UJehova Wasinakekela Ngaphansi Kokuvinjelwa—INgxenye 2
PHAKATHI neMpi Yezwe II, ikhongco lebhande leyunifomu yamasosha akithi obuNazi lalinombhalo othi “UNkulunkulu Unathi.” Kimina lokhu kwakumane kungesinye sezibonelo zokuhileleka kwamasonto empini nasekuchitheni igazi. Kwakungicasula. Ngakho ngesikhathi ababili boFakazi BakaJehova bexoxa nami eLimbach-Oberfrohna, eMpumalanga Jalimane, ngangingayifuni inkolo futhi ngase ngingumuntu ongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi ngikholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo.
“Ningacabangi ukuthi ngizoba ngumKristu,” ngitshela oFakazi ababengihambele. Kodwa amaphuzu abo angiqinisekisa ngokuthi ukhona uNkulunkulu. Nginelukuluku lokwazi, ngathenga iBhayibheli futhi ngokuhamba kwesikhathi ngaqala ukulifunda nabo. Lokho kwenzeka entwasahlobo ka-1953, lapho imisebenzi yoFakazi eMpumalanga Jalimane kakade yayisingaphansi kokuvinjelwa amaKhomanisi iminyaka ecishe ibe mithathu.
IWatchtower ka-August 15, 1953, yachaza isimo soFakazi BakaJehova ngalesosikhathi, ithi: “Nakuba kuhlala kunezinhloli ezibagadile futhi besongelwa, nakuba behluleka ukuvakashelana ngaphandle kokuba baqale ngokuqiniseka ukuthi abalandelwa muntu, nakuba ukutholwa unezincwadi zeWatchtower kusho iminyaka emibili noma emithathu usejele ngenxa ‘yokusakaza izincwadi zamashoshozela’, futhi nakuba amakhulukhulu abazalwane abavuthwe kakhudlwana, labo ababehola, beboshiwe, nokho izinceku zikaJehova eMpumalanga Jalimane ziyaqhubeka zishumayela.”
Ngo-1955, mina nomkami uRegina, saya emhlanganweni wezizwe zonke woFakazi BakaJehova eNuremberg, eNtshonalanga Jalimane, futhi ngonyaka olandelayo sobabili sabhapathizwa eNtshonalanga Berlin. Yebo, lokho kwenzeka ngaphambi kokwakhiwa koDonga LwaseBerlin ngo-1961, luhlukanisa iMpumalanga Jalimane neNtshonalanga Berlin. Kodwa ngisho nangaphambi kokuba ngibhapathizwe, ukuthembeka kwami kuJehova uNkulunkulu kwavivinywa.
Ukwamukela Umthwalo Wemfanelo
Ibandla loFakazi BakaJehova esasiqale ukuhlanganyela kulo eLimbach-Oberfrohna lalidinga umuntu owayengalanda izincwadi zeBhayibheli eNtshonalanga Berlin. Sasinebhizinisi elincane nabantwana ababili abancane, kodwa ukukhonza uJehova kakade kwase kuyinto eyinhloko ekuphileni kwethu. Sashintsha isimo semoto yethu endala, okwenza kwenzeka ukufihla izincwadi ezingu-60. Ukuba yisithunywa kwakungumsebenzi oyingozi, kodwa kwangifundisa ukuncika kuJehova.
Ukuwela ngemoto usuka eMpumalanga Berlin uya engxenyeni engaseNtshonalanga kwakungelula, futhi ngihlala ngizibuza ukuthi sasikwazi kanjani. Uma sesisengxenyeni ekhululekile, sasithatha izincwadi bese sizifihla emotweni ngaphambi kokuba siwele umngcele siphindele eMpumalanga Jalimane.
Kwesinye isenzakalo, sasisanda kuqeda nje ukufihla izincwadi lapho kuphuma umuntu mumbe endlini ethile. “Heyi nina,” ememeza. Inhliziyo yami yacishe yema. Ingabe ubesibuka? “Kungaba ngcono niye kwenye indawo esikhathini esizayo. Imoto enomsakazo yamaphoyisa aseMpumalanga Jalimane ima kulelojika, futhi angase anibambe.” Ngadonsa umoya kakhulu ngikhululeka. Ukuwela umngcele kwahamba kahle, futhi sobane emotweni sacula indlela yonke sibheke ekhaya.
