Umbono WamaKristu Ngamasiko Omngcwabo
UKUFA kothandekayo ngokuzumayo kubangela usizi ngokudlulele. Kubangela ukushaqeka, okulandelwa ubuhlungu obukhulu obungokomzwelo. Ukubuka othandekayo elala ekufeni ngemva kokugula kabuhlungu isikhathi eside kuhlukile, kodwa usizi nomuzwa wokulahlekelwa okukhulu kona kuba khona.
Kungakhathaliseki ukuthi othandekayo ufa ngaphansi kwaziphi izimo, labo abashonelwe badinga ukusekelwa nenduduzo. UmKristu oshonelwe angase futhi ashushiswe yilabo abafuna ukugcina amasiko omngcwabo angqubuzana nemiBhalo. Kuvamile lokhu emazweni amaningi ase-Afrika nakwezinye izingxenye zomhlaba.
Yini eyosiza umKristu oshonelwe ukuba agweme amasiko omngcwabo angqubuzana nemiBhalo? Abakholwa kanye naye bangasekela kanjani ezikhathini ezinjalo ezivivinyayo? Bonke abafuna ukujabulisa uJehova bayakukhathalela ukuthola izimpendulo zale mibuzo, ngoba “indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenalo ibala elivela ezweni.”—Jakobe 1:27.
Ahlobene Ngenkolelo Eyodwa
Isici esisodwa esihlobanisa amasiko amaningi omngcwabo yinkolelo yokuthi abafileyo bayaqhubeka bephila endaweni yokhokho engabonakali. Ukuze bashweleze kubo, abaningi abasosizini lokushonelwa bazizwa bebophekile ukugcina amasiko athile. Noma, besaba ukuthi bazocasula omakhelwane abakholelwa ukuthi umphakathi uzokwehlelwa ingozi uma lawo masiko engagcinwa.
UmKristu weqiniso akumelwe avumele ukunqotshwa ukwesaba abantu abese ehlanganyela emasikweni acasula uNkulunkulu. (IzAga 29:25; Mathewu 10:28) IBhayibheli libonisa ukuthi abafileyo abezwa lutho, ngoba lithi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho . . . akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.” (UmShumayeli 9:5, 10) Ngakho-ke, uJehova uNkulunkulu waxwayisa abantu bakhe basendulo ukuba bangazami ukushweleza kwabafileyo noma ukuthintana nabo. (Duteronomi 14:1; 18:10-12; Isaya 8:19, 20) La maqiniso eBhayibheli angqubuzana namasiko amaningi omngcwabo athandwayo.
Kuthiwani “Ngokuzihlanza Ngobulili”?
Emazweni athile amaphakathi ne-Afrika, umngane womshado oshonelwe kulindeleke ukuba abe nobuhlobo bobulili nesihlobo esiseduze salowo oshonile. Uma kungenziwanga lokho, kukholelwa ukuthi lowo oshonile uyolimaza abomkhaya abasaphila. Leli siko libizwa ngokuthi “ukuzihlanza ngobulili.” Kodwa iBhayibheli libiza noma ibuphi ubuhlobo bobulili ngaphandle komshado ngokuthi “ubufebe.” Njengoba amaKristu kumelwe ‘abalekele ubufebe,’ amelana ngesibindi naleli siko elingqubuzana nemiBhalo.—1 Korinte 6:18.
Cabanga ngomfelokazi obizwa ngokuthi uMercy.a Lapho umyeni wakhe eshona ngo-1989, izihlobo zafuna ukuba azihlanze ngobulili nesihlobo sesilisa. Wenqaba, wachaza ukuthi leli siko liphambene nomthetho kaNkulunkulu. Zikhungathekile, izihlobo zahamba ngemva kokuba zimchaphe ngamazwi. Ngemva kwenyanga zaphundla umuzi wakhe, zasusa uthayela ophahleni lwawo. Zathi: “Inkolo yakho izokunakekela.”
