Ukuwazisa Ngokujulile Amalungelo Enkonzo Engcwele
IZABELO zenkonzo engcwele akufanele zithathwe kalula. Lapho abapristi kwaJuda wasendulo bebonisa isimo sengqondo sokungawashayi mkhuba amalungelo abo aphathelene nethempeli likaJehova, wabasola ngokunamandla. (Malaki 1:6-14) Futhi lapho abathile kwa-Israyeli bekhuthaza amaNaziri ukuba ayithathe kalula imithwalo yemfanelo ayeyamukele mayelana nenkonzo yawo engcwele, uJehova wawakhuza lawo ma-Israyeli onayo. (Amose 2:11-16) AmaKristu eqiniso nawo ayayenza inkonzo engcwele, futhi ayithatha ngokungathi sína. (Roma 12:1) Le nkonzo engcwele inezici eziningi, zonke ezibalulekile.
Ngenkathi uJesu esesemhlabeni nabalandeli bakhe, wabaqeqeshela ukuba abamemezeli boMbuso kaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, isigijimi sabo sasiyofinyelela emikhawulweni yomhlaba. (Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 1:8) Lokhu kushumayela kuye kwaphuthuma nakakhulu ezinsukwini zokugcina zesimiso sezinto samanje.
Bonke oFakazi BakaJehova bayahlanganyela kulo msebenzi. Amakhulu ezinkulungwane athola injabulo ekwenzeni kanjalo njengamaphayona. Ukuze zigcwalise izidingo ezibalulekile emsebenzini womhlaba wonke, izinkulungwane ziye zazenza zatholakalela inkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele eBethel, emsebenzini wokujikeleza njengababonisi bezifunda nabezigodi, noma enkonzweni yezithunywa zevangeli. Kungase kuhileleni lokhu kulabo abafuna ukuqhubeka bekuleyo nkonzo ekhethekile?
Lapho Kunezidingo Zomkhaya Ezicindezelayo
Ngaphambi kokungenela inkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele, ngokuvamile umuntu kumelwe enze ukulungisa okuthile ezimweni zakhe. Akuwona wonke umuntu ongakwenza lokhu. Izibopho ezingokomBhalo okungenzeka umuntu usenazo kakade zingase zenze kungenzeki. Nokho, kuthiwani lapho labo asebevele besenkonzweni ekhethekile bebhekana nezidingo eziphuthumayo zomkhaya, mhlawumbe ezihilela abazali asebekhulile? Izimiso nezeluleko zeBhayibheli ezinjengalezi ezilandelayo zinikeza isiqondiso esidingekayo.
Ukuphila kwethu konke kufanele kugxile ebuhlotsheni bethu noJehova. (UmShumayeli 12:13; Marku 12:28-30) Izinto ezingcwele esiziphathisiwe kufanele sizazise kakhulu. (Luka 1:74, 75; Heberu 12:16) Ngesinye isikhathi, uJesu watshela indoda okwakudingeka ishintshe izinto eziza kuqala kuyo ukuthi kwakufanele ihileleke ngokugcwele ekumemezeleni uMbuso kaNkulunkulu. Ngokusobala, le ndoda yayihlose ukuhlehlisa ukwenza lo msebenzi kuze kube ngemva kokushona kukayise. (Luka 9:59, 60) Ngakolunye uhlangothi, uJesu wadalula ukucabanga okuyiphutha kwanoma ubani owayethi unikezele konke kuNkulunkulu abese ‘engenzeli uyise noma unina ngisho nento eyodwa.’ (Marku 7:9-13) Umphostoli uPawulu naye wabonisa ukuthi kuwumthwalo ongathi sína ukuba umuntu ondle “abakubo siqu,” kuhlanganise nabazali nomkhulu nogogo.—1 Thimothewu 5:3-8.
Ingabe lokhu kusho ukuthi lapho kuphakama izidingo eziphuthumayo, labo abasenkonzweni ekhethekile kufanele bashiye izabelo zabo ukuze bayonakekela abadinga usizo? Kunezici eziningi ezihilelekile empendulweni. Isinqumo esomuntu ngokwakhe. (Galathiya 6:5) Abathile baye baba nomuzwa wokuthi, nakuba besithanda isabelo sabo, kungaba ukuhlakanipha ukuba kanye nabazali babo ukuze babanikeze usizo oludingekayo. Ngani? Kungenzeka ukuthi kuye kwaba nesidingo esibucayi, kungenzeka alikho elinye ilungu lomkhaya elingasiza, noma kungenzeka ibandla alinakukwazi ukwenza lokho okudingekayo. Abanye baye bakwazi ukuphayona bebe benikeza lolo lusizo. Abanye baye bakwazi ukuphinde babuyele enkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele ngemva kokuba isimo somkhaya sinakekelwe. Nokho, ezimweni eziningi, kuye kwakwazeka ukusingatha isimo ngezinye izindlela.
