Indaba Yokuphila
Sasebenzisa Izimo Zethu Ezishintshayo Ukuze Sishumayele Ezindaweni Ezikude
ILANDISWA URICARDO MALICSI
Lapho ngiphelelwa umsebenzi ngenxa yokungathathi-hlangothi kobuKristu, mina nomkhaya wami sacela uJehova ukuba asisize sihlele ikusasa lethu. Emthandazweni wethu, saveza isifiso sethu sokwandisa inkonzo. Ngokushesha ngemva kwalokho, saqala ukuba onozulane, siya emazweni angu-8 asemazwekazini amabili. Ngenxa yalokho, sakwazi ukufeza inkonzo yethu ezindaweni ezikude.
NGAZALELWA ePhilippines ngo-1933 emkhayeni owawusonta e-Independent Church. Wonke amalungu omkhaya wakithi angu-14 ayesonta kulelo sonto. Lapho sengineminyaka ecishe ibe ngu-12 ubudala, ngathandaza kuNkulunkulu ngicela ukuba angibonise inkolo yeqiniso. Omunye kothisha wangibhalisa ekilasini lezenkolo, futhi ngaba umKatolika ozinikele. Ngangingalokothi ngiphuthe ukuyovuma izono ngoMgqibelo noma ngiphuthelwe iMisa langeSonto. Nokho, kancane kancane ngaqala ukuba nokungabaza nokunganeliseki. Ngangikhathazwa imibuzo enjengokuthi: Kwenzekani kubantu lapho befa? Siyini isihogo somlilo? Ingabe uNkulunkulu unguZiqu-zintathu? Izimpendulo engangizithola kubaholi benkolo zazingacacile futhi zingangigculisi.
Ukuthola Izimpendulo Ezigculisayo
Ngesikhathi ngisafunda ekolishi, ngajoyina iqembu elangenza ukuba ngilwe, ngigembule, ngibheme futhi ngenze nezinye izinto ezimbi. Ngelinye ilanga sekuhlwile, ngahlangana nomama wengane engangifunda nayo ekilasini. Wayengomunye woFakazi BakaJehova. Ngambuza imibuzo engangiyibuzé othisha bezenkolo. Esebenzisa iBhayibheli wayiphendula yonke imibuzo yami, futhi ngakholelwa ukuthi ayekusho kuyiqiniso.
Ngathenga iBhayibheli futhi ngaqala ukulifunda noFakazi. Ngokushesha ngaqala ukuhlanganyela kuyo yonke imihlangano yoFakazi BakaJehova. Ngilalela iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile esithi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle,” nganqamula ubuhlobo nabangane bami ababi. (1 Korinte 15:33) Lokhu kwangisiza ukuba ngithuthuke esifundweni sami seBhayibheli futhi ekugcineni ngazinikezela kuJehova. Ngemva kokuba ngibhapathiziwe ngo-1951, okwesikhashana ngaba isikhonzi sesikhathi esigcwele (iphayona). Kwabe sekuthi ngo-December 1953, ngashada no-Aurea Mendoza Cruz, owaba umngane wokuphila kwami konke nesisebenzi esithembekile enkonzweni.
Impendulo Yemithandazo Yethu
Sasikufuna ngabomvu ukuba amaphayona. Nokho, isifiso sethu sokukhonza uJehova ngokugcwele asizange sigcwaliseke ngokushesha. Noma kunjalo, asizange siyeke ukucela uJehova ukuba asivulele iminyango yenkonzo. Kodwa, ukuphila kwethu kwakunzima. Noma kunjalo, sasicabanga ngemigomo engokomoya, futhi lapho sengineminyaka engu-25, ngamiswa ukuba ngibe inceku yebandla, umbonisi owengamele, ebandleni loFakazi BakaJehova.
Njengoba ngangithuthuka olwazini lweBhayibheli nasekuqondeni izimiso zikaJehova, ngaqaphela ukuthi umsebenzi wami wawungqubuzana nesimo sikanembeza wami sokungathathi-hlangothi kobuKristu. (Isaya 2:2-4) Nganquma ukuwuyeka. Lokhu kwaluvivinya ukholo lwethu. Ngangizozinakekela kanjani izidingo zomkhaya wami? Saphinde futhi sathandaza kuJehova uNkulunkulu. (IHubo 65:2) Samtshela ngezinto ezisikhathazayo nezinto esizesabayo, kodwa futhi samtshela nangesifiso sethu sokukhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabashumayeli boMbuso. (Filipi 4:6, 7) Sasingakaze sicabange ukuthi sasizovulekelwa amathuba amaningi enkonzo!
