukela
14. Kusobala kanjani ukubaluleka kokufakaza ngokwethukela?
14 Indlela yesihlanu yokuba sibonise ukwazisa ngothando olukhulu uNkulunkulu noKristu abaye basibonisa lona ingokufakaza ngokwethukela. Yeka indlela lokhu ngokuvamile okuye kwaphumelela ngayo, kokubili ekutholeni abantu abalambele nabomele ukulunga nasekuhambiseni izincwadi! Ngokuqinisekile ku ngenye indlela esingalalela ngayo iseluleko esitholakala kwabase-Efesu 5:15, 16, ‘sokuthengisisa isikhathi.’ Isithunywa sevangeli saqalisa ingxoxo nesasigibele naye etekisini. Lendoda yabonisa isithakazelo. Kwenziwa izimpindelo futhi kwaqaliswa isifundo seBhayibheli. Namuhla leyondoda ingumdala ongumKristu. Kwenye indawo umdala waqalisa ingxoxo nowesifazane okwatholakala ukuthi wayeshintsha inkolo ukuze ashade nomJ uda. Wafuna ukwazi ukuthi ubani oza kuqala, uMose, uNowa, uDavide, njalonjalo. Wamtshela ukuthi ayekudinga kukulencwadi yeZindaba ZeBhayibheli, ebeka izenzakalo zeBhayibheli ngokulandelana kwazo. Nakuba ayengumuntu ayeqala ngqá ukumbona, owesifazane wamnikeza kalula igama lakhe nekheli nomnikelo odingekayo ukuze amthumelele incwadi.
15. Yini ezosisiza ukuba siqaphele amathuba okufakaza ngokwethukela?
15 Ngezinye izikhathi, ngenxa yokwesaba ukuthi singase sichithwe, singase singabaze ukuqalisa ingxoxo nothile esigibele naye. Nokho, yeka indlela ngokuvamile esivuzwa ngayo ngokucebile uma siqunga isibindi sokwenza kanjalo! Ukuqaphela ubuhle bukaNkulunkulu ne sidingo sabantu kuyosisiza ukuba sibe nesibindi esidingekayo. Yebo, khumbula ukuthi “uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.”-2 Thimothewu 1:7.
Ukwamukela Izihambi
16. Kungani kumelwe siqaphele ukubona izivakashi ezivakashele iHholo lethu LoMbuso?
16 Indlela yesithupha esingabonisa ngayo ukubonga kwethu kuNkulunkulu nakuKristu ingokwamukela izihambi ezifika eHholo lethu LoMbuso. Uthando ngomakhelwane kumelwe lusenze siqaphele noma isiphi isihambi esivakashela indawo yethu yokukhulekela. Masilwele ukusenza sizi zwe sikhululekile, sizizwe siphakathi kwabangane abanesithakazelo esiqotho enhlalakahleni yaso engokomoya. Mhlawumbe, okuthile okungaphezu kwesifiso nje sokufuna ukwazi okusilethe lapho. Kungenzeka ukuthi silambele futhi somele ngempela ukulunga. Ukukhathalela kwethu okuqotho ngaso kungase kuphumele ekuqaliseni kwethu isifundo seBhayibheli sasekhaya, sisifake endleleni eya ekuphileni. (Mathewu 5:3, 6; 7:13, 14) Eqinisweni, yona kanye lento iye yenzeka izikhathi eziningi. Isithunywa sevangeli sekilasi lokuqala leWatchtower Bible School of Gilead saphawula ukuthi abafundi baso ababili abathembisa kakhulu beBhayibheli yilabo esababona okokuqala eHholo LoMbuso.
Ukufakaza Ngokubhala Izincwadi
17. Ukufakaza ngokubhala izincwadi kungaba namiphi imiphumela?
17 Indlela yesikhombisa yokuba sifakaze, ekusabeleni kwethu othandweni uNkulunkulu noKristu abasibonise lona, ingokubhala izincwadi. Ngokuvamile, labo abasebenzisa lendlela yokufakaza bathola izincwadi eziphendulayo ezibonga kakhulu. Lena indlela esetshenziswa ezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele okungenzeka ukuthi okwesikhashana azikwazi ukuya endlini ngendlu ngenxa yokugula okungokomzimba. Ngokwesibonelo: Kwakunomkhaya onabantwana abayi-12. Ngolunye usuku ubaba wafika ekhaya wathola abayisihlanu babo bedutshulwe isoka lendodakazi yabo futhi sebebanda. Wafuna induduzo kubefundisi beLobukholwa kodwa kwangaba namphumela. Khona-ke ngolunye usuku wathola incwadi ivela kumuntu angamazi, uFakazi owayefunde ephephandabeni ngosizi lwakhe futhi wafuna ukumduduza, wayefake incwadi IQiniso. Lokhu yikho kanye lendoda eyayikufuna. Namuhla nayo is inguFakazi oshisekayo.a
Ukushaya Ucingo
18, 19. Isiphi esinye isici sokushumayela izindaba ezinhle abanye abaye basithola siphumelela, futhi ngani?
