UJehova Uyakuzwa Ukukhalela Kwethu Usizo Okuphuthumayo
USIZO lwaludingeka ngokuphuthumayo. Lokho kwakubonakala ekunyukubaleni okukhulu kobuso bomphathi-zitsha wenkosi. Lapho ebuzwa ukuthi kwenzenjani, umphathi-zitsha wazwakalisa ukudumala kwakhe ngesimo esiyincithakalo seJerusalema nezindonga zalo. Khona-ke kweza lombuzo: “Ukhala ngani?” Umphathi-zitsha uNehemiya wabhala kamuva: “Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.” Lokho kwakuwukukhalela usizo kuJehova okusheshayo, okuthule, okuphuthumayo. Futhi waba yini umphumela? Phela, inkosi engumPheresiya uAritahishashita yagunyaza uNehemiya ngokushesha ukuba akhe kabusha izindonga zaseJerusalema!—Nehemiya 2:1-6.
Yebo, uNkulunkulu uyazizwa izicelo eziphuthumayo zalabo abamthandayo. (IHubo 65:2) Ngakho uma isilingo sibonakala sisikhulu kunalokho ongakuthwala, ungase ukhuleke njengoba kwenza umhubi uDavide kumaHubo 70, lapho ayedinga usizo lwaphezulu ngokuphuthumayo. Umbhalo ongenhla walelihubo ubonisa ukuthi injongo yalo “elokukhumbuza.” Nakuba linoshintsho oluncane, liphinda iHubo 40:13-17. Kodwa iHubo lama-70 lingasisiza kanjani njengabantu bakaJehova?
Isicelo Sokukhululwa Okusheshayo
UDavide uqala ngesicelo esithi: “Nkulunkulu, phuthuma ungikhulule. Jehova, phuthuma ungisize.” (IHubo 70:1) Lapho sisekucindezelekeni, singathandazela ukuba uNkulunkulu azosisiza ngokushesha. UJehova akasilingi ngezinto ezimbi, futhi ‘uyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu.’ (2 Petru 2:9; Jakobe 1:13) Kodwa kuthiwani uma evumela isilingo esithile ukuba siqhubeke, mhlawumbe ukuze asifundise okuthile? Khona-ke singase sicele kuye ukuhlakanipha ukuze sibhekane naso. Uma sicela ngokholo, uyasipha ukuhlakanipha. (Jakobe 1:5-8) UNkulunkulu futhi usinika amandla adingekile ukuze sikhuthazelele izilingo zethu. Ngokwesibonelo, ‘uyasiphasa ecansini lokugula.’—IHubo 41:1-3; Heberu 10:36.
Ukuba kwethu nesono okuzuzwe njengefa, kuhlanganise nokubhekana njalo nokulingwa kanye nemizamo kaDeveli yokuqeda ubuhlobo bethu noJehova, kufanele kusishukumisele ekubeni sithandazele usizo lukaNkulunkulu usuku ngalunye. (IHubo 51:1-5; Roma 5:12; 12:12) Okuphawulekayo yilamazwi asemthandazweni kaJesu oyisibonelo: “Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.” (Mathewu 6:13) Yebo, singamcela uNkulunkulu ukuba angasivumeli ukuba sehluleke uma silingelwa ukuba singamlaleli nokuthi avimbele uSathane, ‘omubi,’ ekubeni asinqobe. Kodwa ukukhalela kwethu ukukhululwa makuhambisane nezinyathelo zokugwema izimo eziyosibeka ngokungadingekile engozini yezilingo zikaSathane.—2 Korinte 2:11.
Labo Abathi, “Ashila”
Singase silingwe kabuhlungu ngenxa yokuthi izitha ziyasihlambalaza ngenxa yokholo esilubonisayo. Uma lokho kwenzeka kuwe, cabanga ngalamazwi kaDavide: “Mabajabhe, bayangaze abafuna umphefumulo wami. Mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangifisela umonakalo. Abathi ashila, ashila mababuyele emuva ngenxa yokuhlazeka kwabo.” (IHubo 70:2, 3) Izitha zikaDavide zazifuna ukumbona efile; ‘zazifuna umphefumulo,’ noma ukuphila kwakhe. Nokho, kunokuba azame ukuziphindiselela, wayenokholo lokuthi uNkulunkulu wayezobahlazisa. UDavide wathandazela ukuba izitha zakhe ‘zijabhe, ziyangaze’—ziphoxeke, zixakeke, zenyele, zikhungatheke ekuzameni ukuphumelelisa amacebo azo amabi. Yebo, labo abafuna ukumlimaza nabajatshuliswa ukwehlelwa kwakhe umonakalo mabadideke futhi babhekane nokuhlazeka.