Ukulungiselelwa Ukuhlukaniswa Nabanye
Ngawo-1950 abazalwane baseMpumalanga Jalimane babethembele kwabaseNtshonalanga ukuze bathole izincwadi nesiqondiso. Kodwa kwenziwa ukulungisa ngo-1960 okwasiza uFakazi ngamunye eMpumalanga Jalimane ukuba ahlale ekwazi ukuxhumana ngokuseduze noFakazi akanye nabo endaweni ahlala kuyo. Khona-ke ngoJune 1961 kwaqhutshwa ikilasi lokuqala leSikole Senkonzo SoMbuso sabadala eBerlin. Ngangikhona kulezifundo zokuqala ezathatha amasonto amane. Engakapheli amasonto ayisithupha kamuva, ngokungazelele sahlukaniswa neNtshonalanga lapho kwakhiwa uDonga LwaseBerlin. Umsebenzi wethu manje wawungasewona owenziwa ngomshoshaphansi kuphela kodwa futhi wawusuhlukanisiwe.
Abanye babenovalo lokuthi imisebenzi yoFakazi BakaJehova eMpumalanga Jalimane yayiyofika kwangqingetshe. Nokho, ukulungisa okuphathelene nokuhlela okwenziwa esikhathini esingaphansi konyaka ngaphambili kwasisiza ukuba silondoloze ubunye obungokomoya kanye namandla. Ngaphezu kwalokho, ukuqeqeshwa okwatholwa abadala ababekhona ekilasini lokuqala leSikole Senkonzo SoMbuso kwabahlomisela ukuba badlulisele lokhu kuqeqeshwa kwabanye abadala. Ngakho uJehova wasilungiselela ukuhlukaniswa kwethu nabanye, njengoba nje ayesilungiselele ukuvinjelwa ngo-1950 ngemihlangano yesigodi yango-1949.
Njengoba sase sihlukanisiwe neNtshonalanga, kwakusobala ukuthi kwakumelwe sithathe isinyathelo kuqala ukuze sigcine inhlangano iqhubeka. Sabhalela abafowethu abangamaKristu eNtshonalanga Berlin futhi sasikisela ukuba sihlangane nabo emgwaqweni omkhulu oseMpumalanga lowo abantu abavela eNtshonalanga ababekwazi ukufinyelela kuwo. Sashaya sengathi siphukelwe yimoto kuleyondawo esasivumelene ngayo. Emizuzwini embalwa kamuva labazalwane bafika, besilethele izincwadi zeBhayibheli. Ngokujabulisayo, baletha nencwadi yami yaseSikoleni Senkonzo SoMbuso, nencwadi eyayinamaphuzu engangiwabhalile, kanye neBhayibheli engangilishiye eBerlin ngenxa yezizathu zokulondeka. Yeka indlela engangijabule ngayo lapho ngiphinda ngizithola! Ngangingazi nakancane ukuthi ngangizozidinga kangakanani lezizinto phakathi neminyaka embalwa eyalandela.
ISikole Somshoshaphansi
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, sayalwa ukuba sihlelele ukuba kube namakilasi eSikole Senkonzo SoMbuso kuzo zonke izingxenye zeMpumalanga Jalimane. Kwamiswa abantu abane ababezofundisa, kuhlanganise nami. Kodwa kimina kwakubonakala kuwumsebenzi ongenakwenzeka ukuqeqesha bonke abadala kuyilapho umsebenzi wawusavinjelwe. Ukuze silahle umkhondo walokho esasikwenza, nganquma ukuhlela amakilasi ukuba abe sendaweni yokuchitha amaholide kumiswe amatende khona.
Ikilasi ngalinye lalinabafundi abane kanye nami njengomfundisi, kanye nomzalwane wesithupha owayengumpheki. Omkethu nabantwana nabo babekhona. Ngakho ngokuvamile sasiba neqembu labantu abasukela kwabangu-15 kuya kwabangu-20. Indawo ekahle yokumisa amatende kwabonakala ingenakutholakala, ngakho mina nomkhaya wami sahamba sayofuna izindawo ezifanelekayo.
Kwesinye isenzakalo, ngenkathi sisahamba kulelidolobhana, saphawula indlela eyayiholela emithini eyizixhobo eyayiqhelile emgwaqweni omkhulu. Yabonakala iyindawo ekahle, ngakho ngaya kumphathi-dolobha. “Sifuna indawo esingachitha kuyo amasonto ambalwa sikanye neminye imikhaya embalwa simisé amatende,” ngichaza. “Sifuna ukuba sodwa ukuze abantwana bakwazi ukudlala yonke indawo. Ingabe singayisebenzisa indawo ekuleyamithi elaphaya?” Wavuma, ngakho senza amalungiselelo.