18 Ekubaleni isici sesishiyagalombili sokufakaza, kunethuba lokusebenzisa ucingo ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. Lokhu kuyaqhubeka kubonakala kuyindlela yokufakaza ejabulisayo nephumelelayo. OFakazi abengeziwe bathola ikhono kule sici se-’ nkonzo, esitusekayo. Ngalesici sifinyelela abantu esingenakubathola emsebenzini wendlu ngendlu. Lapho ukufakaza ngocingo kwenziwa ngokuqonda, ngomusa, ngokuhlakanipha, nangekhono, abanye baye bathola ukusabela okungcono ngisho nangokwengeziwe kunokuhambela labo bantu emakhaya abo.
19 Ibandla laseJapane ezweni elikhuluma isiNgisi lisebenzisa incwadi enezinombolo zocingo njengengxenye yensimu yalo. Abamemezeli bashayela abantu baseJapane ucingo futhi bahlele ukubahambela ngokoqobo lapho bethola isithakazelo. Baye baqalisa izifundo eziningi ngalendlela.
Ukufakaza Ngokuziphatha Okuhle
20, 21. Ukuziphatha kwethu kungaba namiphi imiphumela emihle? Bonisa.
20 Indlela yesishiyagalolunye esingaletha ngayo udumo kuNkulunkulu ingokuziphatha kwethu okuhle. Umhleli waseRashiya wake wathi ukuziphatha kwethu okuhle kuyintshumayelo yethu engcono kakhulu. Eqinisweni, amaphephandaba aye aphawula ngokuphindaphindiwe ngokuziphatha okuphakeme koFakazi BakaJehova. Elinye labika: “OFakazi BakaJehova baqashelwa njengabantu abaqotho kunabo bonke eFederal Republic of Germany.” Ekuqaleni kwenkathi yesikole, intombazane enguFakazi yalethela uthisha wayo incwajana Isikole. Wayinqaba, ethi akafuni lutho loFakazi. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ukuziphatha kwayo okuhle kwayenza yathola udumo oluphakeme kuye futhi kwabangela aguqule isimo sakhe ngokuphelele ngakoFakazi. Kungokufanayo nangencwadi abazali abangoFakazi abayithola ivela kuthisha wesikole wabantwana babo: “Indlela engenakuphikwa okubonakala ngayo impumelelo yezinkolelo zenu ingabantwana benu.”
21 Labo abasezweni abanakusho lutho oluhle ngoFakazi BakaJehova ngaphandle kokuletha udumo kuNkulunkulu noKristu. Ileyondlela okumelwe kube ngayo. UJesu akashongo yini ukuthi kumelwe senze ukukhanya kwethu kukhanye ukuze abantu babone imisebenzi yethu emihle badumise uBaba wethu wasezulwini? (Mathewu 5:16) Ngempela, ngokuziphatha kwethu okuhle, singahlobisa iqiniso. (Thithu 2:10) Ngokuqinisekile, iqiniso lokuthi ukuziphatha kwethu okuhle kuletha udumo kuNkulunkulu noKristu futhi kusiza abanye bahambe endleleni eya ekuphileni liyisizathu esinamandla sokukhathalela kwethu ngokujulile ukuba ngazo zonke izikhathi ukuziphatha kwethu kungabi nakuhlanjalazwa.
22. Iziphi izindlela zokubonisa ukwazisa ozozilwela, futhi ngani?
22 Njengoba sesibonile, kunezindlela eziningi esingabonisa ngazo ukwazisa kwethu ngakho konke lokho uJehova noJesu Kristu abaye basenzela khona, kakhulukazi ezenzweni zabo ezinkulu zothando. Njengoba senza kanjalo, singabonisa uthando lwethu ngomakhelwane.—Marku 12:30, 31.
23. Iyiphi indlela yokugcina ongabonisa ngayo ukwazisa kuNkulunkulu noJesu?
23 Ekugcineni, masiqaphele ukuthi singabonisa ukwazisa kwethu ngezenzo ezimbili ezinkulu kakhulu zothando ngokugubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ngobusuku bakhe bokugcina emhlabeni njengomuntu, uJesu wamisa isidlo sesikhumbuzo saminyaka yonke esihlanganisa isinkwa newayini, okumelela inyama yakhe negazi lakhe. Wayala ukuba lomkhosi ugujwe ukuze akhunjulwe. (1 Korinte 11:23-26) Ngalonyaka iSidlo SeNkosi Sakusihlwa sizoba ngeSonto, ngoApril 12, ngemva kokushona kwelanga. Kuwo wonke umhlaba, oFakazi BakaJehova bazobe behlangana ndawonye ngokulalela umyalo kaJesu. Ungaphuthelwa!
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole imininingwane, bheka iPhaphama! yesiNgisi, kaOctober 22, 1986, amakhasi 12-16.
Imibuzo Yokubukeza
◻ UJesu wayefakaza kanjani futhi kuphi?
◻ Kungaziphi izindlela esingalingisa ngazo uJesu ekuboniseni ukwazisa ngothando olukhulu lukaNkulunkulu?