Qaphela Ukuzenza Olungile!
EKHULWINI lokuqala, abaFarisi babejabulela idumela elihle lokuba abakhulekeli bakaNkulunkulu abalungile. Babengabafundi abaqotho bemiBhalo futhi babethandaza njalo. Abanye abantu babebabheka njengabamnene nabacabangelayo. Isazi-mlando esingumJuda uJosephus sabhala: “AbaFarisi banokusondelana ngokomzwelo futhi bahlakulela ukusebenzelana ngokuzwana nomphakathi.” Akumangalisi ukuthi cishe babengabantu ababehlonishwa futhi bethathelwa phezulu kunabo bonke emphakathini wamaJuda ngaleso sikhathi!
Nokho, namuhla igama elithi “ubuFarisi” namagama ahlobene nalo liyajivaza, lifana namagama athi ukuzenza ongcwele, ukuzenza olungile, ukuba ungcwelengcwele, ukukholwa ngokweqile, nelithi ukunikela inkonzo yokugcina icala. Kungani abaFarisi balahlekelwa idumela labo elihle?
Yingoba, ngokungafani namaJuda amaningi, uJesu Kristu akazange akhohliswe ukubonakala kwangaphandle kwabaFarisi. Wabafanisa “namathuna acakiwe, ngaphandle abonakala emahle ngempela kodwa ngaphakathi agcwele amathambo abantu abafileyo nayo yonke inhlobo yokungahlanzeki.”—Mathewu 23:27.
Yiqiniso, babenza imithandazo emide lapho bemi ezindaweni zomphakathi, kodwa lokhu babekwenza ukuze nje babonwe abanye, njengoba uJesu asho. Ukukhulekela kwabo kwakumane nje kuwukuzenzisa. Babethanda izindawo ezivelele ezidlweni zakusihlwa nezihlalo eziphambili emasinagogeni. Nakuba wonke amaJuda ayebophekile ukugqoka izingubo ezinezinsephe, abaFarisi bazama ukuhlaba abantu umxhwele ngokugqoka izingubo ezinezinsephe ezinde ngokweqile. Babekuthanda ukubukisa ngamabhokisi abo aqukethe imibhalo abanzi ababewagqoka njengezigqizo. (Mathewu 6:5; 23:5-8) Ubuzenzisi babo, ukuhaha kwabo, nokuzazisa kwabo ekugcineni kwabahlazisa.
UJesu wazwakalisa ukwenqaba kukaNkulunkulu abaFarisi: “Nina bazenzisi, u-Isaya waprofetha ngokufanele ngani, lapho ethi, ‘Lesisizwe singidumisa ngezindebe zaso, nokho inhliziyo yaso iqhelele kude nami. Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’” (Mathewu 15:7-9) Ukulunga kwabo kwakungokokuzenzisa ngempela. Kuyaqondakala ukuthi uJesu waxwayisa abafundi bakhe: “Qaphelani imvubelo yabaFarisi.” (Luka 12:1) Namuhla, nathi kumelwe ‘siqaphele’ ukuzenza abalungile noma sixwaye ukuba abazenzisi abangokwenkolo.
Ekwenzeni kanjalo, kufanele siqaphele ukuthi umuntu akabi ozenza olungile ngobusuku obubodwa. Kunalokho, lokhu kuthambekela kungena kancane kancane isikhathi eside. Ngisho noma engaqondile umuntu angaba nezici ezingathandeki zabaFarisi.
Isimo Sengqondo Sokuziphakamisa
Yiziphi ezinye zezici okumelwe ‘siziqaphele’? Abantu abazenza abalungile ngokuvamile “bakhuluma, bame, futhi babukeke njengokungathi abakaze benze into engalungile,” kuchaza i-Encyclopædia of Religion and Ethics. Futhi abantu abazenza abalungile bayaqhosha, futhi bayaziphakamisa, okwakuyinkinga enkulu yabaFarisi.
UJesu wachaza lesi simo sengqondo sobuFarisi ngalomfanekiso: “Abantu ababili bakhuphukela ethempelini beyothandaza, omunye engumFarisi nomunye engumthelisi. UmFarisi wema futhi waqala ukuthandaza lezizinto kuye ngokwakhe, ‘O Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuthi anginjengabo bonke abanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, noma ngisho nanjengalomthelisi. Ngizila ukudla kabili ngesonto, nginikela okukodwa eshumini kwakho konke engikuzuzayo.’” Ngokuphambene umthelisi wavuma ngokuthobeka amaphutha akhe futhi wabonakala elunge kakhulu kunomFarisi oqhoshayo. UJesu washo lomfanekiso kulabo “ababezithemba ukuthi babelungile nababebheka bonke abanye njengabangelutho.”—Luka 18:9-14.
