Kunake Njalo Ukufundisa Kwakho
“Zinake njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezizinto, ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.”—1 THIMOTHEWU 4:16.
1, 2. Kungani kudingeka abafundisi abashisekayo ngokuphuthumayo namuhla?
“HAMBANI niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Ngenxa yalo myalo kaJesu Kristu, wonke amaKristu kufanele azame ukuba abafundisi. Kudingeka abafundisi abashisekayo ukuze basize abanhliziyo ziqotho ukuba bazi uNkulunkulu kungakephuzi kakhulu. (Roma 13:11) Umphostoli uPawulu wanxusa: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma ngenkathi evumayo, ngenkathi enzima.” (2 Thimothewu 4:2) Lokhu kusho ukuba kufundiswe kokubili ngaphakathi nangaphandle kwebandla. Ngempela, umyalo wokushumayela ngokwawo uhilela okungaphezu kokumane simemezele isigijimi sikaNkulunkulu. Kudingeka ukufundisa okuphumelelayo ukuze abathakazelayo babe abafundi.
2 Siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Abantu baye baluthwa amafilosofi nezimfundiso zezwe zamanga. Abaningi ‘basebumnyameni ngengqondo’ futhi ‘abasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.’ (Efesu 4:18, 19) Abanye banamanxeba abuhlungu angokomzwelo. Yebo, abantu ‘baphundlekile futhi bahlakazeke njengezimvu ezingenamalusi’ ngempela. (Mathewu 9:36) Nokho, ngokusebenzisa ubuciko bokufundisa, singasiza abantu abanhliziyo ziqotho ukuba benze izinguquko ezidingekayo.
Abafundisi Ngaphakathi Kwebandla
3. (a) Uhlanganisani umyalo kaJesu wokufundisa? (b) Obani abanomthwalo wemfanelo oyinhloko wokufundisa ngaphakathi ebandleni?
3 Ngelungiselelo lesifundo seBhayibheli sasekhaya, izigidi zifundiswa ngokomuntu siqu. Nokho, ngemva kokubhapathizwa kwabo, abasanda kuhlanganyela badinga usizo olwengeziwe ukuze ‘bagxile futhi bame esisekelweni.’ (Efesu 3:17) Njengoba sifeza umyalo kaJesu okuMathewu 28:19, 20 futhi siqondisa abasanda kuhlanganyela enhlanganweni kaJehova, bayazuza ngokufundiswa ngaphakathi kwebandla. Ngokweyabase-Efesu 4:11-13, kuye kwamiswa amadoda ukuba akhonze “njengabelusi nanjengabafundisi, [ngombono] wokulungiswa kwabangcwele, ngenjongo yomsebenzi wokukhonza, ngenjongo yokwakhiwa komzimba kaKristu.” Ngezinye izikhathi, ubuciko babo bokufundisa buhilela isidingo ‘sokusola, ukukhuza, ukukhuthaza, ngakho konke ukubhekakade.’ (2 Thimothewu 4:2) Umsebenzi wabafundisi ubaluleke kangangokuthi, lapho ebhalela abaseKorinte, uPawulu ubala abafundisi ngemva nje kwabaphostoli nabaprofethi.—1 Korinte 12:28.
4. Ikhono lokufundisa lisisiza kanjani ukuba silalele umyalo kaPawulu okumaHeberu 10:24, 25?
4 Yiqiniso, akuwona wonke amaKristu akhonza njengabadala, noma ababonisi. Noma kunjalo, wonke akhuthazwa ukuba avuselelane “othandweni nasemisebenzini emihle.” (Heberu 10:24, 25) Ukwenza kanjalo emihlanganweni yebandla kuhilela izimpendulo ezilungiselelwe kahle nezisuka enhliziyweni ezingakha futhi zikhuthaze abanye. Abamemezeli boMbuso abanokuhlangenwe nakho bangase futhi ‘bavuselele othandweni’ ngokusiza abasanda kuhlanganyela ngolwazi lwabo nokuhlangenwe nakho kwabo lapho besebenza nabo enkonzweni yasensimini. Ngezikhathi ezinjalo nasezimweni ezingahleliwe, kunganikezwa imfundo ebalulekile. Ngokwesibonelo, abesifazane abavuthiwe banxuswa ukuba babe “abafundisi bokuhle.”—Thithu 2:3.
Ukuthonyelwa Ukukholelwa
5, 6. (a) UbuKristu beqiniso buhluke kanjani ekukhulekeleni kwamanga? (b) Abadala babasiza kanjani abasanda kuhlanganyela ukuba benze izinqumo ezihlakaniphile?