Ukuthwala Umthwalo Wabo Wemfanelo
Lapho kuye kwaphakama izidingo ezicindezelayo, abathile abasenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele baye bakwazi ukunakekela lezo zidingo ngaphandle kokushiya izabelo zabo. Cabangela ezimbalwa nje zezibonelo eziningi.
Omunye umbhangqwana okhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova wangenela inkonzo yaseBethel ngo-1978, ngemva kokuba semsebenzini wesifunda nowesigodi. Isabelo somzalwane sasihilela umthwalo wemfanelo osindayo enhlanganweni engokwasezulwini. Kodwa nabazali bakhe baye badinga usizo. Lo mbhangqwana waseBethel uye wavakashela ekhaya kathathu noma kane ngonyaka—uhambo olungamakhilomitha angaba ngu-3 500 ukuya nokubuya—ukuze unakekele abazali. Wona ngokwawo wakha umuzi ukuze wanelise izidingo zabazali. Ngezikhathi ezithile uye wathatha uhambo lokunakekela izimo eziphuthumayo zokugula. Eminyakeni engaba ngu-20 uye wasebenzisa cishe sonke isikhathi sawo samaholide ekunakekeleni lo mthwalo wemfanelo. Uyabathanda futhi uyabazisa abazali bawo, kodwa uyawazisa namalungelo awo enkonzo engcwele.
Omunye umzalwane wayeseneminyaka engu-36 esemsebenzini wokujikeleza lapho ebhekana nalokho akubiza ngokuthi esinye sezimo eziyinselele kunazo zonke ekuphileni kwakhe. Umkhwekazi wakhe owayeneminyaka engu-85 ubudala, inceku kaJehova ethembekile, kwakudingeka ahlale nomuntu ongamsiza. Ngaleso sikhathi, iningi lezingane zakhe lalinomuzwa wokuthi kwakungeke kulunge kahle uma zimthatha ahlale nazo. Esinye sezihlobo satshela lo mbonisi ojikelezayo ukuthi yena nomkakhe kwakufanele bashiye leyo nkonzo, basize umkhaya ngokunakekela unina. Kodwa lo mbhangqwana awuzange uyiyeke inkonzo yawo eyigugu, futhi awuzishalazelanga nezidingo zikanina. Phakathi neminyaka engu-9 eyalandela, unina wayenabo isikhathi esiningi. Baqale bahlala kumahamba-nendlwana, base behlala emafulethini ahlukahlukene ayelungiselelwa yizifunda. Umzalwane, ngaleso sikhathi owayengumbonisi wesigodi, wayehamba isikhathi eside ukuze anakekele izabelo zakhe ngenkathi umkakhe ehlezi nonina ukuze amnakekele ngothando ngaso sonke isikhathi. Isonto ngalinye ngemva kwemihlangano yangeSonto, wayethatha uhambo olude ephindela emuva ukuze ayobasiza. Abaningi ababesazi isimo bazwakalisa ukwazisa okujulile ngalokho okwakwenziwa yilo mbhangqwana. Ngokuhamba kwesikhathi, amanye amalungu omkhaya nawo ashukumiseleka ukuba asize ngandlela-thile. Izinkulungwane zabantu bakaJehova ziyaqhubeka zizuza enkonzweni yalowo mbhangqwana ozidelayo ngenxa yokuthi wabambelela elungelweni lawo lenkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele.
Ngokubambisana Komkhaya
Lapho amalungu omkhaya ahlukahlukene ekwazisa ukubaluleka kwenkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele, angase abambisane ukuze okungenani abanye bawo bakwazi ukuhlanganyela kuyo.
Umoya onjalo wokubambisana komkhaya uye waba usizo embhangqwaneni waseCanada okhonza njengezithunywa zevangeli eNtshonalanga ye-Afrika. Awuzange ulinde kuze kube yilapho kuvela isimo esiphuthumayo, umane uhlalele ethembeni lokuthi ngeke kwenzeke lutho. Ngaphambi kokuba uye e-Watchtower Bible School of Gilead, ulungiselela ukuyokhonza kwelinye izwe, umyeni waxoxa nomfowabo omncane ngokunakekelwa kukanina uma kwenzeka egula noma ekhubazeka. Ebonisa uthando ngonina kanye nokwazisa ukubaluleka komsebenzi wezithunywa zevangeli, umfowabo omncane wathi: “Nginomkhaya nezingane manje. Angikwazi ukuya kude ngenze izinto nina eningazenza. Ngakho uma kwenzeka noma yini kumama, ngiyomnakekela.”
