Lokho Okuyofezwa Ukuza KukaKristu
“ISIBHICONGO ESESABEKAYO ESÃO PAULO.” Wazichaza kanjalo umagazini i-Veja izinsuku ezine ngo-May 2006 lapho ubugebengu obuhleliwe “bukhonkobalisa” idolobha elikhulu nelicebe kunawo wonke eBrazil. Abantu abangaba ngu-150 abahlanganisa izisebenzi zezomthetho, izigebengu nezakhamuzi nje babulawa phakathi “namahora angaphezu kwekhulu esibhicongo esesabekayo.”
Ubudlova buvela njalo ezindabeni cishe emhlabeni wonke. Abaholi abangabantu babonakala behluleka ukubunqanda. Umhlaba wethu uya uba indawo okuyingozi ukuhlala kuyo. Mhlawumbe uyadangala ngoba nomaphi lapho ubheka khona, uzwa izindaba eziningi ezimbi. Nokho, sekuseduze ukuba izinto zishintshe.
UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze nokuba intando yaKhe yenzeke “nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Lo Mbuso uwuhulumeni ozoba semahlombe kaKristu Jesu njengeNkosi emiswe uNkulunkulu. Uyoxazulula zonke izinkinga zesintu. Nokho, kudingeka ukubusa kusuke ezandleni zabantu kuye kwezikaKristu ukuze lo Mbuso kaNkulunkulu ulethe izinguquko emhlabeni. Yilokho kanye okuyofezwa ukuza kukaKristu.
Ingabe Le Nguquko Iyokwenzeka Ngokuthula?
Ingabe izizwe ziyozithoba ngokuthula ekubuseni kukaKristu? Umphostoli uJohane wanikezwa umbono owuphendulayo lo mbuzo. UJohane uyalandisa: “Ngabona futhi kubuthene ndawonye isilo sasendle [isimiso somhlaba sezombangazwe] namakhosi omhlaba namabutho awo ngenjongo yokulwa [noJesu] ohlezi ehhashini nebutho lakhe.” (IsAmbulo 19:19) Kuyowahambela kanjani amakhosi omhlaba kule mpi? IBhayibheli lithi eNkosini kaJehova egcotshiwe: “Uyozaphula ngentonga yensimbi, uziphahlaze zibe izicucu njengokungathi isitsha sombumbi.” (IHubo 2:9) Isimiso sezombangazwe siyophihlizwa siphele. UMbuso kaNkulunkulu “uyochoboza uqede yonke le mibuso [yabantu], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”—Daniyeli 2:44.
Kuthiwani ngabantu abaphikisana noMbuso kaNkulunkulu? “Ekwambulweni kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla emlilweni ovutha amalangabi,” uJesu uvezwa njengomuntu “[oletha] impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle.” (2 Thesalonika 1:7, 8) IzAga 2:22 zithi: “Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”
Ngokuphathelene nokuza kukaKristu, iBhayibheli lithi: “Bhekani! Uyeza kanye namafu, wonke amehlo ayombona.” (IsAmbulo 1:7) Abantu ngeke bambone ngamehlo angokoqobo. Kusukela anyukela ezulwini, uJesu ungumuntu womoya “ohlala ekukhanyeni ongenakusondela kuko, okungekho noyedwa umuntu ombonile noma ongambona.”—1 Thimothewu 6:16.
Asikho isidingo sokuba uJesu abe sesimweni somuntu ukuze ‘abonwe’ abakhileyo emhlabeni njengoba nje ezinsukwini zikaMose kungazange kudingeke ukuba uJehova enze kanjalo lapho eletha iziNhlupho Eziyishumi kwabaseGibhithe. Abantu bangaleso sikhathi abazange bangabaze ukuthi kwakunguJehova owayebangela lezo zinhlupho, futhi baphoqeleka ukuba bavume ukuthi unamandla. (Eksodusi 12:31) Ngendlela efanayo, lapho uKristu ethatha isinyathelo njengoMkhiphi Wezahlulelo kaNkulunkulu, ababi bayophoqeleka ukuba ‘bambone,’ noma baqaphele ukuthi uJesu usetshenziswa uNkulunkulu ukuba abahlulele. Bayokwazi lokhu ngoba isintu siyobe sixwayisiwe kusengaphambili. Yebo, “wonke amehlo ayombona [uJesu], zonke izizwe zomhlaba ziyozishaya zilusizi ngenxa yakhe.”—IsAmbulo 1:7.
