Siyoba Yini Isimo Sakho Phambi Kwesihlalo Sokwahlulela?
“Lapho iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi kanye nayo, khona-ke iyohlala phansi esihlalweni sayo esikhazimulayo.”—MATHEWU 25:31.
1-3. Yisiphi isizathu esinaso sokuba nethemba ngokuqondene nobulungisa?
‘UYALIVUMA NOMA UYALIPHIKA?’ Abaningi bayamangala lapho bezwa imibiko ngamanye amacala asenkantolo. Abahluleli nabasizi babo bangazama ukuthembeka, kodwa ingabe ubulungisa buba khona? Awukaze yini uzwe ngokungabi nabulungisa nokukhetha ekwahluleleni? Ukungabi nabulungisa okunjalo akukusha, njengoba sibona emfanekisweni kaJesu otholakala kuLuka 18:1-8.
2 Kungakhathaliseki ukuthi uhlangabezana nani ebulungiseni babantu, phawula isiphetho sikaJesu: “Ngeke yini uNkulunkulu abangele ukuba benzelwe ubulungisa abantu bakhe abakhethiweyo abakhamuluka kuye imini nobusuku . . . ? Ngiyanitshela, Uyobangela ukuba benzelwe ubulungisa ngokushesha. Noma kunjalo, lapho iNdodana yomuntu ifika, ingabe ngempela iyoluthola ukholo emhlabeni?”
3 Yebo, uJehova uyoqikelela ukuba ekugcineni izinceku zakhe zithole ubulungisa. NoJesu uhilelekile, ikakhulukazi manje ngoba siphila “ezinsukwini zokugcina” zesimiso esibi samanje. Maduze nje uJehova uzosebenzisa iNdodana yakhe enamandla ekususeni ububi emhlabeni. (2 Thimothewu 3:1; 2 Thesalonika 1:7, 8; IsAmbulo 19:11-16) Indima kaJesu singayiqonda uma sibheka omunye wemifanekiso yakhe yokugcina ayenza, ovame ukubizwa ngokuthi umfanekiso wezimvu nezimbuzi.
4. Besisiqonda kanjani isikhathi sokugcwaliseka komfanekiso wezimvu nezimbuzi, kodwa kungani sizocabangela lomfanekiso manje? (IzAga 4:18)
4 Sekuyisikhathi eside sinomuzwa wokuthi lomfanekiso ubonisa ukuhlala kukaJesu njengeNkosi ngo-1914 futhi kusukela lapho ekhipha izahlulelo—ukuphila okumi phakade kubantu abazibonakalisa benjengezimvu, ukufa phakade kwabayizimbuzi. Kodwa ukucatshangelwa kabusha kwalomfanekiso kuveza ukuqonda okulungisiwe kwesikhathi sokugcwaliseka kwawo nalokho okufanekiselayo. Lokhu kulungisa kugcizelela ukubaluleka komsebenzi wethu wokushumayela nokubaluleka kokusabela kwabantu. Ukuze sibone isisekelo salokhu kuqondwa okujulile kwalomfanekiso, ake sicabangele lokho iBhayibheli elikubonisayo ngoJehova noJesu, kokubili njengamaKhosi nanjengaBahluleli.
UJehova NjengoMahluleli Ophakeme Kunabo Bonke
5, 6. Kungani kufaneleka ukubheka uJehova njengakho kokubili iNkosi noMahluleli?
5 UJehova ubusa indawo yonke, unamandla phezu kwakho konke. Njengoba engenasiqalo engenasiphelo, ‘uyiNkosi engunaphakade.’ (1 Thimothewu 1:17; IHubo 90:2, 4; IsAmbulo 15:3) Unegunya lokumisa imithetho, nokuyenza igcinwe. Kodwa igunya lakhe lihlanganisa nokuba uMahluleli. U-Isaya 33:22 uthi: “Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.”