Umbhangqwana okhonza eNingizimu Melika wasizwa kakhulu umkhaya wakubo kankosikazi ubambisene nawo ekunakekeleni unina owayesegugile. Omunye wawodadewabo kanye nomyeni wakhe banakekela unina kwaze kwaba yilapho lo dadewabo ehlatshwa ukugula futhi eshona. Kwase kuzothiwani? Ukuze asuse noma yikuphi ukukhathazeka, umyeni kadadewabo wabhala: “Uma nje mina nezingane sisaphila, ngeke kudingeke nishiye inkonzo yenu yezithunywa zevangeli.” Kwatholakala usizo lomkhaya olwengeziwe lapho omunye wawodadewabo nomyeni wakhe bedela umuzi wabo bethuthela lapho unina ayehlala khona ukuze bamnakekele, futhi benza kanjalo kwaze kwaba yilapho eshona. Yeka umoya omuhle wokubambisana! Bonke babesiza ekusekeleni inkonzo yezithunywa zevangeli.
Abazali Abapha UJehova Ngokukhululekile
Abazali ngokuvamile babonisa ukwazisa okuphawulekayo ngenkonzo engcwele. Phakathi kwezinto eziyigugu kakhulu abanazo abangadumisa ngazo uJehova yizingane zabo. (IzAga 3:9) Abazali abaningi abangamaKristu bakhuthaza izingane zabo ukuba zingenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Futhi abanye babo bazizwa njengoHana, owanikela ngendodana yakhe uSamuweli ukuze akhonze uJehova “njalo,” okungukuthi, “zonke izinsuku zokuphila kwakhe.”—1 Samuweli 1:22, 28.
Omunye umzali onjalo wabhalela indodakazi yakhe e-Afrika: “Siyambonga uJehova ngelungelo elihle onalo. Akukho okungcono kunalokhu ebesingakufisela kona.” Futhi ngesinye isikhathi wathi: “Kuyiqiniso ukuthi kumelwe sizidele ngokuthi sihlukane, kodwa yeka injabulo okuyiyo ukubona indlela uJehova akunakekela ngayo!”
Ngemva kokubukeza izimo ezihlukahlukene ezazivelile ekunikezeni abazali baso abase bekhulile ukunakekela okwakudingeka, isithunywa sevangeli e-Ecuador sabhala: “Ngicabanga ukuthi usizo olukhulu kakhulu mina nomkami esiye saluthola kwakuyimithandazo kababa. Ngemva kokushona kwakhe, umama wathi kithi: ‘Belungapheli usuku uyihlo enganithandazelanga kuJehova ukuba anivumele nobabili nihlale esabelweni senu.’”
Umbhangqwana osukhulile eCalifornia, e-U.S.A., wawujabula ngokuthi enye yamadodana awo yayisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Leyo ndodana nomkayo babeseSpain lapho unina eshona. Amanye amalungu omkhaya aba nomuzwa wokuthi kwakudingeka kwenziwe amalungiselelo okunakekela uyise. Ngenxa yokuthi ayematasa emsebenzini wokuziphilisa futhi ekhulisa izingane zawo, aba nomuzwa wokuthi ayengenakuwamukela lowo mthwalo wemfanelo. Kunalokho, anxusa ngokunamandla umbhangqwana owawusenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele ukuba ubuyele ekhaya uzonakekela uyise. Nokho, uyise, nakuba ayeseneminyaka engu-79 ubudala, wayesenempilo enhle, futhi enombono ongokomoya ocacile. Emhlanganweni womndeni, ngemva kokuba abathile sebekhulumile, uyise wasukuma wakhuluma ngezwi eliqinile wathi: “Mina ngifuna baphindele eSpain baqhubeke besebenza.” Benze njalo, kodwa futhi baqhubeka bemsiza ngezindlela ezingokoqobo. Isabelo sabo njengamanje umsebenzi wesifunda eSpain. Kusukela kulowo mhlangano womndeni, amanye amalungu omndeni aye abonisa ukwazisa ngalokho lo mbhangqwana osenkonzweni yakwelinye izwe okwenzayo. Ngemva kweminyaka ethile, enye yamadodana yathatha uyise wazohlala nayo kwayo ukuze imnakekele kwaze kwaba yilapho eshona.
