Yazisa Umklamo Ufunde NgoMklami Wawo
MHLAWUMBE wake wezwa ngomdwebi nomqophi wemifanekiso ongumNtaliyane uMichelangelo. Nakuba kungenzeka ukuthi awukaze ubone nowodwa wemisebenzi yakhe yobungcweti yokuqala, kungenzeka kakhulu ukuthi uyavumelana nesazimlando sezobuciko esabiza lesi sihlakaniphi esingumNtaliyane ngokuthi “ingcweti yezobuciko emangalisayo nengenakuqhathaniswa.” Akunakuphikwa ukuthi uMichelangelo wayenekhono. Ubani ongancoma imisebenzi yobuciko kaMichelangelo kodwa aphike ukuthi wayeyingcweti evelele?
Manje cabanga ngezinto eziphilayo ezisemhlabeni eziyinkimbinkimbi, ezimangalisayo nezinhlobonhlobo. I-New York Times yamcaphuna kufanele omunye uprofesa wesayensi yezinto eziphilayo owathi: “Ubufakazi obuphathekayo bomklamo buyabonakala ezicini zezinto eziphilayo.” Wanezela: “Indlela izinto eziphilayo eziklanywe ngayo isishiya sikhexile.” Ingabe kuwukuhlakanipha ukwazisa umklamo ngaphandle kokuqaphela umklami wawo?
Umphostoli uPawulu, owayezibhekisisa izinto ezazimzungezile, wakhuluma ngalabo ‘abahlonipha‚ bakhonze okudaliweyo kunoMdali.’ (Roma 1:25, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Bethonywe imibono yokuziphendukela kwemvelo ethe chithi saka, abanye bayenqaba noma bayehluleka ukubona ukuthi ngempela umklamo ubonisa ukuthi kunomklami wawo. Kodwa ingabe inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo iveza lokho okushiwo yisayensi yangempela? Phawula isiphetho esafinyelelwa uChristoph Schönborn, umbhishobhi omkhulu wamaKatolika waseVienna, njengoba saphuma kuyi-New York Times: “Noma iyiphi inkolelo ephika noma izame ukululaza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuklanywa kwezinto eziphilayo iyinkolelo engenasisekelo, ayiyona isayensi.”
Ingabe Kuyosho Ukuphela Kwesayensi?
Nokho, kunabathile abanomuzwa wokuthi ukuvuma ukuthi kunobufakazi bokuba khona koMdali “kungakhinyabeza ucwaningo.” Isihloko esithile esavela kumagazini i-New Scientist saveza lokho kwesaba, sagomela ngokuthi “njengoba isayensi izama ukuthola izimpendulo zanoma yini, kusho ukuthi ingaphela, kumane kuthiwe ‘lokhu kwenziwa ngumklami.’” Kufanele yini sikwesabe lokho? Cha. Empeleni, kufanele sijabule. Ngani?
Ukuvuma ukuthi izinto eziphilayo emhlabeni nendawo yonke kwaba khona ngengozi nangenxa yokuziphendukela kwemvelo empeleni kungasho ukwenqaba noma imuphi umzamo wokuthola incazelo enengqondo. Ngakolunye uhlangothi, ukuvuma ukuthi kunoMdali ohlakaniphile owadala zonke izinto esizibonayo kungasenza sihlole imvelo kanye nokuhlakanipha kwakhe okubonakala emhlabeni nasemkhathini. Cabanga ngalokhu: Ukwazi ukuthi umdwebi okuthiwa uLeonardo da Vinci wenza umdwebo “iMona Lisa” akuzange kwenze izazimlando zobuciko ziyeke ukuhlola indlela adweba ngayo nezinto azisebenzisa. Ngokufanayo, ukuvuma ukuthi ukhona uMklami akufanele kusidikibalise siyeke ukuhlola imininingwane nobunkimbinkimbi bemiklamo nemisebenzi yakhe.