5 Ngakho ubuKristu beqiniso buhluke kakhulu ezinkolweni zamanga, eziningi zazo ezifuna ukulawula ukucabanga kwamalungu azo. Lapho uJesu esemhlabeni, abaholi benkolo babefuna ukulawula cishe zonke izici zokuphila kwabantu ngamasiko acindezelayo ayenziwe abantu. (Luka 11:46) Abefundisi beLobukholwa ngokuvamile baye benza okufanayo.
6 Nokho, ukukhulekela kweqiniso ‘kuyinkonzo engcwele’ esiyinikela ‘ngamandla ethu okucabanga.’ (Roma 12:1) Izinceku zikaJehova ‘ziyathonyelwa ukuba zikholelwe.’ (2 Thimothewu 3:14) Ngezinye izikhathi, labo abaholayo kungase kudingeke bamise iziqondiso nezinqubo ezithile ukuze ibandla lisebenze ngokushelelayo. Nokho, kunokuba bafune ukwenzela amaKristu akanye nabo izinqumo, abadala bawafundisa “ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Heberu 5:14) Ngokuyinhloko, abadala benza lokhu ngokondla ibandla “ngamazwi okholo nawemfundiso enhle.”—1 Thimothewu 4:6.
Ukunaka Ukufundisa Kwakho
7, 8. (a) Abantu abanamakhono angatheni bakwazi kanjani ukuba abafundisi? (b) Yini ebonisa ukuthi ukuba umfundisi ophumelelayo kudinga umzamo womuntu siqu?
7 Nokho, ake sibuyele emsebenzini wethu sonke wokufundisa. Ingabe ukuhlanganyela kulo msebenzi kudinga amakhono noma imfundo ethile ekhethekile? Akunjalo ngempela. Ngokwengxenye enkulu, lo msebenzi wokushumayela emhlabeni wonke wenziwa abantu abavamile abanamakhono angatheni. (1 Korinte 1:26-29) UPawulu uyachaza: “Sinalomcebo [inkonzo] ezitsheni zobumba [imizimba engaphelele], ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu futhi angabi ngavela kithi.” (2 Korinte 4:7) Indlela oye waba nempumelelo enkulu ngayo umsebenzi wokushumayela ngoMbuso embulungeni yonke ifakazela ukuba namandla komoya kaJehova!
8 Nokho, kudingeka ukuba umuntu ngamunye enze umzamo omkhulu ukuze abe “isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngakho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.” (2 Thimothewu 2:15) UPawulu wanxusa uThimothewu: “Zinake njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezizinto, ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.” (1 Thimothewu 4:16) Umuntu ukunaka kanjani ukufundisa kwakhe, kungakhathaliseki ukuthi kungaphakathi noma ngaphandle kwebandla? Ingabe ukwenza kanjalo kuhilela ukuba nakanjani afunde amakhono noma izindlela ezithile zokufundisa?
9. Yini ebaluleke ngaphezu kwamakhono emvelo?
9 Ngokuqinisekile uJesu wabonisa ukuziqonda ngendlela engavamile izindlela zokufundisa eNtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni. Lapho eseqedile ukukhuluma, “izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.” (Mathewu 7:28) Yiqiniso, akekho kithi ongafundisa kahle ngendlela uJesu ayenza ngayo. Nokho, akudingeki sibe amaqaphuqaphu ukuze sibe abafundisi abaphumelelayo. Ingani ngokukaJobe 12:7, ngisho ‘nezinkomo nezinyoni zezulu’ zingafundisa buthule! Okuhambisana namakhono angokwemvelo esingase sibe nawo futhi okubaluleke kakhulu ‘uhlobo lwabantu’ esiyilo—izimfanelo esinazo nemikhuba engokomoya esiye sayihlakulela engalingiswa yilabo esibafundisayo.—2 Petru 3:11; Luka 6:40.
Abafundi BeZwi LikaNkulunkulu
10. UJesu wasibeka kanjani isibonelo esihle njengomfundi weZwi likaNkulunkulu?
10 Umfundisi ophumelelayo wamaqiniso angokomBhalo kumelwe abe umfundi weZwi likaNkulunkulu. (Roma 2:21) UJesu Kristu wabeka isibonelo esingavamile kulokhu. Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wabhekisela cishe engxenyeni yezincwadi zemiBhalo YesiHeberu, noma washo imiqondo efuze izindima ezikuyo.a Ukujwayelana kwakhe neZwi likaNkulunkulu kwabonakala eneminyaka engu-12 ubudala, lapho etholakala “ehlezi phakathi kwabafundisi ebalalele futhi ebabuza.” (Luka 2:46) Njengomuntu omdala, kwakuwumkhuba wakhe uJesu ukuya esinagogeni, lapho kwakufundwa khona iZwi likaNkulunkulu.—Luka 4:16.