Njengabantu abangaphelele ngezinye izikhathi singase sibe nomuzwa wokuthi singcono kunabanye ngenxa yamakhono ethu angokwemvelo noma izinzuzo. Kodwa amaKristu kufanele ayiphebeze ngokushesha imicabango enjalo. Kungenzeka uneminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho ekuphileni kobuKristu. Kungenzeka ungumfundisi weBhayibheli onekhono. Noma mhlawumbe uthi uye wagcotshwa ukuze ubuse noKristu ezulwini. Abanye ebandleni bajabulela amalungelo akhethekile njengezikhonzi zesikhathi esigcwele, abadala, noma izinceku ezikhonzayo. Zibuze, ‘UJehova ubengazizwa kanjani uma ngisebenzisa lokho anginikeze khona njengesisekelo sokuzizwa ngimkhulu kwabanye?’ Ngokuqinisekile, lokhu bekungamdumaza.—Filipi 2:3, 4.
Lapho umKristu ebonisa umoya wokuziphakamisa ngenxa yamakhono akhe awanikezwe uNkulunkulu, amalungelo, noma igunya, eqinisweni uphanga uNkulunkulu inkazimulo nodumo olufanele Yena kuphela. IBhayibheli liyala umKristu ngokucacile ukuba “angazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba akucabange.” Liyasinxusa: “Yibani nomqondo ofanayo ngabanye onjengalowo eninawo ngani; ninganaki izinto eziphakeme, kodwa holwani kanye nezinto eziphansi. Ningabi abaqondayo emehlweni enu siqu.”—Roma 12:3, 16.
“Yeka Ukwahlulela”
Ngokwe-encyclopedia ethile yeBhayibheli, umuntu ozenza olungile “uzicabangela njengoqotho ngokokuziphatha noma onokuma okulungile noNkulunkulu ngenxa yokunamathela kwakhe kokuqukethwe izimfuneko zomthetho ngaphandle kokucabangela ezikushoyo.” Enye incwadi ichaza abantu abazenza abalungile ngokuthi “abantu abakholwe ngokweqile abachitha sonke isikhathi sabo befuna ububi kwabanye.”
AbaFarisi babenecala lalokhu. Ekugcineni imithetho yabo eyenziwe abantu yabonakala ibaluleke kakhulu kunemithetho nezimiso zikaNkulunkulu. (Mathewu 23:23; Luka 11:41-44) Bazimisa bona ngokwabo ukuba babe abahluleli futhi babethambekele ekulahleni noma ubani owayengahlangabezani nezindinganiso zabo zokuzenza abalungile. Isimo sabo sengqondo sokuziphakamisa nokuzihlonipha kwabo ngokweqile kwabangela ukuba bafune ukulawula abanye abantu. Ukungakwazi kwabo ukulawula uJesu kwabathukuthelisa, ngakho bakha uzungu lokumbulala.—Johane 11:47-53.
Yeka indlela okungathandeki ngayo ukuba nobudlelwane nomuntu ozenza umahluleli, ohlale ebheka amaphutha, ehlola futhi elawula wonke umuntu oseduze kwakhe. Ngempela, akekho ebandleni onegunya lokuphoqelela kwabanye imibono yakhe nemithetho azenzele yona. (Roma 14:10-13) AmaKristu alinganiselayo ayaqaphela ukuthi izici eziningi zokuphila kwansuku zonke zidinga ukuba umuntu azenzele yena ngokwakhe isinqumo. Ikakhulukazi labo abanokuthambekela kokukhathalela yonke imininingwane abaphoqelela izinto kumelwe bagweme ukwahlulela abanye.
Yiqiniso, kuvumelekile ukuba ibandla lobuKristu libe neziqondiso ezinengxenye ekwenzeni inhlangano kaJehova yasemhlabeni isebenze ngokushelela. (Heberu 13:17) Kodwa abanye baye bazisonta lezi ziqondiso noma banezela imithetho yabo siqu. Endaweni ethile bonke abafundi eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini kwakumelwe bagqoke amasudi futhi bafase izinkinobho zamabhantshi abo lapho bebeka inkulumo. Umfundi owayengakwenzi lokhu wayephucwa ilungelo lokunikeza izinkulumo esikhathini esizayo. Kunokwenza imithetho enjalo eqinile, bekungeke yini kube ukucabangela kakhudlwana futhi kuvumelane nokushiwo yiZwi likaNkulunkulu ukunikeza isiqondiso somusa, somuntu siqu uma kudingekile?—Jakobe 3:17.