6 Sekukade izinceku zikaNkulunkulu zibheka uJehova njengoMahluleli wamacala nezindaba ezithile. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba “umahluleli womhlaba wonke” ecabangele ubufakazi mayelana nobubi beSodoma neGomora, wanquma ukuthi abantu ababehlala lapho babefanelwe ukubhujiswa futhi waqiniseka ngokufezwa kwesahlulelo sakhe sokulunga. (Genesise 18:20-33; Jobe 34:10-12) Yeka indlela okufanele kusiqinisekise ngayo ukwazi ukuthi uJehova unguMahluleli olungileyo ongakufeza njalo okufunwa izahlulelo zakhe!
7. UJehova wasebenza kanjani njengoMahluleli lapho esebenzelana no-Israyeli?
7 Kwa-Israyeli wasendulo, ngezinye izikhathi uJehova wayekhipha isahlulelo ngokuqondile. Wawungeke yini ududuzeke emuva lapho ngokwazi ukuthi uMahluleli ophelele wayenquma izindaba? (Levitikusi 24:10-16; Numeri 15:32-36; 27:1-11) UNkulunkulu wayenikeza ‘nezahlulelo’ ezazilunge ngokuphelele njengezindinganiso zokwahlulela. (Levitikusi 25:18, 19; Nehemiya 9:13; IHubo 19:9, 10, qhathanisa ne-NW; 119:7, 75, 164; 147:19, 20.) ‘UnguMahluleli womhlaba wonke,’ ngakho sonke siyathinteka.—Heberu 12:23.
8. Yimuphi umbono ohlobene nalendaba uDaniyeli aba nawo?
8 Sinobufakazi “bukafakazi wokuzibonela” mayelana nalendaba. Umprofethi uDaniyeli wanikezwa umbono wezilo eziyingozi ezazimelela ohulumeni noma imibuso. (Daniyeli 7:1-8, 17) Wanezela: “Kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa.” (Daniyeli 7:9) Phawula ukuthi uDaniyeli wabona izihlalo zobukhosi futhi “kwahlala omdala wezinsuku [uJehova].” (Omalukeke sizenzele.) Zibuze, ‘Ingabe uDaniyeli lapha wayebona uNkulunkulu eba iNkosi?’
9. Yikuphi okunye okushiwo ‘ukuhlala’ esihlalweni sobukhosi? Nikeza izibonelo.
9 Lapho sifunda ukuthi umuntu othile “wahlala” esihlalweni sobukhosi, singase sicabange ngokuba kwakhe yinkosi, ngoba ngezinye izikhathi iBhayibheli lisebenzisa ulimi olunjalo. Ngokwesibonelo: “Kwathi [uZimri] esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wa-. . .” (1 AmaKhosi 16:11; 2 AmaKhosi 10:30; 15:12; Jeremiya 33:17) Isiprofetho esiphathelene noMesiya sathi: “Ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi.” (Omalukeke sizenzele.) Ngakho, ‘ukuhlala esihlalweni sobukhosi’ kungase kusho ukuba yinkosi. (Zakariya 6:12, 13) UJehova uchazwa njengeNkosi ehlala esihlalweni sobukhosi. (1 AmaKhosi 22:19; Isaya 6:1; IsAmbulo 4:1-3) ‘UyiNkosi yaphakade.’ Nokho, njengoba ayeqala umkhakha omusha wokubusa, kwakungase kushiwo ukuthi uye waba yiNkosi, njengokungathi uhlala esihlalweni sakhe sobukhosi kabusha.—1 IziKronike 16:1, 31, NW; Isaya 52:7, NW; IsAmbulo 11:15-17; 15:3; 19:1, 2, 6.
10. Wawuyini umsebenzi oyinhloko wamakhosi ka-Israyeli? Bonisa.
10 Kodwa nanti iphuzu eliyinhloko: Umsebenzi oyinhloko wamakhosi asendulo kwakuwukuthetha amacala nokukhipha izahlulelo. (IzAga 29:14) Khumbula isahlulelo esihlakaniphile sikaSolomoni lapho abesifazane ababili bebanga umntwana oyedwa. (1 AmaKhosi 3:16-28; 2 IziKronike 9:8) Esinye sezakhiwo zakhe zombuso kwakuthiwa “umpheme wesihlalo sobukhosi lapho ebeyakwahlulela khona,” sibuye sibizwe ngokuthi “umpheme wokwahlulela.” (1 AmaKhosi 7:7) IJerusalema lalichazwa njengendawo lapho ‘kwakumiswe khona izihlalo zokwahlulela.’ (IHubo 122:5) Ngokusobala, ‘ukuhlala esihlalweni sobukhosi’ kungase kusho nokusebenzisa igunya lokwahlulela.—Eksodusi 18:13; IzAga 20:8.
