Isithembiso Sezwe Elingenakho Ukonakala
UKONAKALA kuye kwangena kuyo yonke imikhakha yomphakathi. Kungakhathaliseki ukuthi kukuhulumeni, kwezesayensi, kwezemidlalo, enkolweni, noma ebhizinisini, ukonakala kubonakala kungalawuleki.
Kuwo wonke amazwe, izindaba ezicindezelayo zezenzo eziyihlazo zokonakala ziphuma njalo ezihlokweni ezigqamile zemithombo yezindaba. Abaningi abazinikele ekukhonzeni izithakazelo zabantu badalulwa njengabakhonza izithakazelo zabo siqu ngokwamukela ukufumbathiswa nokugwazelwa. Lokho okuthiwa ubugebengu bezisebenzi zasemahhovisi kudlangile. Abantu abaningi ngokwengeziwe abasezikhundleni eziphakeme zezenhlalo noma zezomnotho banamacala angathi sína okuziphatha nawobugebengu ngokuphathelene nemisebenzi yabo yansuku zonke.
Kunokukhathazeka okwandayo ngalokho elinye iphephandaba laseYurophu elikuchaza ngokuthi “‘ukonakala kwezikhulu’—umkhuba lapho izikhulu eziphakeme, ongqongqoshe, futhi ngokuvamile, izikhulu zikahulumeni zifuna khona ukufumbathiswa ngaphambi kokuba zivumele ukuthengwa nokuthuthukiswa kwezinto ezinkulu.” Kwelinye izwe “ukuhlola okwenziwa amaphoyisa okwathatha iminyaka emibili nokuboshwa kwabantu cishe kwansuku zonke akubavimbeli namanje labo abonakele ngokwedlulele,” kusho umagazini waseBrithani i-Economist.
Ngenxa yokonakala okunjalo okusakazekile, abaningi namuhla banomuzwa wokuthi akekho abangamethemba. Bananela imizwa yomlobi weBhayibheli uDavide lapho ethi: “Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.”—IHubo 14:3.
Ubhekana kanjani neqiniso lokuba khona kokonakala okusakazekile? Abantu abaningi namuhla bamane bangakunaki. Kodwa ngisho noma ungakunaki ukonakala, kusazokulimaza. Kanjani?
Ukonakala Kuyakuthinta
Kokubili ukonakala okusezingeni eliphakeme nokusezingeni eliphansi kwandisa izindleko zokuphila, kwehlisa izinga lemikhiqizo, futhi kuphumela ekuntulekeni kwemisebenzi yokuziphilisa nemiholo ephansi. Ngokwesibonelo, kulinganiselwa ukuthi izindleko zobugebengu obunjengokukhwabanisa nomgunyathi okungenani zinkulu ngokuphindwe kayishumi kunezindleko ezihlangene zokugqekeza, ukuphanga, nokweba. I-New Encyclopædia Britannica (1992) iphawula ukuthi “izindleko zobugebengu bezinkampane ezinkulu e-United States ziye zalinganiselwa ku-$200 000 000 000 [R526 000 000 000] ngonyaka—ukuphindwa kathathu kwezindleko zobugebengu obuhleliwe.” Lomthombo uchaza ukuthi nakuba imiphumela ingase ingatholakali ngokushesha, “lobobugebengu bunethonya elikhulu ekulondekeni kwezisebenzi, abathengi, nendawo ezungezile.”
Imiphumela emibi yokonakala isikhumbuza amazwi eNkosi uSolomoni: “Ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwabacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.”—UmShumayeli 4:1.
Khona-ke, ingabe kufanele sizinikele ekonakaleni? Ingabe akunakugwenywa? Ingabe izwe elingenakho ukonakala liyiphupho elingenakufezeka? Ngokujabulisayo, akunjalo! IBhayibheli lisifundisa ukuthi ukungabi nabulungisa nokungabi namthetho kuzoqedwa maduze nje.
Lokho IBhayibheli Elisitshela Khona
IBhayibheli lisitshela ukuthi ukonakala kwaqala lapho ingelosi enamandla ihlubuka kuNkulunkulu futhi iyenga umbhangqwana wokuqala wabantu ukuba uhlanganyele nayo. (Genesise 3:1-6) Awuzuzanga lutho ngenkambo yawo yesono. Kunalokho, kusukela osukwini u-Adamu no-Eva abona ngalo kuJehova uNkulunkulu, baqala ukuzwa imiphumela emibi yokonakala. Imizimba yabo yaqala inqubo ehamba kancane yokuwohloka, eholela ekufeni okungenakugwenywa. (Genesise 3:16-19) Kusukela ngalesosikhathi, umlando uye wagcwala izibonelo zokufumbathisa, ukukhohlisa, nomgunyathi. Nokho, izelelesi eziningi zibonakala zingajeziswa ngakho.
