Inselele Yokuhlwanyela Imbewu YoMbuso Eningizimu Chile
YEKA ukuthi kujabulisa kanjani ukuhamba emgwaqweni othule wasemaphandleni eningizimu Chile! Izinkomo ziklabe ngokuthula emadlelweni agcwele izihlahla angemuva kwezintaba-mlilo ezinkulu ezimbozwe iqhwa. Ungezwa izinyoni zitshiyoza namaqabunga ehashazela emoyeni. Nakuba izindawo ezinjalo zingase zibonakale zithulile, lapha kunezinselele ngalabo abahlwanyela imbewu yeqiniso loMbuso.
Ungathanda ukwazana namanye amaphayona ethu, noma abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele? Kuthiwani ngokuchitha usuku noma ezimbili nawo njengoba eshumayela izindaba ezinhle? Okokuqala, ake silalele njengoba uJaime no-Oscar bechaza izinjabulo nezinselele zosuku olunjalo eningizimu Chile.
Usuku Emsebenzini Wokushumayela
“Siqala ukuphaphama futhi sizwa amakhaza aye angena endlini encane esihlala kuyo. Egqoke amasokisi ewuli nesigqoko sakhe sisesekhanda, uOscar uyehla embhedeni. Ubasa isitofu sezinkuni, okhele iheater encane yegesi ukuze kuphume amakhaza endlini, abese ebuyela ekuthokomaleni kombhede wakhe. Kusemnyama phandle, futhi sizwa imvula ebilokhu ina ubusuku bonke. Silunguza ewindini bese sibukana. Oh, yeka indlela obekungaba lula ngayo ukuphumula ngalolusuku! Khona-ke sikhumbula esikuhlelele lolusuku nesidingo sokusebenza insimu engayodwa engafinyelelwanga nhlobo ngonyaka odlule. Sishukunyiselwa ukuba siqale.
“Sisendleleni ngaphambi kwehora lesishiyagalombili, sihamba ngokushesha futhi sinethemba lokuthi othile uzosigibelisa noma ukuthi kuzoqhamuka ibhasi, ukuze sikhawulezise uhambo lwethu oluya emigwaqweni engemuva eholela emakhaya nasemizaneni yensimu yethu. Nakhu kuqhamuka ugandaganda odonsa inqola enezisebenzi ezithile kuyo. Umshayeli uyama futhi uyasivumela ukuba sigibele. Siyajabula ngokuthi, ngenxa yemvula yangayizolo ebusuku, namuhla siyasinda efwini lezintuli esijwayele ukuhamba kulo. Njengoba sigudluzela, sihlanganyela izindaba ezinhle nezisebenzi ezilimayo. Lapho sekufike isikhathi sokwehla, sizinikeza omagazini abambalwa. Yeka indlela esibonga ngayo ngokugibela okuye kwasongela ukuhamba [amakhilomitha angu-12]!
“Kuzoba usuku olude njengoba sehla senyuka emaphandleni sifuna abafanelekayo. Lapho siqala esabelweni sethu okokuqala, sasingaqondi ukuthi kungani abantu bevumelana nakho konke esasikusho kodwa babonakale bezindela ukwamukela izincwadi zeBhayibheli. Sathola ukuthi lokhu ngokuvamile kwakungenxa yokuthi babengakwazi ukufunda. Ngakho-ke sikuthola kuyinzuzo ukuveza ukuthi izincwadi zethu ziyisipho esimangalisayo sezingane zabo nezihlobo, okungathi kamuva babaxoxele lokho ezikuqukethe. Abaningi balabo esikhuluma nabo abanakho okuningi ngokuqondene nezinto zalelizwe. Kodwa njengoba bejabulela ukuphana lokho abanakho, lapho sebetholé izincwadi zeBhayibheli, ngokuvamile basinikeza amaqanda, amazambane, ubeet, uanyanisi, ubhontshisi, ulentshisi, negarbanzo.”
UJaime uye wafunda ukusikisela lapho umnini-khaya efuna ukunikela izinto ngezincwadi zeBhayibheli azinikezwayo. Kungani? Ngesinye isikhathi, lamaphayona ake abuya namakhilogremu angu-15 emifino, ayehamba naye kwadingeka athwale inkukhu ephilayo isesikhwameni sakhe sezincwadi ingxenye enkulu yosuku! UJaime uvame ukusikisela imerquén, isinongo esimnandi kakhulu esenziwe ngopelepele nezinye izinongo. Ukulandisa kuyaqhubeka:
“Njengoba sinqamula emasimini, siqhamukela kumaruca [emakhaya] athile amaMapuche okudabuka [okusho ukuthi, “Abantu bakulelizwe”]. Kunzima ukukhuluma nomuntu omdala ongumMapuche, ngoba abaningi bakhuluma ulimi lwabo lomdabu kuphela. Lapho abancane beseduzane, bavame ukusebenza njengabahumushi. Njengoba siya singena emaphandleni, sihlangana nabantu abangakaze balibone nhlobo iBhayibheli noma bavakashele idolobha elikhulu njengeTemuco, inhloko-dolobha yalesifunda. Lokhu kubeka inselele yokubasiza ukuba babone indlela izimo zomhlaba eziwohloka ngayo. Lokhu kumelwe sikwenze kancane kancane, sibabonise indlela izinkinga zakulendawo ezikubonisa ngayo okwenzeka kwenye indawo.