Ibandla lamduduza uMercy lamakhela ngisho nomuzi omusha. Omakhelwane bahlabeka umxhwele kangangokuthi abanye banquma ukuhlanganyela kulo msebenzi futhi umkanduna ongumKatolika waba owokuqala ukuletha utshani bokufulela. Ukuziphatha kukaMercy ngokwethembeka kwazikhuthaza izingane zakhe. Kusukela ngaleso sikhathi ezine zazo ziye zazinikezela kuJehova uNkulunkulu, futhi muva nje enye ibiseSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo.
Ngenxa yesiko lokuzihlanza ngobulili, amanye amaKristu aye azivumela ukuba acindezelwe ukuba ashade nomuntu ongakholwa. Ngokwesibonelo, omunye umfelwa oseminyakeni yawo-70 washada ngokuxhamazela nentombazane encane ehlobene nomkakhe owayeshonile. Ngokwenza lokhu, wayengase athi ukwenzile ukuzihlanza ngobulili. Nokho, inkambo enjalo iyangqubuzana neseluleko seBhayibheli esithi amaKristu kufanele ashade “kuphela eNkosini.”—1 Korinte 7:39.
Imilindelo Ethatha Ubusuku Bonke
Emazweni amaningi, abalilayo babuthanela ekhaya likamufi futhi bahlale ubusuku bonke bengalele. Le milindelo ngokuvamile ihlanganisa nedili nokuhlabelela okunomsindo. Kukholelwa ukuthi lokhu kuwukushweleza kwabafileyo nokuvikela abomndeni abasele ekuthakathweni. Kungase kunikezwe izinkulumo ezithophayo ukuze kujatshuliswe umufi. Ngemva kwenkulumo yothile, abalilayo bangase bahlabelele ingoma yenkolo ngaphambi kokuba kusukume omunye umuntu akhulume. Lokhu kungase kuqhubeke kuze kuse.b
UmKristu weqiniso akahlanganyeli emilindelweni yobusuku bonke enjalo ngoba iBhayibheli libonisa ukuthi abafileyo abakwazi ukubasiza noma ukubalimaza abaphilayo. (Genesise 3:19; IHubo 146:3, 4; Johane 11:11-14) ImiBhalo iyakulahla ukusebenzelana nemimoya. (IsAmbulo 9:21; 22:15) Nokho, umfelokazi ongumKristu angase akuthole kunzima ukuvimbela abanye ukuba bangayenzi imikhuba yokusebenzelana nemimoya. Bangase bafune ngenkani ukwenza umlindelo wobusuku bonke emzini wakhe. Yini abanye abangase bayenze ukuze basize amaKristu abakholwa kanye nawo ashonelwe, abhekana nalolu sizi olwengeziwe?
Ezikhathini eziningi abadala bebandla baye bakwazi ukusekela umkhaya wamaKristu oshonelwe ngokubonisana nezihlobo nomakhelwane. Ngemva kwalokho kubonisana, laba bantu bangase bavume ukuhamba ngokuthula ekhaya baze baphinde babuthane ngosuku lwenkonzo yomngcwabo. Kodwa kuthiwani uma abanye befuna ukulwa? Imizamo eqhubekayo yokubonisana ingase iphumele ebudloveni. ‘Isigqila seNkosi akudingeki silwe, kodwa kudingeka sizigcine sizibambile ngaphansi kokubi.’ (2 Thimothewu 2:24) Ngakho uma izihlobo ezingenakubambisana zithatha izintambo ngenkani, umfelokazi ongumKristu nezingane zakhe bangase bangakwazi ukukuvimbela lokhu. Kodwa abahlanganyeli kunoma imuphi umgidi wenkolo yamanga owenziwa ekhaya labo, ngoba balalela umyalo weBhayibheli othi: “Ningaboshelwa ngokungalingani ejokeni nabangewona amakholwa.”—2 Korinte 6:14.
Lesi simiso sisebenza nalapho sekungcwatshwa. OFakazi BakaJehova abahlanganyeli ekuhlabeleleni, ekuthandazeni, noma emasikweni aqondiswa umfundisi wenkolo yamanga. Uma amaKristu angamalungu omkhaya aseduze ebona kudingekile ukuba abe khona enkonzweni enjalo, awahlanganyeli kuyo.—2 Korinte 6:17; IsAmbulo 18:4.
