Ungamniki UDeveli Indawo
“Ningamniki uDeveli ithuba.”—EFESU 4:27, Byington.
1. Kungani abaningi beye bangabaza ukuthi uDeveli ukhona?
AMAKHULU amaningi eminyaka abantu abaningi babecabanga ukuthi uDeveli uyisidalwa esinezimpondo nezinselo ezivulekile, esigqoke izingubo ezibomvu futhi esiphonsa abantu ababi esihogweni somlilo ngemfoloko. IBhayibheli aliwusekeli lowo mbono. Nokho, akungabazeki ukuthi imibono eyiphutha njengalena iye yenza izigidi zabantu zangabaza ukuthi uDeveli ukhona noma zacabanga ukuthi leli gama lisho nje ububi.
2. Imaphi amanye amaqiniso avezwa yimiBhalo ngoDeveli?
2 IBhayibheli linikeza ubufakazi obucacile nobomuntu owazibonela ngawakhe ukuthi uDeveli ukhona. UJesu Kristu wambona ezulwini futhi wakhuluma naye emhlabeni. (Jobe 1:6; Mathewu 4:4-11) Nakuba imiBhalo ingalivezi igama lokuqala lalesi sidalwa somoya, isibiza ngokuthi uDeveli (okusho ukuthi “uMnyundeli” ngesiGreki sokuqala) ngoba wanyundela uNkulunkulu. Ubizwa nangokuthi uSathane (okusho ukuthi “uMphikisi”), ngoba uphikisa uJehova. USathane uDeveli ubizwa ngokuthi “inyoka yokuqala,” ngokusobala ngoba wasebenzisa inyoka ukuze akhohlise u-Eva. (IsAmbulo 12:9; 1 Thimothewu 2:14) Waziwa nangokuthi “omubi.”—Mathewu 6:13.a
3. Imuphi umbuzo esizoxoxa ngawo?
3 Njengezinceku zikaJehova, asifuni neze ukufana noSathane, isitha esikhulu sowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Ngakho-ke kumelwe sisilalele iseluleko somphostoli uPawulu: “Ningamniki uDeveli ithuba.” (Efesu 4:27, Byington) Yiziphi-ke ezinye zezici zikaSathane okungamelwe sizilingise?
Ungamlingisi Umnyundeli Omkhulu
4. “Omubi” wamnyundela kanjani uNkulunkulu?
4 “Omubi” kuyamfanela ukubizwa ngokuthi uDeveli, ngoba ungumnyundeli. Ukunyundela ukukhuluma amanga alimazayo nathunazayo ngomunye umuntu. UNkulunkulu wayala u-Adamu: “Ngokuqondene nomuthi wolwazi lokuhle nokubi ungadli kuwo, ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyokufa nokufa.” (Genesise 2:17) U-Eva wayetsheliwe ngalokhu, kodwa esebenzisa inyoka, uDeveli wathi kuye: “Ngokuqinisekile ngeke nife. Yingoba uNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” (Genesise 3:4, 5) Lokho kwakuwukunyundela uJehova uNkulunkulu ngendlela elimazayo!
5. Kungani uDiyotrefe kwakufanele alandise ngokunyundela?
5 Ama-Israyeli ayalwa: “Akumelwe uzulazule phakathi kwabantu bakini ngenjongo yokunyundela.” (Levitikusi 19:16) Ekhuluma ngomnyundeli othile wosuku lwakhe, umphostoli uJohane wathi: “Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe, othanda ukuba nendawo ephambili phakathi kwabo, akamukeli lutho oluvela kithi ngenhlonipho. Kungakho, uma ngifika, ngizokwenza ukuba kukhunjulwe imisebenzi yakhe aqhubeka eyenza, ephoshoza ngathi amazwi amabi.” (3 Johane 9, 10) UDiyotrefe wayenyundela uJohane futhi kwakufanele alandise ngalokhu. Ukhona yini umKristu oqotho ongafuna ukufana noDiyotrefe, alingise uSathane, umnyundeli omkhulu?