“Njengoba usuku luqhubeka, imilenze yethu ekhathele ifuna ukuphumula. Isimo sezulu sesishintshile sisuka ekukhanyeni kwelanga okukhazimulayo saba imvula enamandla eyenza isambulela singabi namsebenzi. Amasimu asanda kulinywa aye enza izicathulo zethu zagcwala udaka. Lapho sizwa amazwi athi Pase no más (Ngena), singena ekhishini ngokubonga futhi sijabulele ukuthokomala kwesitofu sezinkuni, inkomishi ‘yekhofi’ elenziwe ngezinhlamvu, ushizi, nesinkwa esisanda kwenziwa ekhaya. Ah, lelophunga elimnandi lesinkwa esisanda kwenziwa!
“Sinamandla avuselelwe, siqhubeka kuze kuhwalale, sinqamula emasimini okuqabukela ehlukaniswe ngocingo, nakuba uyothola amasimu athile kakolo abiyelwe ngezihlahla okuthiwa ipica-pica, isihlahla esihlale siluhlaza esinezimbali eziphuzi. Njengoba ilanga selizoshona masinyane futhi kumelwe sifinyelele komunye umgwaqo omkhulu ukuze sithole ibhasi lokugcina elibuyela edolobhaneni, uhambo lwethu lwezinyawo [lwamakhilomitha angu-20] seluzophela masinyane.
“Sibuya silondekile futhi siphilile, sikhathele kodwa sijabulile, ngenxa yokuthi sibe nezingxoxo ezijabulisayo nabanjengezimvu. Ngemva kokudla, sibukeza usuku bese sihudulela imizimba yethu ekhathele embhedeni.”
Ukuvakashela EChiloé
Iziqhingi zaseChiloé zakhiwe idlanzana leziqhingi ezincane. Isiqhingi sakhona esikhulu singamakhilomitha angu-180 ubude futhi sinamagquma aluhlaza ahlukaniswa amachibi amancane. Yeka izindawo ezikhangayo ezisogwini lolwandle nemizi yabadobi engavamile okungabonakala noma kuphi lapho uhamba khona!
Edolobhaneni laseAchao, eduze nje kwesiqhingi esikhulu, sithola uRubén noCecilia. Lapho befika ngoMarch 1988, umpristi wakuleyondawo waxwayisa abantu ukuba ‘bangawulaleli umbhangqwana ohamba kuso sonke isiqhingi ukhuluma ngeBhayibheli.’ Inkulumo yakhe engeyinhle yavala izingqondo zabathile kodwa futhi yavusa isifiso sokwazi kwabanye. Ngokuhamba kwesikhathi uRubén noCecilia base beqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-28. Eziningi zalezifundo ziqhutshwa nothisha, abane babo basebenzisa izincwadi zeWatch Tower ethi “All Scripture Is Inspired of God and Beneficial” nethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ekufundiseni amakilasi ezenkolo ezikoleni zabo.
UJehova uyawanakekela lamaphayona asebenza kanzima, ahamba kuze kufinyelele amakhilomitha angu-34 ngosuku emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nowokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ngolunye usuku, uRubén noCecilia babehamba endleleni egudla ugu lapho bephawula ukuthi lapho ulwandle lusabohlile inqwaba yamachorito (uhlobo lwenkumba) ayefinyeleleka kalula. URubén waqala ukuwavuna, kodwa babezoya kanjani nawo ekhaya? UCecilia wayixazulula leyonkinga. Amasokisi akhe aba izikhwama. Manje amaphayona ayesenakho okokwenza ukudla kwasolwandle okumnandi!
Enyakatho nje yeAchao, abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele abaziwa ngokuthi amaphayona akhethekile bahlanganyela nebandla elincane eLinao. Umsebenzi wokushumayela waqala lapho ngo-1968, futhi uFakazi wokuqala eLinao wabhapathizwa ngo-1970. Iminyaka emine lomzalwane wayeyedwa emsebenzini wokushumayela futhi kwakudingeka akhuthazelele ukugconwa amalungu omkhaya nabangane. Ekugcineni, ngo-1974, umkakhe wasabela kahle eqinisweni leBhayibheli futhi wabhapathizwa. Lokhu kwalandelwa ukubhapathizwa kwabafowabo abane, odadewabo abane, omalume abane, abashana abayisithupha, nomlamu wakhe nomkakhe. Ibandla elakhiwa lapho kwakuwumkhaya owodwa omkhulu. Ngemva kwesikhathi, abathathu kulezizelamani ezinhlanu baqala ukukhonza njengabadala noyedwa njengenceku ekhonzayo.