11, 12. (a) Kubonisani ukuhlala phansi kukaJehova okukhulunywe ngakho kuDaniyeli isahluko 7? (b) Eminye imibhalo ikufakazela kanjani ukuthi uJehova uhlala phansi ukuze ahlulele?
11 Manje ake siphindele lapho uDaniyeli ebona khona ‘omdala wezinsuku ehlala phansi.’ (Omalukeke sizenzele.) UDaniyeli 7:10 uyanezela: “Kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.” Yebo, oMdala Wezinsuku wayehlala ukuze akhiphe isahlulelo ngokubuswa komhlaba futhi ahlulele iNdodana yomuntu njengefanele ukubusa. (Daniyeli 7:13, 14) Khona-ke sifunda ukuthi “wafika omdala wezinsuku, abangcwele . . . banikwa ukwahlulelwa,” bahlulelwa njengabafanelekele ukubusa neNdodana yomuntu. (Daniyeli 7:22, omalukeke sizenzele.) Ekugcineni ‘abahluleli bayahlala’ futhi bakhiphe isahlulelo esibuhlungu embusweni wezwe wokugcina.—Daniyeli 7:26.a
12 Ngakho-ke, ukubona kukaDaniyeli uNkulunkulu ‘ehlala esihlalweni sobukhosi’ kwakusho ukuza kwaKhe ezokhipha isahlulelo. Ngaphambili uDavide wayehlabelele: “[Wena Jehova] ulimelele ilungelo lami nendaba yami, uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.” (IHubo 9:4, 7) Futhi uJoweli wabhala: “Mabazivuse abezizwe, benyukele esigodini sikaJehoshafati, ngokuba [mina Jehova] ngiyakuhlala khona ukuba ngahlulele bonke abezizwe nxazonke.” (Joweli 3:12; qhathanisa no-Isaya 16:5.) UJesu noPawulu baba sezimweni zokwahlulelwa lapho kwakuhlezi umuntu ukuba athethe icala futhi ahlulele.b—Johane 19:12-16; IzEnzo 23:3; 25:6.
Isikhundla SikaJesu
13, 14. (a) Yisiphi isiqinisekiso abantu bakaNkulunkulu ababenaso sokuthi uJesu wayeyoba yiNkosi? (b) UJesu wahlala nini esihlalweni sakhe sobukhosi, futhi wabusa ngamuphi umqondo kusukela ngo-33 C.E. kuqhubeke?
13 UJehova uyikho kokubili iNkosi noMahluleli. Kuthiwani ngoJesu? Ingelosi eyayimemezela ngokuzalwa kwakhe yathi: “UJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, . . . futhi umbuso wayo ngeke ube nakuphela.” (Luka 1:32, 33) UJesu wayeyoba yindlalifa yaphakade yobukhosi bukaDavide. (2 Samuweli 7:12-16) Wayeyobusa esezulwini, ngoba uDavide wathi: “UJehova wathi eNkosini yami [uJesu]: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho. Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho.”—IHubo 110:1-4.
14 Kuyokwenzeka nini lokho? UJesu akazange abuse njengeNkosi lapho engumuntu. (Johane 18:33-37) Ngo-33 C.E., wafa, wavuswa, wakhuphukela ezulwini. AmaHeberu 10:12 athi: “Lomuntu wanikela umhlatshelo owodwa wezono ngokungapheliyo futhi wahlala phansi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.” Yiliphi igunya uJesu ayenalo? “[UNkulunkulu wa]mhlalisa ngakwesokunene sakhe ezindaweni zasezulwini, ngaphezulu kakhulu kwabo bonke ohulumeni namagunya namandla nobukhosi . . . wamenza inhloko phezu kwazo zonke izinto ebandleni.” (Efesu 1:20-22) Ngenxa yokuthi uJesu ngaleso sikhathi wayenegunya lobukhosi phezu kwamaKristu, uPawulu wayengabhala ukuthi uJehova “wasikhulula egunyeni lobumnyama futhi wasidlulisela embusweni weNdodana yothando lwakhe.”—Kolose 1:13; 3:1.
