Ukuthwala Umthwalo Wemfanelo Wokunakekela Umkhaya
“BOBABA, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Ngalawo mazwi aphefumulelwe, umphostoli uPawulu wawubeka ngokucacile umthwalo wemfanelo wokunakekela umkhaya endaweni yawo efanele—emahlombe kababa.
Emikhayeni eminingi ubaba akazinakekeli yedwa izingane zakhe. Umkakhe, unina wezingane zakhe, uwuhlanganyela ngenjabulo lo mthwalo nomyeni wakhe. Ngakho, iNkosi uSolomoni yathi: “Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.”—IzAga 1:8.
Ukunakekela Ngokwezinto Ezibonakalayo Nangokomoya
Abazali abazithandayo izingane zabo abazishayi indiva ngamabomu. Empeleni, kumaKristu ukwenza kanjalo kungafana nokulahla ukholo lwawo, njengoba sikubona emazwini kaPawulu kuThimothewu: “Ngokuqinisekile uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) AmaKristu ayaqaphela ukuthi ukukhulisa izingane “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova” kudinga okungaphezulu kakhulu kokuzinakekela ngezinto ezibonakalayo.
Cabangela ukunxusa kukaMose isizwe sakwa-Israyeli lapho sasikanise emathafeni akwaMowabi, ngaphambi nje kokuba singene eZweni Lesithembiso. Lapho, waphindaphinda umthetho kaNkulunkulu kuso futhi wasiyala: “Niyakuwabeka lawamazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu.” (Duteronomi 11:18) Ngaphambili wayesikhumbuze ukuthi kwakufanele sithande uJehova ngayo yonke inhliziyo yaso, ngawo wonke umphefumulo waso nangawo wonke amandla aso, wenezela: “Lawamazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba-senhliziyweni yakho.” (Duteronomi 6:5, 6) Kwakubalulekile ngabazali abangama-Israyeli ukuba bavumele amazwi oMthetho kaNkulunkulu angene agxile ezinhliziyweni zabo. Ngezinhliziyo ezichichima ukwazisa ngezinto ezingokomoya, abazali abangama-Israyeli babengawalalela ngokuphumelelayo amazwi kaMose alandelayo: “Ubafundise impela [amazwi oMthetho kaNkulunkulu] abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.”—Duteronomi 6:7; 11:19; qhathanisa noMathewu 12:34, 35.
Phawula ukuthi obaba kwakufanele ‘bazifundise impela’ izingane zabo lawo mazwi futhi ‘bawakhulume.’ I-Merriam-Webster’s Collegiate Dictionary ichaza igama elihunyushwe ngokuthi “ubafundise impela” njengelisho “ukufundisa nokugxilisa ngokuphindaphinda noma ngokuyala njalo.” Lapho abazali bekhuluma ngoMthetho kaNkulunkulu nsuku zonke—ekuseni, emini nasebusuku—kwakuyosho lukhulu lokhu ezinganeni zabo. Njengoba izingane zibona uthando abazali bazo abanalo ngoMthetho kaNkulunkulu, zaziyothonyelwa ukuba zihlakulele ukusondelana noJehova. (Duteronomi 6:24, 25) Ngokuthakazelisayo, uMose wayala obaba ngokukhethekile ukuba bafundise izingane zabo ‘lapho behlezi ezindlini zabo.’ Ukufundisa okunjalo kwakuyingxenye yokunakekela umkhaya. Kodwa kuthiwani namuhla?
“Lapho Uhlezi Endlini Yakho”
“Akulula,” kuchaza uJanet, umama wezingane ezine ongumKristu.a “Kudingeka ukuphikelela,” kuvuma uPaul, umyeni wakhe. Njengabanye babazali abaningi abangoFakazi, uPaul noJanet bazama ukutadisha iBhayibheli nezingane zabo okungenani kanye ngesonto. “Sizama ukuba nengxoxo yeBhayibheli yomkhaya njalo ngoMsombuluko kusihlwa ngesikhathi esimisiwe,” kuchaza uPaul, futhi wavuma: “Kodwa akuphumeleli ngaso sonke isikhathi.” Njengomdala omisiwe ebandleni akulo, ngezinye izikhathi uye abizwe ukuze asingathe izindaba eziphuthumayo. Izingane zakhe ezimbili ezindala zikhonza njengezikhonzi zesikhathi esigcwele. Zithola ukuthi izikhathi zakusihlwa ziyizikhathi ezikhiqizayo ekuthintaneni nabantu enkonzweni. Ngakho, njengomkhaya, baye bashintsha isikhathi sesifundo sabo somkhaya. “Ngezinye izikhathi siba nesifundo sethu ngokushesha ngemva kwesidlo sethu sakusihlwa,” kuchaza uPaul.
Ngisho noma abazali ngokuhlakanipha bebonisa ukuvumelana nezimo lapho kuza esikhathini sesifundo somkhaya wabo, bazama ukuba siqhutshwe njalo. “Uma isikhathi sesifundo sethu kudingeka sishintshwe,” kuphawula indodakazi uClare, “njalo ubaba ubeka isikhathi esisha emnyango wesiqandisi, ukuze sonke sazi ukuthi sizokuba nini.”