Izinkonzo Zomngcwabo Ezihloniphekile
Izinkonzo zomngcwabo ezenziwa oFakazi BakaJehova azihlanganisi masiko ahloselwe ukushweleza kwabafileyo. Kunikezwa inkulumo yeBhayibheli eHholo LoMbuso, noma endaweni yabangcwabi, noma ekhaya loshonile, noma emathuneni. Injongo yenkulumo iwukududuza abashonelwe ngokuchaza lokho iBhayibheli elikushoyo ngokufa nethemba lovuko. (Johane 11:25; Roma 5:12; 2 Petru 3:13) Kungase kuhlatshelelwe ingoma esekelwe emiBhalweni, bese inkonzo iphethwa ngomthandazo oduduzayo.
Muva nje, kwenziwa inkonzo yomngcwabo enjengalena yenzelwa omunye woFakazi BakaJehova owayengudadewabo omncane kaMnu. Nelson Mandela, umongameli waseNingizimu Afrika. Ngemva kwenkonzo, umongameli wasibonga ngobuqotho isikhulumi. Kwakukhona izicukuthwane nezikhulu eziningi. Elinye ilungu lephalamende lathi: “Lona umngcwabo ohlonipheke kunayo yonke engake ngayihambela.”
Ingabe Inzilo Iyamukeleka?
OFakazi BakaJehova bayalila lapho beshonelwe abathandekayo. NjengoJesu, bangase bakhale izinyembezi. (Johane 11:35, 36) Kodwa abakuboni kudingekile ukuba balubonakalise obala usizi lwabo ngophawu oluthile lwangaphandle. (Qhathanisa noMathewu 6:16-18.) Emazweni amaningi, abafelokazi kulindeleke ukuba bafake inzilo ukuze bashweleze kwabafileyo. Lezi zingubo kumelwe zigqokwe izinyanga eziningi noma ngisho nonyaka ngemva komngcwabo, futhi kudingeka elinye idili lapho sezikhunyulwa.
Ukungazibonisi izimpawu zokulila kubhekwa njengokwedelela umufi. Ngenxa yalesi sizathu, ezingxenyeni ezithile zaseSwazini, izinduna ziye zaxosha oFakazi BakaJehova emakhaya abo nasezindaweni zabo. Nokho, amaKristu akholekile anjalo abelokhu enakekelwa abafowabo abangokomoya abahlala kwezinye izindawo.
INkantolo Ephakeme YaseSwazini iye yakhipha isinqumo esithetha oFakazi BakaJehova, ithi kufanele bavunyelwe baphindele emakhaya nasezindaweni zabo. Kwesinye isimo, umfelokazi ongumKristu wavunyelwa ukuba ahlale endaweni yakhe ngemva kokuveza incwadi nekhasethi eliqoshiwe umyeni wakhe owayeseshonile asho kukho ngokucacile ukuthi umkakhe angayifaki inzilo. Ngakho, wakwazi ukubonisa ukuthi wayemhlonipha ngempela umyeni wakhe.
Kubaluleke kakhulu ukuba umuntu asho ngokucacile iziyalezo zomngcwabo ngaphambi kokuba afe, ikakhulukazi ezindaweni lapho imikhuba engqubuzana nemiBhalo ivame khona. Cabangela isibonelo sikaVictor, ohlala eCameroon. Wabhala phansi isimiso esasizolandelwa emngcwabeni wakhe. Emndenini wakubo kwakunabantu abaningi abanethonya abangabesizwe esinamasiko aqinile aphathelene nabafileyo, kuhlanganise nokukhulekela izingebhezi zamakhanda abantu. Njengoba uVictor ayeyilungu elihlonishwayo lomndeni, wayazi ukuthi cishe kwakuyokwenziwa okufanayo ngogebhezi lwakhe. Ngakho-ke wanikeza iziyalezo ezicacile ngokuthi oFakazi BakaJehova kufanele bawusingathe kanjani umngcwabo wakhe. Lokhu kwenza isimo saba lula ngomfelokazi nabantwana bakhe, futhi kwanikezwa ubufakazi obuhle emphakathini.