Kudingeka ukuba ababi babhujiswe futhi kususwe nokubusa kwababi ngaphambi kokuba kubuyiselwe ukuthula nokuchuma kwangempela emhlabeni. UKristu uyofeza lokho. Uyobe esethatha zonke izintambo zokubusa emhlabeni, futhi kuyolandela izinguquko ezinkulu.
Ukubuyiselwa Okuletha Izinzuzo
Umphostoli uPetru wakhuluma ngezikhathi “zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele besikhathi sasendulo.” (IzEnzo 3:21) Lokhu kubuyiselwa kuhlanganisa ushintsho oluyokwenzeka emhlabeni phakathi nokubusa kukaKristu. Umprofethi u-Isaya wekhulu lesi-8 B.C.E., uphakathi kwabaprofethi uNkulunkulu akhuluma ngabo ngalokhu “kubuyiselwa kwakho konke” emhlabeni. Wabikezela ukuthi uJesu Kristu, “iSikhulu Sokuthula,” uyobuyisela ukuthula emhlabeni. Ngokuphathelene nokubusa kukaKristu, isiprofetho sika-Isaya sithi: “Ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula.” (Isaya 9:6, 7) UJesu uyofundisa izizwe zomhlaba izindlela zokuthula. Abakhileyo emhlabeni “bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.
Kuyokwenzekani ngobumpofu nangendlala ngesikhathi uKristu ebusa? U-Isaya wathi: “UJehova wamabutho ngokuqinisekile uyokwenzela zonke izizwe, kule ntaba, idili lezidlo ezinamafutha akahle, idili lewayini eligcinwe enhleseni, lezidlo ezinamafutha akahle, ezigcwele umnkantsha, lewayini eligcinwe enhleseni, elihluziwe.” (Isaya 25:6) Umhubi wahlabelela: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.” (IHubo 72:16) Ngaphezu kwalokho, sifunda lokhu ngabakhileyo emhlabeni: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. Ngoba izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zomuthi; nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.”—Isaya 65:21, 22.
U-Isaya wabikezela nangokuphela kokugula nokufa. UNkulunkulu wakhuluma ngo-Isaya wathi: “Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa. Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele, nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.” (Isaya 35:5, 6) Ngaleso sikhathi “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) UNkulunkulu “empeleni uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.
Kuthiwani ngabo bonke abafileyo “abasemathuneni”? (Johane 5:28, 29) U-Isaya waprofetha: “Abafileyo bakho bayophila. . . . Bayovuka.” (Isaya 26:19) Yebo, abalele ekufeni bayovuselwa ekuphileni!
“UNkulunkulu Uyisihlalo Sakho Sobukhosi Kuze Kube Phakade”
Ukuza kukaKristu kuyoholela ekubuyiselweni ngokuphelele kweplanethi enguMhlaba esimweni sayo sakuqala. Umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi elikhazimulayo, futhi isintu siyoba munye ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso. Ingabe singaqiniseka ukuthi uJesu Kristu uyophumelela ukuqeda ububi emhlabeni, alethe izimo zokulunga?
Cabangela umthombo wamandla negunya okunikwe uJesu. Likhuluma ngeNdodana, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu uyisihlalo sakho sobukhosi kuze kube phakade naphakade, futhi intonga yombuso wakho iyintonga yobuqotho. Wathanda ukulunga, wazonda ukweqa umthetho.” (Hebheru 1:8, 9) Isihlalo sobukhosi sikaJesu, okungukuthi, isikhundla noma igunya lakhe, sivela kuJehova. NguNkulunkulu owasungula futhi owamnika lesi sihlalo. Azikho izinkinga eziyoba ngaphezu kwamandla kaJesu.
Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu watshela abafundi bakhe: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Eyoku-1 Petru 3:22 ithi: “Izingelosi namagunya namandla kwenziwa kwamthobela.” Awekho amandla noma igunya eliyophumelela ukumelana noJesu. Akukho lutho oluyomvimba ukuba alethele isintu izinzuzo ezihlala njalo.
