KwabaseGalathiya
2 Ngemva kweminyaka engu-14 ngaphinde ngakhuphukela eJerusalema ngihamba noBarnaba + noThithu. + 2 Ngakhuphuka ngenxa yesambulo, ngethula kubo izindaba ezinhle engizishumayela phakathi kwezizwe. Nokho lokhu kwenziwa ngasese, phambi kwamadoda ayehlonishwa kakhulu, ukuze kuqinisekiswe ukuthi angigijimelanga ize noma ngangingagijimeli ize. 3 Noma kunjalo, ngisho noThithu owayenami, + akacindezelwanga ukuba asokwe, + nakuba ayengumGreki. 4 Kodwa leyo ndaba yavela ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswe ngesinyenyela, + abangena ngokunyenya bezohlola inkululeko + esiyijabulelayo njengabafundi bakaKristu Jesu, ukuze basigqilaze ngokuphelele; + 5 asibathobelanga, cha, hhayi ngisho nesikhashana *+ nje, ukuze iqiniso lezindaba ezinhle liqhubeke linani.
6 Kodwa ngokuqondene nalabo ababebonakala bebalulekile +—noma ngabe babeluhlobo luni lwabantu, akwenzi mahluko kimi, ngoba uNkulunkulu akayi ngokubonakala komuntu kwangaphandle—lawo madoda ayehlonishwa kakhulu awashongo lutho olusha kimi. 7 Ngokuphambene nalokho, lapho bebona ukuthi ngiphathiswe izindaba ezinhle zalabo abangasokile, + njengoba nje uPetru ayephathiswe ezalabo abasokile— 8 ngoba lowo owanika uPetru amandla okuba umphostoli kwabasokile wanginika nami amandla kwabezizwe +— 9 lapho bebona umusa omkhulu engangiwunikiwe, + uJakobe + noKhefase* noJohane, labo ababebonakala beyizinsika, banika mina noBarnaba + isandla sokudla njengophawu lokuthi sibambisene, ukuze siye ezizweni, bona baye kwabasokile. 10 Abakucela nje ukuba sikhumbule abampofu, futhi ngizamile ukukwenza ngenkuthalo lokhu. +
11 Nokho, lapho uKhefase *+ efika e-Antiyokiya, + ngameluleka,* ngoba ngokusobala wayesephutheni.* 12 Ngoba ngaphambi kokufika kwamadoda athile avela kuJakobe, + wayedla nabantu bezizwe; + kodwa lapho efika, wayeka ukudla nabo wazihlukanisa, esaba labo besigaba sabasokile. + 13 Wonke amanye amaJuda ahlanganyela naye kulokhu kuzenzisa, kangangokuthi ngisho noBarnaba wahambisana nabo ekuzenziseni kwabo. 14 Kodwa lapho ngibona ukuthi babengahambi ngokuvumelana neqiniso lezindaba ezinhle, + ngathi kuKhefase* phambi kwabo bonke: “Uma wena, nakuba ungumJuda, uphila njengoba kuphila izizwe, ungaphili njengamaJuda, ungabacindezela kanjani abantu bezizwe ukuba baphile ngokuvumelana nomkhuba wamaJuda?” +
15 Thina esingamaJuda ngokuzalwa, esingezona izoni ezivela ezizweni, 16 siyaqaphela ukuthi umuntu kuthiwa ulungile, hhayi ngenxa yemisebenzi yomthetho, kodwa kuphela ngokholo + kuJesu Kristu. + Ngakho sibe nokholo kuKristu Jesu, ukuze kuthiwe silungile ngenxa yokholo kuKristu, hhayi ngenxa yemisebenzi yomthetho, ngoba akekho umuntu okuyothiwa ulungile ngenxa yemisebenzi yomthetho. + 17 Uma nathi sitholakale siyizoni ngesikhathi sifuna ukuba kuthiwe silungile ngoKristu, ingabe-ke uKristu uyisikhonzi sesono? Lutho neze! 18 Uma zona kanye izinto engake ngazidiliza ngiphinde ngizakha futhi, ngibonisa ukuthi ngiyiseqamthetho. 19 Ngoba mina ngafa ngokuqondene nomthetho, + ukuze ngiphile ngakuNkulunkulu. 20 Ngibethelwe esigxotsheni kanye noKristu. + Akusemina ophilayo, + kodwa uKristu ophila ebunyeni nami. Ngempela ukuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokholo eNdodaneni kaNkulunkulu, + eyangithanda futhi yazinikela ngenxa yami. + 21 Angiwunqabi* umusa omkhulu kaNkulunkulu, + ngoba uma ukulunga kutholakala ngokugcina umthetho, kusho ukuthi uKristu wafela ize. +