Ukuzenza olungile kungase kuthuthukise nombono wokuthi uma umKristu ebhekene nobunzima obuningi bomuntu siqu, kumelwe ukuba untula okuthile ngokomoya. Yilokho kanye u-Elifazi, uBilidadi, noSofari ababezenza abalungile ababekucabanga ngoJobe okholekile. Babengenawo umbono ophelele ngesimo, ngakho kwakuwukugabadela ngabo ukusola uJobe ngokuthi wenze okubi. UJehova wabajezisa ngenxa yokucabanga kwabo okusontekile ngovivinyo lukaJobe.—Bheka uJobe, izahluko 4, 5, 8, 11, 18, 20.
Intshiseko Engaqondisiwe Kahle
Ukuzenza olungile nokushiseka ngokuvamile kuhlobene. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngamaJuda athambekele enkolweni ‘njenganentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile; ngoba ngenxa yokungakwazi ukulunga kukaNkulunkulu kodwa efuna ukumisa okwawo siqu, awazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu.’ (Roma 10:2, 3) NjengomFarisi, uPawulu ngokwakhe wayeshiseka ngokweqile, nakuba intshiseko yakhe yayingaqondisiwe kahle, ingasekelwe ekulungeni kukaJehova.—Galathiya 1:13, 14; Filipi 3:6.
Ngokufanelekile iBhayibheli liyayala: “Ungabi-ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na?” (UmShumayeli 7:16) Ebandleni umKristu angase aqale ngokuba ozinikelayo, kodwa ukuzinikela kwakhe nentshiseko kungawohloka kube ukuzenza olungile. Uma iqondiswa ukuhlakanipha komuntu kunokuba iqondiswe ukulunga kukaJehova, intshiseko engokwenkolo ingabalimaza abanye. Kanjani?
Ngokwesibonelo, abazali bangase babe matasa ngokweqile ekunakekeleni izidingo ezingokomoya zabanye, kuyilapho bengase badebeselele izidingo zomkhaya wabo siqu. Noma abazali bangase bashiseke ngokweqile, bafune okwengeziwe kubantwana babo kunalokho abangase bakwenze. (Efesu 6:4; Kolose 3:21) Abanye abantwana, bengakwazi ukuhlangabezana nezimfuno ezinjalo zokungacabangeli, basabela ngokuphila ukuphila okumbaxa-mbili. Umzali ocabangelayo uyocabangela ukulinganiselwa komkhaya wakhe abese enza ukulungisa okufanelekile.—Qhathanisa noGenesise 33:12-14.
Intshiseko eyeqile ingasiphuca nobuhlakani, uzwela, nesisa, okubalulekile ekusebenzelaneni kwethu nabanye. Umuntu angase asebenze kanzima ukuze athuthukise izithakazelo zoMbuso. Nokho, intshiseko yakhe eyeqile ingase ilimaze abantu njengoba eqhubeka eyibonisa. UPawulu wathi: “Uma nginesipho sokuprofetha futhi ngijwayelene nazo zonke izimfihlo ezingcwele nalo lonke ulwazi, futhi uma nginalo lonke ukholo ukuze ngigudluze izintaba, kodwa ngingenalo uthando, angilutho. Futhi uma nginikela ngakho konke okungokwami ukuze kondliwe abanye, futhi uma nginikela ngomzimba wami, ukuze ngiziqhayise, kodwa ngingenalo uthando, angitholi mbuyiselo nhlobo.”—1 Korinte 13:2, 3.
UNkulunkulu Uthanda Abathobekile
NjengamaKristu kudingeka silubone usongo lokuzenza abalungile ngaphambi kokuba luqale. Kumelwe sigweme isimo sengqondo sokuziphakamisa, umkhuba wokwahlulela abanye, nentshiseko yokuphuphutheka esekelwe ekuhlakanipheni komuntu.
Njengoba ‘siqaphela’ izimo zengqondo zobuFarisi, kunokuba sahlulele abanye njengabazenza abalungile, kuyoba ngcono ukuba sigxile ekuthambekeleni kwethu siqu. Yiqiniso, uJesu wabahlulela abaFarisi futhi wabalahla ‘njengenzalo yezinyoka ezinesihlungu’ ezifanelwe ukubhujiswa okungunaphakade. Kodwa uJesu wayekwazi ukufunda izinhliziyo zabantu. Thina asikwazi.—Mathewu 23:33.
Masifune ukulunga kukaNkulunkulu hhayi okwethu siqu. (Mathewu 6:33) Kungaleso sikhathi kuphela lapho singathola khona umusa kaJehova, ngoba iBhayibheli lisiyala sonke: “Bhincani ukuthobeka kwengqondo omunye komunye, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe.”—1 Petru 5:5.