Ukuphela Kwempi
‘Sineminyaka engu-12 nje kuphela ubudala. Asinakuzilawula ezombu-sazwe nempi, kodwa siyakufuna ukuphila! Silindele ukuthula. Inga-be kuyofika sisadla anhlamvana?’—Ikilasi lezingane zesikole zebanga lesithathu
‘Sifuna ukuya esikoleni, sifuna nokuvakashela abangane nemindeni yethu ngaphandle kokwesaba ukuthunjwa. Ngiyethemba ukuthi uhulumeni uzolalela. Sifuna ukuphila okungcono. Sifuna ukuthula.’—U-Alhaji, oneminyaka engu-14 ubudala
LA MAZWI athinta inhliziyo abonisa isifiso esijulile sentsha osekuyiminyaka ihlupheka ngenxa yezimpi zombango. Isifiso sayo nje siwukuphila ngendlela evamile. Kodwa akulula ukwenza izifiso zifezeke. Ingabe kuyoke kwenzeke ukuba sibone umhlaba ongenayo impi?
Eminyakeni yamuva, amanye amazwe aye enza imizamo yokuxazulula ezinye izimpi zombango ngokuphoqelela amaqembu aphikisanayo ukuba asayine isivumelwano sokuthula. Amanye aye athumela amasosha okugcina ukuthula ukuba aqinisekise ukugcinwa kwalezo zivumelwano. Kodwa ambalwa amazwe anayo imali noma isifiso sokuqapha amazwe akude lapho inzondo ejulile nokungathembani kwenza noma isiphi isivumelwano phakathi kwamaqembu alwayo singaqini. Akukona okungavamile ukuba impi iphinde iqubuke ngemva nje kwamasonto ambalwa noma izinyanga kusayinwe isivumelwano sokubeka phansi izikhali. Njengoba i-Stockholm International Peace Research Institute isho, “akulula ukufinyelela ukuthula uma abalwayo besenesifiso namandla okuqhubeka nokulwa.”
Ngesikhathi esifanayo, lezi zimpi ezingapheli ezihlupha izingxenye eziningi kangaka zomhlaba zikhumbuza amaKristu isiprofetho seBhayibheli. Incwadi yesAmbulo ikhuluma ngesikhathi esibucayi emlandweni lapho indoda engokomfanekiso egibele ihhashi ‘yayiyosusa khona ukuthula emhlabeni.’ (IsAmbulo 6:4) Lezi zimpi ezingapheli ezabikezelwa ziyingxenye yesibonakaliso esiyinhlanganisela esibonisa ukuthi manje siphila esikhathini iBhayibheli elisichaza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’a (2 Thimothewu 3:1) Nokho, iZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngokuthi lezi zinsuku zokugcina zandulela ukuthula.
KumaHubo 46:9 iBhayibheli liyachaza ukuthi ukuze kube nokuthula kwangempela kudingeka ukuba impi iphele, hhayi endaweni eyodwa kuphela, kodwa emhlabeni wonke. Ngaphezu kwalokho, leli hubo likhuluma ngokukhethekile ngokuqedwa kwezikhali zangesikhathi seBhayibheli—umnsalo nomkhonto. Nanamuhla ukuze abantu bahlale ngokuthula lezi izikhali ezixhaphakile kumelwe ziqedwe.
Nokho, into ngokuyinhloko ebhebhezela impi akuzona izinhlamvu nezibhamu kodwa inzondo nokuhaha. Umhawu noma ukuhaha, yikona okuyimbangela eyinhloko yempi kanti inzondo ngokuvamile ibangela ubudlova. Ukuze baqede le mizwa elimazayo, abantu kudingeka bashintshe indlela yabo yokucabanga. Kudingeka bafundiswe izindlela zokuthula. Yingakho umprofethi wasendulo u-Isaya asho ngokucacile ukuthi impi iyophela kuphela uma abantu ‘bengasayifundi impi.’—Isaya 2:4.
Nokho, manje siphila ezweni elifundisa abantu abadala nezingane ubuhle bempi, hhayi ukubaluleka kokuthula. Kuyadabukisa ukuthi ngisho nezingane ziqeqeshelwa ukubulala.