15, 16. (a) Kungani sithi uJesu akazange abe iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ngo-33 C.E.? (b) UJesu waqala nini ukubusa eMbusweni kaNkulunkulu?
15 Nokho, ngaleso sikhathi uJesu akazange asebenze njengeNkosi noMahluleli phezu kwezizwe. Wahlaliswa eceleni kukaNkulunkulu, walindela isikhathi sokuba asebenze njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. UPawulu wabhala ngaye: “Iyiphi ezingelosini ake athi ebhekisele kuyo: ‘Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho njengesenabelo sezinyawo zakho’?”—Heberu 1:13.
16 OFakazi BakaJehova baye banyathelisa ubufakazi obuningi bokuthi inkathi kaJesu yokulinda yaphela ngo-1914, lapho eba umbusi woMbuso kaNkulunkulu emazulwini angabonakali. IsAmbulo 11:15, 18 sithi: “Umbuso wezwe ngempela uye waba umbuso weNkosi yethu nokaKristu wayo, futhi iyobusa njengenkosi kuze kube phakade naphakade.” “Kodwa izizwe zaba nolaka, nolaka lwakho siqu lwafika.” Yebo, izizwe zabonisa ulaka kwesinye nesinye phakathi neMpi Yezwe I. (Luka 21:24) Izimpi, ukuzamazama komhlaba, izifo eziwumshayabhuqe, ukuntuleka kokudla, nokunye okunjalo, esiye sakubona kusukela ngo-1914 kufakazela ukuthi uJesu uyabusa manje eMbusweni kaNkulunkulu, nokuthi ukuphela kokugcina kwezwe kuseduze.—Mathewu 24:3-14.
17. Yimaphi amaphuzu ayinhloko esesiwatholile kuze kube manje?
17 Uma sibukeza kafushane: Kungase kushiwo ukuthi uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sobukhosi njengeNkosi, kodwa ngomunye umqondo angahlala esihlalweni sakhe sobukhosi ukuze ahlulele. Ngo-33 C.E., uJesu wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, futhi manje uyiNkosi yoMbuso. Kodwa ingabe uJesu, manje obusa njengeNkosi, ukhonza nanjengoMahluleli? Futhi kungani sizihlupha ngalokhu, ikakhulukazi manje?
18. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi noJesu wayeyoba uMahluleli?
18 UJehova, onelungelo lokumisa abahluleli, wakhetha uJesu njengoMahluleli ohlangabezana nezindinganiso zaKhe. UJesu wabonisa lokhu lapho ekhuluma ngabantu ababa abaphilayo ngokomoya: “UYise akahluleli muntu nhlobo, kodwa ukuphathise iNdodana konke ukwahlulela.” (Johane 5:22) Nokho, indima kaJesu yokwahlulela idlulela ngalé kwalolo hlobo lokwahlulela, ngoba ungumahluleli wabaphilayo nabafileyo. (IzEnzo 10:42; 2 Thimothewu 4:1) UPawulu wake wathi: “[UNkulunkulu] umise usuku ajonge ukwahlulela ngalo ngokulunga umhlaba owakhiwe ngomuntu ammisile [uJesu], futhi unikeze isiqinisekiso kubo bonke abantu njengoba eye wamvusa.”—IzEnzo 17:31; IHubo 72:2-7.
19. Kungani kufaneleka ukukhuluma ngoJesu njengohlezi phansi njengoMahluleli?
19 Ingabe sinesizathu sokuphetha ngokuthi uJesu uhlala esihlalweni sobukhosi esikhazimulayo esendimeni ekhethekile yokuba uMahluleli? Yebo. UJesu watshela abaphostoli: “Ekudalweni kabusha, lapho iNdodana yomuntu ihlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo, nina eniye nangilandela niyohlala nani ngokwenu ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulela izizwana eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.” (Mathewu 19:28) Nakuba uJesu manje eyiNkosi yoMbuso, omunye umsebenzi wakhe okukhulunywe ngawo kuMathewu 19:28 uyohlanganisa ukuhlala esihlalweni sobukhosi ukuze ahlulele phakathi neMinyaka Eyinkulungwane. Ngaleso sikhathi uyokwahlulela bonke abantu, abalungile nabangalungile. (IzEnzo 24:15) Kuzosisiza ukukhumbula lokhu njengoba siphendulela ukunakekela kwethu komunye wemifanekiso kaJesu ethinta isikhathi sethu nokuphila kwethu.