11. Yimiphi imikhuba emihle yokutadisha okufanele umfundisi ayihlakulele?
11 Ingabe ungumfundi oshisekayo weZwi likaNkulunkulu? Ukujula kulo yiyona ndlela ‘oyokuqonda ngayo ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.’ (IzAga 2:4, 5) Ngakho yiba nemikhuba emihle yokutadisha. Zama ukufunda ingxenye yeZwi likaNkulunkulu zonke izinsuku. (IHubo 1:2) Kwenze umkhuba ukufunda INqabayokulinda ne-Phaphama! ngayinye ngokushesha nje lapho uyithola. Lalelisisa emihlanganweni yebandla. Funda ukucwaningisisa. Ngokufunda ‘ukulandela zonke izinto ngokunembile,’ ungagwema ukweqisa nokunganembi lapho ufundisa.—Luka 1:3.
Ukuthanda Nokuhlonipha Labo Abafundiswayo
12. Sasiyini isimo sengqondo sikaJesu ngabafundi bakhe?
12 Enye imfanelo ebalulekile isimo sengqondo esifanele ngalabo obafundisayo. AbaFarisi babebeya labo ababelalela uJesu. Babethi: “Lesisixuku esingawazi uMthetho singabantu abaqalekisiwe.” (Johane 7:49) Kodwa uJesu wayebathanda ngokujulile futhi ebahlonipha abafundi bakhe. Wathi: “Angisanibizi ngokuthi niyizigqila, ngoba isigqila asikwazi lokho inkosi yaso ekwenzayo. Kodwa nginibize ngokuthi ningabangane, ngoba zonke izinto engizizwe kuBaba nginazisile zona.” (Johane 15:15) Lokhu kwabonisa indlela abafundi bakaJesu okwakufanele bawenze ngayo umsebenzi wabo wokufundisa.
13. UPawulu wayezizwa kanjani ngalabo ayebafundisa?
13 Ngokwesibonelo, uPawulu akazange agcine ubuhlobo bakhe nayebafundisa bungenamzwelo. Watshela abaseKorinte: “Nakuba ningase nibe nabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, ngokuqinisekile ababaningi obaba eninabo; ngoba kuKristu Jesu ngiye ngaba nguyihlo ngazo izindaba ezinhle.” (1 Korinte 4:15) Ngezinye izikhathi, uPawulu wayekhala nezinyembezi lapho eyala ayebafundisa! (IzEnzo 20:31) Futhi wabonisa isineke nomusa okungaphezu kokuvamile. Ngakho wayengathi kwabaseThesalonika: “Saba mnene phakathi kwenu, njengalapho umama oncelisayo enakekela ngesisa abantwana bakhe siqu.”—1 Thesalonika 2:7.
14. Kungani kubalulekile ukuba nesithakazelo somuntu siqu kulabo esibafundela iBhayibheli? Bonisa.
14 Ingabe ulingisa uJesu noPawulu? Uthando oluqotho ngalabo esibafundisayo lungenza okungaphezu kokuvala isikhala sanoma yikuphi ukusilela esingase sibe nako emakhonweni angokwemvelo. Ingabe esibafundisa iBhayibheli bayezwa ukuthi sinesithakazelo esiqotho kubo uqobo? Ingabe siyazinika ithuba lokubazi? Lapho omunye wesifazane ongumKristu ayekuthola kunzima ukusiza ayemfundisa ukuba athuthuke ngokomoya, wabuza ngomusa: “Kukhona yini okukuhluphayo?” Lona wesifazane waqala ukuthulula inhliziyo yakhe, washo izinto eziningi ezazimkhathaza nezazimhlupha. Leyo ngxoxo enothando yaba yinkathi yoshintsho kulona wesifazane. Ezimweni ezinjalo, imicabango namazwi angokomBhalo aduduzayo nakhuthazayo ayafaneleka. (Roma 15:4) Nokho, nasi isixwayiso: Umuntu ofundiswa iBhayibheli angase athuthuke ngokushesha kodwa kungenzeka usenezindlela ezithile ezingezona ezobuKristu okusafanele azinqobe. Ngakho kungase kungabi ukuhlakanipha ukusondelana nalo muntu ngokweqile. Kufanele kulondolozwe imingcele efanele yobuKristu.—1 Korinte 15:33.
15. Singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha esifunda nabo iBhayibheli?
15 Ukuhlonipha esibafundisayo kuhlanganisa nokuba singazami ukulawula ukuphila kwabo. (1 Thesalonika 4:11) Ngokwesibonelo, kungenzeka sifunda nowesifazane ohlala nendoda angashadile nayo. Mhlawumbe sebenezingane. Njengoba esethole ulwazi olunembile ngoNkulunkulu, lona wesifazane ufuna ukulungisa izinto noJehova. (Heberu 13:4) Ingabe kufanele ashade nale ndoda noma ahlukane nayo? Mhlawumbe sinomuzwa onamandla wokuthi ukushada nendoda engenasithakazelo esitheni, noma engenaso nhlobo isithakazelo ezintweni ezingokomoya, kuyothiya intuthuko yakhe esikhathini esizayo. Ngakolunye uhlangothi, singase sesabele inhlalakahle yezingane zakhe, sicabange ukuthi kuyoba ngcono ngaye ukushada nale ndoda. Kunoma yikuphi, kuwukungahloniphi nokungabi nothando ukugxambukela ekuphileni kofundelwayo, sizame ukuphoqelela eyethu imibono ezindabeni ezinjalo. Phela, nguye okuyomelwe abhekane nemiphumela yaleso sinqumo. Khona-ke, bekungeke yini kube ngcono kakhulu ukuqeqesha umfundi onjalo ukuba asebenzise ‘amandla akhe okuqonda’ ukuze azinqumele ukuthi yikuphi okufanele akwenze?—Heberu 5:14.
16. Abadala bangalubonisa kanjani uthando nenhlonipho ngomhlambi kaNkulunkulu?
16 Kubaluleke ngokukhethekile ngabadala bebandla ukuphatha umhlambi ngothando nangenhlonipho. Lapho ebhalela uFilemoni, uPawulu wathi: “Nakuba nginenkululeko enkulu yokukhuluma mayelana noKristu yokukuyala ukuba wenze okufanelekile, kunalokho ngikunxusa ngesisekelo sothando.” (Filemoni 8, 9) Ngezinye izikhathi, kungase kuphakame izimo ezikhungathekisayo ebandleni. Kungase kudingeke ngisho nokuqina. UPawulu wanxusa uThithu ukuba ‘aqhubeke ebasola kanzima [abonayo] ukuze babe ngabaphilile okholweni.’ (Thithu 1:13) Ngisho noma kunjalo, ababonisi kumelwe baqaphele ukuba bangalokothi bakhulume nebandla ngokhahlo. UPawulu wabhala: “Isigqila seNkosi akudingeki silwe, kodwa kudingeka sibe mnene kubo bonke, sifanelekela ukufundisa, sizigcina sizibambile ngaphansi kobubi.”—2 Thimothewu 2:24; IHubo 141:3.
17. Yiliphi iphutha elenziwa uMose, futhi yini abadala abangayifunda kulo?
17 Ababonisi kumelwe bahlale bezikhumbuza ukuthi basebenzelana ‘nomhlambi kaNkulunkulu.’ (1 Petru 5:2) UMose, nakuba ayethobekile, walahlekelwa yilo mbono okwesikhashana. Ama-Israyeli “aphambana noMoya wakhe; wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.” (IHubo 106:33) UNkulunkulu akakwenamelanga neze lokhu kuphathwa kabi komhlambi waKhe, nakuba kungekhona ukuthi wawungenacala. (Numeri 20:2-12) Lapho bebhekene nezinselele ezifanayo namuhla, abadala kufanele bazame ukufundisa nokuyala ngokuqonda nangomusa. Abafowethu basabela kangcono kakhulu lapho bephathwa ngokucabangela nanjengabantu abadinga usizo, hhayi njengabantu abangasenakusizwa. Abadala kudingeka balondoloze umbono oqondile uPawulu ayenawo lapho ethi: “Sinokuqiniseka eNkosini ngokuqondene nani, kokuthi niyazenza futhi niyoqhubeka nizenza izinto esiziyalezayo.”—2 Thesalonika 3:4.
Ukusabela Ezidingweni Zabo
18, 19. (a) Kufanele sisabele kanjani ezidingweni zabafundi beBhayibheli abanamakhono alinganiselwe? (b) Singabasiza kanjani abafundi abanenkinga ngezindaba ezithile?