Zafunda Ukubulala
Kwathi eneminyaka engu-14 ubudala, u-Alhaji wayeseyisosha elingasekho empini. Wayeneminyaka eyishumi kuphela ubudala ngesikhathi amabutho abavukeli embamba futhi emqeqeshela ukuba alwe ngesibhamu i-AK-47. Ngemva kokuba ephoqelelwe ukuba isosha, wahlasela izindawo ukuze athole ukudla washisa nemizi. Wabuye wabulala abantu ebanquma nezitho zomzimba. Namuhla, u-Alhaji ukuthola kunzima ukuba akhohlwe impi nokuba aphile ngendlela evamile engalwi. U-Abraham, enye ingane eyisosha, naye wafunda ukubulala futhi wayesemadolo nzima ukuhlukana nesikhali sakhe. Wathi: “Uma bethi angihambe ngingasiphethe isibhamu sami, ngivele ngingazi ukuthi ngizokwenzani, ngizokuthola kanjani ukudla.”
Angaphezu kuka-300 000 amasosha ayizingane—abafana namantombazane—asalwa ezimpini ezingapheli zombango ezikhungethe umhlaba futhi ayafa. Omunye umholi wamavukela mbuso wachaza: “Amasosha angabafana enza lokho ayalwa ukuba akwenze; awakhathazeki ngokuthi kufanele abuyele emuva emakhosikazini noma emikhayeni yawo; futhi awesabi.” Nokho, lezi zingane zifuna ukuphila okungcono futhi kube kufanele.
Emazweni athuthukile, lesi simo esishaqisayo sezingane ezingamasosha singase sibonakale sikude nawo. Noma kunjalo, izingane eziningi zaseNtshonalanga zifunda ukulwa zisemakhaya azo. Kanjani?
Ngokwesibonelo cabanga ngoJosé waseningizimu mpumalanga yeSpain. Wayengomusha owayeyithanda imidlalo yokulwa njenge-judo ne-karate. Into eyayiyigugu kakhulu kuye inkemba ende yamaJapane eyayiyisipho ayesithengelwe nguyise ngoKhisimusi. Wayeyithanda nemidlalo ye-video, ikakhulukazi enobudlova. Ngo-April 1, 2000, wabulingisa ngokoqobo ubudlova beqhawe ayelithanda lale midlalo. Wavuka umbhejazane wabulala uyise, unina nodadewabo ngayo kanye le nkemba ayeyiphiwe uyise. “Ngangifuna ukuba ngedwa emhlabeni, ngangingafuni ukuhlala ngisemehlweni abazali bami,” echazela amaphoyisa.
Ekhuluma ngemiphumela yokuzijabulisa okunobudlova, uDave Grossman ongumlobi futhi oyisikhulu sezempi wathi: “Sifinyelela izinga lokungasazweli lapho ukuzwiswa komunye umuntu iminjunju yezinhlungu nokuhlupheka sekungumthombo wokuzijabulisa: ukuzijabulisa ngokuzibona ngeso lengqondo ukuleso simo esikhundleni sokukwenyanya. Sifunda ukubulala, sifunda nokukuthanda.”
Bobabili u-Alhaji noJosé bafunda ukubulala. Babengahlosile ukuba ababulali, kodwa ukuqeqeshwa kohlobo oluthile kwasonta ukucabanga kwabo. Ukuqeqeshwa okunjalo—kungakhathaliseki ukuthi okwezingane noma okwabantu abadala—kuhlwanyela imbewu yobudlova nempi.
Ukufunda Ukuthula Kunempi
Ukuthula okuhlala njalo ngeke kube khona uma abantu besafunda ukubulala. Emakhulwini amaningi eminyaka adlule, umprofethi u-Isaya wabhala: “Ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo [kaNkulunkulu]! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula.” (Isaya 48:17, 18) Lapho abantu bethola ulwazi olunembile ngeZwi likaNkulunkulu futhi befunda nokuthanda umthetho wakhe, ubudlova nempi kuyenyanyeka kubo. Ngisho namanje, abazali bangaqikelela ukuthi imidlalo edlalwa izingane zabo ayibukhuthazi ubudlova. Abantu abadala nabo bangafunda ukunqoba inzondo nomhawu. Ngokuphindaphindiwe oFakazi BakaJehova baye bathola ukuthi iZwi likaNkulunkulu linamandla okushintsha ubuntu babantu.—Hebheru 4:12.