Uma siye saba nalokho obekungabizwa ngokuthi injabulo enamagqubu lapho umonakalo wehlela isitha, kuyodingeka silandise kuJehova ngesono sethu. (IzAga 17:5; 24:17, 18) Nokho, lapho izitha zihlambalaza uNkulunkulu nabantu bakhe, singathandazela ukuthi ngenxa yegama lakhe elingcwele, uJehova ‘azibuyisele emuva, zijabhiswe’ phambi kwabantu ezifuna kubo udumo. (IHubo 106:8) Impindiselo ngekaNkulunkulu, futhi angazijabhisa futhi azithele ngehlazo izitha zakhe nezethu. (Duteronomi 32:35) Ngokwesibonelo, umholi wamaNazi uAdolf Hitler wayefuna ukuqeda oFakazi BakaJehova eJalimane. Yeka ukuthi wehluleka kabuhlungu kanjani, ngoba izinkulungwane eziningi zabo manje zimemezela isigijimi soMbuso lapho!
Zikloloda ngendelelo, izitha zethu zingase zithi: “Ashila, ashila.” Njengoba zisola uNkulunkulu nabantu bakhe, lezozoni ‘mazibuyele emuva ngenxa yokuhlazeka kwazo,’ zidumele. Lapho sithandazela lokhu, masilondoloze ubuqotho bethu futhi senze inhliziyo kaJehova ijabule, ukuze akwazi ukuphendula uSathane nanoma ubani omunye osolayo. (IzAga 27:11) Futhi akumelwe silokothe sesabe izitha zethu eziqhoshayo, ngoba “owethemba uJehova uyalondeka.” (IzAga 29:25) Inkosi ezazisayo yaseBabiloni uNebukadinesari, eyayithumbe abantu bakaNkulunkulu, yabhekana nokudumala futhi kwadingeka ivume ukuthi ‘iNkosi yezulu inamandla okuthobisa abahamba ngokuzidla.’—Daniyeli 4:37.
“Makabe-mkhulu UNkulunkulu”
Nakuba izitha zingase zisibangele inkathazo, ngaso sonke isikhathi masidumise uJehova nesikhulekela kanye nabo. Esikhundleni sokuba azivumele ukuba agwinywe ukucindezeleka kangangokuba aze ahluleke ukwenza uNkulunkulu abe-mkhulu, uDavide wathi: “Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi: Makabe-mkhulu uNkulunkulu.” (IHubo 70:4) Abantu bakaJehova bayaqhubeka bejabula kakhulu ngenxa yokuthi ‘bayathaba, bajabule’ kuye. NjengoFakazi bakhe abazinikezele, ababhapathiziwe, banenjabulo enkulu etholakala ngokuba nobuhlobo obuseduze naye. (IHubo 25:14) Nokho, bangase babhekwe njengabafuni bakaNkulunkulu abathobekile. Njengoba bengamakholwa agcina imiyalo kaNkulunkulu, bayaqhubeka befuna ulwazi olwengeziwe ngaye nangeZwi lakhe.—UmShumayeli 3:11; 12:13, 14; Isaya 54:13.