Ukuqala Uhambo Lwethu
Ngo-April 1965, ngathola umsebenzi eVientiane International Airport, eLaos wokuba umqondisi wezisebenzi ezisiza uma kunenhlekelele, futhi sathuthela khona. Edolobheni laseVientiane, kwakunoFakazi abangu-24, ngakho sajabulela ukushumayela nezithunywa zevangeli kanye nabazalwane abambalwa bendawo. Kamuva, ngathunyelwa e-Udon Thani Airport, eThailand. Kwakungekho ngisho noyedwa vó uFakazi edolobheni lase-Udon Thani. Sasiyiqhuba sisodwa imihlangano yamasonto onke, sishumayela endlini ngendlu, senza izimpindelo, siqala nezifundo zeBhayibheli.
Sakhumbula umyalo kaJesu kubafundi bakhe ukuthi kufanele ‘baqhubeke bethela izithelo eziningi.’ (Johane 15:8) Ngakho sasizimisele ukulandela isibonelo sabo futhi saqhubeka nokumemezela izindaba ezinhle. Ngokushesha sathola imiphumela. Intombazane ethile yakhona eThailand yamukela iqiniso futhi yaba udadewethu ongokomoya. Ababili abadabuka eNyakatho Melika bamukela iqiniso futhi ngokuhamba kwesikhathi baba abadala abangamaKristu. Saqhubeka sishumayela izindaba ezinhle enyakatho yeThailand iminyaka engaphezu kweyishumi. Yeka indlela esijabula ngayo ngokwazi ukuthi manje sekunebandla e-Udon Thani! Enye imbewu yeqiniso esayitshala isathela izithelo.
Nokho, okudabukisayo ukuthi kwadingeka sibuye sihambe, futhi sathandazela ukuba “iNkosi yokuvuna” isisize siqhubeke nomsebenzi wokushumayela. (Mathewu 9:38) Sathunyelwa eTehran, inhloko-dolobha yase-Iran. Lokhu kwenzeka ngesikhathi kubusa uShah.
Ukushumayela Ezindaweni Ezinezinkinga
Ngokushesha lapho sifika eTehran, sathola abafowethu abangokomoya. Sahlanganyela neqembu elincane loFakazi elalinezizwe ezingu-13. Kwadingeka senze ukulungisa ukuze sishumayele izindaba ezinhle e-Iran. Nakuba singazange siphikiswe ngokuqondile, kwakudingeka siqaphe.
Ngenxa yomsebenzi wabantu abathakazelayo, ngezinye izikhathi sasiqhuba izifundo zeBhayibheli phakathi kwamabili noma ngemva kwalokho—kuze kube intathakusa. Kodwa, yeka indlela esasijabula ngayo lapho sibona izithelo zethu zokuzikhandla! Imikhaya eminingi edabuka ePhilippines naseKorea yalamukela iqiniso lobuKristu futhi yazinikezela kuJehova.
Ngemva kwalokho ngahamba ngayosebenza eDhaka, eBangladesh. Safika lapho ngo-December 1977. Leli kwakungelinye izwe lapho kwakungelula khona ukufeza umsebenzi wethu wokushumayela. Nokho, ngaso sonke isikhathi sasihlale sinombono wokuthi kumelwe sishumayele. Ngokuqondisa komoya kaJehova, sakwazi ukuthola imikhaya eminingi eyayizibiza ngamaKristu. Eminye yayomele amanzi aqabulayo eqiniso atholakala emiBhalweni Engcwele. (Isaya 55:1) Ngenxa yalokho, saqala izifundo zeBhayibheli eziningi.
Sasihlale sikhumbula njalo ukuthi intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe.” (1 Thimothewu 2:4) Okujabulisayo ukuthi akekho owayesihlupha. Ukuze sinqobe lonke ubandlululo, sasiqikelela ukuthi sisebenzisa intshumayelo enobungane. Njengomphostoli uPawulu, sazama ukuba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo.” (1 Korinte 9:22) Lapho sibuzwa injongo yokuhambela kwethu, sasichaza ngomusa sithole nokuthi abaningi banobungane kakhulu.
EDhaka sathola uFakazi oyedwa futhi samkhuthaza ukuba ahlanganyele nathi emihlanganweni yobuKristu nasemsebenzini wokushumayela. Ngaleso sikhathi, umkami wayeqhuba isifundo seBhayibheli nomunye umkhaya futhi wawumemela emihlanganweni. Ngomusa kaJehova wothando, wonke umkhaya waba oFakazi. Kamuva, amadodakazi amabili alowo mkhaya asiza ekuhumusheni izincwadi zeBhayibheli ngesiBengali, futhi izihlobo zawo eziningi zaba nolwazi ngoJehova. Nezinye izifundo eziningi zeBhayibheli zamukela iqiniso. Manje abaningi kubo bangabadala noma amaphayona.