Uthini Lowo Mfanekiso?
20, 21. Yini abaphostoli bakaJesu abayibuza ehlobene nesikhathi sethu, okuholela kumuphi umbuzo?
20 Ngaphambi nje kokuba uJesu afe, abaphostoli bakhe bambuza: “Ziyokwenzeka nini lezizinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) UJesu wabikezela izenzakalo ezibalulekile emhlabeni ngaphambi kokuba ‘ukuphela kufike.’ Ngaphambi nje kwalokho kuphela, izizwe “ziyobona iNdodana yomuntu iza iphezu kwamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.”—Mathewu 24:14, 29, 30.
21 Nokho, isimo sabantu balezo zizwe siyoba yini lapho iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo? Ake sithole emfanekisweni wezimvu nezimbuzi, oqala ngalamazwi: “Lapho iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi kanye nayo, khona-ke iyohlala phansi esihlalweni sayo esikhazimulayo. Futhi zonke izizwe ziyobuthelwa phambi kwayo.”—Mathewu 25:31, 32.
22, 23. Yimaphi amaphuzu abonisa ukuthi umfanekiso wezimvu nezimbuzi awuzange uqale ukugcwaliseka ngo-1914?
22 Ingabe lomfanekiso usebenza lapho uJesu ehlala phansi emandleni obukhosi ngo-1914, njengoba sekuyisikhathi eside sikuqonda kanjalo? UMathewu 25:34 uyakhuluma ngaye njengeNkosi, ngakho ngokunengqondo lomfanekiso wagcwaliseka kusukela lapho uJesu eba yiNkosi ngo-1914. Kodwa yikuphi ukwahlulela akwenza ngokushesha ngemva kwalokho? Kwakungekhona ukwahlulela “zonke izizwe.” Kunalokho, waphendulela ukunakekela kwakhe kulabo ababethi bakha ‘indlu kaNkulunkulu.’ (1 Petru 4:17) Ngokuvumelana noMalaki 3:1-3, uJesu, njengesithunywa sikaJehova, wahlola ngokwahlulela amaKristu agcotshiwe ayesele emhlabeni. Futhi kwakuyisikhathi sesigwebo sokwahlulelwa kweLobukholwa, elaliqamba amanga lithi ‘liyindlu kaNkulunkulu.’c (IsAmbulo 17:1, 2; 18:4-8) Kodwa akukho okubonisa ukuthi ngaleso sikhathi, noma-ke ukuthi kusukela lapho, uJesu wahlala ukuze ahlulele abantu bazo zonke izizwe okokugcina njengezimvu noma izimbuzi.
23 Uma sihlaziya umsebenzi kaJesu kulomfanekiso, simbona ahlulela zonke izizwe okokugcina. Lomfanekiso awubonisi ukuthi ukwahlulela okunjalo kwakuyoqhubeka enkathini ende yeminyaka eminingi, njengokungathi wonke umuntu ofe phakathi nalamashumi eminyaka adlule wahlulelwe njengofanelwe ukufa okumi phakade noma ukuphila okumi phakade. Kubonakala sengathi iningi labaye bafa emashumini eminyaka amuva liye laya ethuneni lesintu elivamile. (IsAmbulo 6:8; 20:13) Nokho, lomfanekiso ubonisa isikhathi uJesu ayokwahlulela ngaso abantu bazo “zonke izizwe” abayobe bephila ngaleso sikhathi futhi bebhekene nokukhishwa kwesigwebo sakhe sesahlulelo.
24. Uyogcwaliseka nini umfanekiso wezimvu nezimbuzi?
24 Ngamanye amazwi, lomfanekiso ukhomba esikhathini esizayo lapho iNdodana yomuntu iyoza khona ngenkazimulo yayo. Iyohlala phansi ukuze yahlulele abantu abayobe bephila ngaleso sikhathi. Ukwahlulela kwayo kuyosekelwa kulokho abaye bazibonakalisa beyikho. Ngaleso sikhathi uyobe ucace kahle ‘umehluko phakathi kwabalungileyo nababi.’ (Malaki 3:18) Ukumenyezelwa nokufezwa kwalokho okushiwo isahlulelo kuyokwenziwa ngesikhathi esilinganiselwe. UJesu uyokwenza izinqumo ezinokulunga ezisekelwe kulokho okuye kwaba sobala ngabantu.—Bheka neyesi-2 Korinte 5:10.
25. UMathewu 25:31 ubonisani uma ekhuluma ngokuhlala kweNdodana yomuntu esihlalweni sobukhosi esikhazimulayo?
25 Khona-ke, lokhu kusho ukuthi ‘ukuhlala phansi kukaJesu esihlalweni sobukhosi esikhazimulayo’ ukuze ahlulele, okushiwo kuMathewu 25:31, kuyokwenzeka esikhathini esizayo lapho leNkosi enamandla iyohlala phansi ukuze imemezele isahlulelo ezizweni futhi iqiniseke ngokufezwa kwaso. Yebo, isimo sokwahlulela esihilela uJesu kuMathewu 25:31-33, 46 sifana naleso esikuDaniyeli isahluko 7, lapho iNkosi ebusayo, oMdala Wezinsuku, ehlala phansi ukuze afeze indima yakhe njengoMahluleli.
26. Iyiphi incazelo entsha yalomfanekiso eba sobala?
26 Ukuqonda lomfanekiso wezimvu nezimbuzi ngalendlela kubonisa ukuthi ukwahlulelwa kwezimvu nezimbuzi kuseza. Kuyokwenzeka ngemva kokugqashuka ‘kosizi’ okukhulunywe ngalo kuMathewu 24:29, 30 nalapho iNdodana yomuntu ‘ifika ngenkazimulo yayo.’ (Qhathanisa noMarku 13:24-26.) Khona-ke, njengoba sonke isimiso esibi siyobe siphela, uJesu uyothetha amacala, akhiphe isahlulelo futhi aqiniseke ngokufezwa kwaso.—Johane 5:30; 2 Thesalonika 1:7-10.
27. Yini okufanele sibe nesithakazelo sokuyazi ngomfanekiso kaJesu wokugcina?
27 Lokhu kulungisa ukuqonda kwethu isikhathi sokugcwaliseka komfanekiso kaJesu, obonisa ukuthi izimvu nezimbuzi ziyokwahlulelwa nini. Kodwa kusithinta kanjani thina esishumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngentshiseko? (Mathewu 24:14) Ingabe kwenza umsebenzi wethu ungabe usabaluleka kakhulu, noma kusinika umthwalo wemfanelo othé xaxa? Ake sibone esihlokweni esilandelayo indlela esithinteka ngayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Igama elihunyushwe ngokuthi “abahluleli” kuDaniyeli 7:10, 26 liyatholakala naku-Ezra 7:26 nakuDaniyeli 4:37; 7:22.
b Ngokuqondene nokumangalelana kwamaKristu ezinkantolo, uPawulu wabuza: “Ingabe ngamadoda abukelwa phansi ebandleni eniwabeka njengabahluleli [ngokwezwi nezwi “eniwabeka ezihlalweni”]?”—1 Korinte 6:4.
c Bheka IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, amakhasi 56, 73, 235-45, 260, ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Uyakhumbula?
◻ UJehova ukhonza kanjani njengakho kokubili iNkosi noMahluleli?
◻ Yiziphi izinto ezimbili ezingase zishiwo ‘ukuhlala esihlalweni sobukhosi’?
◻ Yini ebesiyisho ngaphambili mayelana nesikhathi sokugcwaliseka kukaMathewu 25:31, kodwa yisiphi isisekelo esikhona sombono olungisiwe?
◻ INdodana yomuntu ihlala nini esihlalweni sayo sobukhosi, njengoba kuboniswe kuMathewu 25:31?