Ngokungafani nezigebengu ezivamile, abaphathi bezinkampane nezazi zezombangazwe ezonakele kuyaqabukela beboshiwe noma behlawulisiwe ngenxa yezinzuzo zabo abazithole ngezindlela ezingafanele. Ngenxa yokuthi ukufumbathisa, ukugwazela, nezinzuzo kuwumshoshaphansi, ngokuvamile kunzima ukudalula ukonakala okusezingeni eliphakeme. Kodwa lokhu akusho ukuthi izwe elingenakho ukonakala liyiphupho elingenakufezeka.
Ukukhululeka ekonakaleni kuyovela kuMdali womuntu, uJehova uNkulunkulu. Ukungenela kwaphezulu kuwukuphela kwekhambi. Ngani? Ngenxa yokuthi isitha esingabonakali sesintu, uSathane uDeveli, siyaqhubeka sidukisa isintu. Njengoba sifunda kweyoku-1 Johane 5:19, “lonke izwe lisemandleni omubi.” Yini enye engaba imbangela yokwanda kokonakala—okuningi kwakho okungekho sijeziso sakho?
Awekho amandla omuntu anganqoba uSathane namademoni akhe. Ukungenela kwaphezulu kuphela okungaqinisekisa isintu esilaleyo ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21) UJehova uthembisa ukuthi maduze nje uSathane uzovinjelwa ukuze angabe esakhohlisa isintu. (IsAmbulo 20:3) Okwamanje, uma sifisa ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu elingenakho ukonakala, kumelwe sizenqabe izindlela ezonakele zalelizwe.
Abantu Bangashintsha
Ezinsukwini zikaJesu Kristu, kwakunalabo ababewasebenzisa kabi amandla abo futhi becindezela abanye. Ngokwesibonelo, abathelisi babenedumela elibi ngenxa yemikhuba yabo yokonakala. Lokhu kwakunjalo naphezu komthetho kaNkulunkulu ocacile: “Awuyikwamukela isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa ababonayo, siphendukezele amazwi olungileyo.” (Eksodusi 23:8) UZakewu, umthelisi omkhulu, wavuma ukuthi wayephanga ngokumangalela kwamanga. Kodwa kunokuba uJesu athuthukise izinguquko zezenhlalo ngezinga elibanzi, wanxusa abantu ukuba baphenduke futhi bashiye izindlela zabo ezonakele. Ngenxa yalokho, abathelisi abanjengoMathewu noZakewu ababedume ngokonakala bayishiya indlela yabo yokuphila yangaphambili.—Mathewu 4:17; 9:9-13; Luka 19:1-10.
Labo abahileleke emikhubeni yokungathembeki namuhla bangase ngokufanayo benqabe ukonakala ngokwembatha “ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.” (Efesu 4:24) Kungase kungabi lula ukukhokha izintela ngokwethembeka noma ukuyeka ukuhlanganyela ezenzweni ezingabazisayo. Noma kunjalo, izinzuzo zifanelwe yinoma yimuphi umzamo.
Njengoba bengasalawulwa yilelizwe elonakele, labo abakhathalela inhlalakahle yabanye bajabulela ukuthula kwangaphakathi. Abakhathazeki ngokuthi bayobanjwa benza okubi. Kunalokho, bajabulela ukuba nonembeza omuhle. Balingisa isibonelo seBhayibheli somprofethi uDaniyeli. Ukulandisa kweBhayibheli kuthi izikhulu eziphakeme zazifuna njalo ukuthola okuthile ezazingasola ngakho uDaniyeli. ‘Kepha azitholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga-siphosiso nacala kuye.’—Daniyeli 6:4.
Isithembiso SikaJehova
UJehova uthembisa ukuthi ‘nakuba isoni senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba-kuhle kwabamesaba uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe; kodwa akuyikuba-kuhle kwababi, nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu.’—UmShumayeli 8:12, 13.
Yeka ukukhululeka okuyoba yikho lapho ukonakala kungasenakukubangela ukungajabuli! Yeka ukuthi ukuphila phakade ezweni elingenakho ukonakala kuyoba isibusiso kanjani! Lokhu kuyokwenzeka. IBhayibheli likhuluma ‘ngethemba lokuphila okumi phakade lokho uNkulunkulu, ongenakuqamba amanga, akuthembisa ngaphambi kwezikhathi ezimiyo njalo.’ (Thithu 1:2) Uma ukuzonda ukonakala futhi uthanda ukulunga, ungase ukubone ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu sezwe elingenakho ukonakala.
[Isithombe ekhasini 4]
Ukonakala kuvamile ezindaweni zikahulumeni nakwezamabhizinisi
[Isithombe ekhasini 5]
Ngokuvamile ukonakala kuyakuthonya ukusebenzelana nezikhulu zomphakathi