6, 7. Kungani sifuna ukugwema ukunyundela noma ubani?
6 Izinceku zikaJehova zivamile ukunyundelwa nokumangalelwa ngamanga. “Abapristi abakhulu nababhali babelokhu bemile futhi bembeka icala ngamandla [uJesu].” (Luka 23:10) UPawulu wamangalelwa ngamanga nguMpristi Ophakeme u-Ananiyase nabanye. (IzEnzo 24:1-8) IBhayibheli libiza uSathane nangokuthi “ummangaleli wabafowethu . . . , obamangalela imini nobusuku phambi kukaNkulunkulu wethu.” (IsAmbulo 12:10) Labo “bafowethu” abamangalelwa ngamanga bangamaKristu agcotshiwe asemhlabeni kulezi zinsuku zokugcina.
7 Akekho umKristu ongafuna ukunyundela noma ukumangalela umuntu ngamanga. Nokho, lokho kungenzeka uma sifakaza ngokumelene nothile sibe singalazi lonke iqiniso ngendaba. EMthethweni KaMose, umuntu ofakaza amanga ngamabomu wayengase abulawe. (Eksodusi 20:16; Duteronomi 19:15-19) Ngaphezu kwalokho, izinto ezinengekayo kuJehova zihlanganisa “ufakazi wamanga ophafuza amanga.” (IzAga 6:16-19) Ngakho, ngokuqinisekile sifuna ukugwema ukulingisa umnyundeli oyinhloko omangalela abanye ngamanga.
Gwema Izindlela Zombulali Wokuqala
8. UDeveli waba kanjani “umbulali wabantu kusukela ekuqaleni”?
8 UDeveli ungumbulali. UJesu wathi ngoDeveli: “Wayengumbulali wabantu kusukela ekuqaleni.” (Johane 8:44) USathane waba umbulali kusukela esenzweni sakhe sokuqala sokuhlubula u-Adamu no-Eva kuNkulunkulu. Wabangela ukufa kombhangqwana wokuqala nenzalo yawo. (Roma 5:12) Kuyaphawuleka ukuthi ngumuntu kuphela owayengenza lesi senzo. Sasingenakwenziwa ububi obuthile.
9. Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Johane 3:15, singaba kanjani ababulali?
9 Omunye weMiyalo Eyishumi eyanikezwa u-Israyeli uthi: “Ungabulali.” (Duteronomi 5:17) Ebhalela amaKristu, umphostoli uPetru wathi: “Makungabikho noyedwa kini ohlupheka ngoba engumbulali.” (1 Petru 4:15) Ngakho, njengezinceku zikaJehova asinakubulala. Nokho, singaba necala kuNkulunkulu uma singazonda omunye umKristu size sifise sengathi angafa. Umphostoli uJohane wabhala: “Wonke umuntu ozonda umfowabo ungumbulali, futhi niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.” (1 Johane 3:15) Ama-Israyeli ayalwa: “Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho.” (Levitikusi 19:17) Kwangathi singashesha ukulungisa noma iyiphi inkinga eba khona phakathi kwethu nomunye umKristu, ukuze umbulali onguSathane angabubhidlizi ubunye bethu bobuKristu.—Luka 17:3, 4.
Melana Ngokuqinile Nomqambimanga Oyinhloko
10, 11. Yini okumelwe siyenze ukuze simelane ngokuqinile nomqambimanga oyinhloko, uSathane?