Kulendawo, samisa amatende nomahamba-nendlwana wami ngendlela yokuba kwakheke indawo engunxa-nde ngaphakathi eyayingabonakali uma ungaphandle. Lomahamba-nendlwana wawuyigumbi lethu lokufundela. Sasihlangana kulo amahora angu-8 okufunda okujulile izinsuku ezingu-14. Endaweni eyayivalekile kwakunezihlalo kanye netafula, okwakubekelwe nje noma iziphi izivakashi ezingalindelekile. Futhi sasiba nazo! Ngezikhathi ezinjalo sasikwazisa ngempela ukusekela kothando kwemikhaya yethu.
Ngenkathi sisaqhuba amakilasi, imikhaya yethu yayihlala iqaphile. Kwesinye isehlakalo ngokukhethekile, umphathi-dolobha, futhi owayengunobhala weQembu LamaKhomanisi wendawo, wabonwa eza ngendlela eqonde kulemithi yethu. Lowo oqaphile wacindezela inkinobho eyayixhunywe ngentambo nenhlaba-mkhosi ekumahamba-nendlwana. Saphuma ngokushesha kumahamba-nendlwana sahlala ezindaweni ezazihlelwe kusengaphambili ezizungeze itafula futhi saqala ukudlala amaphepha. Kwakukhona ngisho nebhodlela lotshwala ukuze senze isimo sibonakale singokoqobo. Umphathi-dolobha wayesivakashele nje ngobungane futhi waphindela ekhaya engasolanga lutho ngalokho okwakwenzeka ngempela.
Amakilasi eSikole Senkonzo SoMbuso aqhutshwa kulo lonke izwe kusukela entwasahlobo ka-1962 kuya ngasekupheleni kuka-1965. Ukuqeqeshwa okujulile okwatholakala lapho, okwakuhlanganisa ukwaziswa okuphathelene nendlela yokubhekana nesimo sethu ngokukhethekile eMpumalanga Jalimane, kwahlomisela abadala ukuqondisa umsebenzi wokushumayela. Ukuze babe khona kulamakilasi, abadala abazange bagcine ngokudela amaholide abo kodwa bazifaka ngisho nasengozini yokuboshwa.
Izinzuzo ZeSikole
Iziphathi-mandla zaziyiqaphelisisa imisebenzi yethu, futhi ngasekupheleni kuka-1965, ngemva kokuba iningi labadala seliqedile esikoleni, zazama ukubhubhisa inhlangano yethu. Zabopha oFakazi abangu-15 ababebhekwa njengabaholayo emsebenzini. Kwakuyisenzo esihlelwe kahle, esabhebhetheka ezweni lonke. Kwenzeka futhi, abaningi bacabanga ukuthi oFakazi babezoyeka ukusebenza. Kodwa ngosizo lukaJehova sajwayelana nesimo futhi saqhubeka nomsebenzi wethu njengakuqala.
Okwenza lokhu kwaba nokwenzeka ngokuyinhloko kwakuwukuqeqeshwa abadala abakuthola eSikoleni Senkonzo SoMbuso kanye nezibopho zokwethembana ezaqiniswa ubudlelwane ababujabulela phakathi nalamakilasi. Ngakho, inhlangano yabonisa ukuba kwayo namandla. Yeka ukuthi kwakubaluleke kangakanani ukuthi sasizilandele ngokulalela iziyalezo zenhlangano ngokuseduze!—Isaya 48:17.
Kwaba sobala ezinyangeni ezalandela ukuthi ukuqinisa kakhulu imithetho kweziphathi-mandla zikahulumeni kwakube nomphumela omncane ongemuhle emsebenzini wethu. Ngemva kwesikhashana, sakwazi ukubuye siqale amakilasi eSikole Senkonzo SoMbuso. Lapho iziphathi-mandla ziphawula ukusimama kwethu, zaphoqeleka ukuba zishintshe amasu azo. Yeka ukunqoba ohlangothini lukaJehova!
Ukukhuthala Enkonzweni
Ngalesosikhathi amaqembu ethu eSifundo Sencwadi Sebandla ayenabantu abacishe babe bahlanu. Ngamunye wethu wayethola izincwadi zeBhayibheli ngalelilungiselelo lesifundo sencwadi, futhi umsebenzi wokushumayela wawuqondiswa kulamaqembu amancane esifundo. Kusukela ekuqaleni uJehova wasibusisa mina noRegina ngokuthola abantu abaningi ababefisa ukufunda iBhayibheli.