ULuis noJuan bangabashumayeli besikhathi esigcwele abagxile ekuhlwanyeleni imbewu yoMbuso eQuemchi, idolobhana elincane elingamakhilomitha angu-30 ukusuka eLinao. Nsuku zonke, beqa izingcingo, banqamule emasimini anohlaza oluminyene, bakhuphuke behle emagqumeni, umoya nemvula kuhambisana nabo njalo. Ukuze bafinyelele eziqhingini eziseduze, basebenzisa izikebhe eziya esiqhingini saseChiloé kabili noma kathathu ngesonto. Bahlala esiqhingini esisodwa izinsuku ezimbalwa. Uhambo lwaphakathi kweziqhingi lungenza ohlala ezweni azizwe ekhathazekile kancane, kodwa ukungenisa izihambi nomusa wabahlala eziqhingini kwenza konke lokhu kube yize. ULuis noJuan bajoyinwa omunye ummemezeli woMbuso, futhi ndawonye bazama ukufinyelela izakhamuzi ezingu-11 500 ezisensimini yabo. Nakuba ukwanda kwakungasheshi, uLuis noJuan bajabula ngokweqile ngokuba nabangu-36 ababa khona ekugujweni kweSikhumbuzo ngo-1989.
Sibuyela Ezweni
Lapho siqhubekela enyakatho, sinqamula insungubezi yaseChacao bese sifinyelela ezweni. Kulendawo, amaphayona angoRamón noIrene asebenza insimu enkulu ehlanganisa amaqembu angawodwa eMaullín, eCarelmapu, nasePargua. OFakazi esiqhingini saseChiloé bahamba ihora bese begibela itransbordador (isikebhe sokuwela) ukuze bawele leyonsungubezi futhi babe khona emihlanganweni yobuKristu ePargua. URamón uhamba ihora nemizuzu engu-20 ngebhasi esuka eMaullín ukuze ayoqhuba imihlangano ngokuvamile ehlanganyelwa abantu abaphindwe kabili enanini labamemezeli. Kungani kuthatha isikhathi eside kangaka ukuhamba ibanga lamakhilomitha angu-38 kuphela? Ngenxa yokuthi ibhasi lima yonke indawo emgwaqweni ukuze lithathe abagibeli abathwele amasaka ezithelo nemifino, amasaka amazambane no-anyanisi, futhi ngezinye izikhathi ngisho nezingulube nezinkukhu eziphilayo. Okungenakubekwa phezu kwebhasi kungena phakathi. Umphumela uba uhambo olude olunamaphunga amaningi, nokubona izinto eziningi, nomsindo.
Njengoba embalwa kakhulu kulamaphayona anezimoto, ukushiywa ibhasi elihamba phakathi kwamadolobha kusho ukuhamba ngezinyawo indlela ende, ngaphandle kokuba othile akugibelise. Njengoba uRamón nomfundi weBhayibheli babehamba nomunye umshayeli, wabuza: “Abantu basabela kanjani emsebenzini wenu?” Ephawula ukubukana kwabo kokufuna ukwazi, wathi: “Ngingumpristi kulendawo, futhi nina ningoFakazi BakaJehova. Ngiwazi kahle umsebenzi wenu futhi ngiyabathanda omagazini benu.” Kwaba nengxoxo ende yemibuzo nezimpendulo ngaphambi kokuba abehlise ePargua ngesikhathi semihlangano. Ngokuqinisekile umpristi waphendulelwa eminye imibuzo njengoba ayeqhubeka efunda omagazini bethu.
Akulula ngaso sonke isikhathi ngoRamón noIrene ukufinyelela amakhaya angu-20 abaqhuba kuwo izifundo zeBhayibheli. Amanye akhiwe ngaphesheya koMfula iMaullín noma emizini yabadobi engayodwa futhi kufanele afinyelelwe ngesikebhe esincane. Nakuba izimvula ezinkulu zingase zidumaze, kwacaca ukuthi ukukhuthazela abakubonisa benabanye abamemezeli boMbuso abangu-18 abasakazeke kuyo yonke lensimu yasemaphandleni kwakuthela izithelo lapho abangu-77 behlangana ndawonye ngeSikhumbuzo.