10 UDeveli ungumqambimanga. UJesu wathi: “Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nesimo sakhe, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga.” (Johane 8:44) USathane waqamba amanga ku-Eva, kanti uJesu weza emhlabeni ukuze azofakazela iqiniso. (Johane 18:37) Uma sifuna ukumelana ngokuqinile noDeveli njengabalandeli bakaKristu, ngeke siqambe amanga futhi sikhohlise. Kumelwe ‘sikhulume iqiniso.’ (Zakariya 8:16; Efesu 4:25) ‘UJehova uNkulunkulu weqiniso’ ubusisa kuphela oFakazi bakhe abaneqiniso. Ababi abanalungelo lokummelela.—IHubo 31:5; 50:16; Isaya 43:10.
11 Uma sikwazisa ukuthi sikhululiwe ngokomoya emangeni kaSathane, siyonamathela ebuKristwini, ‘obuyindlela yeqiniso.’ (2 Petru 2:2; Johane 8:32) Izimfundiso zobuKristu zizonke zakha “iqiniso lezindaba ezinhle.” (Galathiya 2:5, 14) Yona kanye insindiso yethu ixhomeke ‘ekuhambeni kwethu eqinisweni’—sinamathele kulo futhi simelane ngokuqinile “noyise wamanga.”—3 Johane 3, 4, 8.
Melana Nesihlubuki Esiyinhloko
12, 13. Kufanele siziphathe kanjani izihlubuki?
12 Isidalwa somoya esaba uDeveli sake saba seqinisweni. Kodwa uJesu wathi ‘asizange sime siqine eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuso.’ (Johane 8:44) Lesi sihlubuki esiyinhloko siye saphikelela enkambweni yokumelana ‘noNkulunkulu weqiniso.’ Amanye amaKristu ekhulu lokuqala awela “ogibeni lukaDeveli,” ngokusobala aba izisulu zakhe ngenxa yokuthi adukiswa ayesephambuka eqinisweni. Ngakho uPawulu wanxusa uThimothewu, isisebenzi ayekanye naso, ukuba awayale ngobumnene ukuze alulame ngokomoya, aphume ogibeni lukaSathane. (2 Thimothewu 2:23-26) Yebo, kungcono kakhulu ukunamathela ngokuqinile eqinisweni, ungangeni nakungena ogibeni lwemibono yezihlubuki.
13 Ngenxa yokulalela uDeveli nokungawenqabi amanga akhe, umbhangqwana wokuqala wahlubuka. Ngakho-ke, kufanele yini silalele izihlubuki, sifunde izincwadi zazo, noma sihlole izingosi zazo kuyi-Internet? Uma simthanda uNkulunkulu neqiniso, ngeke sikwenze lokho. Izihlubuki akufanele sizingenise emizini yethu noma sizibingelele ngisho nokuzibingelela, ngoba ukwenza kanjalo kungasenza ‘abahlanganyeli emisebenzini yazo emibi.’ (2 Johane 9-11) Kwangathi singelokothe sibanjwe ubuqili bukaDeveli ngokushiya “indlela yeqiniso” yobuKristu bese silandela abafundisi bamanga, abafuna ‘ukufaka imibono eyonakalisayo,’ futhi abazama ‘ukusizakala ngathi ngokulalisa ulimi.’—2 Petru 2:1-3, Byington.
14, 15. Isiphi isixwayiso uPawulu asinika abadala base-Efesu noThimothewu, isisebenzi ayekanye naso?
14 UPawulu watshela abadala abangamaKristu base-Efesu: “Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ngababonisi, ukuze neluse ibandla likaNkulunkulu, alithenga ngegazi leNdodana yakhe. Ngiyazi ukuthi ngemva kokuhamba kwami kuzongena izimpisi ezicindezelayo phakathi kwenu futhi ngeke ziwuphathe ngozwela umhlambi, naphakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda, akhulume izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.” (IzEnzo 20:28-30) Ngokuhamba kwesikhathi, izihlubuki ezinjalo zavela futhi ‘zakhuluma izinto ezisontekile.’