EPennsylvania, e-U.S.A., umzalwane ogcotshiwe owayesephayone iminyaka engaba ngu-40 wayeseneminyaka engaphezu kuka-90 ubudala lapho umkakhe egula kakhulu futhi eshona. Lo mzalwane wayenendodana namadodakazi amathathu, ngaphandle kwezingane eziningi ezingokomoya. Enye yamadodakazi akhe yayineminyaka engaphezu kuka-40 isenkonzweni yesikhathi esigcwele, isiye yakhonza nomyeni wayo njengesithunywa sevangeli, emsebenzini wokujikeleza kanye naseBethel. Yasiza ekwenzeni amalungiselelo okuba uyise anakekelwe ngokufanele. Abazalwane bendawo basiza nabo ngokumyisa emihlanganweni eHholo LoMbuso. Kamuva, ngemva kokushona komyeni wayo, yabuza uyise ukuthi wayefuna yini ukuba iphume eBethel ukuze izomnakekela. Uyise uzazisa kakhulu izinto ezingcwele, futhi waba nomuzwa wokuthi izidingo zakhe zinganakekelwa ngezinye izindlela. Ngakho waphendula: “Lokho kungaba into embi kunazo zonke ongayenza, futhi kungaba kubi nakakhulu uma ngikuvumela ukuba uyenze.”
Amabandla Asekelayo
Amanye amabandla aye aba usizo kakhulu ekunakekeleni abazali asebegugile balabo abasenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele. Abazisa ngokukhethekile labo abaye basebenzisa iminyaka eminingi bekule nkonzo. Nakuba engenakubethula imithwalo yabo yemfanelo engokomBhalo, lawa mabandla enza lukhulu ekwenzeni umthwalo ube lula ngokwanele ukuze kungadingeki ukuba izingane zishiye izabelo zazo ezikhethekile.
Umbhangqwana waseJalimane wawuneminyaka engaba ngu-17 usesabelweni sawo sakwelinye izwe, esiningi saleso sikhathi ukade usemsebenzini wokujikeleza, lapho izidingo zikanina wendoda owayesegugile zanda. Unyaka ngamunye basebenzisa isikhathi sabo seholide ukuze bamsize. Omakhelwane abangoFakazi nabo balekelela ngothando. Kwabe sekuthi lapho lo mbhangqwana osenkonzweni yesikhathi esigcwele ukanye noninazala ngenkathi eyayibucayi, abadala bebandla bahlela ukuhlangana nabo. Babekwazi kahle lokho lo mbhangqwana owawukwenzela unina njalo. Babekwazisa nokubaluleka kwenkonzo ekhethekile lo mbhangqwana owawuhlanganyela kuyo. Ngakho abadala banikeza isimiso ababesisikisela sokunakekela umama base bethi: “Anikwazi ukuqhubeka nimnakekela ngaphezu kwalokhu enikwenzayo; sizonisiza ukuze nikwazi ukuhlala esabelweni senu eSpain.” Kule minyaka engu-7 edlule, laba badala baye baqhubeka benza kanjalo.
Ngokufanayo, umzalwane osekhonze eSenegal kusukela ngo-1967 wathola ukusekela kothando okukhulu ebandleni uyise ayekulo. Lapho kuvela isimo esibucayi, umyeni, ngokubambisana ngokuzimisela komkakhe onothando, wahamba yedwa eya e-United States eyosiza abazali bakhe. Wakuthola kudingekile ukuba ahlale lapho izinyanga ezithile. Isimo sasinzima, kodwa lapho esekwenzile ayengakwenza, ibandla langenela lasiza ukuze akwazi ukuqhubeka nenkonzo yakhe yezithunywa zevangeli. Isikhathi esingaba iminyaka engu-18, ibandla lanikeza usizo lothando ngezindlela eziningi, kubaba kuqala (nakuba abaningi babo ayengasabazi) kwase kuba kumama. Ingabe lokho kwenza indodana yakhululeka emthwalweni wemfanelo? Cha; yayivamile ukuhamba isuka eSenegal futhi isebenzisa isikhathi sayo samaholide ukuze inikeze usizo eyayingalunikeza. Kodwa abaningi kulelo bandla babejabulela ukwazi ukuthi babenengxenye ekugcineni umbhangqwana ozikhandlayo usenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele eSenegal.
UJesu wathi labo abashiye konke ngenxa yezindaba ezinhle babeyoba nabafowabo, odadewabo, onina nezingane ngokuphindwe kayikhulu. (Marku 10:29, 30) Lokho kuyiqiniso ngempela phakathi kwezinceku zikaJehova. Umbhangqwana okhonza eBenin manje, eNtshonalanga ye-Afrika, wakubona ngokukhethekile lokhu lapho oFakazi ababili basebandleni abazali bawo abakulo bebatshela ukuthi mabangakhathazeki ngabazali. Banezela: “Abazali benu bangabazali bethu nathi.”
Yebo, kunezindlela eziningi esingabonisa ngazo ukuthi siwazisa kakhulu amalungelo enkonzo engcwele. Ingabe zikhona izindlela wena ongakwenza ngazo ngokugcwele kakhudlwana lokhu?
[Izitombe ekhasini 26]
Baye bazenza batholakalela inkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele