Liyoba Yini Ikusasa Lezimvu Nezimbuzi?
“Iyohlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini.”—MATHEWU 25:32.
1, 2. Kungani umfanekiso wezimvu nezimbuzi kufanele usithakazelise?
UJESU KRISTU wayenguMfundisi omkhulu ngempela emhlabeni. (Johane 7:46) Enye yezindlela zakhe zokufundisa yayiwukusebenzisa imifanekiso. (Mathewu 13:34, 35) Yayilula kodwa inamandla ekudluliseleni amaqiniso ajulile angokomoya nangokwesiprofetho.
2 Emfanekisweni wezimvu nezimbuzi, uJesu wabhekisela esikhathini sokuba kwakhe sesikhundleni esikhethekile: “Lapho iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo, . . .” (Mathewu 25:31) Lokhu kufanele kusithakazelise ngoba yilomfanekiso uJesu aphetha ngawo impendulo yakhe yombuzo othi: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) Kodwa lokhu kusho ukuthini kithi?
3. Ngaphambili enkulumweni yakhe, yini uJesu athi yayiyokwenzeka ngokushesha ngemva kokuqala kosizi olukhulu?
3 UJesu wabikezela izenzakalo eziphawulekayo eziyoza “masinyane ngemva” kokugqashuka kosizi olukhulu, lezo esisazilindele. Wathi ngaleso sikhathi kuyovela “isibonakaliso seNdodana yomuntu.” Lokhu kuyozithinta kakhulu “zonke izizwana zomhlaba” ‘eziyobona iNdodana yomuntu iza iphezu kwamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.’ INdodana yomuntu iyobe ihambisana ‘nezingelosi zayo.’ (Mathewu 24:21, 29-31)a Kuthiwani ngomfanekiso wezimvu nezimbuzi? AmaBhayibheli anamuhla awufake esahlukweni 25, kodwa uyingxenye yempendulo kaJesu, unikeza imininingwane eyengeziwe ngokuza kwakhe ngenkazimulo futhi ugxila ekwahluleleni kwakhe “zonke izizwe.”—Mathewu 25:32.
Abahilelekile Emfanekisweni
4. Yini eshiwoyo ngoJesu ekuqaleni komfanekiso wezimvu nezimbuzi, futhi obani abanye okukhulunywa ngabo?
4 UJesu uqala umfanekiso ngokuthi: “Lapho iNdodana yomuntu ifika.” Cishe uyazi ukuthi “iNdodana yomuntu” ingubani. Ababhali bamaVangeli babevame ukusebenzisa leyo nkulumo kuJesu. Ngisho noJesu ngokwakhe wakwenza, ngokungangabazeki ecabanga ngombono kaDaniyeli ‘wonjengendodana yomuntu’ eya koMdala Wezinsuku ukuba yamukele “ukubusa, nobukhosi, nombuso.” (Daniyeli 7:13, 14; Mathewu 26:63, 64; Marku 14:61, 62) Nakuba uJesu engoyinhloko kulomfanekiso, akayedwa. Ngaphambili kulenkulumo, njengoba icashunwe kuMathewu 24:30, 31, wayethe lapho iNdodana yomuntu ‘iza namandla nenkazimulo enkulu,’ izingelosi zayo ziyoba nendima ebalulekile. Ngokufanayo, umfanekiso wezimvu nezimbuzi uveza izingelosi zinoJesu lapho ‘ehlala phansi esihlalweni sakhe sobukhosi esikhazimulayo’ ukuba ahlulele. (Qhathanisa noMathewu 16:27.) Kodwa loMahluleli nezingelosi zakhe basezulwini, ngakho ingabe kukhulunywa ngabantu kulomfanekiso?
5. Singabaqonda kanjani “abafowabo” bakaJesu?
5 Ukuwuthi shazi lomfanekiso kwembula amaqembu amathathu okudingeka siwaqonde. Ngaphandle kwezimvu nezimbuzi, iNdodana yomuntu yenezela iqembu lesithathu okubalulekile ukuliqonda ukuze siqonde ukuthi izimvu nezimbuzi zingobani. UJesu ubiza leli qembu lesithathu ngokuthi abafowabo abangokomoya. (Mathewu 25:40, 45) Kumelwe ukuthi bangabakhulekeli beqiniso, ngoba uJesu wathi: “Ngoba noma ubani owenza intando kaBaba . . . , nguye lowo ongumfowethu, nodadewethu, nomama.” (Mathewu 12:50; Johane 20:17) UPawulu wabhala ngamaKristu ayingxenye ‘yembewu ka-Abrahama’ futhi angamadodana kaNkulunkulu. Wabiza lawa ngokuthi “abafowabo” bakaJesu ‘nabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini.’—Heberu 2:9–3:1; Galathiya 3:26, 29.