15 Cishe ngo-65 C.E., uPawulu wakhuthaza uThimothewu ukuba ‘aphathe izwi leqiniso ngokufanele.’ Wabhala: “Kodwa xwaya izinkulumo ezingenangqondo ezingcolisa okungcwele; ngoba bayoqhubeka bengamhloniphi nakakhulu uNkulunkulu, futhi izwi labo liyosakazeka njengesilonda esibhibhayo. UHimenewu noFiletu bangabanye babo. Bona laba bantu baphambukile eqinisweni, bethi uvuko selwenzekile kakade; bechitha ukholo lwabanye.” Kwase kuqalile ukuhlubuka! UPawulu wanezela: “Naphezu kwakho konke lokho, isisekelo esiqinile sikaNkulunkulu silokhu simile.”—2 Thimothewu 2:15-19.
16. Naphezu kwamaqhinga esihlubuki esiyinhloko, kungani thina siye saba qotho kuNkulunkulu naseZwini lakhe?
16 Kukaningi uSathane esebenzisa izihlubuki ezama ukonakalisa ukukhulekela kweqiniso kodwa angaphumeleli. Cishe ngo-1868, uCharles Taze Russell waqala ukuhlolisisa izimfundiso zamasonto eLobukholwa ezase zinesikhathi eside zamukelwa wathola ukuthi imiBhalo ichazwa ngokungeyikho. URussell nabanye abambalwa ababefuna iqiniso bakha iqembu lokutadisha iBhayibheli ePittsburgh, ePennsylvania, e-U.S.A. Eminyakeni esicishe ibe ngu-140 kusukela ngaleso sikhathi, izinceku zikaJehova ziye zathola ulwazi olwengeziwe futhi zamthanda ngokwengeziwe uNkulunkulu neZwi lakhe. Naphezu kwamaqhinga esihlubuki esiyinhloko, ukuqapha ngokomoya kwesigaba senceku ethembekileyo neqondayo kuye kwasiza la maKristu eqiniso ukuba ahlale eqotho kuJehova naseZwini lakhe.—Mathewu 24:45.
Ungalokothi Uvumele Umbusi Wezwe Akubambe
17-19. Liyini izwe elisemandleni kaDeveli, futhi kungani kungafanele silithande?
17 Enye indlela uSathane azama ukusibamba ngayo ukusiyenga ukuba sithande leli zwe—umphakathi wabantu ongalungile ohlukanisiwe noNkulunkulu. UJesu wabiza uDeveli ngokuthi “umbusi waleli zwe” wayesethi: “Akangibambanga ndawo.” (Johane 14:30) Kwangathi uSathane angelokothe asibambe! Yebo, siyaqaphela ukuthi “lonke izwe lisemandleni [alowo] omubi.” (1 Johane 5:19) Ngakho, uDeveli wayengamthembisa uJesu ukumnika “yonke imibuso yezwe” uma engenza isenzo esisodwa sokuhlubuka akhulekele yena—into iNdodana kaNkulunkulu eyayenqaba ngokuqinile. (Mathewu 4:8-10) Izwe elibuswa uSathane liyabazonda abalandeli bakaKristu. (Johane 15:18-21) Shono umphostoli uJohane asixwayisa ukuba singalithandi izwe!
18 UJohane wabhala: “Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye; ngoba konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho—akuveli kuBaba, kodwa kuvela ezweni. Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:15-17) Akumelwe silithande izwe, ngoba indlela yalo yokuphila ikhanga inyama enesono futhi iphambene ngokuphelele nezindinganiso zikaJehova uNkulunkulu.
19 Kuthiwani uma ezinhliziyweni zethu silithanda leli zwe? Uma kunjalo, masithandazele usizo lukaNkulunkulu ukuze silunqobe lolu thando nezifiso zenyama ezihambisana nalo. (Galathiya 5:16-21) Ngokuqinisekile siyolwela ukuzigcina ‘singenalo ibala ezweni’ uma sikhumbula ukuthi umphakathi wabantu ongalungile ubuswa “ababusi bezwe” abangabonakali ‘abayibandla lomoya ababi.’—Jakobe 1:27; Efesu 6:11, 12; 2 Korinte 4:4.