Njengoba idolobha laseDhaka linabantu abaningi kakhulu, sacela amanye amalungu omkhaya wakithi ukuba azosisiza emsebenzini wokushumayela. Abambalwa beza futhi bahlanganyela nathi eBangladesh. Yeka indlela esijabula nesimbonga ngayo uJehova ngomnyango asivulela wona wokushumayela izindaba ezinhle kulelo zwe! Kusukela esiqalweni esincane somuntu oyedwa vó, manje sekunamabandla amabili eBangladesh.
Ngo-July 1982, kwadingeka sibophe imithwalo yethu siphume eBangladesh. Izinhliziyo zethu zazibuhlungu ngesikhathi sihlukana nabazalwane. Kungakabiphi, ngathola umsebenzi e-Entebbe International Airport, e-Uganda, lapho sahlala khona iminyaka emine nezinyanga ezingu-7. Yini esasingayenza kuleli zwe ukuze sidumise igama likaJehova elikhulu?
Ukukhonza UJehova EMpumalanga Afrika
Lapho sifika e-Entebbe International Airport, umshayeli wemoto eqashwayo wangithatha nomkami wayosibeka lapho sasizolala khona. Njengoba sasisuka esikhumulweni sezindiza, ngaqala ukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu kulo mshayeli. Wangibuza: “Ingabe ungomunye woFakazi BakaJehova?” Lapho ngivuma, wabe esethi: “Omunye wabafowenu usebenza embhoshongweni wabalawuli bezindiza.” Ngaso leso sikhathi, ngamcela ukuba angiyise lapho. Sahlangana nalo mzalwane, owajabula kakhulu lapho esibona futhi kwenziwa amalungiselelo emihlangano yebandla nawenkonzo yasensimini.
Ngaleso sikhathi kwakunabamemezeli boMbuso abangu-228 kuphela e-Uganda. Sikanye nabazalwane ababili e-Entebbe, sachitha unyaka wokuqala sitshala imbewu yeqiniso. Ngenxa yokuthi abantu balapho babekuthanda ukufunda, sahambisa izincwadi eziningi, kuhlanganise nomagazini abangamakhulu. Sacela abazalwane basenhloko-dolobha iKampala ukuba bazosisiza ngokushumayela ensimini yase-Entebbe ngezimpelasonto. Uma nami ngizibala, baba bahlanu ababa khona enkulumweni yeningi yokuqala engayinikeza.
Eminyakeni emithathu eyalandela, saqala ukuba nezinye izikhathi ezijabulisayo ekuphileni kwethu lapho sibona labo esasibafundela benza izinguquko futhi bethuthuka ngokushesha. (3 Johane 4) Komunye umhlangano wesifunda, kwabhapathizwa izifundo zethu zeBhayibheli eziyisithupha. Abaningi kuzo bathi bakhuthazwa yithi ukuba bangenele inkonzo yesikhathi esigcwele ngoba babesibona siphayona, nakuba sasisebenza isikhathi esigcwele emsebenzini wokuziphilisa.
Saqaphela ukuthi nasemsebenzini kungaba insimu ekhiqizayo. Ngesinye isikhathi, ngaya esikhulwini sasesikhumulweni sezindiza esisebenza emnyangweni wabacima umlilo futhi ngasixoxela ngethemba elisekelwe eBhayibhelini lokuphila epharadesi emhlabeni. Ngasibonisa eBhayibhelini laso ukuthi abantu abalalelayo bayophila ngokuthula nangobunye, lapho ubumpofu, ukuntuleka kwezindlu, izimpi, ukugula noma ukufa kuyobe kungasekho. (IHubo 46:9; Isaya 33:24; 65:21, 22; IsAmbulo 21:3, 4) Ukukufunda kwelakhe iBhayibheli kwamenza waba nesithakazelo. Ngaso leso sikhathi saqala isifundo seBhayibheli. Waqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano. Ngokushesha wazinikezela kuJehova futhi wabhapathizwa. Kamuva wazibandakanya nathi enkonzweni yesikhathi esigcwele.
Ngesikhathi sise-Uganda kwaqubuka iziyaluyalu kabili endaweni, kodwa azizange ziyimise imisebenzi yethu engokomoya. Imikhaya yalabo ababesebenzela izinkampani zakwamanye amazwe yathuthelwa eNairobi, eKenya, izinyanga eziyisithupha. Thina esasala e-Uganda saqhubeka nomsebenzi wokushumayela nokuqhuba imihlangano yobuKristu, nakuba kwakudingeka sibe nobuhlakani futhi siqaphe.