6. Obani “abancane” kubafowabo bakaJesu?
6 Kungani uJesu akhuluma ‘ngabancane’ kubafowabo? Lawo mazwi ananela lokho abaphostoli ababemuzwe ekusho ngaphambili. Lapho eqhathanisa uJohane uMbhapathizi, owafa ngaphambi kukaJesu futhi ngenxa yalokho owayenethemba lasemhlabeni, nalabo abathola ukuphila kwasezulwini, uJesu wathi: “Akuzange kuvezwe omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kodwa umuntu ongomncane kunabanye embusweni wamazulu mkhulu kunaye.” (Mathewu 11:11) Abanye abaya ezulwini kungenzeka babevelele ebandleni, njengabaphostoli, abanye bengavelele kangako, kodwa bonke bangabafowabo bakaJesu abangokomoya. (Luka 16:10; 1 Korinte 15:9; Efesu 3:8; Heberu 8:11) Ngakho, ngisho noma abanye babengabonakala bengabalulekile emhlabeni, babengabafowabo futhi kwakufanele baphathwe ngendlela efanele.
Zingobani Izimvu Nezimbuzi?
7, 8. Yini uJesu ayisho ngezimvu, ngakho yini esingaphetha ngayo ngazo?
7 Nakhu esikufunda ngokwahlulelwa kwezimvu: “Inkosi [uJesu] iyothi kulabo abangakwesokunene sayo, ‘Wozani, nina enibusiswe nguBaba, zuzani njengefa umbuso enawulungiselelwa kusukela ekusekelweni kwezwe. Ngoba ngalamba nanginika okudliwayo; ngoma nanginika okuphuzwayo. Ngangiyisihambi nangamukela ngokufudumele; ngihamba-ze, nangigqokisa. Ngagula nanginakekela. Ngangisetilongweni neza kimi.’ Khona-ke abalungileyo bayoyiphendula ngalamazwi, ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakunika ukudla, noma womile, sakunika okuphuzwayo? Sakubona nini uyisihambi sakwamukela ngemfudumalo, noma uhamba-ze, sakugqokisa? Sakubona nini ugula noma usetilongweni saya kuwe?’ Futhi inkosi iphendula iyothi kubo, ‘Ngiqinisile ngithi kini, Ngezinga enikwenze ngalo komunye wabancane kunabo bonke lababafowethu, nikwenzile nakimi.’”—Mathewu 25:34-40.
8 Ngokusobala, izimvu ezahlulelwa njengezifanele ukuba ngakwesokudla sikaJesu sokuqashelwa nokwamukelwa, zimelela isigaba sabantu. (Efesu 1:20; Heberu 1:3) Zenzani futhi nini? UJesu uthi ngomusa, ngenhlonipho, nangokuphana zamnika ukudla, okuphuzwayo, okokugqoka, zamsiza lapho egula noma esejele. Lapho izimvu zithi azikwenzanga lokhu kuJesu ngokuqondile, uveza ukuthi zabasekela abafowabo abangokomoya, insali yamaKristu agcotshiwe, ngakho ngalowo mqondo zakwenza kuye.
9. Kungani lomfanekiso ungasebenzi phakathi neMinyaka Eyinkulungwane?
9 Lomfanekiso awusebenzi eMinyakeni Eyinkulungwane, ngoba ngaleso sikhathi abagcotshiwe ngeke babe abantu abalambayo, abomayo, abagulayo, noma ababoshwayo. Nokho, abaningi babo baye babhekana nokunjalo phakathi nesiphelo salesi simiso sezinto. Selokhu uSathane alahlelwa phansi emhlabeni, uye wenza insali yaba yizisulu ezikhethekile zolaka lwakhe, enza ukuba ihlekwe usulu, ihlukunyezwe, futhi ife.—IsAmbulo 12:17.
10, 11. (a) Kungani kungenangqondo ukucabanga ukuthi izimvu zihlanganisa wonke umuntu owenza isenzo somusa kubafowabo bakaJesu? (b) Ngokufanelekile, izimvu zimelela bani?
10 Ingabe uJesu usho ukuthi wonke umuntu owenzela omunye wabafowabo isenzo esincane somusa, njengokubapha ucezu lwesinkwa noma ingilazi yamanzi, uyafaneleka ukuba omunye walezi zimvu? Yiqiniso, ukwenza umusa onjalo kungase kubonise umusa wobuntu, kodwa empeleni, kubonakala kunokuningi okuhilelekile ezimvwini zalomfanekiso. Ngokwesibonelo, uJesu wayengabhekiseli neze kubantu abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu noma abefundisi okwakungathi ngokwethukela benze isenzo somusa komunye wabafowabo. Ngokuphambene nalokho, kabili uJesu wabiza izimvu ngokuthi “abalungileyo.” (Mathewu 25:37, 46) Ngakho kumelwe ukuba izimvu zingabantu okuthe phakathi nenkathi ethile yesikhathi baba usizo—babasekela ngenkuthalo—abafowabo bakaKristu futhi abaye babonisa ukholo kwaze kwaba sezingeni lokuthola ukuma kokulunga phambi kukaNkulunkulu.
11 Phakathi namakhulu eminyaka, abaningi, njengo-Abrahama baye bajabulela ukuma kokulunga. (Jakobe 2:21-23) UNowa, u-Abrahama, nabanye abakholekile babaliwe phakathi ‘kwezinye izimvu’ eziyodla ifa lokuphila ePharadesi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Ezikhathini zamuva ezinye izigidi ziye zamukela ukukhulekela kweqiniso njengezinye izimvu futhi ziye zaba “mhlambi munye” nabagcotshiwe. (Johane 10:16; IsAmbulo 7:9) Laba abanamathemba asemhlabeni baqaphela abafowabo bakaJesu njengamanxusa oMbuso futhi ngenxa yalokho baye babasiza—ngokoqobo nangokomoya. UJesu ukubheka njengokwenziwe kuye lokho ezinye izimvu ezikwenzela abafowabo emhlabeni. Abanjalo abayobe bephila lapho ezokwahlulela izizwe bayokwahlulelwa njengezimvu.
12. Kungani izimvu zingabuza ukuthi zazizenze kanjani izenzo zomusa kuJesu?
12 Uma ezinye izimvu manje zishumayela izindaba ezinhle nabagcotshiwe futhi zibasiza, kungani ziyobuza: “Nkosi, sakubona nini ulambile sakunika ukudla, noma womile, sakunika okuphuzwayo?” (Mathewu 25:37) Izizathu zingahlukahluka. Lona ngumfanekiso. Ngawo, uJesu ubonisa ukukhathalela kwakhe abafowabo abangokomoya okujulile; uyabazwela, uhlupheka nabo. Ngaphambili uJesu wayethe: “Lowo onamukelayo uyangamukela nami futhi, nalowo ongamukelayo wamukela nalowo owangithuma futhi.” (Mathewu 10:40) Kulomfanekiso, uJesu wenabisa lesi simiso, ebonisa ukuthi okwenziwa kubafowabo (kukuhle noma kukubi) kufinyelela ngisho nasezulwini; kunjengokungathi kwenziwa kuye ezulwini. Futhi, uJesu lapha ugcizelela indinganiso kaJehova yokwahlulela, ecacisa ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi siyakuvuna noma siyakulahla, sifanelekile futhi sinokulunga. Izimbuzi ngeke zibe nazaba zithi, ‘Ukuba nje sasikubone ngokuqondile.’
13. Kungani abanjengezimbuzi babengabiza uJesu ngokuthi “Nkosi”?
13 Uma sesiqonda ukuthi siyokhishwa nini isahlulelo esiboniswe kulomfanekiso, siba nombono ocace nakakhulu wokuthi zingobani izimvu. Uyogcwaliseka lapho “isibonakaliso seNdodana yomuntu siyobonakala ezulwini, khona-ke zonke izizwana zomhlaba ziyozishaya zilila, futhi ziyobona iNdodana yomuntu iza . . . inamandla nenkazimulo enkulu.” (Mathewu 24:29, 30) Abasinde osizini lweBabiloni Elikhulu abaye baphatha abafowabo beNkosi ngenzondo manje ngenxa yokuphelelwa yithemba bangase babize uMahluleli ngokuthi “Nkosi,” bethemba ukuthi bazosindisa ukuphila kwabo.—Mathewu 7:22, 23; qhathanisa nesAmbulo 6:15-17.