20. Kungani kungase kuthiwe ‘asiyona ingxenye yezwe’?
20 Mayelana nabafundi bakhe, uJesu wathi: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Johane 17:16) AmaKristu agcotshiwe nabangane bawo abazinikezele balwela ukuzigcina behlanzekile ngokuziphatha nangokomoya, behlukile kuleli zwe. (Johane 15:19; 17:14; Jakobe 4:4) Leli zwe elingalungile liyasizonda ngoba sizigcina sihlukile kulo futhi ‘singabashumayeli bokulunga.’ (2 Petru 2:5) Yiqiniso, siphila emphakathini wabantu, ohlanganisa izifebe, iziphingi, abaphangi, abakhonza izithombe, amasela, abaqambimanga nezidakwa. (1 Korinte 5:9-11; 6:9-11; IsAmbulo 21:8) Kodwa asiwuhogeli “umoya wezwe,” ngoba asishukunyiswa yila mandla ashukumisayo esono.—1 Korinte 2:12.
Ungamniki UDeveli Indawo
21, 22. Ungasisebenzisa kanjani iseluleko sikaPawulu esikweyabase-Efesu 4:26, 27?
21 Kunokuba sishukunyiswe “umoya wezwe,” siholwa umoya kaNkulunkulu, oveza izimfanelo ezinjengothando nokuzithiba kithi. (Galathiya 5:22, 23) Lezi zimfanelo zisisiza ukuba simelane nokuhlasela kukaDeveli ukholo lwethu. Ufuna ‘sifuthelane ukuba nje senze okubi,’ kodwa umoya kaNkulunkulu uyasisiza ukuba ‘sihlukane nentukuthelo siyeke ukufutheka.’ (IHubo 37:8) Yiqiniso, ngezinye izikhathi singase sithukuthele kufanele, kodwa uPawulu uyaseluleka: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamniki uDeveli indawo.”—Efesu 4:26, 27.
22 Intukuthelo yethu ingaholela esonweni uma singahlala sicasukile. Ukuqhubeka sicasukile kunganika uDeveli ithuba lokuphemba ukungezwani ebandleni noma lokusiqhubezela ekwenzeni izinto ezimbi. Ngakho, ukungezwani nabanye kudingeka sikulungise ngokushesha, ngendlela kaNkulunkulu. (Levitikusi 19:17, 18; Mathewu 5:23, 24; 18:15, 16) Ngakho-ke, masiqondiswe umoya kaNkulunkulu, sizithibe futhi singalokothi sivumele ngisho nentukuthelo efanele ukuba idlulele ekubeni ubutha, isifiso sokulimaza nenzondo.
23. Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?
23 Sixoxe ngezici ezithile zikaDeveli okungafanele sizilingise. Kodwa abanye abafundi bangase bazibuze: Ingabe kufanele simesabe uSathane? Kungani ebangela ukuba amaKristu ashushiswe? Singakugwema kanjani ukuphanjwa uDeveli?
[Umbhalo waphansi]
a Bheka izihloko eziwuchungechunge oluthi “Ingabe UDeveli Ungumuntu Wangempela?” ngasekuqaleni kwe-Nqabayokulinda ka-November 15, 2005.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani kungafanele nanini sinyundele?
• Ngokuvumelana neyoku-1 Johane 3:15, singakugwema kanjani ukuba ababulali?
• Kufanele sizibheke kanjani izihlubuki, futhi ngani?
• Kungani kungafanele silithande izwe?
[Isithombe ekhasini 23]
Asisoze samvumela uDeveli ukuba abhidlize ubunye bethu bobuKristu
[Izithombe ekhasini 24]
Kungani uJohane asikhuthaza ukuba singalithandi izwe?