Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Izimvu ZikaJesu Zilalela Izwi Lakhe
NJENGOBA umsebenzi wokushumayela wanda kuzo zonke izingxenye zomhlaba, uJehova ngezingelosi zakhe uqondisa izinceku zakhe kwabanjengezimvu. Bezwa izwi likaJesu futhi bafunde ukumkhonza benombono wokuphila okuphakade. UJesu kuJohane 10:27, 28 wathi: “Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; ngizinika ukuphila okuphakade.” Phawula indlela abanhliziyo-ziqotho eMadagascar abalilalela ngayo izwi likaJesu.
Omunye woFakazi BakaJehova wanikeza udokotela owayefika ezobheka ubaba wakhe ogulayo amakhophi encwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni nethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo.
Lodokotela wayengumProthestani futhi emelene kakhulu noFakazi, kodwa wayifunda incwadi futhi wabheka imibhalo eBhayibhelini lakhe siqu. Umkakhe, ongumKatolika nowudokotela, wayifunda izikhathi eziningana incwadi Ubusha ngoba wathi ibonakala sengathi yayibhalelwe yena ngokukhethekile. Incazelo yeNhlangano esekelwe eBhayibhelini yokubaluleka kuka-1914 yabahlaba umxhwele bobabili. Indoda yathintana noFakazi owayeyinikeze lezincwadi. UFakazi wayinikeza incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? futhi wenza amalungiselelo okuyivakashela nomkayo ukuze aphendule imibuzo yabo. Lapho ebavakashela, waqalisa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nalombhangqwana nezingane zawo ezintathu. Intuthuko ekuqondeni iBhayibheli yayishesha.
Ngemva kwesifundo sokuqala, wonke umkhaya waqala ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso futhi ngokushesha ngemva kwalokho wabhalisa eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Ukuziphatha kwezingane kwathuthuka kakhulu. Esifundweni sazo seBhayibheli, zafunda ukuthi ukugubha izinsuku zokuzalwa namanye amaholide angokwenkolo akubona ubuKristu; ngakho-ke, zayeka ukuwagubha. Indoda yanqaba ukunikela ngegazi layo esihlotsheni, ngisho nakuba lendaba yayingakaxoxwa esifundweni seBhayibheli. Ngokushesha izingubo zayo zekarate zanyamalala ekhabetheni layo lezingubo; yazithumela kumthungi ukuze kwenziwe izingubo zezingane zayo ngazo. Yashisa bonke omagazini bayo nezincwadi zezinkanyezi. Ngemva kwezinyanga ezintathu nje beqalise ukufunda, bobabili indoda nomkayo basula emasontweni abo futhi bazwakalisa isifiso sabo sokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. Manje sebebhapathiziwe.
◻ Owesifazane othile eThailand wayefuna iqiniso. Nakuba engumBuddah, wayengakaze azinikele enkolweni yakhe ngoba wayebone ubuzenzisi obuningi kakhulu nobugovu. Ngaphandle kwalokho, kwakunamasiko ahlukahlukene ayemcasula. Wayesekhathele yiwo.
Ngakho-ke, umakhelwane watusa ukuba azame amaKristu futhi wamyisa esontweni likaMoya. Nokho, phakathi nenkonzo, lona wesifazane waba nesifiso esinamandla sokuhamba agoduke ngenxa yomsindo, njengoba bonke ababekhona babethandaza ngezwi eliphezulu. Wagcina lapho ukuya kulelosonto.
Kamuva, wazama isonto lamaRoma Katolika. Nokho, ngemva kokuya khona kaningana, wabubona futhi ubuzenzisi nobugovu, nendlela yokuphila kokunethezeka yompristi. Wanengeka futhi wayeka ukuya lapho. Umpristi wayefuna ukwazi ukuthi kungani ayeka. Ngemva kokuthola isizathu, ngendlela yokubhuqa wathi: “Uma ufisa ukuzihlanganisa nabantu ababambelela ezimisweni ngempela, iya koFakazi BakaJehova.” Wabuza: “Bakuphi?” Umpristi waphendula: “Baseduze kwesakhiwo samanzi.” Ngosuku olulandelayo wabafuna wangabathola. Nakuba edumazekile, wayecabanga njalo ngoFakazi BakaJehova.
Ngelinye ilanga wezwa omunye womakhelwane bakhe ngokubhuqa ethi komunye: “Ngokushesha uzoba omunye woFakazi BakaJehova!” Ezwa lokho, lona wesifazane waphuthuma kumakhelwane futhi wambuza: “Ingabe bakhona oFakazi BakaJehova lapha?” “Yebo,” kwakuyimpendulo. “Abanye bazofika kulendawo beshumayela endlini ngendlu. Uyobabona ngendlela yabo yokugqoka ehlanzekile necocekile.” Ezwa lokho wagijima wayobafuna. Ekuqaleni akazange abathole, kodwa lapho ephindela emuva ekhaya lakhe, wabona abesifazane ababili abagqoke ngendlela ehlanzekile bekhuluma nothile. Waya kubo futhi wababuza ukuthi babengoFakazi BakaJehova yini. Lapho bethi bayibo, wancenga: “Ngicela ningene endlini yami. Ngifuna ukukhuluma nani.”
Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli, futhi naphezu kokuphikiswa nokuhlekwa usulu amalungu omkhaya, lentokazi isiqalile ukuya emihlanganweni nokufakaza ezihlotsheni zayo.
Ngempela uJesu uyazazi izimvu zakhe futhi uziqoqela enhlanganweni yakhe ukuze zisindele ezweni lakhe elisha lokulunga.