Indlela Ukuza KukaKristu Okuthinta Ngayo Abantu
Encwadini ayibhalela abaseThesalonika, umphostoli uPawulu wabhala: “Siwukhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokuthembeka nomshikashika wenu wothando nokukhuthazela kwenu ngenxa yethemba eninalo eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu.” (1 Thesalonika 1:3) UPawulu wathi umshikashika owawunezithelo nokukhuthazela kwakushukunyiswa ithemba ababenalo kuJesu Kristu. Lelo themba lihlanganisa ukuba nokholo ekuzeni kukaKristu okucaba indlela yokubuyiselwa kwezinto esimweni sazo. Ithemba elinjalo lingaqinisa amaKristu eqiniso, noma liwenze akhuthazele ezimweni ezinzima kakhulu.
Ngokwesibonelo, cabanga ngoCarlos, ohlala eSão Paulo, eBrazil. Ngo-August 2003, uCarlos watshelwa ukuthi wayenomdlavuza. Kusukela ngaleso sikhathi, usehlinzwe izikhathi ezingu-8. Lokho kuhlinzwa kwambangela izinhlungu nokuwohloka komzimba. Noma kunjalo, uye waqhubeka engumthombo wesikhuthazo kwabanye. Ngokwesibonelo, ngesikhathi eshumayela emgwaqweni ophambi kwesibhedlela esikhulu, wahlangana nomunye woFakazi BakaJehova, umyeni wakhe owayelashwa umdlavuza ngamakhemikhali. Njengoba ayebazi ubuhlungu bomdlavuza, uCarlos wakwazi ukubakhuthaza nokubaduduza bobabili yena nomyeni wakhe. Ngemva kwalokho, bathi ingxoxo ababa nayo noCarlos yayiyisikhuthazo esinamandla ababesidinga. UCarlos wabona ukuba yiqiniso kwala mazwi kaPawulu: “UNkulunkulu . . . usiduduza kuzo zonke izinkathazo zethu, ukuze sikwazi ukududuza labo ababhekene nanoma iyiphi inkathazo ngenduduzo nathi esiyithole kuNkulunkulu.”—2 Korinte 1:4, New International Version.
Yini esiza uCarlos ukuba abe namandla okuqhubeka ekhuthaza abanye naphezu kokuthi naye uyagula? Ithemba lokuza kukaKristu nakho konke okuyokufeza kumshukumisa ukuba aqhubeke “enza okuhle.”—Galathiya 6:9.
Cabanga futhi nangesibonelo sikaSamuel, omfowabo wabulawa ebangeni elingamamitha angu-50 ukusuka emzini kayise. Wadutshulwa ngezinhlamvu eziyishumi. Isidumbu sakhe sadindiliza eceleni komgwaqo amahora angu-8 ngesikhathi amaphoyisa esaphenya. USamuel akasoze akulibala okwenzeka ngalolo suku. Nokho, uqiniswa ithemba lokuthi uKristu uyosusa bonke ububi emhlabeni nokuthi ukubusa okulungile okuyolandela ngemva kwalokho kuyoletha izibusiso esintwini. Kaningi uSamuel uzibona anga umfowabo esevusiwe ePharadesi emhlabeni.—IzEnzo 24:15.
Yini Okumelwe Uyenze?
Ithemba lokuza kukaKristu nalokho okuyokufeza kuyokulethela induduzo enkulu. UJesu Kristu uyoziqeda nakanjani zonke izimbangela zezinkinga zesintu nezezinto ezimbi ezisehlelayo.
Kumelwe wenzeni ukuze ujabulele izibusiso eziyolethwa ukubusa kukaKristu esintwini? Tadisha iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngokucophelela. Ethandaza kuYise, uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Kwenze umgomo wakho ukuhlola lokho iBhayibheli elikufundisayo. OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukukusiza kule ndaba. Sikumema ngokufudumele ukuba uthintane nabo noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.
[Izithombe ekhasini 7]
Ukuza kukaKristu kuyoholela ekubuyiselweni ngokuphelele kwalo mhlaba esimweni sawo sakuqala
[Umthombo]
Inset, background only: Rhino and Lion Park, Gauteng, South Africa