Inkonzo yendlu ngendlu yashintshwa ngandlela-thile ukuze sivikeleke ekubonakaleni kalula bese siyaboshwa. Sasingena endlini ethile, bese seqa izindlu ezimbalwa ngaphambi kokuba singqongqoze kwelandelayo. Kwenye indlu intokazi ethile yasingenisa mina noRegina. Sasixoxa ngendaba engokomBhalo nayo lapho indodana yayo ingena kuleligumbi. Yayingagunci.
“Nake nambona yini loNkulunkulu wenu?” ibuza. “Ukuze nje nazi, mina ngikholelwa kwengikubonayo kuphela. Konke okunye kuwumbhedo.”
“Angikukholelwa lokho,” ngiphendula. “Ingabe wake wabubona ubuchopho bakho? Konke okwenzayo kubonisa ukuthi unabo.”
Mina noRegina sanikeza izibonelo zezinye izinto esizamukelayo sibe singaziboni, njengogesi. Lensizwa yalalelisisa, futhi kwaqaliswa isifundo seBhayibheli kanye nayo nonina. Bobabili baba oFakazi. Eqinisweni, abantu abangu-14 mina nomkami esasifunda nabo baba ngoFakazi. Ingxenye yalelonani sayithola phakathi nokuhambela kwethu kwendlu ngendlu, futhi enye ingxenye sahlangana nayo ngokokuqala phakathi nokufakaza ngokwethukela.
Lapho nje isifundo seBhayibheli sesiqhutshwa njalo futhi lowomuntu sesimbheka njengonokwethenjelwa, sasimmema ukuba eze emihlanganweni yethu. Nokho, esasikucabangela kakhulu kwakuwukuthi umfundi angase akufake engozini yini ukuphepha kwabantu bakaNkulunkulu. Ngakho, ngezinye izikhathi kwakuthatha cishe unyaka ngaphambi kokuba umfundi weBhayibheli simmemele emhlanganweni, futhi ngesinye isikhathi kwakuthatha isikhathi eside ngokwengeziwe. Ngikhumbula indoda ethile eyayivelele ngezinga elithile; yayazana kakhulu nezikhulu eziphakeme zeQembu LamaKhomanisi. Yaqhutshelwa isifundo seBhayibheli iminyaka eyisishiyagalolunye ngaphambi kokuba ivunyelwe ukuza emihlanganweni! Namuhla lendoda ingumfowethu ongumKristu.
Iziphathi-mandla Zazisasifuna
Ngemva kuka-1965 asibange sisabhekana nokuboshwa okukhulu, kodwa asizange sikuthole ukuthula. Iziphathi-mandla zazisalokhu zisilandelela. Cishe ngalesikhathi ngangihileleke kakhulu ekusebenzeni kwenhlangano yethu, ngakho ngathola ukuqashelwa okukhethekile okuvela ezikhulwini. Ezikhathini eziningi zazingilanda ukuba ngiyobuzwa imibuzo, zingiyise esiteshini samaphoyisa futhi ngiphenywe. Zazithi: “Usungavalelisa enkululekweni yakho manje, usuya ejele.” Kodwa njalo zazingidedela ekugcineni.
Ngo-1972 izikhulu ezimbili zangivakashela futhi zatusa inhlangano yethu zingahlosile. Zazilalele eSifundweni sethu seNqabayokulinda sebandla. “Sithole ukuthi lesihloko siyacasula kakhulu,” zigxeka. Ngokusobala zazikhathazekile ngalokho abanye ababengase bakucabange ngombono wamaKhomanisi uma bengafunda isihloko esasicatshangelwa. Zathi: “Kakade, kunyatheliswa omagazini beNqabayokulinda abayizigidi eziyisihlanu noma eziyisithupha, futhi bayafundwa emazweni asathuthuka. Ayilona nje iphephandaba elishibhile.” Ngathi ngenhliziyo, ‘Uqinisile!’
Ngo-1972 kwase kuyiminyaka engu-22 singaphansi kokuvinjelwa, futhi uJehova wayesiqondise ngothando nangokuhlakanipha. Sasilalele iziyalezo zakhe ngokucophelela, kodwa kwakusazodlula eminye iminyaka engu-18 ngaphambi kokuba oFakazi eMpumalanga Jalimane baqashelwe ngokomthetho. Yeka indlela esibonga ngayo ngalokhu kukhululeka okumangalisayo esikujabulelayo manje kokukhulekela uNkulunkulu wethu, uJehova!—Njengoba ilandiswa nguHelmut Martin.