Njengoba oFakazi BakaJehova bememezela izindaba ezinhle, empeleni balokhu bethi: “Makabe-mkhulu uNkulunkulu.” Badumisa uJehova, bemhlonipha kakhulu. Ngenjabulo, basiza abafuni beqiniso ukuba bafunde ngoNkulunkulu futhi nabo bamkhazimulise. Ngokungafani nabathandi benjabulo bezwe, abantu bakaJehova ‘bathanda insindiso yakhe.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Beqaphela ukuba kwabo nesono okuzuzwe njengefa, balibonga ngokujulile ilungiselelo lothando likaJehova uNkulunkulu lokusindela ekuphileni okuphakade, elenziwa laba nokwenzeka ngomhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu. (Johane 3:16; Roma 5:8; 1 Johane 2:1, 2) Ingabe wenza uJehova abe-mkhulu futhi ubonisa ukuthi ‘uthanda insindiso yakhe’ ngokuqhuba ukukhulekela kweqiniso kube udumo kuye?—Johane 4:23, 24.
Themba UMkhululi
Lapho uDavide eveza imizwa yakhe kulelihubo, wezwa isidingo esiphuthumayo kangangoba wathi: “Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu; Nkulunkulu, ngiphuthumele. Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami; Jehova, ungalibali.” (IHubo 70:5) Njengoba sihlaselwa izilingo ezehlela abakholwayo—usizi olunjengokushushiswa, ukuvivinywa, nokuhlaselwa uSathane—singase sibonakale ‘simpofu.’ Nakuba singase singabi ngabaswele, sibonakala singavikelekile ezitheni ezinonya. Nokho, singaqiniseka ngokuthi uJehova angasiphephisa futhi uyosiphephisa njengezinceku zakhe ezithembekile.—IHubo 9:17-20.
UJehova ‘unguMkhululi’ lapho sikudinga ukukhululwa. Amaphutha ethu siqu kungenzeka asingenise esimweni esilingayo. Kodwa uma ‘ubuwula bethu buchitha indlela yethu,’ inhliziyo yethu ‘mayingamthukutheleli uJehova.’ (IzAga 19:3) Akuyena okumelwe asolwe, futhi uhlala ekulungele ukusisiza uma sikhuleka kuye ngokholo. (IHubo 37:5) Kuthiwani uma sizabalazela ukugwema isono? Khona-ke masikusho lokhu ngokuqondile emthandazweni, sicela usizo lwaphezulu ukuba siqhubeke siphishekela inkambo elungile. (Mathewu 5:6; Roma 7:21-25) UNkulunkulu uyowuphendula umthandazo wethu osuka enhliziyweni, futhi siyochuma ngokomoya uma sizithoba ekuqondiseni komoya wakhe ongcwele.—IHubo 51:17; Efesu 4:30.
Lapho siseminjunjwini yokuvivinywa kokholo, singase sibe nomuzwa wokuthi asisenakukukhuthazelela ngokwengeziwe. Njengoba inyama yethu enesono ibuthaka, ingase ifise ukukhululwa okusheshayo. (Marku 14:38) Ngakho singase sinxuse: “Jehova, ungalibali.” Ikakhulukazi uma sikhathazekile ngesihlamba esilethwa egameni likaNkulunkulu, singase sishukunyiselwe ukuba sithandaze njengoba kwenza umprofethi uDaniyeli: “Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwé ngegama lakho.” (Daniyeli 9:19) Singaba nokholo lokuthi uBaba wethu osezulwini ngeke ephuze kakhulu, ngoba umphostoli uPawulu wanikeza lesiqinisekiso: “Masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.”—Heberu 4:16.
Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uJehova unguMkhululi. Njengezinceku zakhe, kuyoba kuhle ngathi ukuba sikukhumbule lokhu namazwi omkhuleko eHubo 70. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke sikhuleke ngokuphindaphindiwe ngendaba ebaluleke ngokujulile. (1 Thesalonika 5:17) Kungase kubonakale lingekho ikhambi lenkinga ethile, ingekho indlela yokuphuma enkingeni yethu. Kodwa uBaba wethu osezulwini onothando uyosiqinisa futhi ngeke asivumele ukuba silingwe ngaphezu kwalokho esingakuthwala. Ngakho-ke, ungalokothi ukhathale ukuya phambi kwesihlalo seNkosi Yaphakade ngomkhuleko osuka enhliziyweni. (1 Korinte 10:13; Filipi 4:6, 7, 13; IsAmbulo 15:3) Khuleka ngokholo, futhi umethembe ngokujulile, ngoba uJehova uyakuzwa ukukhalela kwethu usizo okuphuthumayo.