Indima KaMariya Enjongweni KaNkulunkulu
PHAKATHI nenkonzo kaJesu, owesifazane othile wamemeza ephakathi kwesixuku: “Siyajabula isibeletho esakuthwala namabele owawancela.” Ukube uJesu wayefuna unina adunyiswe, leli kwakuyithuba elihle lokuba athi makadunyiswe. Esikhundleni salokho, waphendula: “Cha, kunalokho, Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”—Luka 11:27, 28.
UJesu akazange amdumise unina ngokukhethekile; noma atshele abafundi bakhe ukuba benzenjalo. Lokhu kuhlangana kanjani nokudumisa uMariya okwenziwa amakholwa aqotho namuhla? Ake sicabangele ezinye zezimfundiso ezisakazekile eziphathelene nonina kaJesu ngokwemiBhalo Engcwele.
‘Ugcwele Umusa,’ “Ubusisiwe . . . Phakathi Kwabesifazane”
Ingelosi uGabriyeli yatshela uMariya ukuthi iyoba yini indima yakhe enjongweni kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, yambingelela, yathi: “Sawubona, wena oboniswe umusa omkhulu, uJehova unawe.” (Luka 1:28) Enye inguqulo isibeka ngale ndlela lesi sibingelelo: “Mawudunyiswe, wena ogcwele umusa, iNkosi inawe.” Ngokushesha ngemva kwalokho, u-Elizabethe wabingelela uMariya ngala mazwi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesibeletho sakho!” (Luka 1:42) Ingabe la mazwi abonisa ukumdumisa ngandlela-thile uMariya?
Empeleni akunjalo. Nakuba la mazwi ekhona emthandazweni wamaKatolika obhekiswe kuMariya, iBhayibheli ngokwalo alisivezi isizathu sokuthandaza kuye. UGabriyeli no-Elizabethe balivuma ilungelo likaMariya eliyingqayizivele njengoba ayezozala uMesiya, kodwa ukuthandaza kuye kuyinto engekho emiBhalweni. Ngokuphambene nalokho, lapho abafundi bakaJesu bemcela ukuba abafundise ukuthandaza, wabonisa ukuthi imithandazo kufanele ibhekiswe kuBaba. Empeleni, amazwi okuqala omthandazo odumile kaJesu athi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.”—Mathewu 6:9.
Phakathi Kwababusi
Enye imfundiso evamile ngoMariya eyokuthi “uyiNdlovukazi yezulu.” IBhayibheli alimniki isiqu esinjalo. Kodwa, liyabonisa ukuthi unendima ekhethekile elungiselelweni likaNkulunkulu lasezulwini. Iyiphi leyo ndima?
UJesu wabonisa ukuthi abanye babafundi bakhe abathembekile bayobusa naye eMbusweni wakhe. (Luka 22:28-30) Uyobanika amandla labo abakhethelwe ukukhonza ‘njengabapristi kuNkulunkulu wethu, futhi bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.’ (IsAmbulo 5:10) IBhayibheli lisiholela ngokucacile esiphethweni sokuthi uMariya uphakathi kwalabo abanikwe leli lungelo eliphakeme. Sikusho kanjani lokhu?
Uzokhumbula ukuthi ngemva kokufa kukaJesu, uMariya ‘wayephikelela emthandazweni’ kanye nabafundi nabafowabo bakaJesu. Kunabathile abangaba ngu-120 abahlangana ngale njongo, kuhlanganise “nabesifazane abathile.” (IzEnzo 1:12-15) IBhayibheli lithi: “Ngesikhathi usuku lomkhosi wePhentekoste luqhubeka babendawonye bonke endaweni efanayo” lapho umoya ongcwele kaNkulunkulu uthululelwa kubo, ubanika ikhono lokukhuluma izilimi zakwamanye amazwe.—IzEnzo 2:1-4.
Ukuthi uMariya wayephakathi kwababusiswa ngale ndlela kubonisa ukuthi yena nabanye besifazane abathola umoya ongcwele bakhethwa ukuba babe yingxenye yoMbuso kaJesu wasezulwini. Ngakho sinesizathu sokukholwa ukuthi uMariya manje unoJesu enkazimulweni yasezulwini. (Roma 8:14-17) Ake ucabange ngamalungelo yena nabanye ababusa kanye noJesu abayoba nawo ekufezekeni kwezinjongo zikaNkulunkulu.
Ukudlulisela Izibusiso Ezimangalisayo
Incwadi yeBhayibheli isAmbulo ithi abangu-144 000 babeyovuselwa enkazimulweni yasezulwini kanye noJesu njengabapristi, abahluleli namakhosi. (IsAmbulo 14:1, 4; 20:4, 6) Njengabapristi, bayohlanganyela ekusebenziseni izinzuzo zomhlatshelo kaJesu kubo bonke abantu abalalelayo, babayise ekupheleleni ngokomoya, ngokokuziphatha nangokomzimba. (IsAmbulo 21:1-4) Yeka ilungelo okuyoba yilo kubo bonke abakhulekeli bakaJehova abathembekile ukubona leso sikhathi esimangalisayo!a
UMariya waba nendima ekufezekeni kwezinjongo zikaNkulunkulu, futhi usenayo. Ngokuzithoba kwakhe, ukholo, ukulalela, nokuzinikela njengomama, ingasaphathwa eyokukhuthazela ngaphansi kovivinyo, uyakufanelekela ukulingiswa. Kufanele ahlonishwe kakhulu ngendima yakhe yokuzala uMesiya nokudlulisela esintwini izibusiso ezihlala njalo.
Kodwa, isifundo esibaluleke kakhulu esisifunda kuMariya ukuthi yena kanye nezinye izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile, bakhonza uJehova hhayi omunye unkulunkulu. UMariya, kanye nabanye abayobusa noKristu ezulwini, uphakamisa izwi lakhe ukuze athi: “KuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi [uJehova uNkulunkulu] nakulo iWundlu [uJesu Kristu] makube isibusiso nodumo nenkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade.”—IsAmbulo 5:13; 19:10.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngokuphathelene nalezi zibusiso, bheka isahluko 8 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
Ukuzithoba kukaMariya, ukholo, nokulalela kwakhe kuyakufanelekela ukulingiswa