18 Umfundisi ophumelelayo uyazimisela ukuzivumelanisa namakhono nokulinganiselwa kwalabo abafundisayo. (Qhathanisa noJohane 16:12.) Emfanekisweni kaJesu wamatalenta, inkosi yanikeza amalungelo ‘komunye nomunye ngokwamandla akhe siqu.’ (Mathewu 25:15) Singalandela isibonelo esifanayo lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli. Yiqiniso, kuyafiseleka ukuqeda incwadi esekelwe eBhayibhelini ngesikhathi esifushane. Nokho, kumelwe kuvunywe ukuthi akuwona wonke umuntu onamakhono amahle okufunda noma ikhono lokuqonda imiqondo emisha ngokushesha. Ngakho-ke, kudingeka ukuqonda mayelana nokuthi sidlulela nini ephuzwini elilandelayo uma abantu abasabelayo benenkinga yokuhambisana nesifundo esisheshayo. Ukusiza abafundi bathole umqondo walokho abakufundayo kubaluleke ngaphezu kokuhlanganisa ukwaziswa ngesikhathi esimisiwe.—Mathewu 13:51.
19 Kungokufanayo nangabafundi beBhayibheli abanenkinga ngezindaba ezithile, njengoZiqu-zintathu noma amaholide enkolo. Nakuba ngokuvamile kungadingeki ukufaka ukwaziswa okucwaningiwe okusekelwe eBhayibhelini esifundweni sethu, singase senze kanjalo ngezinye izikhathi uma kusobala ukuthi lokhu kuyoba yinzuzo. Kumelwe kusetshenziswe ukwahlulela okuhle ukuze kuvinjelwe ukubambezela intuthuko yomfundi ngokungadingekile.
Yiba Nomdlandla!
20. UPawulu wasibeka kanjani isibonelo ngokubonisa umdlandla nokuqiniseka lapho efundisa?
20 UPawulu uthi: “Vuthani ngomoya.” (Roma 12:11) Yebo, kungakhathaliseki ukuthi siqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya noma sifeza ingxenye ethile emhlanganweni webandla, kufanele sikwenze ngentshiseko nomdlandla. UPawulu watshela abaseThesalonika: “Izindaba ezinhle esizishumayelayo azivelanga phakathi kwenu ngenkulumo yodwa kodwa futhi ngamandla nangomoya ongcwele nokuqiniseka okuqinile.” (1 Thesalonika 1:5) Ngakho uPawulu nawozakwabo abadluliselanga “izindaba ezinhle zikaNkulunkulu kuphela, kodwa nemiphefumulo [yabo] siqu.”—1 Thesalonika 2:8.
21. Singasilondoloza kanjani isimo sengqondo sokuba nomdlandla ngezabelo zethu zokufundisa?
21 Umdlandla wangempela ubangelwa ukuqiniseka ngokugcwele ukuthi esibafundisa iBhayibheli bayakudinga ukuzwa esikushoyo. Masingalokothi sibheke noma yisiphi isabelo sokufundisa njengesiyinjwayelo nje. Umbhali u-Ezra ngokuqinisekile wakunaka ukufundisa kwakhe. “Wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.” (Ezra 7:10) Kufanele senze okufanayo ngokulungiselela kahle nangokucabanga ngokubaluleka kokwaziswa. Masithandazele ukuba uJehova asigcwalise ngokholo nangokuqiniseka. (Luka 17:5) Umdlandla wethu ungasiza esibafundisa iBhayibheli ukuba babe nothando lwangempela lweqiniso. Yiqiniso, ukunaka ukufundisa kwethu kungase kuhilele nokusebenzisa izindlela ezithile zokufundisa. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezinye zazo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 2, ikhasi 1071, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Uyakhumbula?
◻ Kungani kudingeka abafundisi abangamaKristu abanekhono namuhla?
◻ Yimiphi imikhuba emihle yokutadisha esingayihlakulela?
◻ Kungani kubaluleke kakhuku ukuba sibathande futhi sibahloniphe labo esibafundisayo?
◻ Singasabela kanjani ezidingweni zalabo esibafundisa iBhayibheli?
◻ Kungani umdlandla nokuqiniseka kubaluleke kangaka lapho sifundisa abanye?
[Isithombe ekhasini 10]
Abafundisi abahle bangabafundi beZwi likaNkulunkulu nabo ngokwabo
[Isithombe ekhasini 13]
Yiba nesithakazelo somuntu siqu kobafundela iBhayibheli