14. UJesu uyozahlulela ngasiphi isisekelo izimvu nezimbuzi?
14 Nokho, isahlulelo sikaJesu ngeke sisekelwe ezinkulumweni eziyoshiwo ngenxa yokuphelelwa yithemba zabantu ababesonta, abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, noma abanye. (2 Thesalonika 1:8) Kunalokho, umahluleli uyohlaziya isimo senhliziyo nezenzo zesikhathi esidlule abantu abazenza ngisho ‘nakoyedwa walaba abancane kubafowabo.’ Kuyavunywa, inani lamaKristu agcotshiwe elisele emhlabeni liyancipha. Nokho, uma nje abagcotshiwe abakha “isigqila esikholekile nesiqondayo,” beqhubeka benikeza ukudla okungokomoya nesiqondiso, abasazoba yizimvu banethuba lokwenza okuhle kulesi sigaba sesigqila, njengoba nje kuye kwenza ‘isixuku esikhulu esiphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu.’—IsAmbulo 7:9, 14.
15. (a) Abaningi baye bazibonakalisa kanjani benjengezimbuzi? (b) Kungani kufanele sigweme ukusho ukuthi umuntu uyimvu noma uyimbuzi?
15 Abafowabo bakaKristu nezigidi zezinye izimvu eziye zahlangana nabo zaba mhlambi munye baye baphathwa kanjani? Abantu abaningi kungenzeka abazange babahlasele abameleli bakaKristu, kodwa futhi abazange baphathe ngothando abantu bakhe. Bekhetha izwe elibi, abanjengezimbuzi bayasenqaba isigijimi soMbuso, kungakhathaliseki ukuthi basizwa ngokuqondile noma ngenye indlela. (1 Johane 2:15-17) Yiqiniso, ekugcineni, nguJesu omiswe ukuba ahlulele. Akukhona okwethu ukuba sinqume ukuthi obani abayizimvu nabayizimbuzi.—Marku 2:8; Luka 5:22; Johane 2:24, 25; Roma 14:10-12; 1 Korinte 4:5.
Liyoba Yini Ikusasa Leqembu Ngalinye?
16, 17. Liyoba yini ikusasa lezimvu?
16 UJesu wakhipha isahlulelo sakhe sezimvu: “Wozani, nina enibusiswe nguBaba, zuzani njengefa umbuso enawulungiselelwa kusukela ekusekelweni kwezwe.” Yeka isimemo esijabulisayo—“Wozani”! Kuphi? Ekuphileni okumi phakade, njengoba kuvezwe engxenyeni yokugcina: “Abalungileyo [bayongena] ekuphileni okumi phakade.”—Mathewu 25:34, 46.
17 Emfanekisweni wamatalenta, uJesu wabonisa okudingekayo kulabo abayobusa naye ezulwini, kodwa kulomfanekiso ubonisa okulindeleke kwabayizikhonzi zoMbuso. (Mathewu 25:14-23) Kalula nje, ngenxa yokusekela kwazo abafowabo bakaJesu ngezinhliziyo eziphelele, izimvu zizuza njengefa indawo emhlabeni eMbusweni wakhe. Ziyojabulela ukuphila emhlabeni oyipharadesi—ithemba uNkulunkulu azilungiselela lona “kusukela ekusungulweni kwezwe” labantu ababengase bahlengwe.—Luka 11:50, 51.
18, 19. (a) UJesu uyozinika siphi isahlulelo izimbuzi? (b) Singaqiniseka kanjani ukuthi izimbuzi ngeke zihlushwe phakade?
18 Yeka indlela esihluke ngayo isahlulelo esikhishwa kwabayizimbuzi! “Khona-ke nakulabo abangakwesobunxele sayo iyothi, ‘Sukani kimi, nina eniqalekisiweyo, niye emlilweni omi phakade olungiselelwe uDeveli nezingelosi zakhe. Ngoba ngalamba, kodwa aninginikanga lutho oludliwayo, futhi ngoma, kodwa aninginikanga lutho ukuba ngiphuze. Ngangiyisihambi, kodwa aningamukelanga ngokufudumele; ngihamba-ze, kodwa aningigqokisanga; ngigula futhi ngisetilongweni, kodwa aninginakekelanga.’ Khona-ke nabo bayophendula ngalamazwi, ‘Nkosi, sakubona nini ulambile noma womile noma uyisihambi noma uhamba-ze noma ugula noma usetilongweni futhi sangakukhonza?’ Khona-ke iyobaphendula ngalamazwi, ‘Ngiqinisile ngithi kini, Ngezinga eningakwenzanga ngalo koyedwa walaba abancane kunabo bonke, anikwenzanga nakimi.’”—Mathewu 25:41-45.
