Benza Intando KaJehova
Ukwethembeka KukaJobe Kuyavuzwa
UJOBE wayeyindoda enobubele, umvikeli wabafelokazi, izintandane nabahluphekayo. (Jobe 29:12-17; 31:16-21) Kodwa-ke, ngokungazelele, wehlelwa inhlekelele, walahlekelwa ingcebo yakhe, izingane zakhe nempilo yakhe. Ngokudabukisayo, le ndoda eqotho eyayiyinsika yabacindezelwe ayitholanga sizo lapho yona iswele. Ngisho nomkayo wayitshela ukuba ‘ithuke uNkulunkulu, ife.’ Futhi “abangane” bayo u-Elifazi, uBilidadi noSofari abazange bayiduduze. Kunalokho, basikisela ukuthi uJobe wayenze isono ngakho-ke wayefanelwe ukuzwa ubuhlungu.—Jobe 2:9; 4:7, 8; 8:5, 6; 11:13-15.
Naphezu kokuhlupheka okukhulu, uJobe wahlala ethembekile. Ngenxa yalokho, ekugcineni uJehova wabonisa uJobe umusa futhi wambusisa. Ukulandisa kokuthi wakwenza kanjani lokho kunikeza isiqinisekiso kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu ezingabagcini bobuqotho sokuthi nazo ziyovuzwa ngesikhathi esifanele.
Ukususwa Kwecala Nokubuyiselwa
Okokuqala, uJehova wasola u-Elifazi, uBilidadi noSofari. Ekhuluma no-Elifazi ngokunokwenzeka owayemdala kunabo bonke, wathi: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe. Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe-ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela.” (Jobe 42:7, 8) Cabanga nje ukuthi lokhu kwakusho ukuthini!
UJehova wayelindele umnikelo omkhulu ku-Elifazi, uBilidadi noSofari, mhlawumbe ukuze agcizelele kubo ubukhulu besono sabo. Ngempela, bazi noma bengazi, babehlambalazé uNkulunkulu ngokuthi “nasezincekwini zakhe akethembi” nangokuthi kwakungasho lutho kuye ukuthi uJobe wayethembekile yini noma cha. U-Elifazi waze wathi emehlweni kaNkulunkulu uJobe wayengayidluli ngalutho inundu! (Jobe 4:18, 19; 22:2, 3) Yingakho uJehova athi: “Anikhulumanga okulungileyo ngami”!
Kodwa akupheleli lapho. U-Elifazi, uBilidadi noSofari bamona uJobe ngokumtshela ukuthi nguyena owayezibangela izinkinga. Ukumangalela kwabo okungenasisekelo nokuntula kwabo uzwela ngokuphelele kwashiya uJobe emunyu futhi ecindezelekile, okwambangela ukuba akhale: “Koze kube-nini nihlupha umphefumulo wami, ningiphohloze ngamazwi, na?” (Jobe 10:1; 19:2) Cabanga nje ngamahloni ala madoda amathathu njengoba manje kwakumelwe anike uJobe umhlatshelo wezono zawo!
Kodwa uJobe kwakungamelwe enamele ukuthotshiswa kwawo. Ngempela, uJehova wayefuna ukuba uJobe athandazele abamangaleli bakhe. UJobe wenza njengoba ayeyaliwe futhi wabusiswa ngenxa yalokho. Okokuqala, uJehova welapha isifo sakhe esisabisayo. Khona-ke, abafowabo bakaJobe, odadewabo nababemazi ngaphambili beza bazomduduza, “yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.”a Ngaphezu kwalokho, uJobe “waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.”b Ngokusobala, umkaJobe wabuyelana naye. Ngokuhamba kwesikhathi, uJobe wabusiswa ngamadodana angu-7 namadodakazi amathathu, futhi waphila waze wabona izizukulwane ezine zenzalo yakhe.—Jobe 42:10-17.
Esikufundayo
UJobe wazibekela isibonelo esiyingqayizivele izinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla. ‘Wayengenasici, futhi elungile,’ indoda uJehova ayeziqhenya ngokuyibiza ngokuthi “inceku yami.” (Jobe 1:8; 42:7, 8) Nokho, lokhu akusho ukuthi uJobe wayephelele. Ngesinye isikhathi phakathi nokuvivinywa kwakhe, ngephutha wacabanga ukuthi uNkulunkulu owayembangela usizi lwakhe. Waze wagxeka nendlela kaNkulunkulu yokusebenzelana nabantu. (Jobe 27:2; 30:20, 21) Wazibona elungile kunokuphakamisa ukulunga kukaNkulunkulu. (Jobe 32:2) Kodwa uJobe wenqaba ukufulathela uMdali, futhi ngokuthobeka wakwamukela ukulungiswa uNkulunkulu. “Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga,” evuma. “Ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”—Jobe 42:3, 6.
Lapho singaphansi kovivinyo nathi singase sicabange, sikhulume, noma senze ngendlela engafanele. (Qhathanisa nomShumayeli 7:7.) Nokho, uma simthanda ngokujulile uNkulunkulu, ngeke simvukele noma simthukuthelele ngoba evumela ukuba sihlangabezane nobunzima. Kunalokho, siyolondoloza ukwethembeka kwethu futhi kanjalo ekugcineni sivune isibusiso esikhulu. Umhubi wathi ngoJehova: “Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile.”—IHubo 18:25.
Ngaphambi kokuba uJobe abuyiselwe esimweni sempilo enhle, uJehova wayefuna ukuba athandazele labo ababemonile. Yeka isibonelo esihle kithina! UJehova ufuna ukuba sithethelele labo abasonayo ngaphambi kokuba izono zethu zithethelelwe. (Mathewu 6:12; Efesu 4:32) Uma singazimisele ukuthethelela abanye lapho kunesisekelo esizwakalayo sokwenza kanjalo, ingabe singalindela ngokufanele ukuba uJehova asibonise umusa?—Mathewu 18:21-35.
Sonke sibhekana novivinyo ngezikhathi ezithile. (2 Thimothewu 3:12) Nokho, njengoJobe singabugcina ubuqotho. Ngokwenza kanjalo, siyovuna umvuzo omkhulu. UJakobe wabhala: “Bhekani! Sithi bayajabula labo abaye bakhuthazela. Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza, ukuthi uJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unesihe.”—Jakobe 5:11.
[Imibhalo yaphansi]
a Inani ‘lohlamvu lwemali’ (ngesiHeberu, qesi·tahʹ) alaziwa. Kodwa ‘amakesita ayikhulu’ ayethenga isiqeshana sezwe esikhulu ngosuku lukaJakobe. (Joshuwa 24:32) Ngakho-ke, “uhlamvu lwemali” lwesivakashi ngasinye cishe lwaluyisipho somusa ngempela.
b Ngokunokwenzeka, kukhulunywa ngobulili balezi zimbongolo ngenxa yokubaluleka kwazo njengezizalayo.