Kunokuba likhinyabeze ukucwaninga okwengeziwe, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sifune izimpendulo zemibuzo yesayensi naleyo ephathelene noNkulunkulu. Inkosi yasendulo, uDavide, yazindla ngokwakheka komzimba wayo ngokumangalisayo. Yabe isithi: “Ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo. Imisebenzi yakho iyamangalisa, njengoba nje umphefumulo wami ukuqaphela kahle.” (IHubo 139:14) Empeleni, sithola eBhayibhelini uMdali ebuza inzalamizi uJobe: “Uye wazicabangela ngokukhaliphile yini izindawo ezibanzi zomhlaba?” (Jobe 38:18) Lokhu akusho neze ukuthi ukufuna nokuhlola kungakhinyabezeka. Kunalokho, uMklami Oyingcweti lapha wayesicela ukuba sitadishe umsebenzi wezandla zakhe. Cabanga nangokunxusa komprofethi u-Isaya kokuba simqonde nakangcono Lowo owadala zonke izinto ezisizungezile: “Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone. Ngubani odale lezi zinto?” Yebo, u-Isaya 40:26 ube esethi indawo yonke yaba khona ngenxa yothile onamandla amakhulu kakhulu. Lelo qiniso livumelana nokuye kwatholwa isayensi (endabeni yamandla nezakhi zemvelo).
Kuyavunywa, akulula ngaso sonke isikhathi ukuthola izimpendulo eziphathelene nendalo. Esinye isizathu salokhu ukuthi amandla ethu okuqonda alinganiselwe futhi asiwuqondi ngokugcwele umhlaba esihlala kuwo. UJobe wayekuqonda lokhu. Wadumisa uMdali, okunguyena owenza ukuba umhlaba wethu ulenge phezu kweze namafu amumethe amanzi abe ngaphezu komhlaba. (Jobe 26:7-9) UJobe wayeqonda nokuthi lezi zimangaliso zimane nje ‘zingamaphethelo ezindlela zakhe.’ (Jobe 26:14) Akungabazeki ukuthi uJobe wayefuna ukwazi okwengeziwe ngendalo emzungezile. NoDavide wakuvuma ukulinganiselwa kwakhe lapho ebhala: “Ulwazi olunjalo lumangalisa kakhulu kimi. Luphakeme kakhulu kangangokuthi anginakukwazi ukulufinyelela.”—IHubo 139:6.
Ukuvuma ukuthi uMdali ukhona akuyikhinyabezi inqubekela-phambili yesayensi. Ukufuna ulwazi olwengeziwe ngendalo nangezinto eziphathelene noNkulunkulu akunasiphelo futhi siyokwenza kuze kube phakade. Ngokuthobeka, inkosi yasendulo eyaziwa ngolwazi lwayo olunzulu yabhala: “Ufake imicabango yobuphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abantu abanakuwuqonda umsebenzi uNkulunkulu awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.”—UmShumayeli 3:11, Holy Bible—New Life Version.
Ingabe “NguNkulunkulu Ofakwa Uma Sekufikwe Kwangqingetshe”?
Abanye bathi uNkulunkulu umane nje abe “impendulo” lapho isayensi ingakwazi ukunikeza incazelo yokuthile. Ngamanye amazwi, lo Mklami waphezulu uvele abe “uNkulunkulu ofakwa uma sekufikwe kwangqingetshe,” okuthi noma nini lapho abantu behluleka ukuchaza izinto ezithile kuvele kuthiwe “kwenziwa nguNkulunkulu.” Kodwa yiziphi lezi zinto ezingachazeki? Ingabe ziyizinto ezincane nje ezingasho lutho esingase singazazi? Cha, zingamagebe amakhulu kakhulu abonakala kuyinkolelo-mbono kaDarwin yokuziphendukela kwemvelo. Zingamagebe angathí sina kuyisayensi yezinto eziphilayo, angavalwanga yinkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo. Iqiniso eliphelele liwukuthi abantu abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo futhi abancika emaphuzwini angenabufakazi benza inkolelo-mbono kaDarwin ibe “uNkulunkulu [wabo] ofakwa uma sekufikwe kwangqingetshe.”
UMdali ochazwa eBhayibhelini akayena “uNkulunkulu ofakwa uma sekufikwe kwangqingetshe.” Kunalokho, umsebenzi wakhe wokudala uhlanganisa zonke izici, imininingwane nezigaba zezinto ezidaliwe. Umhubi wagcizelela ukuthi zonke izinto eziphilayo zadalwa uJehova: “Ungumthombo wakho konke ukuphila, futhi ngenxa yokukhanya okuvela kuwe siyakubona ukukhanya.” (IHubo 36:9, Today’s English Version) Uchazwa kahle ngokuthi nguYe “owenza izulu nomhlaba nolwandle nazo zonke izinto ezikukho.” (IzEnzo 4:24; 14:15; 17:24) Yingakho umfundisi wekhulu lokuqala abhala ukuthi uNkulunkulu “wadala zonke izinto.”—Efesu 3:9.
Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wamisa “izimiso zamazulu,” imithetho elawula izinto namandla, imithetho ososayensi abasayihlola namanje. (Jobe 38:33) Umklamo wakhe uphelele futhi unenjongo, futhi wafeza injongo yakhe yokwenza umhlaba okufanele uhlalwe izinto eziphilayo ezinhlobonhlobo ngokumangalisayo.
Umklamo Nokusebenzisa Ingqondo
Ekuphetheni, kudingeka sicabangele iphuzu lokusebenzisa ingqondo. Ekhulumela nje ukuzwakala kwezinkolelo-mbono zesayensi ezihlukahlukene, umbhali wezesayensi uJohn Horgan wathi: “Lapho singaqiniseki ngobufakazi obuthile, akufanele sizizwe sinamahloni okuvumela ingqondo ukuba isiqondise.”
Kunengqondo ngempela yini ukuthi ukuphila kwamane kwazivelela nje? Nakuba bebaningi abantu abathanda inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo, abantu abaningi abahlakaniphile, kuhlanganise nososayensi, bayaqiniseka ukuthi kunoMdali ohlakaniphile. Uprofesa wesayensi uthi “iningi” labantu abavamile “licabanga ukuthi ukuphila kwadalwa, futhi lokho kunengqondo.” Kungani becabanga kanjalo? Abantu abaningi bangavumelana ngaphandle kokunanaza namazwi omphostoli uPawulu athi: “Yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile.” (Hebheru 3:4) UPawulu ube esefika esiphethweni esinengqondo: “Lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” Ngokombono weBhayibheli, akunangqondo nhlobo ukuvuma ukuthi ukuze kube nendlu kufanele kube nomklami nomakhi bese kuthiwa ingqamuzana eliyinkimbinkimbi lamane lazivelela nje.
Nakhu okushiwo iBhayibheli ngalabo abenqaba ukuthi kukhona uMklami noMdali: “Ongenangqondo uthé enhliziyweni yakhe: ‘Akekho uJehova.’” (IHubo 14:1) Lapha umhubi uyabasola laba bantu okusafanele bakholiswe iqiniso. Umuntu angase aqondiswe umbono wakhe siqu esikhundleni sokuqondiswa ukusebenzisa amandla engqondo. Ngakolunye uhlangothi, umuntu ohlakaniphile, ocabangayo nothobekile uyavuma ukuthi uMdali ukhona.—Isaya 45:18.
Abantu abaningi abacabangayo bakholelwa ukuthi ubufakazi obusekela ukuthi kunoMklami Ophakeme abunaphutha.
Ungamazi UMklami
Uma sizibheka njengomklamo, saklanyelwa yiphi injongo? Siphilelani? Isayensi iyodwa ayinazo izimpendulo ezanelisayo zale mibuzo. Nokho, lezi zindaba ezibalulekile zidinga izimpendulo ezikholisayo nezanelisayo. IBhayibheli lingasiza kakhulu kule ndaba. Lithi uJehova akagcini nje ngokuba uMdali, kodwa futhi unenjongo, unezizathu ezizwakalayo zezinto azenzayo. ImiBhalo yembula injongo kaNkulunkulu ngesintu, isinikeze ithemba nekusasa.
Kodwa ungubani uJehova? UnguNkulunkulu onjani? OFakazi BakaJehova bakucela ukuba umazi njengomuntu wangempela uMklami wethu Oyingcweti. Ungalazi igama lakhe, izimfanelo zakhe nendlela asebenzelana ngayo nesintu. NgeZwi lakhe iBhayibheli, uyothola isizathu sokuba singagcini nje ngokwazisa indalo yakhe enhle kakhulu kodwa simdumise njengoMklami.—IHubo 86:12; IsAmbulo 4:11.
[Izithombe ekhasini 4]
UMichelangelo
[Izithombe ekhasini 5]
Ukukholelwa kuMklami kuvumelana nesayensi yangempela
[Isithombe ekhasini 6]
Indalo enhlobonhlobo nokuzivumelanisa kwayo nendawo kubonisa ukuhlukahluka komklamo owenziwe ngokuhlakanipha
[Isithombe ekhasini 7]
Umklamo ukhona ngomklami