Ukubuthanela isifundo seBhayibheli somkhaya njalo kunikeza namalungu omkhaya asemasha ithuba elihle lokuba axoxe nabazali bawo ngalokho okuwakhathazayo nezinkinga zawo. Isifundo esinjalo siba nemiphumela emihle uma sikhululeke ngendlela yokuthi izingane azigcini nje ngokufunda izimpendulo zemibuzo ebuzwa encwadini yesifundo seBhayibheli esetshenziswayo. “Isifundo sethu somkhaya siyinkundla yengxoxo,” kuchaza uMartin onamadodana amabili. Uyaphawula: “Lapho nihlangana ndawonye kanye ngesonto ukuze nixoxe ngendaba engokomBhalo, uyathola ukuthi unjani umkhaya wakho ngokomoya. Kuvela izinto eziningi ezihlukahlukene engxoxweni. Uyathola ukuthi kwenzekani esikoleni, futhi okuthakazelisa nakakhulu, uthola ukuthi isiphi isimo sengqondo izingane zakho eseziba naso.” Umkakhe uSandra uyavuma futhi unomuzwa wokuthi naye uzuza okuningi esifundweni somkhaya. Uyachaza: “Lapho umyeni wami eqhuba isifundo, ngifunda okuningi ngokulalela indlela amadodana ami aphendula ngayo imibuzo yakhe.” Lapho ephawula, uSandra ube esesebenzisa amazwi azosiza amadodana akhe. Usijabulela ngokwengeziwe isifundo ngoba uhlanganyela ngentshiseko kuso. Yebo, izikhathi zesifundo somkhaya zenza abazali baqonde indlela izingane zabo ezicabanga ngayo.—IzAga 16:23; 20:5.
Yiba Ovumelana Nezimo Futhi Uphikelele
Lapho kufika isikhathi sesifundo senu somkhaya, ungase uthole ukuthi enye ingane iphapheme futhi inesithakazelo, kuyilapho enye idinga ukunxenxwa ukuze igxilise ingqondo futhi izuze. Omunye umama ongumKristu uyaphawula: “Kunjalo ukuphila komkhaya! Uyazi ukuthi kufanele wenzeni njengomzali. Ngakho lapho uqhubeka naso, uJehova uyakusiza, alethe imiphumela.”
Isikhathi osemusha akwazi ukusichitha egxilise ingqondo singase sihlukahluke kakhulu kuye ngeminyaka yakhe. Umzali oqondayo uyakucabangela lokhu. Omunye umbhangqwana unezingane ezinhlanu, ezineminyaka ephakathi kuka-6 nawo-20. Ubaba, uMichael, uthi: “Nikeza omncane kakhulu ithuba lokuphendula imibuzo kuqala. Yibe usuvumela izingane ezindala ukuba zenezele imininingwane futhi ziphawule amaphuzu eziwalungiselele.” Le ndlela yokusebenzelana ngokuqonda nezingane yenza abazali bakwazi ukufundisa ukubaluleka kokucabangela abanye. “Enye yamadodana ethu ingase iqonde,” kuphawula uMartin, “kodwa lona omunye umfana udinga usizo olukhulu ukuze alithole iphuzu. Ngithola ukuthi isikhathi sesifundo siba inkundla yokuqeqeshelwa ukubonisa isineke sobuKristu kanye nezinye izithelo zomoya.”—Galathiya 5:22, 23; Filipi 2:4.
Zimisele ukuzivumelanisa namakhono angefani namazinga okukhula angalingani ezingane zakho. USimon noMark, manje asebevile eshumini nambili, bathola ukuthi lapho besebancane, babekujabulela ngempela ukufunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila nabazali babo. Bayakhumbula: “Ubaba wayethi sizenze ngokoqobo izingxenye ezihlukahlukene njengomdlalo waseshashalazini.” Uyise ukhumbula egaqa ngamadolo nezandla elingisa umfanekiso womSamariya olungileyo namadodana akhe. (Luka 10:30-35) “Kwakungokoqobo futhi kujabulisa kakhulu.”
Izingane eziningi ziyamelana nenkambiso yokuba nesifundo somkhaya. Ingabe lokhu kufanele kwenze abazali bayeke ukuqhuba isifundo lapho sihleliwe? Cha, akunjalo neze. IzAga 22:15 ziyavuma: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.” Omunye umama ongayedwa wayecabanga ukuthi uyahluleka ukuba umqhubi wesifundo somkhaya lapho, ezikhathini eziningi, izinto ezithile ziphazamisa isifundo. Kodwa waphikelela. Manje izingane zakhe zimhlonipha kakhulu futhi seziyalwazisa uthando nokukhathalela akubonisa ngokuphikelela eqhuba isifundo somkhaya njalo.
Ukusiza ‘Izintandane’
Abadala abangamaKristu kufanele ‘baluse umhlambi kaNkulunkulu.’ (1 Petru 5:2, 3) Ukuyivakashela njalo ngemva kwezikhathi ezithile imikhaya esebandleni kubanika amathuba okutusa abazali abathwala umthwalo wabo wemfanelo wobuKristu. Ngubani onomthwalo wemfanelo wokufundisa izingane zabazali abangabodwa? Akumelwe sikhohlwe ukuthi umthwalo wemfanelo wokufundisa izingane ungowomzali.