Cabanga ngesibonelo sikaHortêncio. Wayeyinsizwa ngesikhathi ephoqelelwa ukuba abe isosha. Ukuqeqeshelwa impi kwakuhloselwe “ukugxilisa kithina isifiso sokubulala abanye abantu nokuba singabi nolu ncú uvalo lokubulala,” echaza. Walwa empini yombango eyadonsa isikhathi eside e-Afrika. Uyavuma: “Impi yabushintsha ubuntu bami. Ngisho nanamuhla ngisakukhumbula konke engakwenza. Ngiyazisola kakhulu ngalokho engaphoqelelwa ukuba ngikwenze.”
Lapho omunye uzakwabo oyisosha ekhuluma naye ngeBhayibheli, layithinta inhliziyo kaHortêncio. Isithembiso sikaNkulunkulu esikumaHubo 46:9 sokuphelisa zonke izinhlobo zempi samhlaba umxhwele. Njengoba ayeqhubeka etadisha iBhayibheli, waya ngokuya engasakufuni ukulwa. Kungakabiphi, yena nabangane bakhe ababili baxoshwa ebuthweni, base benikezela ukuphila kwabo kuJehova uNkulunkulu. UHortêncio uyachaza: “Iqiniso leBhayibheli langisiza ukuba ngithande izitha zami. Ngabona ukuthi ngokulwa empini, empeleni ngangenza isono kuJehova, ngoba uNkulunkulu uthi singababulali abanye abantu. Ukuze ngibonise lolu thando, kwadingeka ngishintshe indlela yami yokucabanga futhi ngingabheki abantu njengezitha zami.”
Izindaba ezinjalo ezenzeka ngokoqobo zibonisa ukuthi ngempela imfundo yeBhayibheli yenza kube nokuthula. Akumangalisi lokhu. Umprofethi u-Isaya wathi kunokuhlobana okusobala phakathi kwemfundo kaNkulunkulu nokuthula. Wabikezela: “Bonke abantwana bakho bayoba ngabantu abafundiswé uJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyochichima.” (Isaya 54:13) Yena lo mprofethi wabikezela isikhathi lapho abantu bazo zonke izizwe babeyothutheleka ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu okumsulwa bezofunda ngezindlela zakhe. Kube namuphi umphumela? ‘Bayokhanda izinkemba zabo zibe ngamageja nemikhonto yabo ibe ngocelemba. Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.’—Isaya 2:2-4.
Ngokuvumelana naleso siprofetho, oFakazi BakaJehova benza umsebenzi wokufundisa emhlabeni wonke osusize izigidi zabantu ukuba ziqede inzondo ewumnyombo wezimpi.
Isiqinisekiso Sokuthula
Ngaphandle kokunikeza le mfundo, uNkulunkulu uye wamisa uhulumeni, noma “umbuso,” okwaziyo ukugcina ukuthula emhlabeni wonke. Kuyaphawuleka ukuthi iBhayibheli lichaza uMbusi okhethwe uNkulunkulu, uJesu Kristu, ngokuthi “iSikhulu Sokuthula.” Libuye lisiqinisekise ngokuthi “ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula.”—Isaya 9:6, 7.
Isiphi isiqinisekiso esinaso sokuthi ukubusa kukaKristu kuyoziqeda ngokuphumelelayo zonke izinhlobo zempi? Umprofethi u-Isaya uyanezela: “Yona kanye intshiseko kaJehova wamabutho iyokwenza lokhu.” (Isaya 9:7) UNkulunkulu unesifiso namandla okugcina ukuthula phakade. UJesu usethemba ngokuphelele lesi sithembiso. Yingakho afundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele uMbuso kaNkulunkulu ukuba ufike nokuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) Lapho lesi sicelo esiqotho ekugcineni siphendulwa, impi ngeke neze iphinde yonakalise umhlaba.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uhlole ubufakazi bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, ekhishwa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 7]
Imfundo yeBhayibheli yenza kube nokuthula kwangempela