Gwema Ukulingisa Amasiko Angqubuzana NemiBhalo
Abanye abanolwazi lweBhayibheli baye besaba ukuhluka. Ukuze bagweme ukushushiswa, baye bazama ukujabulisa omakhelwane babo ngokushaya sengathi benza umlindelo oyisiko womufi. Nakuba kutuseka ukuvakashela abashonelwe ukuze unikeze induduzo mathupha, akudingeki ukuba kwenziwe inkonzo encane yomngcwabo ekhaya likamufi njalo ebusuku ngaphambi komngcwabo. Ukwenza lokhu kungase kubakhube abakubonayo, njengoba kungase kubenze bacabange ukuthi labo abakwenzayo abakukholelwa ngempela lokho iBhayibheli elikushoyo ngesimo sabafileyo.—1 Korinte 10:32.
IBhayibheli linxusa amaKristu ukuba enze ukukhulekela uNkulunkulu kuze kuqala ekuphileni futhi asisebenzise ngokuhlanipha isikhathi sawo. (Mathewu 6:33; Efesu 5:15, 16) Nokho, kwezinye izindawo kuye kwama imisebenzi yebandla isikhathi esiyisonto noma ngaphezulu ngenxa yomngcwabo. Lena akuyona inkinga yase-Afrika kuphela. Ngokuphathelene nomunye umngcwabo, umbiko ovela eNingizimu Melika uthi: “Emihlanganweni emithathu yamaKristu kwakunabambalwa kakhulu. Izinsuku ezingaba yishumi inkonzo yasensimini yayingasekelwa. Ngisho nabantu abangaphandle kwebandla nokufundwa nabo iBhayibheli bamangala futhi badumala imbala ukubona abanye babafowethu nodadewethu benza lokhu nabo.”
Kwezinye izindawo, umkhaya oshonelwe ungase umemele ekhaya lawo abangane abambalwa abaseduze ukuze bathole ukudlana okulula ngemva komngcwabo. Kodwa ezingxenyeni eziningi ze-Afrika, amakhulu asuke esemngcwabeni atheleka ekhaya loshonile futhi alindele ukuthola idili, lapho ngokuvamile kwenziwa khona imihlatshelo ngezilwane. Abanye abasebandleni lobuKristu baye balingisa leli siko, benza kwaba sengathi benza idili eliyisiko lokushweleza kwabafileyo.
Izinkonzo zomngcwabo eziqhutshwa oFakazi BakaJehova azibangeli mthwalo wezindleko ezinkulu kwabashonelwe. Ngakho ngeke kudingeke ukuba kube nelungiselelo elikhethekile lokuba kube nenkongozelo ukuze kuhlangatshezwane nezindleko zomngcwabo ezibangelwe ukusaphaza. Uma abafelokazi abampofu bengenakuhlangabezana nezindleko ezidingekile, ngokungangabazeki abanye ebandleni bayokujabulela ukusiza. Uma usizo olunjalo lunganele, abadala bangase bahlele ukunikeza usizo lwezinto ezibonakalayo kulabo abafanelekayo.—1 Thimothewu 5:3, 4.
Amasiko omngcwabo awangqubuzani ngaso sonke isikhathi nezimiso zeBhayibheli. Kodwa lapho ekwenza, amaKristu azimisela ukwenza ngokuvumelana nemiBhalo.c (IzEnzo 5:29) Nakuba lokhu kungase kubangele usizi olwengeziwe, izinceku eziningi zikaNkulunkulu zingakufakazela ukuthi ziye zabhekana ngokuphumelelayo novivinyo olunjalo. Ziye zakwenza ngamandla avela kuJehova, ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke,’ nangosizo lothando lwamakholwa akanye nazo aye aziduduza osizini lwazo.—2 Korinte 1:3, 4.
[Imibhalo yaphansi]
a Kusetshenziswe amagama okungewona kulesi sihloko.
b Kwezinye izizwe igama elithi “umlindelo” lisetshenziselwa ukuvakasha kwesikhashana ukuze kududuzwe abashonelwe. Kungase kungabi nalutho olungqubuzana nemiBhalo oluhilelekile. Bheka i-Phaphama! (yesiNgisi) ka-May 22, 1979, amakhasi 27-8.