ELos Muermos, abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele oJuan noGladys baye baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-23. Ukuhamba indlela ende emigwaqweni enodaka kuyavuzwa lapho imbewu iba nezimpande ezinhliziyweni zalabo abafundisekayo. Kwesinye isifunda esingasodwa ondini lwentaba engasogwini eduze kwase-Estaquilla, uJuan noGladys basebenza indawo eyayingakaze ivakashelwe ngaphambili. Babuza umfundi weBhayibheli ukuthi wayengababoleka yini ihhashi lakhe ngalolosuku. “Yebo,” ephendula. “Ngingahamba nani?” Ngokushesha uJuan waqaphela ukuthi lokhu kumelwe ukuba kwakuyisiqondiso sikaJehova. Kwakuyoba lula ukulahleka kulelihlathi eliminyene, kodwa lomuntu othakazelayo wayeyazi kahle indawo futhi wabaholela emakhaya angabonakali uma usezindleleni zentaba. Selikhathele ngempela ngemva kwamahora ayisishiyagalolunye okuhamba nokugibela ihhashi, elinye lamaphayona akhethekile labuza umfundi weBhayibheli ukuthi wayezizwa kanjani. Lendoda yaphendula: “Okuwukuphela kwento engiyicelayo iwukuba nihambe nami futhi ngesikhathi esilandelayo.” Lomuntu onokwazisa waqhubeka nokwenza intuthuko engokomoya futhi wabhapathizwa ngoJanuary 1988. Umkakhe wabhapathizwa ngokushesha emhlanganweni wesifunda.
Ngesikhathi sokuhambela kombonisi wesifunda, abamemezeli abangu-11 e-Estaquilla bajabula ngokuba nabangu-110 enkulumweni yeningi. Edolobheni elincane elinabantu abangu-1 000 eduze kweLos Muermos, kwahlangana abangu-66 ngeSikhumbuzo. Ngakho-ke kunokuningi okumelwe kwenziwe kulensimu enkulu.—Mathewu 9:37, 38.
Ukuqhubekela enyakatho, sithola amaphayona angoAlan noFernando. Njengoba babehamba emgwaqweni oyibhuqu ngolunye usuku, umshayeli wabagibelisa ngemuva elolini lakhe. Ngemva kokwehla, kwakumelwe bahleke ngoba babembozwe ugqinsi lwezintuli kusukela ekhanda kuya ozwaneni. Isimo sokuhleka nenjabulo yokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-20 kuyasiza ekunqobeni ukungaphatheki kahle okunjalo. Futhi cabanga ngenjabulo ababa nayo lapho abangu-65 beba khona eSikhumbuzweni futhi abantu ababili bokuqala bendawo bebajoyina emsebenzini wokushumayela ngenyanga elandelayo!
Ukuwela IBío-Bío
Ukuze kufinyelelwe abanjengezimvu eduze kweziNtaba zeAndes kudingekile ukuwela isihosha esinamanzi ahlokomayo soMfula iBío-Bío esingamamitha angu-50 ngezansi. Lokhu kwenziwa ngesakhiwo sokhuni ngokuhamba phezu kohlaka lwamapulangwe olutebezelayo oluboshelwe entanjeni eluleka ifinyelele ngaphesheya kwesihosha. Ngokungabaza okuthile kokwesaba, ugibela bese unyakazisa indukwana ekhulula loluhlaka ukuba lwehle ngentambo. Ubambelela emigoqweni yaloluhlaka njengoba uhamba ngokushesha uze ufike phakathi nesihosha, lapho ushwibeka khona uze ume. Ngemva kokuphumula, unyakazisa enye indukwana uyiyise emuva naphambili, uhambe kancane uze uwele enye ingxenye. Akukhona okwamagwala! Nokho, omunye udade wenza lokhu masonto onke ukuze afinyelele umuntu onjengemvu emzini ongasentabeni okude!
Isibonelo esihle esibekwa amaphayona nabanye abamemezeli boMbuso sikhuthaza abathakazelayo abanezinhliziyo ezinokwazisa ukuba benze umzamo ofanayo wokuba khona emihlanganweni yobuKristu. (Heberu 10:24, 25) Omunye umkhaya uhamba amakhilomitha angu-40 ngehhashi uze ufike eMfuleni iBío-Bío bese uhamba amanye amakhilomitha angu-12 usuya eHholo LoMbuso.
Amaphayona akhumbulani lapho ebheka eminyakeni eminingi edlule? Izintaba-mlilo ezimbozwe yiqhwa, amasimu athulile, nemifula egelezayo? Izintuli, imvula, udaka, nokuhamba ngezinyawo izindlela ezinde? Yebo, kodwa akhumbula ikakhulukazi abantu abanobungane abasabela kahle ezindabeni ezinhle. Ngokuqinisekile laba abanjengezimvu benza wonke umzamo ube ofanelekile. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuhlwanyela imbewu yoMbuso eningizimu Chile!