Ngo-April 1988, umsebenzi wami waphela futhi sathutha. Sasuka eBandleni Lase-Entebbe sinomuzwa wokwaneliseka okukhulu ngenxa yentuthuko engokomoya. Ngo-July 1997, sathola elinye ithuba lokuvakashela e-Entebbe. Ngaleso sikhathi, abanye kubantu esasibafundela iBhayibheli base bekhonza njengabadala. Yeka indlela okwasivusa amadlingozi ngayo ukubona abangu-106 ababekhona eMhlanganweni Weningi!
Ukuthuthela Ensimini Okungakaze Kushunyayelwe Kuyo
Sasingakwazi yini ukubamba amathuba amasha avelayo? Yebo, isabelo sami esilandelayo sasiseMogadishu International Airport, eSomalia. Sasizimisele ukulisebenzisa kahle leli thuba elisha lokukhonza ensimini okungakaze kushunyayelwe kuyo.
Sasishumayeza kakhulu izisebenzi zasemahhovisi amanxusa akwamanye amazwe, izisebenzi ezivela ePhilippines nabantu abavela kwamanye amazwe. Sasivame ukubathola ezimakethe. Sasibavakashela nasemakhaya abo. Ukusebenzisa ukuhlakanipha, amasu nokuthembela ngokuphelele kuJehova, kwasenza sakwazi ukuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye, futhi lokhu kwathela izithelo kubantu bezizwe ezihlukahlukene. Sasuka eMogadishu ngemva kweminyaka emibili—ngaphambi nje kokuba kuqale impi.
I-International Civil Aviation Organization yangabela ukuba ngiyosebenza eYangon, eMyanmar. Nalapha futhi, savulekelwa amathuba amahle okusiza abanhliziyo ziqotho ukuba bafunde ngezinjongo zikaNkulunkulu. Sasuka eMyanmar saya eDar es Salaam, eTanzania. Ukushumayela endlini ngendlu kwakulula kakhulu eDar es Salaam ngenxa yokuthi kwakunabantu ababekhuluma isiNgisi.
Nakuba izikhathi eziningi kwakuba nokuvinjelwa komsebenzi woFakazi BakaJehova, kuwo wonke amazwe esaya kuwo sasiba nezinkinga ezimbalwa enkonzweni yethu. Ngenxa yomsebenzi wami, ngokuvamile owawuhlobene nohulumeni noma nezinkampani zakwamanye amazwe, abantu abazange bayisole imisebenzi yethu engokomoya.
Umsebenzi wokuziphilisa wenza ukuba mina nomkami sizulazule iminyaka engu-30. Kodwa sasiwubheka njengomane uyindlela yokufinyelela umgomo wethu. Umgomo wethu wokuqala kwakuwukuba njalo sithuthukise izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu. Sibonga uJehova ngokusisiza ukuba sizisebenzise kahle izimo zethu ezishintshayo futhi sijabulele ilungelo elimangalisayo lokusakaza izindaba ezinhle ezindaweni ezikude.
Ukubuyela Ekuqaleni
Lapho sengineminyaka engu-58 ubudala, nganquma ukusheshe ngithathe umhlala-phansi futhi ngibuyele ePhilippines. Lapho sifika ePhilippines, sacela uJehova ukuba aqondise izinyathelo zethu. Saqala ukuhlanganyela nebandla laseTrece Martires City elisesifundazweni saseCavite. Lapho sifika kwakunabamemezeli boMbuso kaNkulunkulu abangu-19 kuphela. Kwahlelwa ukuba kushunyayelwe nsuku zonke, kwaqalwa nezifundo zeBhayibheli eziningi. Ibandla laqala ukukhula. Ngesinye isikhathi umkami wake waqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-19, kuyilapho mina nginezingu-14.
Ngokushesha iHholo LoMbuso laba lincane. Sathandaza kuJehova ngale ndaba. Omunye umzalwane nomkakhe banquma ukunikela ngesiza, futhi ihhovisi legatsha lavuma ukusiboleka imali ukuze sakhe iHholo LoMbuso elisha. Lesi sakhiwo esisha saba negalelo elikhulu emsebenzini wokushumayela, futhi isonto ngalinye inani lababeba khona emihlanganweni yebandla lalanda. Manje, sihamba isikhathi esingaphezu kwehora siya noma sibuya ukuyosiza elinye ibandla elinabamemezeli abangu-17.
Mina nomkami siyalazisa ilungelo esiye salijabulela lokukhonza emazweni ahlukahlukene amaningi kangaka. Uma sibheka emuva ekubeni onozulane, sizizwa saneliseke kakhulu ngokwazi ukuthi sasebenzisa ukuphila kwethu ngendlela engcono kakhulu—ukusiza abanye bafunde ngoJehova!
[Ibalazwe ekhasini 24, 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
TANZANIA
UGANDA
SOMALIA
IRAN
BANGLADESH
MYANMAR
LAOS
THAILAND
PHILIPPINES
[Isithombe ekhasini 23]
Nginomkami u-Aurea