Ukuqapha kobuKristu kuyosiza abadala ukuba bagweme izimo ezingase zibenze bephule izimiso, ezingadaleka lapho bethatha indima yomzali ongekho. Nakuba abazalwane ababili bengamhambela udade ongumKristu ongumzali ongayedwa, bayoqapha njalo ngokuphathelene nalokho abakuhlelayo ekusekeleni ilungiselelo lesifundo somkhaya. Ngezikhathi ezithile, kungase kube okwakhayo nokuwusizo ukumema izingane (futhi, ngisho nomzali ongayedwa) ukuba bahlanganyele esifundweni somkhaya womdala. Nokho, singalokothi sikhohlwe ukuthi uJehova unguBaba wethu omkhulu wasezulwini. Ngokuqinisekile ukhona ukuze aqondise futhi asize umama lapho eqhuba isifundo nezingane zakhe, ngisho noma enza kanjalo eyedwa.
Kuthiwani ngesimo lapho osemusha ekhathalela khona izinto ezingokomoya, kodwa abazali bakhe bengabonisi kukhathalela okutheni noma bengayikhathaleli nhlobo imithwalo yabo yemfanelo engokomoya? Izinceku zikaJehova ezithembekile akudingekile neze zidangale. Umhubi wahlabelela: “Othithibeleyo uyazinikela kuwe [Jehova Nkulunkulu]; wena ungumsizi wentandane.” (IHubo 10:14) Abadala abanothando ebandleni nabo bayokwenza okusemandleni abo ukukhuthaza abazali njengoba benakekela izingane zabo. Bangase basikisele ingxoxo yomkhaya bese beba khona ukuze banikeze ukusikisela okuthile okuwusizo ngokuphathelene nendlela yokufunda ndawonye. Yiqiniso, ngeke bathathe umthwalo wemfanelo wabazali, osemahlombe abo ngokomBhalo.
Izingane ezinabazali abangakholwa zidinga ukusekelwa okukhulu. Ukuzihlanganisa esifundweni senu somkhaya kungase kube usizo uma lokho kwamukeleka kubazali bazo. URobert, manje osengumuntu omdala onomkhaya wakhe, wayeza emihlanganweni yobuKristu nabazali bakhe lapho eseneminyaka emithathu nje ubudala. Wayenezinkumbulo ezijabulisayo ngaleyo mihlangano ngisho nangemva kokuba abazali bakhe sebeyekile ukuhlanganyela nebandla lobuKristu. Lapho eneminyaka eyishumi ubudala, wahlangana nomfana onguFakazi owaya naye emihlanganweni. Abazali balo mfana onguFakazi bamnakekela ngenjabulo uRobert njengentandane engokomoya futhi kamuva bafunda naye. Ngenxa yalokhu kunakekela kothando, wathuthuka ngokushesha futhi manje ujabulela ukukhonza njengomdala ebandleni.
Ngisho noma abazali bemelene nentuthuko yezingane zabo, izingane azizodwa. UJehova uhlale enguBaba othembekile wasezulwini. IHubo 68:5 lithi: “[Unguyise] wezintandane, . . . uNkulunkulu endlini yakhe engcwele.” Abafana namantombazane abayizintandane ngokomoya bayazi ukuthi bangaphendukela kuye ngomthandazo, futhi uyobasekela. (IHubo 55:22; 146:9) Inhlangano kaJehova enjengomama iwufeza ngenkuthalo umthwalo wayo wemfanelo wokulungiselela ukudla okungokomoya okujabulisayo ekunikeza ngezincwadi zayo nangemihlangano yamabandla obuKristu angaphezu kuka-85 000 emhlabeni wonke. Ngakho, ngosizo olungokomoya oluvela kuBaba wethu, uJehova, nasenhlanganweni yakhe enjengomama, ngisho ‘nentandane’ iyojabulela isilinganiso esithile sesifundo seBhayibheli.
Kufanele batuswe abazali abangamaKristu abaziqhuba njalo izifundo zeBhayibheli zomkhaya nezingane zabo. Abazali abangabodwa abaphikelelayo ekuqeqesheni izingane zabo ngendlela kaJehova kufanele banakwe ngokukhethekile futhi banconywe ngemizamo yabo. (IzAga 22:6) Bonke ababonisa ukukhathalela ngezingane eziyizintandane ngokomoya bayazi ukuthi lokhu kuyamjabulisa uBaba wethu wasezulwini, uJehova. Ukunakekela izidingo ezingokomoya zomkhaya kuwumthwalo wemfanelo onzima. Kodwa ‘ungayeki, ngoba ngenkathi efanele uyovuna uma ungakhathali.’—Galathiya 6:9.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
[Isithombe ekhasini 23]
Isifundo somkhaya sinikeza amalungu asemasha ithuba elihle lokuba axoxe nabazali bawo ngalokho okuwakhathazayo
[Umthombo Wesithombe ekhasini 20]
Harper’s