19 Abafundi beBhayibheli bayazi ukuthi lokhu akunakusho ukuthi imiphefumulo engafi yabanjengezimbuzi iyohlupheka emlilweni waphakade. Cha, ngoba abantu bayiyo imiphefumulo; abanayo imiphefumulo engafi. (Genesise 2:7; UmShumayeli 9:5, 10; Hezekeli 18:4) Ngokunikeza izimbuzi isigwebo sokuya “emlilweni omi phakade,” uMahluleli usho ukubhujiswa okungenathemba lesikhathi esizayo, okuyoba futhi ukuphela kwaphakade kukaDeveli namademoni akhe. (IsAmbulo 20:10, 14) Ngakho, uMahluleli kaJehova ukhipha izahlulelo ezingafani. Utshela izimvu, “Wozani”; izimbuzi, “Sukani kimi.” Izimvu ziyozuza njengefa “ukuphila okumi phakade.” Izimbuzi ziyothola ‘ukunqunywa okumi phakade.’—Mathewu 25:46.b
Kusho Ukuthini Kithi?
20, 21. (a) AmaKristu anamuphi umsebenzi obalulekile wokuwenza? (b) Yikuphi ukuhlukanisa okuqhubekayo manje? (c) Siyoba yini isimo sabantu lapho umfanekiso wezimvu nezimbuzi uqala ukugcwaliseka?
20 Abaphostoli abane abezwa impendulo kaJesu ephathelene nesibonakaliso sokuba khona kwakhe nesiphelo sesimiso baba nokuningi kokukucabangela. Kwakuyodingeka bahlale bephapheme futhi belindile. (Mathewu 24:42) Futhi kwakuyodingeka benze umsebenzi wokufakaza oshiwo kuMarku 13:10. OFakazi BakaJehova bawenza ngomfutho lowo msebenzi namuhla.
21 Nokho, lokhu kuqondwa kabusha komfanekiso wezimvu nezimbuzi kusho ukuthini kithi? Abantu bayaluthatha kakade uhlangothi. Abanye ‘basemgwaqweni ovulekile oholela ekubhujisweni,’ kanti abanye bazama ukuhlala ‘emgwaqweni onyinyekile oholela ekuphileni.’ (Mathewu 7:13, 14) Kodwa isikhathi uJesu ayokhipha ngaso isahlulelo sokugcina ezimvwini nasezimbuzini esiboniswe emfanekisweni siseza. Lapho iNdodana yomuntu iza njengoMahluleli, iyonquma ukuba amaKristu amaningi eqiniso—eqinisweni “isixuku esikhulu” sezimvu ezizinikezele—afanelekele ukudlula engxenyeni yokugcina ‘yosizi olukhulu’ angene ezweni elisha. Lelo themba kufanele libe umthombo wenjabulo manje. (IsAmbulo 7:9, 14) Ngakolunye uhlangothi, amanani amakhulu aphuma kuzo “zonke izizwe” ayobe ezibonakalise enjengezimbuzi ezinenkani. ‘Ayoya ekunqunyweni okumi phakade.’ Yeka impumuzo emhlabeni!
22, 23. Njengoba lomfanekiso uyogcwaliseka esikhathini esizayo, kungani umsebenzi wethu wokushumayela namuhla ubalulekile?
22 Nakuba ukwahlulela okuchazwe emfanekisweni kuzokwenzeka esikhathini esizayo esiseduze, ngisho namanje kunokuthile okubalulekile okwenzekayo. Thina maKristu senza umsebenzi osindisa ukuphila, wokumemezela isigijimi esihlukanisa abantu. (Mathewu 10:32-39) UPawulu wabhala: “Ngoba ‘wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.’ Nokho, bayombiza kanjani lowo abangabekanga ukholo kuye? Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?” (Roma 10:13, 14) Inkonzo yethu yasobala ifinyelela abantu emazweni angaphezu kuka-230 ngegama likaNkulunkulu nesigijimi sakhe sensindiso. Abafowabo bakaKristu abagcotshiwe basahola kulomsebenzi. Ezinye izimvu ezingaba yizigidi ezinhlanu manje zihlanganyela nabo. Futhi abantu embulungeni yonke bayasabela esigijimini esimenyezelwa abafowabo bakaJesu.
23 Abaningi bayasithola isigijimi sethu njengoba sishumayela endlini ngendlu noma ngokwethukela. Ngezindlela esingazazi, abanye bangase bezwe ngoFakazi BakaJehova nokuthi simelelani. Lapho isikhathi sokwahlulela sifika, uJesu uyoliqaphela ngezinga elingakanani icala lomphakathi nokuthola kwabantwana umusa ngenxa yabazali? Asinakusho, futhi akusizi ukuqagela. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 7:14.) Abaningi bavala izindlebe ngamabomu, bahleke usulu, noma bahlanganyele ekushushisweni ngokuqondile kwabantu bakaNkulunkulu. Ngakho, lesi isikhathi esibucayi; abanjalo kungenzeka baba yilabo uJesu ayobahlulela ngokuthi izimbuzi.—Mathewu 10:22; Johane 15:20; 16:2, 3; Roma 2:5, 6.
24. (a) Kungani kubalulekile ukuba abantu basabele kahle ekushumayeleni kwethu? (b) Lesi sifundo sikusize ukuba ube nasiphi isimo sengqondo ngenkonzo yakho?
24 Nokho kuyajabulisa ukuthi abaningi basabela kahle, batadisha iZwi likaNkulunkulu, futhi baba oFakazi BakaJehova. Abanye manje ababonakala benjengezimbuzi bangase bashintshe babe njengezimvu. Iphuzu liwukuthi labo abasabelayo nabayisekela ngenkuthalo insali yabafowabo bakaKristu manje banikeza ubufakazi obuyonikeza isisekelo sokuba bamiswe ngakwesokunene sikaJesu lapho, esikhathini esizayo esingekude, ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi ukuze akhiphe isahlulelo. Laba bayabusiswa futhi bayoqhubeka bebusiswa. Ngakho, lomfanekiso kufanele usishukumisele emsebenzini wentshiseko eyengeziwe enkonzweni yobuKristu. Kungakephuzi kakhulu, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze simemezele izindaba ezinhle zoMbuso futhi ngaleyo ndlela sinikeze abanye ithuba lokusabela. Khona-ke kuyoba kuJesu ukuba akhiphe isahlulelo, kungakhathaliseki ukuthi siyabalahla noma siyabavuna.—Mathewu 25:46.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1994, amakhasi 16-21.
b I-Evangelio de Mateo iyaphawula: “Ukuphila okungunaphakade kuwukuphila kokugcina; okuphambene nakho yisijeziso sokugcina. Isiphawulo sesiGreki esithi aionios ngokuyinhloko asibonisi inkathi, kodwa izinga. Isijeziso sokugcina siwukufa phakade.”—Uprofesa osathatha umhlalaphansi uJuan Mateos (Pontifical Biblical Institute, Rome) noProfesa Fernando Camacho (Theological Center, Seville), eMadrid, eSpain, 1981.
Uyakhumbula?
◻ Yikuphi ukufana okukhona phakathi kukaMathewu 24:29-31 noMathewu 25:31-33 okubonisa ukuthi umfanekiso wezimvu nezimbuzi uyosebenza esikhathini esizayo, futhi kunini lapho?
◻ Obani “abancane” kubafowabo bakaJesu?
◻ Ukusebenzisa kukaJesu inkulumo ethi “abalungileyo” kusisiza kanjani ukuba sibone ukuthi laba bamelela obani nokuthi obani abangabameleli?
◻ Nakuba lomfanekiso uyogcwaliseka esikhathini esizayo, kungani ukushumayela kwethu kubalulekile futhi kuphuthuma manje?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 24]
PHAWULA IZICI EZIFANAYO
Mathewu 24:29-31 Mathewu 25:31-33
Ngemva kokuqala kosizi olukhulu, INdodana yomuntu iyeza
kufika iNdodana yomuntu
Iza nenkazimulo enkulu Ifika ngenkazimulo futhi
ihlala esihlalweni sobukhosi
esikhazimulayo
Izingelosi zikanye nayo Izingelosi zifika nayo
Zonke izizwana zomhlaba Zonke izizweziyabuthwa;
ziyayibona izimbuzi ziyahlulelwa
ekugcineni (usizi olukhulu
luyaphela)
[Umthombo]
Garo Nalbandian