c Ezindaweni lapho amasiko omngcwabo engase alethe uvivinyo olukhulu kumaKristu, abadala bangenza abazobhapathizwa bakulungele lokho okungase kuvele. Lapho behlangana nalaba abasanda kuhlanganyela ukuze baxoxe ngemibuzo esencwadini Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, kufanele kunakisiswe izingxenye ezithi “Umphefumulo, Isono Nokufa” nethi “Ukuxubanisa Izinkolo.” Zombili zinemibuzo yengxoxo yokuzithandela. Yilapha lapho abadala benganikeza khona ukwaziswa ngamasiko omngcwabo angqubuzana nemiBhalo ukuze ofuna ukubhapathizwa akwazi lokho iZwi likaNkulunkulu elikufunayo kuye uma kwenzeka ebhekana nezimo ezinjalo.
[Ibhokisi ekhasini 23]
Babusiswa Ngokuma Kwabo Beqinile
USibongile umfelokazi ongumKristu onesibindi ohlala eSwazini. Ngemva kokushona komyeni wakhe muva nje, wenqaba ukulandela amasiko abaningi abacabanga ukuthi awokushweleza kwabafileyo. Ngokwesibonelo, akazange agunde ekhanda. (Duteronomi 14:1) Lokhu kwawathukuthelisa amalungu angu-8 omndeni, amgunda ngenkani. Futhi avimbela oFakazi BakaJehova ukuba bavakashe kuleli khaya ukuze baduduze uSibongile. Nokho, abanye abantu abanesithakazelo esigijimini soMbuso babekujabulela ukumvakashela bephethe izincwadi ezikhuthazayo ezibhalwe abadala. Ngosuku okwakulindeleke ukuba uSibongile afake ngalo inzilo, kwenzeka into emangalisayo. Ilungu elinethonya lalo mndeni labiza umhlangano ukuze kuxoxwe ngokwenqaba kwakhe ukuhambisana namasiko avamile okulila.
USibongile uyabika: “Babuza ukuthi izinkolelo zami zenkolo ziyangivumela yini ukuthi ngibonise ukudabuka ngokuthi ngifake inzilo. Kwathi uma sengisichazile isimo sami, bangitshela ukuthi ngeke bangiphoqe. Kwangimangaza ukuthi bonke baxolisa ngokungibhudukeza nokungigunda ngingafuni. Bonke bathi bacela ngibaxolele.” Kamuva, udadewabo kaSibongile wathi uyaqiniseka ukuthi oFakazi BakaJehova banenkolo yeqiniso, futhi wacela ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli.
Cabanga nangesinye isibonelo: Indoda yaseNingizimu Afrika okuthiwa uBenjamin yayineminyaka engu-29 ubudala lapho izwa ngokufa okuzumayo kukayise. Ngaleso sikhathi uBenjamin kwakunguye yedwa onguFakazi emndenini wakubo. Phakathi nenkonzo yomngcwabo, wonke umuntu kwakulindeleke ukuba angene emgqeni odlula eceleni kwethuna futhi aphonse inhlabathi ngesandla phezu kwebhokisi.d Ngemva komngcwabo, bonke abomndeni kamufi bagundwa. Njengoba uBenjamin ayengahlanganyelanga kula masiko, omakhelwane nabomndeni babikezela ukuthi umoya kayise ongasekho uzomshaya.
“Ngenxa yokuthi ngathembela kuJehova, akwenzekanga lutho kimi,” kusho uBenjamin. Umndeni waqaphela indlela izinto ezamhambela ngayo. Ngokuhamba kwesikhathi, abaningi babo baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi babhapathizwa bebonisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu. Kuthiwani ngoBenjamin? Wangenela umsebenzi wokushumayela wesikhathi esigcwele. Kule minyaka embalwa edlule, ube nelungelo elihle lokukhonza amabandla oFakazi BakaJehova njengombonisi ojikelezayo.
[Umbhalo waphansi]
d Abanye bangase bangaboni lutho olubi ngokuphonsa izimbali noma inhlabathi ngesandla ethuneni. Nokho, umKristu uyowugwema lo mkhuba uma umphakathi uwubheka njengendlela yokushweleza kwabafileyo noma uma uyingxenye yenkonzo eyenganyelwe umfundisi wenkolo yamanga.—Bheka i-Phaphama! (yesiNgisi) ka-March 22, 1977, ikhasi 15.